Isahluko 32

Uma abantu behlangana naMi, inhliziyo yaMi igcwala injabulo. Masinyane, Ngehlisela izibusiso ezisesandleni saMi kubantu, ukuze abantu baqale ukuba naMi, bangabi yizitha ezingangilaleli kodwa bakwazi ukusebenzisana naMi. Ngakho-ke, Nginenhliziyo enozwelo kumuntu. Emsebenzini waMi, umuntu ubonakala njengelungu lenhlangano esezingeni eliphakeme, ngakho Nginaka kakhulu yena, ngokuthi uwutho emsebenzini waMi. Ngiyenzile indawo yaMi ezinhliziyweni zabantu, ukuze izinhliziyo zabo zikwazi ukubheka kiMi—kodwa bahlala bengazi ukuthi Ngikwenzelani lokhu, bese bengenzi lutho ngaphandle kokulinda. Nakuba ikhona indawo engiyenzile ezinhliziyweni zabantu, abadingi ukuthi ngihlale khona. Esikhundleni salokho, balinda “Ongcwele” ukuthi afike masinyane ezinhliziyweni zabo. Ngenxa yokuthi ubunjalo baMi buphansi kakhulu, angizilingani izidingo zabantu bese ngalokho Ngisuswa yibo. Ngenxa yokuthi abakufunayo “ubuMina” obuphakeme obunamandla—kanti ngenkathi Ngifika, aNgivelanga ngale ndlela kumuntu, ngakho bese belokhu bebuka ebangeni le, belindele lowo osezinhliziyweni zabo. Ngenkathi Ngifika phambi kwabantu, bangiphika phambi kwezixuku. Ngakwazi kuphela ukuma eceleni, Ngamela “isinqumo,” Ngabheka ukubona ukuthi yini abantu abazophetha ngokuyenza kiMi, “umkhiqizo” ongaphelele lona. Angizibuki izibazi zabantu, kodwa Ngibheka ingxenye kubo engenasibazi, ngalokho Nganeliswe. Emehlweni abantu, “Ngiyinkanyezi nje encane” eyehle isuka esibhakabhakeni, Ngingomncinyane ezulwini, nokufika kwaMi emhlabeni namuhla kwesekelwe nguNkulunkulu. Umphumela walokho, ukuthi abantu sebeze baletha izihumusho eziningi zamazwi “ngaMi” “noNkulunkulu,” benokwesaba okujulile ukuhlanganisa uNkulunkulu naMi. Ngenxa yomfanekiso waMi ongavezi lutho oluyisimo sikaNkulunkulu, abantu bonke bakholwa ukuthi Ngiyisisebenzi esingeyona ingxenye yomndeni kaNkulunkulu, bese besho ukuthi akuwona umfanekiso kaNkulunkulu lona. Mhlawumbe bakhona abantu asebembonile uNkulunkulu—kodwa ngenxa yokweswela ulwazi kwaMi emhlabeni, uNkulunkulu akakaze “avele” kiMi. Mhlawumbe “Nginokukholwa” okuncane, ngakho abantu baNgibona Ngingophansi. Abantu bacabanga ukuthi uma umuntu enguNkulunkulu ngempela, uzoba nguchwepheshe wolimi lomuntu, ngokuba uNkulunkulu nguMdali. Kodwa amaqiniso asho ngokunembayo ukuthi akunjalo: akukhona kuphela ukuthi angiyena umpetha wolimi lomuntu, kodwa kukhona izikhathi lapho Ngingakwazi khona “ukuhlinzeka” “iziphambeko” zakhe. Ngalokho, Ngizizwa “Ngilahlwa yicala” kancane, ngoba angenzi njengoba abantu “befuna,” kunalokho Ngivele Ngilungise izinto bese Ngisebenza ngokokuthi “beswele” kanjani. Angiceli lutho olungako kumuntu, kodwa abantu bakholwa ngenye indlela. Ngakho-ke, “ukuzithoba” kwabo kuvela eminyakazweni yonke yabo. Bavame ukwethembeka ngokuhamba phambi kwaMi beNgihola, besaba ngokujulile ukuthi Ngizolahleka, bethukile ukuthi Ngizoduka ehlathini lakudalo ekujuleni kwezintaba. Ngalokho, abantu bangiholile baqhubeka, besaba ngokujulile ukuthi Ngizohamba Ngingene emhumeni. “Nginombono onokwamukela” ngokukholwa kwabantu, ngoba baNgisebenzele ngaphandle kokudla nokulala, kangangoba ukungisebenzela kwabo kwenze ukuthi bangalali ubusuku nemini baze bahluma izinwele ezimhlophe—okwanele ukukhombisa ukuthi ukukholwa kwabo “kufinyelele” emikhathini, kwaphinda “kwadlula” abafundi kanye nabaphrofethi eminyakeni eminingi.

Angishayi izandla ngenjabulo ngenxa yekhono elikhulu labantu, noma kube ukubabuka Ngigodole ngenxa yokuphambuka kwabo. Ngenza nje lokho okusezandleni zaMi, anginiki namunye impatho evelele, kodwa ngenza umsebenzi ngokwesu laMi. Kodwa abantu abayazi intando yaMi bese beqhubeka nokukhulekela izinto kiMi, kungathi ukunotha engikwehlisele kubo akuzanelisi izidingo zabo, kungathi abakufunayo kungaphezu kwengikuhlinzekile. Kodwa eminyakeni yanamuhla, abantu bonke basola ukuthi kukhona “ukufutheka”— ngaleyo ndlela, izandla zabo zigcwele lokho engibaphe khona ukuthi bazithokozise ngakho. Kungenxa yalokhu njengoba bekhathala nje yiMi, ngakho izimpilo zabo zigcwele isiphithiphithi, kanti abakwazi okumele bakudle nokumele bangakudli. Abanye baze bazigodle izinto engibaphe zona ukuba bazithokozise ngazo, bezibukela eduze. Ngenxa yokuthi abantu babe senkathazweni yendlala, kanti akubanga yinto elula kubo ukuthi bethole injabulo yanamuhla, bonke “babonga ngokungapheliyo,” kanti kube khona uguquko endleleni abaziphatha ngayo kiMi. Bahlala bekhala phambi kwaMi; ngokuthi Ngibaphe okuningi kangaka, phambi kwaMi bahlala bethatha isandla saMi benza “imisindo yokubonga.” Ngihamba phezu kwemikhathi, futhi ngenkathi ngihamba ngibuka abantu bomkhathi ngokuphelela kwawo. Oquqabeni lwabantu bomhlaba, akekho noyedwa oseke wawufanela umsebenzi waMi noma othande Mina ngokweqiniso. Ngakho, kulesi sikhathi ngiphefumula ngokukhathazeka, abantu bayahlakazeka masinyane, abasezubuye bahlangane, besaba ngokujulile ukuthi “Ngizobabamba bonke ngenethi eyodwa.” Ngisebenzisa leli thuba ukuza phakathi kwabantu, ukuzokwenza umsebenzi waMi—umsebenzi olinganayo—kulaba bantu abahlakazekileyo, ukukhetha labo abafanelwe umsebenzi engizosebenza nabo. Angifisi “ukuthumba” abantu ekusolweni kwabo, bengezuphunyula. Ngenza nje umsebenzi okumele Ngiwenze. Ngizele ukuzocela umuntu ukuba “asize”; ngoba ukuphatha kwaMi kweswele izenzo zomuntu, okungenzeke ukuthi uqedelwe ngokuphelele umsebenzi waMi, okuvimbela umsebenzi waMi ukuqhubeka ngempumelelo. Ngethemba ukuthi abantu bazimisele ukusebenzisana naMi. Angiceli ukuthi baNgiphekele ukudla okumnandi, noma balungise endaweni ethile efanelekile ukuba ngibeke khona ikhanda, noma bangenzele izingubo ezinhle—anginakho nokuncane ukunaka lezi zinto. Ngenkathi abantu bekwazi ukuqonda intando yaMi, omunye eduze komunye, Ngizokwaneliswa enhliziyweni yaMi.

Ngubani emhlabeni oseke wangamukela ngenhliziyo yaKhe ngubani oseke wangithanda ngenhliziyo yakhe? Uthando lwabantu ludungekile, naMi “angazi” ukuthi kungani uthando lwabo lungenakho ukoma futhi lungadungekile. Ngakho, “kunezimanga” eziningi ezikhona kumuntu. Ezintweni ezidaliwe, umuntu ubonakala “njengonemilingo” futhi “ojulile,” ngakho “uneziqu” ngaphambi kwaMi, kungathi unezinga elilingana nelaMi—kodwa akaboni lutho olumangazayo “ngaleli zinga” lakhe. Kulokhu, akukhona ukuthi angibavumeli abantu ukuthi bame kulesi sikhala bakuthokozele lokhu, kodwa ngokuthi Ngibafisela ukuba babe nesimo sokuhlonipheka, ukuze bangacabangi bazibone bephezulu; kunebanga phakathi kwezulu nomhlaba, uma sivika ukuthi sithi phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. Akuve kunebanga elikhulu phakathi kwabo? Emhlabeni, umuntu naMi “sisesikebheni esisodwa,” kanti “sigqugquzela isichotho ndawonye.” Ubunjalo baMi abuvumeli Mina ukuthi Ngizwe ubunzima bomhlaba womuntu, kanti kungenxa yalokhu ukuthi namuhla Ngiwele kulesi simo. Angikaze Ngibe nayo indawo enokuthula ukuhlala kuyo emhlabeni, okuyisizathu esenza abantu bathi, “iNdodana yomuntu ayikaze ibe nendawo yokubeka ikhanda.” Ngalokho, abantu bakhalele Mina futhi izinyembezi zozwelo base bebeka eceleni amarandi ambalwa “emali yokulungisa isimo” benzela Mina. Kungenxa yalokhu kuphela ukuthi Nginendawo yokuphumula; uma bekungeve “kungosizo” lwabantu, ngubani owaziyo ukuthi beNgiyophelelaphi!

Ngenkathi okuyophela ngaso umsebenzi waMi, angeke ngiphinde Ngifune lolu “sizo lwemali” kumuntu; esikhundleni salokho, Ngizokwenza umsebenzi oyifa laMi, bese ngehlisa zonke “izinto zendlu yaMi” kubantu ukuba bazithokozele. Namuhla, wonke umuntu uyalingwa ngokwezahlulelo zaMi. Ngenkathi kufika isandla saMi ngokusemthethweni kumuntu, abantu ngeke besabheka kiMi ngamehlo athakasayo, kodwa bazongiphatha ngenzondo, futhi esikhathini samanje izinhliziyo zabo masinyane zikhishiwe yiMi ukuba zibe yisibonelo. Ngihlolisisa inhliziyo yomuntu ngaphansi “kwemayikhroskophi”—alukho uthando lweqiniso lwaMi lapho. Eminyakeni eminingi, abantu bebengikhohlisa—kuvela ukuthi ihholo labo lesokunxele kanye negumbi labo lesokudla kuqukethe ushevu obekiswe ekiMi, akumangazi, futhi, ukuthi Ngibe nalokhu kuziphatha ngabo. Futhi abakwazi lokhu ngempela, abakwamukeli futhi. Uma Ngikhombisa kubo imiphumela yocwaningo lwaMi, nalapho kabavuki; kungathi, emiqondweni yabo, lezi yizindaba zenkathi edlule, kazifanele ukuphinda zivuswe futhi namuhla. Ngakho, abantu babona “imiphumela yaselabhorathri” engenamehluko. Babuyisa nje iphepha lemininingwane bese bezihambela. Phezu kwalokho, basho izinto ezifana nokuthi, “Lezi zinto kazibalulekile, kazinamphumela ekuphileni komzimba waMi.” Bayahleka kancane ngokwedelela, bese kuba khona ukuchwensa okuncane okuvela emehlweni abo, okungathi kuchaza ukuthi akumele Ngibe msulwa kangaka, ukuthi kumele Ngibe ngonganaki kakhudlwana. Kuba sengathi ukwambula kwaMi izimfihlo zabo zangaphakathi kwephule “umthetho” womuntu, ngakho bakhulisa inzondo yaMi kubo. Yileso sikhathi kuphela lapho Ngibona khona umthombo wenzondo yabo. Lokhu kungoba uma Ngiqaphela, igazi labo liyageleza, kanti emva kokudlula emithanjeni emizimbeni yabo lingena enhliziyweni, bese kuba kulesi sikhathi kuphela lapho Ngiba khona “nokuvundulula” okusha. Bagcwele ukunganaki, abacabangi ngalokho abakuzuzayo nabalahlekelwayo yikho, okwanele ukuveza umoya wabo “wokungabi ngabazicabangela bodwa” ekuzinikeleni kwabo. Abasinaki isimo sempilo yabo, kanye “nokungiphuthumela” Mina. Lokhu ngokunye “kokwethembeka” kwabo, “okungokuncomekayo” futhi kubo, ngakho Ngiyaphinda futhi Ngithumela incwadi “yokubahalalisela”, ukuthi mabenziwe bajabule ngalokhu. Kodwa ngenkathi beyifunda le “ncwadi,” masinyane baba nomuzwa wokuthukuthela, ngokuthi konke lokho abakwenzayo kuyenqatshwa yincwadi yaMi ethulile. Njalo nje Ngiqondisa abantu ngokwenza kwabo, nokho kubukeka kungukuthi bayawenyanya amazwi aMi; ngakho, uma Ngivula umlomo waMi, bavala amehlo ngci babeke izandla ezindlebeni zabo. AbaNgibheki ngokuhlonipha ngenxa yothando lwaMi, kodwa bangizondile okokuphela, ngoba Ngikhumbule iziphambeko zabo, Ngabeka obala zonke izinto abanazo, ngakho kabenzanga inzuzo ebhizinisini labo, nendlela yabo yokuphila ishabalele. Kanjalo, ukuNgizonda kwabo kuphakamile emva kwalokho.

uMbasa 14, 1992

Okwedlule: Isahluko 31

Okulandelayo: Isahluko 33

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp