Isahluko 36

UNkulunkulu onamandla onke wangempela, iNkosi esesihlalweni sobukhosi, ubusa wonke umhlaba nezulu, ubhekene nazo zonke izizwe nabo bonke abantu, nakho konke okungaphansi kwezulu kukhanya ngenkazimulo kaNkulunkulu. Zonke izinto eziphilayo ekugcineni komhlaba nezulu ziyobona. Izintaba, imifula, amachibi, izindawo, izilwandle nazo zonke izinto eziphilayo, ekukhanyeni kobuso bukaNkulunkulu wangempela zivule amakhethini azo, futhi zivuselelekile, njengokungathi zivuka ephusheni, njengokungathi kunamahlumela aqhuma enhlabathini!

A! UNkulunkulu oyedwa wangempela, ubonakala phambi komhlaba. Ngubani ongalokotha asondele Kuye ngokumelana Naye? Wonke umuntu uyaqhaqhazela ngenxa yokwesaba. Bonke bakholwa ngokuphelele, futhi bonke baphindelela becela ukuthethelelwa. Bonke abantu baguqe phambi Kwakhe, futhi yonke imilomo ikhonza Yena! Amazwekazi nezilwandlekazi, izintaba, imifula—zonke izinto zimdumisa ngokungaphezi! Isikhathi sentwasahlobo siza nomoya ofudumele oletha imvula yasentwasahlobo enhle. Njengabantu bonke, imisinga yemifudlana igeleza usizi nentokozo, ikhipha izinyembezi zokuba necala nokuzisola. Imifula, namachibi, amagagasi namadlambi olwandle, konke kuyahlabelela, kubonga igama elingcwele likaNkulunkulu wangempela! Izindumiso zizwakala ngokucace kakhulu! Zonke izinto ezindala ezazikhohlakaliswe nguSathane—leyo naleyo kuzo, ziyoguquka, bese zingena esimweni esisha kakhulu …

Leli yicilongo elingcwele, futhi seliqalile ukukhala! Lalela. Lowo msindo, omnandi kakhulu, yisihlalo sobukhosi sikhipha iphimbo, simemezela kuzo zonke izizwe nabantu ukuthi isikhathi sifikile, ukuthi isiphetho sokugcina sifikile. Uhlelo Lwami lokuphatha luphelile. Umbuso Wami ubonakala ngokusobala emhlabeni. Imibuso yomhlaba ibe ngumbuso kaNkulunkulu. Amacilongo Ami ayisikhombisa akhala esihlalweni sobukhosi, futhi kuzokwenzeka izimanga! Abantu emaphethelweni omhlaba bazogijima ndawonye besuka ndawo zonke ngomfutho wesiwulukuhlu namandla okushaya kwezulu, abanye bentweza olwandle, abanye bendiza ngamabhanoyi, abanye beza ngezimoto zezakhiwo nobukhulu obehlukene, abanye beza ngamahhashi. Bhekisisa. Lalelisisa. Laba bagibeli bamahhashi bayo yonke imibala, imimoya evusiwe, benamandla futhi bebukeka kahle kakhulu, kusengathi bangena enkundleni yempi, abanandaba nokufa. Mangaki amadoda, amakhosikazi, izingane phakathi kokukhala kwamahhashi nokumemeza kwabantu uNkulunkulu wangempela abayonyathelwa izinselo zawo ngokuphazima kweso. Abanye bazobe befile, abanye bephefumula okokugcina, abanye bempitshikile, kungekho muntu wokubasiza, bememeza sakuhayiza, behhewula ngobuhlungu. Madodana okuhlubuka! Ngabe lokhu akusona isiphetho senu sokugcina?

Ngiyajabula ukubona abantu Bami, abezwa izwi Lami, bese beqoqana besuka kuzo zonke izizwe namazwe. Bonke abantu, begcine uNkulunkulu wangempela njalo emilonyeni yabo, bayadumisa futhi bagxume ngenjabulo ngokungapheli! Bayafakaza emhlabeni, befakaza ngoNkulunkulu wangempela ngomsindo wamanzi adumayo. Bonke abantu bayobuthanela embusweni Wami.

Amacilongo Ami ayisikhombisa ayakhala, evusa labo abalele! Vuka masinyane, asikadluli kakhulu isikhathi. Bheka impilo yakho! Vula amehlo ubone ukuthi yisikhathi sini manje. Ufunani? Yini ekhona engacatshangwa? Futhi yini okungabanjelelwa kuyo? Kungenzeka ukuthi awukawucabangi umehluko ekubalulekeni phakathi kokuzuza ukuphila Kwami nazo zonke izinto othanda ukubambelela kuzo? Yeka ukuba nenkani nokudlala nje. Ungaliyeki leli thuba. Lesi sikhathi ngeke sibuye futhi! Mana uqonde, yenza ukusebenzisa umoya wakho, sebenzisa amathuluzi ehlukene ukubona ngale bese uvimba onke amacebo nobuqili bukaSathane, futhi unqobe uSathane, ukuze wenze okuhlangenwe nakho empilweni yakho kujule ngokwengeziwe bese uphila ngokwesimo Sami, ukuze ukuphila kwakho kuvuthwe, kukhule, futhi uhlale ulandela izinyathelo Zami. Ungapheli umdlandla, ungabi buthakathaka, uhlale uya phambili, isinyathelo ngesinyathelo, phambili ekugcineni kwendlela!

Lapho amacilongo ayisikhombisa ekhala futhi, kuyobe kungukubizela ekwahlulelweni, ukwahlulelwa kwamadodana ahlubukayo, ukwahlulelwa kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu, nesizwe ngasinye siyozinikela phambi kukaNkulunkulu. Ubuso bukaNkulunkulu obukhazimulayo nakanjani buyokhonjiswa phambi kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu. Wonke umuntu uyokholwa ngokuphelele, bese ememeza kuNkulunkulu wangempela ngokungaphezi. UNkulunkulu onamandla onke uyokhazimula ngokwengeziwe, futhi amadodana Ami ayokwabelwa enkazimulweni, abelane Nami ubukhosi, bese ehlulela zonke izizwe nabo bonke abantu, ajezise ababi, asindise futhi abe nesihawu kubo bonke abantu abangaBami, bese enza umbuso ukuthi uqine futhi ube nokuzinza. Ngomsindo wamacilongo ayisikhombisa, abantu abaningi kakhulu bayosindiswa, babuyele phambi Kwami ukuze baguqe bakhonze, ngokudumisa okungapheli!

Lapho amacilongo ayisikhombisa ephinda ekhala, kuyoba yisiphetho ekugcineni kwenkathi, ukukhala okukhulu kwecilongo kokunqoba phezu kukaSathane ongudeveli, isibingelelo ekuqaleni kwempilo evulekile yombuso emhlabeni! Lo msindo uphakeme kakhulu, lo msindo unkeneneza uzungeza isihlalo sobukhosi, lo msindo wecilongo uzamazamisa izulu nomhlaba, uwuphawu lokunqoba kohlelo Lwami lokuphatha, nokwahlulelwa kukaSathane; ugweba lo mhlaba ngokufa okuphelele, emgodini ongenamkhawulo! Lo msindo wecilongo usho ukuthi isango lomusa selizovalwa, ukuthi impilo yombuso izoqala emhlabeni, okulunge nokufanele ngokuphelele. UNkulunkulu usindisa labo abamthandayo. Lapho bebuyela embusweni Wakhe, abantu emhlabeni bayobhekana nendlala, umqedazwe wezifo, nezitsha zikaNkulunkulu eziyisikhombisa, izinhlupho eziyisikhombisa kuyokwenzeka kulandelana. Izulu nomhlaba kuyokwedlula, kodwa izwi Lami ngeke ledlule!

Okwedlule: Isahluko 35

Okulandelayo: Isahluko 37

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp