Isahluko 113

Sonke isinyathelo engisithathayo siqukethe ukuhlakanipha Kwami, kodwa umuntu akakwazi nhlobo ukukuqonda lokhu kuhlakanipha; umuntu ukwazi kuphela ukubona izenzo Zami namazwi Ami, akakwazi ukubona inkazimulo Yami, noma ukubonakala kwesiqu Sami, ngoba umuntu empeleni akanalo nje leli khono. Ngakho, ngaphandle kokuthi ngiguqule umuntu, amadodana Ami angamazibulo kanye Nami siyobuyela eSiyoni bese siguqula isimo, ukuze umuntu abone ukuhlakanipha Kwami nokuba Kwami namandla onke. Ukuhlakanipha Kwami nokuba Kwami namandla onke umuntu akubona manje kuyingxenye nje encane yenkazimulo Yami—okungafanele ngisho nokukhulunywa ngakho nhlobo. Kulokhu, kungabonakala ukuhlakanipha Kwami nenkazimulo Yami okungapheli—okujule ngokungalinganiseki—nomqondo womuntu angenayo nhlobo indlela yokukucabanga nokukuqonda. Ukwakha umbuso ngumsebenzi wamadodona angamazibulo, futhi lona nawo ngumsebenzi Wami. Okuwukuthi, kuyinto yohlelo Lwami lokuphatha. Ukwakha umbuso akufani nokwakha ibandla; ngoba amadodana Ami angamazibulo ayisiqu nombuso Wami, khona-ke lapho amadodana Ami angamazibulo Nami singena eNtabeni iSiyoni, ukwakhiwa kombuso kuyofezwa. Uma kubekwa ngenye indlela, ukwakhiwa kombuso kuyisinyathelo somsebenzi—isinyathelo sokungena endaweni yokomoya. (Nokho, konke engikwenzile kusukela ngidala umhlaba kwenziwe ngenxa yalesi sinyathelo. Nakuba ngithi kuyisinyathelo, empeleni akuyiso nhlobo.) Ngalokhu, ngisebenzisa bonke abenzi bomsebenzi ukwenza lesi sinyathelo, futhi emva kwalokho, ngezinsuku zokugcina inqwaba yabantu iyohlehla; bonke benzela amadodana angamazibulo umsebenzi. Noma ngubani owenzela laba benzi bomsebenzi umusa uyobulawa yiziqalekiso Zami. (Abenzi bomsebenzi bonke bamele amacebo kadrako omkhulu obomvu, futhi bonke bayizinceku zikaSathane, ngakho labo abenze umusa kulaba bantu bayizinceku zikadrako omkhulu obomvu futhi ngabakaSathane.) Ngibathanda bonke engibathandayo, futhi ngenyanya bonke abaqondwe yiziqalekiso nokushiswa Yimi. Ingabe nani niyakwazi ukwenza lokhu? Noma ngubani omelana Nami, ngeke ngimxolele neze, futhi ngeke ngimyeke! Lapho ngenza isenzo ngasinye, ngilungiselela izibalo ezinkulu zabenzi bomsebenzi ukuba bangisebenzele. Ngalokhu, kungabonakala ukuthi kuwo wonke umlando, bekungenxa yalesi sinyathelo sanamuhla ukuthi bonke abaphrofethi nabaphostoli benze umsebenzi, futhi abalandeli inhliziyo Yami, abaveli Kimi. (Nakuba iningi labo lethembekile Kimi, akekho ongoWami. Ngalokho, ukwehla benyuka kwabo ngokokungakhela isisekelo salesi sinyathelo sokugcina, kodwa konke lokhu kuwumzamo ongenamsebenzi kubo.) Ngakho-ke, ngezinsuku zokugcina kuyoba khona izibalo ezinkulu nakakhulu zabantu okufanele bahlehle. (Isizathu sokuthi ngithi “izibalo ezinkulu” ukuthi uhlelo Lwami lokuphatha lufike ekugcineni kwalo, ukwakhiwa kombuso Wami kuphumelele, futhi amadodana angamazibulo ahleli esihlalweni sobukhosi.) Konke kungenxa yokubonakala kwamadodana angamazibulo. Ngenxa yokubonakala kwamadodana angamazibulo, udrako omkhulu obomvu uzama ngayo yonke indlela engenzeka futhi usebenzisa wonke amathuba ukwenza umonakalo. Uthumela zonke izinhlobo zomoya ababi abeza bazongenzela umsebenzi, abakhombise ubunjalo babo bangempela esikhathini samanje, futhi abaphazamise ukuphatha Kwami. Lokhu akubonakali ngeso lenyama; futhi konke kuyizinto zendawo yokomoya. Ngalokhu abantu kabakholwa ukuthi kuyoba khona izibalo ezinkulu kangaka zabantu abazohlehla, kodwa izenzo Zami ngiyazazi, ukuphatha Kwami ngiyakuqonda; lokhu kuyisizathu sokwenza abantu bangagxambukeli. (Kuyofika usuku lapho yonke inhlobo yomoya omubi iyokwambula ubunjalo bayo bangempela, futhi bonke abantu bayokholwa ngobuqotho.)

Ngiyawathanda amadodana Ami angamazibulo, kodwa leyo nzalo kadrako omkhulu obomvu neengithanda ngobuqotho obukhulu, angiyithandi nhlobo; empeleni ngiyizonda nakakhulu. (Laba bantu akubona aBami, futhi nakuba bekhombisa izinhloso ezinhle, futhi besho amazwi amnandi, lokho kuyicebo likadrako omkhulu obomvu, ngakho ngiyabazonda kuze kufike emnkantsheni wamathambo Ami.) Lesi yisimo Sami, futhi lokhu kungukuphelela kokulunga Kwami. Umuntu akakwazi nhlobo ukukuqonda. Kungani konke ukulunga Kwami kwambulwa lapha? Kulokhu umuntu angabona isimo Sami esingcwelenesingacasuleki. Ngingawathanda amadodana Ami angamazibulo futhi ngenyanye bonke labo abangewona amadodana Ami angamazibulo (ngisho noma bengabantu abethembekile). Lokhu kuyisimo Sami. Aniboni? Emiqondweni yabantu, ngihlala ngiwuNkulunkulu onesihe, futhi ngithanda konke okungithandayo; ingabe le ncazelo ayisikho ukungihlambalaza? Ngingathanda izinkabi namahhashi? Ngingathatha uSathane njengendodana eyizibulo bese ngimthokozela? Umbhedo! Umsebenzi Wami wenziwa kumadodaneni Ami angamazibulo, futhi ngaphandle kwamadodana Ami angamazibulo, akukho okunye ongikuthandayo. (Amadodana nabantu bangokunezelwe, kodwa ababalulekile.) Abantu bathi ngaphambilini, ngenza umsebenzi omningi ongenamsebenzi, kodwa ngokubona Kwami, lowo msebenzi, empeleni, wawubaluleke kakhulu, futhi unomqondo kakhulu. (Lokhu kubhekisela ngokuphelele emsebenzini owenziwa ngazo zombili izikhathi zokuba sesimweni somuntu; ngoba ngifuna ukwambula amandla Ami, kufanele ngibe yinyama ukuze ngiphethe umsebenzi.) Isizathu sokuba ngithi uMoya wami uzosebenza mathupha yingoba umsebenzi Wami uphethwa enyameni. Okusho ukuthi, amadodana Ami angamazibulo Nami siqala ukungena ekuphumuleni. Impi noSathane enyameni inzima ngokwengeziwe kunempi noSathane endaweni yokomoya; futhi ingabonwa yiwo wonke umuntu, ngakho ngisho inzalo kaSathane ingangifakazela kahle, futhi ayizimisele ukuhamba; lokhu kungumqondo ngokwakho kokusebenza Kwami enyameni. Ikakhulu kungenxa yokwenza inzalo kadeveli iphike udeveli oqobo lwakhe; lokhu kuyihlazo elinamandla kakhulu elivelela uSathane ongudeveli, limenze azizwe ehlazeke ngendlela yokuthi angatholi ndawo yokuzifihla, bese ecela isihe ephindelela phambi Kwami. Nginqobile, nginqobile phezu kwakho konke, sengidlule ezulwini lesithathu ukuze ngifike eNtabeni iSiyoni, ukuze ngithokozele injabulo yomndeni kanye namadodana Ami angamazibulo, ukuze ngingene edilini elikhulu lombuso wezulu kuze kube phakade!

Emadodaneni angamazibulo, ngikhokhe zonke izindleko futhi ngakhipha onke amandla Ami. (Umuntu akazi nhlobo ukuthi konke engikwenzile, konke engikushilo, ukuthi ngibona phakathi kulo lonke uhlobo lomoya omubi, nokuthi ngilahle lonke uhlobo lomenzi womsebenzi—bekungenxa yamadodana angamazibulo.) Kodwa phakathi komsebenzi omningi, ilungiselelo Lami lihlelekile; umsebenzi awenziwa nhlobo ngobumpumputhe. Emazwini Ami nsuku zonke, kufanele nikwazi ukubona indlela nezinyathelo zomsebenzi Wami; ezenzweni Zami nsuku zonke, kufanele nibone ukuhlakanipha Kwami nezimiso Zami ekubhekaneni nezindaba. Njengoba ngishilo, uSathane uthumele labo abangenzela umsebenzi ukuze baphazamise ukuphatha Kwami. Laba benzi bomsebenzi bawukhula, nokho igama elithi “ukolo” alibhekiseli kumadodaneni angamazibulo, kodwa kunalokho kuwo wonke amadodana nabantu abangewona amadodana angamazibulo. “Ukolo uyohlala ungukolo, ukhula luyohlala luwukhula”; lokhu kusho ukuthi imvelo yalabo abangabakaSathane ayikwazi neze ukuguquka. Ngakho, ngamafuphi, bahlala benguSathane. “Ukolo” usho amadodana nabantu, ngoba ngaphambi kokudalwa komhlaba ngenezela kulaba bantu imfanelo Yami. Ngoba ngishilo ngaphambili imvelo yomuntu ayiguquki, futhi yingakho ukolo uyohlala ungukolo. Ngakho ayini-ke amadodana angamazibulo? Amadodana angamazibulo avela Kimi; awadaliwe Yimi, ngakho awakwazi ukubizwa ngokolo (ngoba lapho nje umuntu ekhuluma ngokolo, kuhlobene namagama asho “ukutshala”, futhi “ukutshala” kusho “ukudala”; lonke ukhula lutshalwa ngokuyimfihlo nguSathane, ukuba lusebenze njengabenzi bomsebenzi). Umuntu angasho nje athi amadodana angamazibulo angukubonakaliswa okuphelele futhi okucebile kwesiqu Sami, kufanele amelwe yigolide nesiliva namatshe ayigugu. Lokhu kuthinta iqiniso lokuthi ukufika Kwami kufana nokwesela, futhi ngize ukuzontshontsha igolide nesiliva namatshe ayigugu (ngoba leli golide nesiliva namatshe ayigugu kwasekuqaleni kungoKwami, futhi ngifuna ukukubuyisela endlini Yami). Lapho amadodana angamazibulo kanye Nami sibuyela ndawonye eSiyoni, leli golide, isiliva namatshe ayigugu kuyontshontshwa Yimi. Kulesi sikhathi, kuyoba khona izithiyo neziphazamiso zikaSathane, ngakho-ke ngiyothatha, igolide, isiliva namatshe ayigugu bese ngiqala impi engumnqamula-juqu noSathane. (Lokhu nakanjani akuyona inganekwane; kodwa yisehlakalo esenzeka endaweni yokomoya, ngakho mayelana nalokhu abantu kabacacelwe ngokuphelele, futhi bakuzwa kuphela njengendaba. Kodwa kufanele nibone emazwini Ami ukuthi uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luyini, futhi akufanele nhlobo niluthathe njengehlaya, kungenjalo uMoya Wami uyosuka kuwo wonke umuntu.) Namuhla, le mpi iphelile ngokuphelele, futhi ngizobuyisela amadodana Ami angamazibulo (ngiletha igolide, isiliva, namatshe ayigugu okungoKwami) emuva eNtabeni iSiyoni. Ngenxa yokuntuleka kwegolide, isiliva, namatshe ayigugu, futhi nangenxa yokuthi kuyigugu, uSathane uzama zonke izindlela zokukuthatha, kodwa ngisho kaninginingi ukuthi lokhu okuvela Kimi kufanele kubuyele Kimi, umqondo wakho okhulunywe ngenhla. Ukusho Kwami ukuthi amadodana Ami angamazibulo avela Kimi futhi angaWami kuyisimemezelo kuSathane. Akekho oqonda lokhu, futhi konke kuwudaba olwenzeka endaweni yokomoya. Ngalokhu umuntu akaqondi ukuthi kungani ngiphindaphinda ngigcizelela ukuthi amadodana angamazibulo angaWami; namuhla, kufanele niqonde! Ngithe amazwi Ami anenhloso nokuhlakanipha, kodwa niqonda lokhu ngengaphandle kuphela—futhi akukho noyedwa umuntu obona lokho ngokucacile emoyeni.

Ngikhuluma okuningi ngokwengeziwe, futhi lapho ngikhuluma ngokwengeziwe amazwi Ami aqina ngokwengeziwe. Lapho kufika ezingeni elithile, ngiyosebenzisa amazwi Ami ukusebenza kubantu kufike ezingeni elithile, ukwenza abantu bangakholwa kuphela enhliziyweni nangezwi, kodwa nokungaphezulu ukubenza bantante phakathi kokuphila nokufa; lokhu kuyindlela Yami yokusebenza, lokhu kuyizinyathelo zomsebenzi Wami. Kufanele kube njalo;, kulapho kuphela kungahlazwa uSathane futhi kupheleliswe amadodana angamazibulo (kusetshenziswa amazwi Ami ukuze ekugcineni kupheleliswe amadodana angamazibulo, ukuze avunyelwe ukuba aphunyuke enyameni bese engena endaweni yokomoya). Umuntu akayiqondi indlela nephimbo lamazwi Ami. Encazelweni Yami kufanele nonke nibe nolwazi oluthile, futhi kufanele nonke nilandele amazwi Ami ukuqeda umsebenzi okufanele niwenze. Lokhu yilokho engikubeke kini. Kufanele niqaphele lokhu, hhayi kuphela ngokomhlaba ongaphandle, kodwa ngokubaluleke ngokwengeziwe ngokwendawo yokomoya.

Okwedlule: Isahluko 112

Okulandelayo: Isahluko 114

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp