Isahluko 112

Ukuthi “amazwi nokungokoqobo kuqhubeka ngokuhambisana” kuyingxenye yesimo Sami sokulunga. Kula mazwi, nakanjani ngiyokwenza ukuthi wonke umuntu abone sonke isimo Sami. Abantu bacabanga ukuthi lokho akukwazi ukufezeka, kodwa Kimi kulula futhi kuyajabulisa, futhi akudingi mandla. Lapho amazwi Ami ephuma ngokushesha kuba khona okungokoqobo okubonwa yiwo wonke umuntu. Lokhu kuyisimo Sami. Lapho ngisho izinto ezithile, lezo zinto nakanjani zizofezeka. Kungenjalo, bengingeke ngikhulume. Emiqondweni yomuntu igama elithi “insindiso” likhulunyelwa bonke abantu, kodwa lokhu akuhambisani nenhloso Yami. Esikhathini esedlule ngithe “Ngihlala ngisindisa labo abangazi nalabo abafuna ngentshisekelo.” Lapha izwi elithi “ukusindisa” elikhulunywe mayelana nalabo abangenzela umsebenzi, futhi beliqonde ukuthi bengiyonikeza impatho ekhethekile kubenzi bomsebenzi abanjalo. Ngamanye amazwi, bengiyonciphisa isijeziso kulabo bantu. Nokho, labo benzi bomsebenzi abanobuqili nenkohliso bebeyoba phakathi kwezinto zokubhujiswa, okungukuthi, bengiyobezwisa ukujeziswa okunzima. (Nakuba bephakathi kwezinto zokubhujiswa, behluke kakhulu kulabo ababhujisiwe: Bayokwamukela ukujeziswa okuphakade okunzima, futhi ukujeziswa labo bantu abayokwamukela kuwukujeziswa kukadeveli, uSathane. Lokhu futhi kuwumqondo oyiqiniso walokho engikushilo lapho ngithi labo bantu bayinzalo kadrako omkhulu obomvu.) Kodwa angisebenzisi lezi zinhlobo zamazwi ngamadodana Ami angamazibulo; mayelana nawo ngithi ngiyobuyisa amadodana Ami angamazibulo futhi ayophindela eSiyoni. Ngakho bengihlala ngithi amadodana Ami angamazibulo ayilabo engibanqumele kusengaphambili nengibakhethileyo. Amadodana Ami angamazibulo aqala aba ngaWami, aphuma Kimi, ngakho kufanele abuyele lapha Kimi. Ukuqhathanisa amadodana kanye nabantu namadodana angamazibulo—kunomehluko ngempela ophakathi kwezulu nomhlaba: Nakuba amadodana nabantu bengcono kakhulu kunabenzi bomsebenzi, abasibo neze abangaBami. Kungashiwo futhi ukuthi amadodana nabantu abanezelwe kwabakhethwe phakathi kwesintu. Ngakho, bengihlala ngigxilise amandla Ami kumadodana angamazibulo, futhi khona-ke ngiyokwenza amadodana angamazibulo aphelelise la madodana nabantu. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami wesikhathi esizayo. Manje akusizi ukunitshela, ngakho bengingavamile ukukukhuluma kumadodana nakubantu, kodwa kumadodana angamazibulo kuphela ngizikhulume ngokuphindaphinda futhi ngazisho ngokuphindaphindiwe lezi zindaba. Le yindlela Yami yokukhuluma nokwenza. Akekho ongaguqula lokhu—Yimi kuphela enginezwi lokugcina ngakho konke.

Nsuku zonke ngilwa nemiqondo yenu, futhi usuku nosuku nginihlaziya ngamunye. Lapho sengikhulume kwafika eqophelweni elithile, nibuyela emuva bese futhi nehlukanisa ubuntu Bami ebunkulunkulwini Bami. Kuleli qophelo, isikhathi sokwambula abantu sesifikile: Abantu bacabanga ukuthi ngisaphila enyameni futhi angiyena nhlobo uNkulunkulu uqobo Lwakhe, ukuthi ngisewumuntu noNkulunkulu usewuNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu akahlangene nalutho Nami. Saze sakhohlakala isintu! Ngaphambili ngikhulume amazwi amaningi, kodwa kudala nawaphatha sengathi awekho, futhi lokhu kungenza nginizonde ngokujulile! Eqinisweni, kungenza nginenyanye! Ngubani ongalokotha angicasule ngokunganaki, Mina enginguNkulunkulu ophelele uqobo Lwakhe, Mina enginakho kokubili ubuntu kanye nobunkulunkulu obuphelele? Ngubani ongalokotha amelane Nami emicabangweni yakhe? Emuva kokuba inhlekelele Yami eyesabekayo iqala ukwehla, ngiyobajezisa ngamunye, ngingadedeli muntu, kodwa kunalokho ngibajezisa bonke kanzima. UMoya Wami usebenza mathupha. Lokhu akusho ukuthi angiyena uNkulunkulu uqobo Lwakhe; ngokuphambene, kusho ukuthi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla onke. Abantu abangazi—bonke bamelana Nami futhi abakuboni ukuba Kwami namandla onke emazwini Ami, kodwa kunalokho bazama ukuthola okuthile emazwini Ami abangakusebenzisa ukungiphikisa nokuthola iphutha Kimi. Lapho ngelinye ilanga ngibonakala namadodana Ami angamazibulo eSiyoni, ngiyoqala ukubhekana nalaba bantu ababi. Kulesi sikhathi, ikakhulu ngenza lo msebenzi. Lapha ngikhulume kwafika eqophelweni elithile, isibalo esikhulu sabenzi bomsebenzi bayobe sebehlehlile, futhi amadodana angamazibulo ayobe esezwe lonke uhlobo lobunzima. Ngokuqhubeka kwalezi zinyathelo zomsebenzi ezimbili, umsebenzi Wami uyofika ekugcineni. Ngesikhathi esifanayo ngiyophindisela amadodana Ami angamazibulo eSiyoni. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami.

Amadodana Ami angamazibulo ayingxenye ebalulekile yombuso Wami, kuwo okungabonakala ukuthi uqobo Lwami selusembusweni ngempela—umbuso Wami uzalwa ngokuzalwa kwamadodana Ami angamazibulo. Ngamanye amazwi, umbuso Wami ulokhu ukhona kusuka ekudalweni komhlaba, futhi ukuzuza amadodana Ami angamazibulo (okusho ukubuyisa amadodana Ami angamazibulo) ukuvuselela umbuso Wami. Kusuka lapho ungabona ukuthi amadodana angamazibulo anokubaluleka okukhulu. Uma kuphela kukhona amadodana Ami angamazibulo, khona-ke kuyoba khona umbuso, okungokoqobo kokubusa emandleni kube khona, kube khona impilo entsha, kuphele yonke inkathi endala. Le nqubo ayigwemeki, ngenxa yokuthi amadodana akulesi sikhundla, abonisa ukubhujiswa komhlaba, ukuchithakala kukaSathane, ukwambulwa kobunjalo bangempela kwabenzi bomsebenzi, ukuthi udrako omkhulu obomvu ngeke abe nenzalo futhi uyokwehlela echibini lomlilo nesibabuli—ngakho, labo abaphethe amandla nalabo abayinzalo kadrako omkhulu obomvu bavimba, bamelana, futhi babhidliza ngokuphindaphinda. Phakathi naleso sikhathi, ngiyaphakamisa, ngifakazele, futhi ngambule ngokuphindaphinda amadodana Ami angamazibulo. Ngoba yilabo kuphela abavela Kimi abafanele ukungifakazela; yilabo kuphela abafanelekela ukuphila Ngokwami, futhi yibo kuphela abanesisekelo sokungizuzela ukunqoba okuhle. Labo abaqhelelene Nami abayilutho olungaphezu kwesigaxana sobumba esandleni Sami—bonke, bayizinto ezidaliwe. Labo abangamadodana kanye nabantu abalutho ngaphezu kwalabo abangcono abakhethwa phakathi kwezidalwa ezidaliwe, kodwa abasibo Abami. Ngakho kunomehluko omkhulu phakathi kwamadodana angamazibulo namadodana. Amadodana awafanelekile nhlobo ukuqhathaniswa namadodana angamazibulo—abuswa futhi enganyelwe ngamadodana angamazibulo. Manje kufanele nicacelwe ngokusobala ngalokhu! Lonke izwi engilikhulumile liyiqiniso, futhi akukho ndlela elingamanga ngayo. Konke lokhu kuyingxenye yokuvezwa kwesiqu Sami, futhi kuyizwi Lami.

Ngithe angiwakhulumi amazwi angenalutho, futhi angenzi maphutha; lokhu kwanele ukukhombisa ubukhosi Bami. Kodwa abantu abakwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi, futhi bakholwa ngokuphelele kuphela lapho behlelwa ukusola Kwami; kungenjalo, bahlala behlubuka futhi benenkani, ngakho-ke yingakho ngisebenzisa ukusola ukuze ngilwe naso sonke isintu. Emiqondweni yomuntu, njengoba kukhona uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela, kungani kukhona amadodana angamazibulo amaningi kangaka avela Kimi? Ngingakusho ngale ndlela: Ngokwezindaba Zami, ngisho lokho engizimisele ukukusho. Yini abantu abangayenza Kimi? Ngingakusho futhi ngale ndlela: Nakuba amadodana angamazibulo Nami singewona umfanekiso owodwa, siwuMoya ofanayo, ngakho bonke bangasebenza ngokuhambisana Nami. Isizathu sokuthi kungani singebona abomfanekiso owodwa ukuze senze bonke abantu bakwazi ukubona yonke ingxenye yesiqu Sami ngokucace ngokungajwayelekile. Yingakho ngenza amadodana Ami angamazibulo abe namandla kanye Nami phezu kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu. Lokhu kuyingxenye yokugcina yezinqumo Zami zokuphatha (Le “ingxenye yokugcina” engikhuluma ngayo isho ukuthi iphimbo Lami lithambile futhi sengiqalile ukukhuluma namadodana angamazibulo nabantu). Abantu abaningi banokungabaza mayelana nale ngxenye, kodwa akufanele bangabaze ngokwedlulele. Ngiyodalula yonke imiqondo yabantu ngamunye ukuze ngenze abantu bazizwe behlazekile futhi bengenandawo yokucasha. Ngihamba ngiye emaphethelweni ezulu nomhlaba, bese ngibuka sonke isithombe sezulu nomhlaba. Ngihlola lonke uhlobo lomuntu—akukho muntu ongaphunyuka esandleni Sami. Ngibamba iqhaza kulo lonke uhlobo lwento, futhi akukho engingakubambi mathupha. Ngubani ongalokotha aphike ukuba Kwami namandla onke? Ngubani ongalokotha angakholwa ngokuphelele Ngami? Ngubani ongalokotha angakhothami ngokuphelele phambi Kwami? Onke amazulu ayoguquka ngenxa yamadodana Ami angamazibulo, futhi ngaphezu kwalokho, wonke umhlaba uyozamazama ngamandla ngenxa Yami namadodana Ami angamazibulo. Bonke abantu bayoguqa phambi kwesiqu Sami, futhi zonke izinto ziyoba ngaphansi kokulawulwa izandla Zami—ngaphandle kwephutha nelincane kakhulu. Wonke umuntu kufanele akholwe ngokuphelele futhi konke kuyoza ekhaya Lami futhi kungenzele umsebenzi. Lokhu kuyingxenye yokugcina yezinqumo Zami zokuphatha. Kusukela manje kuya phambili zonke izihloko ezahlukene zezinqumo Zami zokuphatha, eziqonde kubantu abehlukene, zizoqala ukuveza imiphumela (ngoba izinqumo Zami zokuphatha zenziwe zaba sobala ngokuphelele, futhi kulo lonke uhlobo lomuntu nayo yonke into amalungiselelo afanele enziwe. Bonke abantu bayoba sendaweni yabo efanele, futhi ubunjalo bangempela balo lonke uhlobo lomuntu buyodalulwa ngenxa yezinqumo Zami zokuphatha). Lokhu kungufika kwezinqumo zangempela ezingokoqobo.

Manje ngokuvumelana nezinyathelo zomsebenzi Wami, ngisho engifuna ukukusho, futhi wonke umuntu kufuneka akuthathe njengokubalulekile. Kuwo wonke umlando, wonke umuntu ongcwele ukhulumile “ngeJerusalema Elisha,” futhi wonke umuntu uyalazi, kodwa akekho oqonda umqondo wangempela waleli gama. Njengoba umsebenzi wanamuhla uqhubekele kulesi sigaba, ngizokwambula umqondo wangempela waleli gama kini ukunenza niliqonde. Kodwa nginomkhawulo ekulambuleni Kwami—kungakhathaleki ukuthi ngilichaza kanjani, futhi kungakhathaleki ukuthi ngikusho ngokucace kangakanani, ngeke nikwazi ukukuqonda ngokuphelele ngoba akekho ongafinyelela kokungokoqobo kwaleli gama. Esikhathini esedlule. iJerusalema lalibhekisela endaweni Yami yokuhlala emhlabeni, okungukuthi, indawo lapho ngihamba futhi nginyakaza khona. Kodwa izwi elithi “elisha” liguqula leli gama, futhi manje alifani neze nalokho alaliyikho. Abantu abakwazi ukuliqonda ngisho nakancane. Abanye abantu bacabanga ukuthi libhekise embusweni Wami; abanye abantu bacabanga ukuthi liwumuntu engiwuye; abanye abantu bacabanga ukuthi liyizulu nomhlaba omusha; futhi abanye abantu bacabanga ukuthi umhlaba omusha emuva kokubhubhisa lo mhlaba. Ngisho noma umqondo womuntu ucabanga kabanzi nomqondo womuntu uyinkimbinkimbi ngokwedlulele, ulokhu engakwazi ukuqonda lutho ngakho. Kuwo wonke umlando, abantu bebethemba ukwazi noma ukubona umqondo wangempela waleli gama, kodwa abakakwazi ukuthola ukufezeka kwezifiso zabo—bonke badumele futhi bafile, beshiya izifiso zabo ngemuva; ngoba isikhathi Sami besingakafiki angikwazanga ukutshela muntu kalula. Ngoba umsebenzi Wami sewenziwe kwafika kulesi sigaba ngizonitshela konke. IJerusalema Elisha liphethe lezi zinto ezine: Ulaka Lwami, izinqumo Zami zokuphatha, umbuso Wami, nezibusiso ezingapheli engizinika amadodana Ami angamazibulo. Isizathu sokuthi ngisebenzise igama “elisha” ukuthi lezi zingxenye ezine ziyizingxenye ezifihliwe. Ngoba akekho owazi ulaka Lwami, akekho owazi izinqumo Zami zokuphatha, akekho oke wabona umbuso Wami, futhi akekho oke wathokozela izibusiso Zami, ukuthi “elisha” kubhekise kulokho okufihliwe. Akekho ongaqonda ngokuphelele engikushilo, ngoba iJerusalema Elisha lehlele emhlabeni kodwa akekho oke wezwa mathupha ubunjalo beJerusalema Elisha. Kungakhathaleki ukuthi ngikhuluma ngokugcwele kangakanani ngalo, abantu ngeke baqonde ngokuphelele. Ngisho ngabe umuntu uyaqonda, kungamazwi akhe, ngumqondo wakhe, futhi yimiqondo yakhe. Lokhu kuyinkambiso engagwemeki; kuyindlela okuwukuphela kwayo, okungekho muntu ongaphunyuka kuyo.

Okwedlule: Isahluko 111

Okulandelayo: Isahluko 113

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp