Isahluko 30

Kubantu, ngike ngaqoqa ngamafushane ukungahloniphi kanye nobuntekenteke bomuntu, ngalokho ngabuqonda ubuntekenteke bomuntu ngaphinda ngakwazi ukungalaleli kwakhe. Ngaphambi kokufika Kwami kubantu, ngase ngaziqonda kudala izinjabulo kanye nezinsizi zomuntu—kanti ngenxa yalokhu, ngiyakwazi ukwenza lokho umuntu angakwazi ukukwenza, nokusho lokho umuntu angakwazi ukukusho, futhi ngikwenza kalula. Lokhu akuwona yini umahluko phakathi Kwami nomuntu? Futhi akuwona yini umahluko ocacile lona? Ngabe umsebenzi Wami ungafezeka ngabantu benyama negazi? Ngabe ngingowohlobo olulodwa yini nomuntu odaliwe? Abantu bangithathe njengosezingeni elifanayo nelabo—ngabe lokhu futhi akukhona ukuthi abangazi? Kungani, esikhundleni sokuba ngiphakamele phezulu kubantu, kumele ngizithobe? Kungani umuntu engiphika njalo, kungani umuntu engakwazi ukuphakamisa igama Lami? Kunosizi olukhulu enhliziyweni Yami, kodwa bazokwazi kanjani abantu? Bazobona kanjani? Ukungaphathi lokho okuthintene Nami njengokubaluleke ngokwedlulele ezimpilweni zabo kushiye abantu bemangele futhi bedidekile, kungathi baqeda kugwinya iphilisi lokulala; uma ngibabiza, baqhubeka nokuphupha, ngaleyo ndlela akukho noyedwa oke wazinaka izenzo Zami. Namuhla, iningi labantu lilele ubuthongo obujulile. Kulapho sekuzwakala khona iculo lombuso lapho bevula khona amehlo anobuthongo bezwe usizi oluncane ezinhliziyweni zabo. Lapho induku Yami ishaya kubantu, kuphela baqhubeka ngokunaka kancane kube sengathi isigcino sabo kasinamsebenzi njengesihlabathi solwandle. Nakuba iningi labo linokwazi okuthile, alazi kodwa ukuthi amanyathelo Ami asuka kude kangakanani—ngoba abazami ukuyiqonda inhliziyo Yami, ngakho abakaze bakwazi ukuzikhulula ekuboshweni nguSathane. Ngihamba phezu kwazo zonke izinto, futhi ngihlala kuzo zonke izinto, futhi ngasikhathi sinye, ngimi phakathi nendawo ezinhliziyweni zabo bonke abantu. Ngalesi sizathu, abantu bangibona ngehlukile, bekholwa ukuthi angejwayelekile impela, uma kungenjalo kusho ukuthi angiqondakali—ngaleso sizathu, ukwethembela kwabo Kimi kuyaqina usuku nosuku. Ngike ngahlala emhlabeni wesithathu, ngibuka bonke abantu nezinto emhlabeni nasezulwini. Uma ngilala, abantu bayathula, besaba ngokujulile ukuphazamisa ukuphumula Kwami. Uma ngivuka, bonke bayasombuluka, kube sengathi benza umsebenzi Wami ngoba beqonde wokungijabulisa ngokubonakalayo. Lokhu akuyona isimo somqondo sabantu bomhlaba Ngami? Ngubani kubantu banamuhla obubona njengento eyodwa ubuMina ezulwini nasemhlabeni? Ngubani ongahloniphi ubuMina ezulwini? Futhi ngubani ongabukeli phansi ubuMina emhlabeni? Kungani umuntu njalo nje engihlukanisa phakathi? Kungani umuntu evama ukuba nezimo zomqondo ezimbili ezehlukene Ngami? Ngabe uNkulunkulu osesimweni somuntu emhlabeni akuyena uNkulunkulu okulawula konke okwasezulwini? Ngabe ubuMina ezulwini abubona ubuMina emhlabeni? Kungani abantu bengibona kodwa bangangazi? Kungani kunebanga elikhulu kangaka phakathi kwezulu nomhlaba? Ngabe lezi zinto kazikufanele ukucutshungulwa ngumuntu ngokujulile?

Uma ngenza umsebenzi Wami, nangezikhathi engikhipha ngazo iphimbo Lami, abantu bahlala befisa ukwengeza “isinongo” kulo, kungathi inzwa yabo yokuhogela iphakeme kuneYami, kungathi bakhetha isinongo esinamandla, futhi kungathi kangikunaki ukuthi umuntu udingani, ngakho kumele “ngimhluphe” ukuze “ngengeze” emsebenzini Wami. Angiwehlisi ngamabomu umdlandla kubantu, kodwa ngiyabacela ukuba bazihlanze ngokwesisekelo sokwazi Mina. Ngoba bantula kakhulu, ngiphakamisa ukuthi bachithe amandla engeziwe belungisa ukusilela kwabo ukuze banelise inhliziyo Yami. Bake bangazi abantu emiqondweni yabo, kodwa bengakunakile nhlobo lokho, ngakho ukwazisa kwabo kufana nokuthatha isihlabathi njengegolide. Lapho ngibakhumbuza, bakhetha ukulahla ingxenye, babeka endaweni yakho ingxenye ebithathe izinto zesiliva nezegolide, baqhubeka bejabulela ingxenye esele ezandleni zabo—futhi ngaleso sizathu, bahlala bethobile futhi benesineke phambi Kwami; bengakwazi ukusebenzisana Nami, ngokuthi banemiqondo eminingi. Ngalokho, nginqume ukuthi ngithathe konke umuntu anakho nayikho ngikujikijele kude, ukuze bonke bakwazi ukuhlala bangabe besehlukana Nami. Kungenxa yomsebenzi Wami ukuthi umuntu akayiqondi intando Yami. Abanye bakholwa ukuthi ngizoqeda umsebenzi Wami wesibili bese ngibajikijela esihogweni. Abanye bakholwa ukuthi ngizoqala indlela entsha yokukhuluma, futhi abaningi bayaqhaqhazela ukwesaba: Besaba ngokujulile ukuthi ngizoqeda umsebenzi Wami ngibashiye bengazi ukuthi bazoya kuphi, futhi besaba ngokujulile ukuthi ngizophinda ngibashiye futhi. Abantu bavame ukusebenzisa izinto ezindala ukulinganisa umsebenzi Wami omusha. Ngithe abantu abakaze bayiqonde indlela engisebenza ngayo—bangakwazi ukwenza kahle kulokhu? Ngabe imibono yabantu emidala ayizona izikhali eziphazamisa umsebenzini Wami? Uma ngikhuluma nabantu, bavama ukugwema ukubheka Kwami, benokwesaba okujulile ukuthi amehlo Ami azozinza kubo. Ngalokho, bashonisa phansi amakhanda, sengathi bayakwemukela ukuhlolwa Yimi—futhi ngabe lokhu akubangwa yimibono yabo? Kungani ngizithobile kuze kube namuhla, kodwa akukho noyedwa okubonile lokho? Kumele ngiguqe ngamadolo ngiguqele umuntu? Ngisuke ezulwini ngeza emhlabeni, ngehle ngivela phezulu ngeza endaweni efihlakele, ngaba phakathi kwabantu ngase ngambula konke enginakho nengiyikho kuye. Amazwi Ami amnene aqotho futhi, anesineke nomusa—kodwa ngubani obonile ukuthi ngiyini nginani? Ngabe ngisafihlekile kumuntu? Kungani kulukhuni kangaka Kimi ukuhlangana nomuntu? Kungaba yisizathu sokuthi abantu bamatasa kakhulu emsebenzini wabo? Ngabe kungoba ngibudedengu emsebenzini Wami, manje abantu bafuna ukulandela impumelelo?

Emiqondweni yabantu, uNkulunkulu unguNkulunkulu, akulula ukuxhumana Naye, kanti umuntu ngumuntu, akufanele angabi qotho kalula—nokho izenzo zabantu azinakulethwa phambi Kwami. Ngabe engikufuna kubo kukhulu kakhulu? Ngabe umuntu untekenteke kakhulu? Kungani abantu bebukela kude izindinganiso engizidingayo? Ngabe ayinakufezwa ngumuntu? Izidingo Zami zibalwa “ngokomthethosisekelo” wabantu, ngakho azikaze zibe ngaphezu kwesiqu somuntu—kodwa noma kunjalo, abantu bahlala bengakwazi ukufeza izindinganiso engizidingayo. Ezikhathini ezingebalwe ngishiyiwe phakathi kwabantu, ezikhathini ezingebalwe abantu bangibuke ngamehlo anombhinqo, kwasengathi umzimba Wami wembozwe ngameva futhi awuthandeki kubo, futhi ngalokho abantu bayangenyanya, bakholwa nawukuthi kanginakho ukubaluleka Kimi. Ngale ndlela, ngidudulelwa emuva naphambili ngumuntu. Izikhathi ezingabalwa abantu babuyele emakhaya kanye Nami njengothengwe ngenani eliphansi, futhi izikhathi ezingabalwa bangithengise ngenani eliphakeme, kanti kungenxa yakho lokhu ukuthi ngizithola ngikulesi simo engikuso namhlanje. Kusengathi abantu bangihlanganisela amatulo; abaningi babo basafisa ukungithengisa ukuze bazuze amakhulu ezigidi zamadola Ngami, ngoba umuntu akakaze angithande. Kusengathi sengaba ngumxhumanisi phakathi kwabantu, kungenjalo ngiyisikhali senunzi abalwa ngaso phakathi `kwabo, noma ngiyisivumelwano esisayiniwe phakathi kwabo—ngaleso sizathu, sekukonke, anginakubaluleka nhlobo enhliziyweni yomuntu, ngiyimpahla engabalulekile ekhaya. Nokho angimehluleli nje umuntu ngalokhu; akukho engikwenzayo ngaphandle kokusindisa umuntu, futhi bengihlala nginozwelo kumuntu.

Abantu bakholwa ukuthi ngiyakhululeka uma ngiphonsa abantu esihogweni, kungathi ngenza isivumelwano ngokukhethekile nesihogo, futhi kungathi ngiwumnyango othile othengisa kuphela abantu, kungathi ngizahlukanisele ukukhohlisa abantu futhi ngizokubathengisa ngenani eliphezulu uma nje ngikwaze ukuba nabo ezandleni Zami. Imilomo yabantu ayikusho, kodwa ezinhliziyweni zabo yilokho abakukholwayo. Nakuba bengithanda, bakwenza ngokufihla. Sengikhokhe inani eliphakeme ngasebenzisa izinto eziningi kangaka ngenzela lolu thando lwabo oluncane kangaka? Abantu bangamaqili, kepha Mina njalo ngisohlangothini lokukhohliswa. Kungathi anginabuhlakani kakhulu: Lapho bebona lolu hlangothi lobuthakathaka, baqhubeka nokungikhohlisa. Amazwi aphuma emlonyeni Wami kawaqondile ukubulala abantu noma ukubabheca ngamacala noma kanjani nje—kepha angokoqobo komuntu. Mhlawumbe amanye amazwi Ami “ayedlulela” okuyilapho kuphela lapho “ngincenga” khona ukuxolelwa ngabantu; ngoba “anginalo ikhono” olimini lomuntu, okuningi kwalokho engikushoyo akwanele ukwanelisa izimfuno zabantu. Mhlawumbe amanye amazwi Ami ahlaba izinhliziyo zabantu, ngakho enginokukwenza kuphela “ukuncenga” ukuthi babekezele; ngoba angiyena ungoti ebuhlakanini bomuntu bokuphila futhi angiyinaki indlela engikhuluma ngayo, iningi lamazwi Ami lingavusa amahloni kubantu. Mhlawumbe amanye amazwi Ami athinta izimpande zokugula kwabantu bese ebeka obala isifo sabo, ngakho-ke ngeluleka ngokuthi nithathe eminye yemithi yokwelapha enginilungisele yona, ngokuba anginanhloso yokunilimaza kanti lo muthi awuvezi omunye umphumela omubi. Mhlawumbe amanye amazwi Ami awezwakali “engowoqobo,” kodwa “ngincenga” abantu ukuthi bangashaywa luvalo—angikwazi “ukushesha” uma ngisebenzisa isandla kanye nonyawo, ngakho amazwi Ami asadinga ukufezwa. Ngicela ukuthi abantu “bangibekezelele”. Ngabe la mazwi awusizo kumuntu? Nginethemba lokuthi abantu banokuzuza okuthile kula mazwi, ukuze amazwi Ami angabi yize njalo!

uNdasa 9, 1992

Okwedlule: Isahluko 29

Okulandelayo: Isahluko 31

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp