Isahluko 25

Isikhathi siyedlula, ngokuphazima kweso nje selufikile olwanamuhla. Ngaphansi kokuqondiswa uMoya Wami, bonke abantu bahlala phakathi kokukhanya Kwami, futhi akekho osacabanga ngokwedlule noma onake olwayizolo. Ubani ongakaze aphile osukwini lwanamuhla? Ubani ongazange achithe izinsuku nezinyanga ezimnandi embusweni? Ubani ongakaze aphile ngaphansi kwelanga? Nakuba umbuso wehlele kubantu, akekho oke wezwa ngempela ukufudumala kwawo; umuntu uwubona ngaphandle kuphela, engaqondi isimo sawo. Phakathi nesikhathi sokumiswa koMbuso Wami, ubani ongawuthokozeli? Ingabe amazwe asemhlabeni angasinda ngempela? Ingabe udrako omkhulu obomvu angasinda ngempela, ngobuqili bakhe? Imithetho yokuphatha Kwami yaziswe emhlabeni wonke jikelele, kanti amandla Ami akhankaswa phakathi kwabo bonke abantu futhi aqala ukusebenza emhlabeni wonke; noma kunjalo, abantu abakaze bakwazi lokhu. Uma isimemezelo sokuphatha Kwami sembulelwa umhlaba kungaleso sikhathi nomsebenzi Wami usuzoqedwa emhlabeni. Uma ngibusa ngisebenzisa amandla phakathi kwabantu bonke nanoma ngibonwa njengoNkulunkulu oyedwa ngoKwakhe, umbuso Wami uzokwehlela ngokuphelele emhlabeni. Namuhla, bonke abantu bazoqala kabusha endleleni entsha. Baqale impilo entsha, kodwa akekho oke wayazi ngempela impilo yasemhlabeni efana neyasezulwini. Ingabe uhlala ngempela phakathi kokukhanya Kwami? Ingabe uhlala ngempela emazwini Ami? Ubani ongacabangi ngamathemba akhe? Ubani ongakhathazwa yikusasa lakhe? Ubani ongakhathazeki phakathi kolwandle lwezifo? Obani abangafisi ukuzikhulula? Ingabe zikhona izibusiso zombuso zokushintshiselana ngomsebenzi onzima womuntu emhlabeni? Ingabe zonke izifiso zomuntu zingafezeka njengokufisa kwakhe? Ngike ngethula ubuhle bombuso phambi komuntu, kodwa uvele wawugqolozela nje ngamehlo obugovu kungekho oshisekela ngempela ukungena kuwo. Ngike “ngabikela” umuntu isimo sangempela sasemhlabeni, kodwa azange alalele, futhi azange abhekane namazwi aphume emlonyeni Wami ngenhliziyo yakhe; ngike ngatshela umuntu ngezimo zasezulwini, kodwa wathatha amazwi Ami njengezindaba ezimnandi, wangamukeli ngempela lokho okuchazwa ngumlomo Wami. Namuhla, izigcawu zombuso zedlula phambi kwabantu, kodwa ingabe uke waba khona oke “waya phansi naphezulu” ewufuna? Ngaphandle kokuncenga Kwami, umuntu ngabe akakavuki emaphusheni akhe. Ingabe udonswe kangaka yile mpilo yakhe yasemhlabeni? Ingabe awekho amazinga aphakeme enhliziyweni yakhe?

Labo engibamisele njengabantu Bami bakwazi ukuzinikela Kimi baphile ngokuzwana Nami. Bayigugu Kimi, bayakhazimula ngothando lwabo Kimi embusweni Wami. Phakathi kwabantu banamuhla, obani abafinyelela ezimweni ezinjalo? Ngubani okwaziyo ukufinyelela ezingeni ngokwezidingo Zami? Ingabe izidingo zenza kube nzima kumuntu? Ingabe ngenza ngamabomu ukuthi enze amaphutha? Nginozwelo kubo bonke abantu, ngibaphethe ngendlela ekhethekile. Noma kunjalo, lokhu kumayelana nabantu Bami baseShayina. Akukona ukuthi nginibukela phansi, noma nginibuka sakunisola, kodwa ukuthi ngiyenza futhi ngineqiniso kinina. Abantu bahlangabezana nezimo ezikhinyabezayo kungenakuvinjelwa ezimpilweni zabo noma ngabe kumayelana nemindeni yabo noma umhlaba ngobubanzi. Kodwa ubunzima bakhe obuhlelwe yisandla sakhe? Umuntu akakwazi ukungazi. Unokuqonda okuthize ngokubukeka Kwami kwangaphandle, kodwa akanalo ulwazi ngesimo Sami; akazazi “izithako” zokudla akudlayo. Ubani okwazi ukuqondisisa inhliziyo Yami? Ubani ongakwazi ukuqonda ngeqiniso intando Yami? Uma ngiza emhlabeni, wembozwe ubumnyama kanti umuntu “uhuqa ubuthongo.” Ngihamba zonke izindawo, konke engikubonayo kudatshulilwe kwanikizela akubekezeleki ukukubuka. Kubukeka sengathi umuntu uzimisele nje ukuzijabulela, akanaso isifiso sokulandela “izinto ezivela emhlabeni ongaphandle.” Ngaphandle kokuba abantu bazi, ngihlola umhlaba wonke, kodwa angiboni ndawo lapho kunempilo khona. Kanjalo ngikhazimulisa ukukhanya nokushisa ngibheke umhlaba ukusuka ezulwini lesithathu. Noma ukukhanya kuwela phezu komhlaba nokushisa kusabalale kuwo, ukukhanya nokushisa kuphela okubukeka kuthokozile; akuvusi lutho kumuntu ozitika ngokunethezeka. Ngokubona lokhu, ngivele nginikeze abantu “induku” engiyilungisile. Uma induku iwa, ukukhanya nokushisa kuyahlakazeka kancane kancane umhlaba masinyane uphundleke ube mnyama—ngenxa yobumnyama, umuntu uthatha ithuba lokuqhubeka athokoze. Umuntu unokuqonda okuncane ngokufika kwenduku Yami, kodwa akenzi lutho, uyaqhubeka nokujabulela “izibusiso zakhe emhlabeni.” Okulandelayo, umlomo Wami umemezela ukujeziswa kwabo bonke abantu, nabantu bonke emhlabeni babethelwe esiphambanweni babhekiswe phansi. Uma ukujezisa Kwami kufika, umuntu umangaliswa umsindo wokuwa kwezintaba nomhlaba odabuka phakathi, okumethusayo kumvuse. Ethukile futhi esaba, ufisa ukubaleka, kodwa sekungemuva kwendaba. Uma isijeziso Sami sehliswa, umbuso Wami wehlela emhlabeni, wonke amazwe aphihlizwe abe yizicucu, anyamalale angasabonwa engashiyi lutho ngemuva.

Usuku nosuku, ngibuka umhlaba, usuku nosuku ngenza umsebenzi Wami omusha phakathi kwabantu. Kodwa abantu bonke baba matasatasa nemisebenzi yabo, futhi akekho onaka izinguquko zomsebenzi Wami noma obona isimo sezinto ngale kwazo. Kuba sengathi abantu baphila ezulwini nasemhlabeni omusha abazenzele wona, bengafuni nayinoma ngubani abaphazamise. Babandakanyeka bonke emsebenzini wokuzijabulisa, bayazibabaza uma benza “imisebenzi yokunyakazisa imizimba.” Ingabe ngempela ayikho indawo Yami enhliziyweni yomuntu? Ingabe ngempela ngiyehluleka ukuba uMbusi enhliziyweni yomuntu? Ingabe umoya womuntu umshiyile ngempela? Ubani owake wacabangisisa ngamazwi avela emlonyeni Wami? Ubani owake waqonda isifiso senhliziyo Yami? Ingabe inhliziyo yomuntu ngempela ithathekiswe ezinye izinto? Ziningi izikhathi engike ngakhala ngazo kumuntu, kodwa ukhona oke waba nozwelo? Ukhona oke waphila ebuntwini? Umuntu angaphila enyameni, kodwa akanabo ubuntu. Ingabe wazalelwa ezilwaneni? Noma wazalelwa ezulwini, ugcwele ubunkulunkulu? Ngivezela umuntu izidingo Zami, kodwa kuba sengathi akawaqondi amazwi Ami, kuba sengathi ngiyisilwane okungenakusondelwa kuso futhi angasazi. Sekukaningi ngiphoxwa umuntu, ziningi izikhathi ngithukutheliswa ukusebenza kwakhe okubi, kanti ziningi nezikhathi lapho ngiye ngezwiswa khona ubuhlungu ubuthakathaka bakhe. Kungani ngingakwazi ukuvusa imizwa yomoya enhliziyweni yomuntu? Kungani ngingakwazi ukugqugquzela uthando enhliziyweni yomuntu? Kungani umuntu engazimisele ukungiphatha njengothandiweyo kuye ngokwakhe? Ingabe inhliziyo yomuntu akuyona eyakhe? Ingabe kukhona okunye okuhlala emoyeni wakhe? Kungani umuntu elila engaphezi? Kungani enganamile? Kungani, uma enosizi, eziba ubukhona Bami? Kungenzeka ukuthi ngimhlabile? Ngike ngamshiya ngamabomu?

Emehlweni Ami, umuntu ungumbusi wazo zonke izinto. Angimnikanga igunya elincane, ngimvumela ukuba aphathe zonke izinto emhlabeni—utshani phezu kwezintaba, izilwane emahlathini kanye nezinhlanzi emanzini. Kodwa kunokuba ajabule ngenxa yalokhu, umuntu uhlushwa yixhala. Impilo yakhe yonke ibe eyokuhlupheka, nokugijima, nenjabulo efakwe ezeni, futhi empilweni yakhe yonke akukho kuqamba nokudala okusha. Akekho ongakwazi ukuzikhipha kule mpilo eyize, akekho oke wathola impilo enenjongo, kanti akekho oke waphila impilo yeqiniso. Noma bonke abantu banamuhla bephila ngaphansi kokukhanya Kwami okukhazimulayo, abazi lutho ngempilo yasezulwini. Uma ngingenasihawu kumuntu futhi ngingamsindisi, kuzosho ukuthi kuyize ukuba khona kwabo bonke abantu, izimpilo zabo emhlabeni azinamsebenzi, futhi bazohamba ngeze, kungekho lutho abangazigqaja ngalo. Abantu benkolo ngayinye, isigaba somphakathi, isizwe, namabandla bonke bayabazi ubuze bomhlaba, bayangifuna bonke futhi balindele nokubuya Kwami—kodwa ngubani onakho ukungazi uma sengifika? Ngenze zonke izinto, ngidale abantu, namuhla ngehlele kubona. Umuntu, noma kunjalo, uphindisela Kimi, abuyisele ngokuziphindisela Kimi. Ingabe umsebenzi engiwenza kumuntu awunanzuzo kuye? Ingabe ngempela angikwazi ukwanelisa umuntu? Kungani umuntu engilahla? Kungani umuntu ebanda futhi engenandaba Nami? Kungani umhlaba wembozwe yizidumbu? Ingabe ngempela lesi yisimo somhlaba engawudalela umuntu? Kungani nginikeze umuntu ingcebo engaka engelinganiswe, kodwa yena anginikeze izandla ezimbili ezingenalutho? Kungani umuntu engangithandi ngempela? Kungani engezi phambi Kwami? Ingabe wonke amazwi Ami abe yize? Ingabe amazwi Ami ashabalalise okokushisa emanzini? Kungani umuntu engafuni ukusebenzisana Nami? Ingabe ngempela ukufika kosuku Lwami yisikhathi sokufa komuntu? Ngingamshabalalisa ngempela umuntu ngesikhathi lapho umbuso Wami umiswa khona? Kungani, kuso sonke isikhathi secebo Lami lokuphatha, kungabanga khona okwazi ukubamba izinhloso Zami? Kungani, kunokulondoloza amazwi aphuma emlonyeni Wami, umuntu engenyanya futhi ewalahla? Angahluleli namunye, kodwa nje ngenza bonke abantu behlise umoya benze umsebenzi wokuzihlola bona ngokwabo.

kuNdasa 27, 1992

Okwedlule: Isahluko 24

Okulandelayo: Jabulani, Nonke Nina Bantu!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp