Isahluko 31

Angikaze ngibe nayo indawo ezinhliziyweni zabantu. Uma ngibafuna ngeqiniso abantu, bavala amehlo bafifiyele bangazinaki izenzo Zami, kungathi konke engikwenzayo kuwumzamo wokubajabulisa, umphumela walapho kube ukuhlaziseka njalo yizenzo Zami. Kungathi anginakho ukuzibheka ubuMina: Ngivama ukuhamba ngihlala ngibukisa phambi komuntu, ngimenza anengeke, ebe “engoqondile nolungileyo.” Kanti ngaphansi kwalezo zimo ezinzima, ngiyabekezela, ngiqhubeke nomsebenzi Wami. Ngakho, ngiyasho ukuthi ngibuzwile ubumnandi obusashukela, ubumuncu, ukubaba kanye nezinongo zalokhu umuntu ahlangabezana nakho, ukuthi ngiza emoyeni futhi ngihambe nemvula, ukuthi ngikuzwile ukunqanyulezwa komndeni, Ngikuzwile ukuphakama kanye nokwehla kwezimo zokuphila, futhi ngibuzwile ubuhlungu bokuhlukana nomzimba. Nokho, ngenkathi ngiza emhlabeni, esikhundleni sokuthi bangamukele Mina ngenxa yobunzima engabuzwa ngenxa yabo, abantu babukele phansi izinhloso Zami “bezithobile”. Bekungenzeka kanjani ukuthi ngingabuzwa ubuhlungu balokhu? Bekungenzeka kanjani ukuthi Ngingabi nokulila? Kungaba ngukuthi ngisenyameni ukuthi konke kube nalesi siphelo? Kungani umuntu engangithandi? Kungani uthando Lwami lukhokhelwe ngenzondo yomuntu? Kungenzeka ukuthi kumele Ngibe nenkathazo ngale ndlela? Abantu babe nezinyembezi zozwelo ngobunzima Bami emhlabeni, base bekhononda ngokubabibikho kobulungiswa ngeshwa Lami. Nakuba kunjalo ngubani owaze inhliziyo Yami ngokweqiniso? Ngubani ngempela ongaqonda imizwa enginayo? Umuntu uye waba nokungithanda okujulile kanye, kanye futhi wangikhumbula emaphusheni akhe—kodwa kungenzeka kanjani ukuthi abantu emhlabeni baqonde intando Yami yasezulwini? Nakuba abantu bake bayiqonda imizwa Yami yokukhathazeka, ngubani owake waba nozwelo ngokuhlushwa Kwami ngihlushelwa Yena ngabe ukucabanga kwabantu emhlabeni kunganyakazisa kuguqule inhliziyo Yami ekhathazekile? Ngabe abantu emhlabeni abakwazi ukungitshela ngobunzima obungachazeki obusezinhliziyweni zabo? Imimoya kanye noMoya kuncikile okunye kokunye, kodwa ngenxa yemikhawulo yenyama, ubuchopho babantu “balahlekelwa ukuzilawula.” Ngake ngabakhumbuza abantu ukuthi beze phambi Kwami—kodwa ukumemeza Kwami kwenza abantu ukuthi esikhundleni sokuthi baphelelise engakucela; bavele babheka esibhakabhakeni, amehlo egcwele izinyembezi, kungathi bebenobunzima obungachazeki, kungathi bekunento emi endleleni yabo. Ngakho, bafumbatha izandla zabo baguqa phansi ngaphansi kwezulu becela Kimi. Ngokuthi nginomusa, Ngiyabehlisela izibusiso abantu, futhi ngokuphazima kweso, isikhathi sokuvezwa Kwami siyafika—kanti noma kunjalo umuntu usikhohlwe kudala isifungo Sami sasezulwini. Ngabe lokhu akukhona ukungalaleli komuntu? Kungani umuntu alokhu aphathwa “yisifo sokukhohlwa”? Ngabe Ngimgwazile na? Ngishayile umzimba wakhe Ngawuwisa na? Ngiyamtshela umuntu ngemizwa enginayo enhliziyweni Yami, nokuthi kungani engivika njalo na? Ekukhumbuleni kwabantu, kusengathi kukhona okubalahlekele akukho lapho bezokuthola khona, kodwa futhi kungathi ukukhumbula kwabo akunembi. Ngakho, abantu bahlala behlushwa ukukhohlwa ezimpilweni zabo, nezinsuku zempilo yomuntu kaziqondile. Noma kunjalo akukho noyedwa onaka lokhu, abantu abenzi lutho ngaphandle kokunyathelana bodwa, ukubulalana bodwa, okuholele namuhla esimeni sokwahluleka esiyinhlekelele, futhi kwenza bonke abangaphansi komkhathi bawela emanzini angcolileyo nayixhaphozi, bengenalo ithuba lokusindiswa.

Ngenkathi ngifika kubo bonke abantu kwaba yisikhathi leso abantu abethembeka ngaso Kimi. Ngaleso sikhathi, udrako omkhulu obomvu waqala ukubeka isandla sakhe esibulalayo kubantu. Ngamukela “isimemo” ngafikisa “incwadi yesimemo” ivela kumuntu ngokufika Kwami “Ngizohlala etafuleni lesidlo” nomuntu. Lapho bengibona, abantu abanginakanga, ngokuthi angizange ngizihlobise ngezingubo eziwubukhazikhazi ngilethe kuphela “ikhadi likamazisi” Wami ukuzohlala etafuleni nomuntu. Kwakungekho kuziphophotha okudulile ebusweni Bami, kungekho sicoco ekhanda Lami, futhi ngizigqokela izicathulo ezakhiwe ekhaya ezinyaweni Zami. Okwabadumaza kakhulu abantu ukuthi umlomo Wami wawungagcotshiwe upende ophambili. Phezu kwalokho, angikhulumanga amazwi athobile, futhi ulimi Lwami alubanga yipeni lombhali ozilungiselele; kunalokho, ngalinye ngalinye emazwini Ami kwahlabeka ingaphakathi lenhliziyo yomuntu, okwanika abantu inkulumo yomlomo Wami “ethandekileyo” kumuntu. Lokhu osekudlulile kwenela ukuthi abantu “bangiphathe ngokukhethekileyo,” futhi ngalokho bangiphatha njengomuntu ophansi wasemakhaya ongawazi umhlaba, futhi ongahlakaniphile. Kanti ngenkathi wonke umuntu ethula “izipho zemali,” abantu abangithathanga njengomuntu ohloniphekile, kodwa beza nje Kimi ngaphandle kwenhlonipho, behudula izinyawo, bephelelwe yisineke. Ngenkathi ngelula isandla Sami, masinyane bamangala, baguqa phansi, bamemeza kakhulu. Baqoqa zonke “izipho Zami zemali.” Ngokuthi inani laliphakeme, bacabanga ukuthi Ngingusozigidi badabula izingubo Zami emzimbeni Wami ngaphandle kwemvume Yami, bangipha ezintsha endaweni yazo—akwangangijabulisa nakho lokho. Ngokuthi ngangingayejwayele impilo elula kanjalo, ngikuzonda ukuphathwa “ngezinga leqophelo lokuqala” engangiphethwe ngayo, ngokuthi ngangingozelwe endlini engcwele, futhi, kungashiwo ukuthi, nangokuthi ngangizalelwe “enhluphekweni,” ngingayejwayele impilo yobukhazikhazi engangilindwe ngayo ngezandla nezinyawo. Ngifisa kuphela ukuthi abantu bebengaqonda imizwa esenhliziyweni Yami, ukuze babekezelele ubunzima obuncane bamukele amaqiniso angakhululi avela emlonyeni Wami. Ngokuthi angikaze ngikwazi ukukhuluma ngamathiyori, noma ngikwazi ukusebenzisa izimfihlo zabantu zokubuthana ukuze ngibazi kangcono, kanye nangokuthi angikwazi ukwenza amazwi Ami afanele indlela yabantu yokukhuluma noma yokucabanga, abantu banginyanyile njalo-njalo, bakholwa ukuthi akungifanele ukusebenzisana nabantu, futhi sengithe nginolimi olubukhali ngivame ukubalimaza abantu. Noma kunjalo angikwazi ukuzikhethela: Ngake “ngayifunda” indlela umuntu acabanga ngayo, ngake ngayilingisa indlela yokuphila yomuntu, futhi ngake ngaya kanye “ekolishi lolimi” ukuyofunda ulimi lomuntu, ukuze ngikwazi ukuqonda indlela abantu abakhuluma ngayo, futhi ngikhulume ngokwamukelekayo kubo—kodwa noma bengilindele imizamo emikhulu, ngavakashela “ongoti” abaningi, konke kwaphelela ezeni. Akukho lutho olobuntu olwake lwaba khona Kimi. Kuyo yonke le minyaka, imizamo Yami ayikaze yenze ngisho omncane umahluko, angikaze ngithole ngisho encane indawo olimini lomuntu. Ngakho amazwi omuntu athi “umsebenzi onzima uyakhokhela” “ayavela” Kimi, umphumela walokho kube ukuthi, la mazwi aphelela emhlabeni. Ngaphandle kokuthi abantu bawaqonde, lokhu okushiwo akwamukelekile kuNkulunkulu osezulwini, okuhlalukisa ukuthi amazwi anjalo kawanamgogodla. Ngakho-ke Ngiyaxolisa kumuntu, kodwa akukho okungenziwa—ngubani ongenze ngaba “yisilima” kangaka? Ngiyehluleka ukufunda ulimi lomuntu, ukuba ngibe nesiphiwo kubo ubuhlakani bempilo, ngihlangane nabantu. Nginalesi siyalo nje kuphela kubantu ukuba babekezele, ukuba behlise ulaka ezinhliziyweni zabo, ukuba bangazilimazi ngenxa Yami. Ngubani owenza ukuthi sisebenzisane? Ngubani owenza ukuthi sihlangane ngalesi sikhathi? Ngubani owenza ukuthi sihlanganyele imibono?

Isimo Sami sikhona kuwo wonke amazwi Ami, kodwa abantu abakwazi ukusiqonda kuwo amazwi Ami. Bahlale bethola iphutha kwengikushoyo—kusiza ngani-ke futhi lokho? Ukuqonda kwabo Ngami kungabenza babe msulwa? Ngabe izinto emhlabeni zingayizuza intando Yami? Bengilokhu ngizama ukufundisa abantu ukuthi akhulunywa kanjani amazwi Ami, kodwa kube sengathi umuntu uvaleke umlomo, akakwazanga nokufunda ukukhuluma amazwi Ami ngendlela engifisa ngayo. Ngamfundisa umlomo nomlomo, kodwa akakaze akwazi ukufunda. Kube semva kwalokhu kuphela lapho ngikwaze ukuthola khona izinto ezintsha: Bangenza kanjani abantu emhlabeni ukuthi bakhulume amazwi asezulwini? Ngabe lokhu akwephuli imithetho yemvelo? Kodwa, ngenxa yomfutho wabantu kanye nokulangazelela kwabo Kimi, Ngiqale enye ingxenye yomsebenzi kumuntu. Angikaze ngihlazise umuntu ngenxa yeziphambeko zakhe, kodwa esikhundleni salokho ngimabele ngokwalokho akudingayo. Kungenxa kuphela yalokhu ukuthi abantu bayathandeka Kimi, futhi ngisebenzisa leli thuba ukuhlanganisa abantu ndawonye futhi, ukuze bathokozele enye ingxenye yokunotha Kwami. Kulesi sikhathi, abantu bacwile enjabulweni, bayahalalisa futhi bayahleka beya le nale emafini asazimbali esibhakabhakeni. Ngivula inhliziyo yomuntu, masinyane umuntu usenamandla amasha, futhi akazimisele ukungicashela nakanye, ngokuthi useye wezwa kancane ukunambitheka kobumnandi boju, futhi uletha yonke imfucuza yakhe ukuzoshintshisa ngayo—okungathi sengingumqoqi kadoti, noma ngiyisiteshi esisebenza ngezinto ezilahlwayo. Ngakho, emva kokubona “izikhangiso” ezithunyelwe, abantu beza Kimi bathathe ingxenye ngokuzimisela, ngoba bebukeka becabanga ukuthi bangathola “ukukhunjuzwa,” ngakho bonke bangithumelela “izincwadi,” ukuthi bangazibandakanya emicimbini engiyihlelileyo. Kulesi sikhathi abesabi ukulahlekelwa, ngoba “imali” yalezi zinto ezenzekayo kayinkulu, futhi ukuze bakwazi ukuzibeka engcupheni yokuzibandakanya. Ukuba bekungekho sikhumbuzo esizuzwa ngokuzibandakanya, abantu bebezoshiya bacele izimali zabo babuyiselwe, bese besebenzela “inzalo” engibakweleta yona. Kungoba izimo zokuphila namhlanje zikhuphukile, zifinyelele “ekugwilikeni okusezingeni eliphezulu” kwaphinda kwafinyelela kuso “isimanjemanje” kwaye kwazuza “abezikhundla eziphakeme kwabempi” ngokwako “kuya nasezindaweni zasemakhaya” ukuyolungiselela umsebenzi, ukuze ukukholwa kwabantu kuphindaphindeke izikhathi eziningi—kanti ngokuthi “umthethosisekelo” uya ngokuba ngcono, bangibheka ngothando, futhi banentshisekelo yokuhlanganyela Nami ukuze ngibethembe.

UMbasa 11, 1992

Okwedlule: Isahluko 30

Okulandelayo: Isahluko 32

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp