Isahluko 24

Ukusola Kwami kuza phezu kwabo bonke abantu, kodwa kubuye kuhlale kukude nabo bonke abantu. Yonke impilo yomuntu ngamunye igcwele uthando nenzondo ebhekiswe Kimi, futhi akekho oke wangazi—ngakho Kimi indlela umuntu aziphatha ngayo iyashintshashintsha, futhi ayikwazi ukuba sesimweni esijwayelekile. Selokhu nginakekela ngivikela umuntu kungenxa nje yobuwula bakhe ukuthi angakwazi ukubona zonke izenzo Zami nokuqonda izinhloso Zami ezinentshisekelo. Ngingophambili kuwo wonke amazwe, noPhezulu kunabo bonke abantu; kwenziwa nje ukuthi umuntu akangazi. Iminyaka eminingi ngihlalile nabantu ngayazi impilo abayiphilayo kodwa ubeselokhu engiziba nje engiphathisa okwesidalwa esivela emkhathini. Okulandelayo, ngenxa yomehluko ezimilweni nasolimini, abantu bangiphathisa okwesihambi emgwaqeni. Izingubo Zami kubukeka sengathi ezehlukile kwezabanye, yilokhu okwenza umuntu angabi nokuzethemba ekusondeleni Kimi. Kulapho ngizwa khona incithakalo yempilo phakathi kwabantu, futhi kulapho ngizwa khona ukungahambi ngobulungiswa komhlaba wabantu. Ngihamba phakathi kwabadlulayo ngibabuka bonke ebusweni. Kuba sengathi bahlala esifweni noma ekuguleni okugcwele ubuso babo, okugcwalisa ubuso babo ngosizi nesijeziso esivimbela ukukhululwa kwabo. Umuntu uyazibopha futhi enze sengathi uphansi. Abantu abaningi baveza okungeyikho ngabo, phambi Kwami ukuze ngibancome, abantu abaningi baziveza bedinga ukuhawukelwa phambi Kwami ukuze bathole usizo Lwami. Uma ngingababhekile bonke abantu bayangikhohlisa bangangilaleli. Akulona iqiniso? Ingabe lokhu akulona isu lomuntu lokuziphilisa? Ubani oseke waphila ngaphandle Kwami empilweni yakhe? Ubani oke wangiphakamisa kwabanye? Ubani oseke wabiyelwa ngaphambi koMoya? Ubani oseke wamela ubufakazi bakhe Ngami ngeqiniso phambi kukaSathane? Ubani oseke waba neqiniso “ekwethembekeni” kwakhe Kimi? Ubani oke walahlwa udrako omkhulu obomvu ngenxa Yami. Abantu bashaya inkatho noSathane, futhi manje bakanye naye obhukwini; bangochwepheshe kubuhlongandlebe, bangabaqambi bokuphikisana Nami kanti baneziqu zokungimbandazela. Ngenxa yalokho umuntu adalelwe khona, ucinga la nale emhlabeni, uma ngimqhweba uba ngonganaki ubuhle Bami, aqhubeke abe “nokholo” lokuzethemba yena, engafuni ukuba “ngumthwalo” kwabanye. “Izifiso” zomuntu Zinhle, kodwa azikaze izifiso zomuntu zizuze amamaki aphelele: Ziyabhidlika phambi Kwami ziwe zingenzi msindo.

Usuku nosuku ngiyakhuluma kanti usuku nosuku ngenza nezinto ezintsha futhi. Uma umuntu engavezi onke amandla akhe kuzoba nzima ukuthi ezwe izwi Lami, futhi kuzoba nzima ukubona ubuso Bami. Othandiweyo angalunga ngokwedlulele, futhi inkulumo Yakhe ibe mnene kakhulu, kodwa umuntu akakwazi ukubona ubuso Bakhe obuhle kakhulu nokuzwa izwi lakhe. Kuyo yonke iminyaka akekho noyedwa oke wabuka ubuso kalula Bami. Ngike ngakhuluma noPetru futhi “ngabonakala” kuPawulu, futhi hhayi komunye umuntu—ngaphandle kwabakwa-Israyeli—okuyibona abake babona ubuso Bami ngempela. Namuhla, ngize ngokwami kumuntu ukuzohlala naye. Ngabe lokhu akubukeki kungavamile futhi kuyigugu kuwe? Awufisi ukusebenzisa kahle isikhathi sakho? Ufuna sikwedlule ngale ndlela? Ngabe izimpondo zewashi zingasuke nje zime emqondweni wabantu? Noma kambe isikhathi sibuyele emuva? Umuntu angabuye abe musha futhi? Ngabe impilo eyisibusiso namuhla ingaphinda ibuye futhi? Angimnikezi umuntu “umklomelo” ofanele ngalokho “akuchithile”? Ngiyaphikelela nje ukwenza umsebenzi Wami, ngiqembuke kukho konke, ngingamisi ukuhamba kwesikhathi ngenxa yokuthi umuntu umatasatasa noma ngenxa yomsindo wokukhala kwakhe. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi akekho okwazile ukwehlukanisa amandla Ami futhi akekho okwazile ukuthikameza isu Lami lokuqala. Ngizodlula isikhala, ngiqhube isikhathi, ngingene emnyombeni wecebo Lami eliphelele ngaphezulu naphakathi kwazo zonke izinto. Akukho noyedwa oke wathola ukuphathwa ngokukhethekile Kimi noma wathola “imiklomelo” ezandleni Zami, yize bevula imilomo yabo bekhulekela lezi zinto, noma belula izandla zabo, futhi bekhohlwa yikho konke okunye, befuna lezi zinto Kimi. Akukho noyedwa kulaba bantu oke wenza ukuba ngithinteke, futhi bonke bahlehliselwe emuva yizwi Lami “elinonya”. Abantu abaningi basakholelwa ukuthi “basebasha kakhulu” ngakho balinde Mina ukubakhombisa umusa omkhulu, ukuba ngibazwele okwesibili, bacele ngibavumele ukuba baphume ngemuva. Ngingalixova kanjani isu Lami? Ngingayekisa umhlaba ukuzungeza ngenxa yobusha babantu, ukuze bahlale eminye iminyaka embalwa emhlabeni? Ingqondo yomuntu iphithene, kodwa kubukeka sengathi kukhona izinto ezisilelayo. Okulandelayo, engqondweni yomuntu kuvame ukuvela “izindlela ezinhle” ukuthikameza umsebenzi Wami ngabomu.

Yize ezikhathini eziningi engixolele ngazo umuntu ezonweni zakhe ngamkhombisa umusa okhethekile ngobuthakathaka bakhe, ziningi nezikhathi lapho ngiye ngamuphatha ngendlela efanele ngenxa yokuswela kwakhe ulwazi. Kuyacaca ukuthi umuntu akaze azi ukuthi akubonge kanjani ukulunga Kwami, kangangokuthi aze acwile esiphethweni sakhe: embozwe uthuli, izingubo zakhe zimanikiniki, izinwele zakhe zimboze ikhanda lakhe njengokhula olude, ubuso bakhe bukhungethwe insila, izinyawo zakhe zifakwe ezicathulweni ezimahlikihlikana, zokuzenzela, izandla zakhe zifana nezindlawu zokhozi olufile, zilenga ezinhlangothini zakhe. Uma ngivula amehlo Ami ngibheka kububeka sengathi umuntu uvele waphuma emgodini ongenamkhawulo. Angikwazi ukuyivimba intukuthelo yami: kade ngimbekezelele umuntu manje ngingamvumela kanjani uSathane azenzele ngokuthanda kwakhe embusweni Wami ongcwele? Ngingavumela kanjani umhambuma ukuma udle mahhala endlini Yami? Umuntu ubeselokhu “eqinise” umthetho ngakuye “ewuthambisile” kwabanye, kodwa akaze abe nokuhlonipha Kimi, ngoba nginguNkulunkulu ezulwini ngakho ungiphatha ngokwehlukile futhi akaze angithande nje nakancane. Kubukeka sengathi amehlo omuntu akhaliphile: uma ehlangana Nami nje, ubuso bakhe buyashintsha futhi ufaka izwana ngaphezulu kulo buso bakhe obuqinile obungathintekiyo. Anginiki muntu izijeziso ezifanele ngenxa yokuziphatha kwakhe Kimi, kodwa ngibuka esibhakabhabeni ngale kwemihlaba bese ngiqhuba umsebenzi Wami emhlabeni. Enkumbulweni yomuntu angikaze ngikhombise ukulunga kunoma ubani Wami emhlabeni, kodwa futhi angikaze ngihlukumeze muntu. Ngenxa yokuthi umuntu akangishiyeli “isikhala” enhliziyweni yakhe, uma ngimqaphelisa ngomoya ngihlala kuye, ungikhipha ngendluzula, bese esebenzisa ulimi olubushelelezi nomdudo ukwenza izaba, ethi untula kakhulu futhi akakwazi ukuzinikela enjabulweni Yami. Esakhuluma, ubuso bakhe busibekelwa “ifu elimnyama” kube sengathi inhlekelele izowela kumuntu nganoma yisiphi isikhathi. Kusenjalo usangicela ukuba ngihambe, ngaphandle kokucabanga ngengozi engaba khona. Yize nginganikela kumuntu ngamazwi Ami nokuthokomala kokumgona, ubukeka engenaso isitho sokulalela ngakho akalaleli nakanci izwi Lami, kunalokho uqinisa ikhanda lakhe ebaleka. Ngisuka kumuntu ngiphoxekile, kanti futhi ngithukuthele. Umuntu ngaleso sikhathi unyamalala masinyane phakathi kwesiwombe sesiphepho esikhulu namagagasi anamandla. Masinya ngemva kwalokho ebese ekhala kimi, kodwa manje uzothinta kanjani ukuhamba komoya namagagasi? Kancane kancane umuntu usenyamalala, aze angasatholakali nhlobo.

Eminyakeni engaphambili, ngabheka wonke amazwe ngenhla kwemihlaba. Ngahlela umgidingo omkhulu emhlabeni: ukudalwa komuntu ozofuna inhliziyo Yami, nokwakhiwa kombuso emhlabeni njengasezulwini, ngivumele amandla Ami agcwalise isibhakabhakha nokuhlakanipha Kwami kusabalale emhlabeni wonke jikelele. Namhlanje–ke, ngemuva kweminyaka eyizinkulungwane, ngiyaqhubeka ngecebo Lami, kepha akekho owaziyo ngecebo Lami noma ukuphatha kwami emhlabeni kanti nombuso Wami abawuboni emhlabeni. Yikho umuntu ebambe utalagu bese eza kimi ezama ukungikhohlisa efuna ukukhokha” imvalamlomo” ngezibusiso Zami ezulwini. Ngokulandelayo uvukuza ulaka Lwami bese ngiyamahlulela kodwa khona kunjalo akavuki, kuba sengathi usebenza ngaphansi komhlaba, engazi utho ngokwenzeka phezu komhlaba uma elandela impumelelo yakhe nje kuphela. Kubo bonke abantu angikaboni noyedwa ophila ngaphansi kokukhanya Kwami. Bahlala emhlabeni wobumnyama, babukeka bejwayele ukuhlala phakathi kobumnyama. Uma ukukhanya kuza baya kude nakho kuba sengathi ukukhanya kuthikameza umsebenzi wabo; ngalokho babukeka becasukile, sengathi ukukhanya kubhidlize lonke uxolo lwabo kwabashiya, bengakwazi ukulala kahle. Okulandelayo, umuntu usebenzisa wonke amandla akhe ukuxosha ukukhanya. Ukukhanya nakho kubukeka kungaqapheli bese kuvusa umuntu ebuthongweni bakhe, uma evuka uvala amehlo akhe, agcwale intukuthelo. Ubukeka engeneme Ngami, kodwa enhliziyweni yami ngiyawazi umphumela. Ngikhulisa ukukhanya kancane kancane ngenze ukuthi bonke abantu baphile ekukhanyeni Kwami bese kuthi kungekudala bajwayele ukuhlanganyela nokukhanya, ngaphezu kwalokho bakwazise bonke ukukhanya. Kulesi sikhathi, umbuso Wami ufikile ebantwini, bonke abantu bayasina ngenjabulo bagubha umkhosi, kungazelele umhlaba ugcwale enkulu injabulo neminyaka eyizinkulungwane eziningi yokuthula iqedwe ukufika kokukhanya …

kuNdasa 26, 1992

Okwedlule: Isahluko 23

Okulandelayo: Isahluko 25

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp