Isahluko 111

Zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa Yakho; bonke abantu bayongikhulekela futhi bangidumise ngenxa Yakho. Umbuso Wami uyochuma futhi ukhule, futhi uyohlala phakade. Akekho oyovunyelwa ukuwunyathela futhi akukho okungahambisani Nami okuyovunyelwa ukuba kube khona, ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe onobukhosi futhi ongacasuleki. Angivumeli muntu ukuba angahlulele, futhi angivumeli muntu ukuba angahambisani Nami. Lokhu kwanele ukukhombisa isimo Sami nobukhosi Bami. Lapho kukhona umuntu omelana Nami, ngiyomjezisa ngesikhathi Sami. Kungani kungekho muntu ongibone ngijezisa noma yimuphi umuntu? Kungenxa yokuthi kuphela isikhathi Sami asikafiki futhi isandla Sami asikenzi ngokwangempela. Nakuba izinhlekelele ezinkulu zithululiwe, lokhu kukhuluma nje ngalokho izinhlekelele ezinkulu ezinakho, ngenkathi okwangoqobo kwezinhlekelele ezinkulu kungakehleli muntu. Ingabe kukhona enikuqondile emazwini Ami? Ngizoqala ukudedela izinhlekelele ezinkulu zangokoqobo namuhla. Emuva kwalokhu, lowo omelana Nami uyoshaywa awiswe yisandla Sami. Esikhathini esedlule ngambule nje abantu abathile; kodwa akukho nhlekelele enkulu efikile. Namuhla kwehlukile esikhathini esedlule. Njengoba nginitshele konke mayelana nezinhlekelele ezinkulu, ngesikhathi esinqunyiwe, ngiyomemezela kubantu ukuba ngokoqobo, kwezinhlekele ezinkulu. Ngaphambi kwalokhu, akekho othintwe yinhlekelele enkulu, ngakho abantu abaningi (okungukuthi, amadodana kadrako omkhulu obomvu) baqhubekile nokwenza ngobudlabha nokunganaki. Lapho okungokoqobo kufika, lezi zidalwa ezingelutho ziyokholwa ngokuphelele. Kungenjalo wonke umuntu ngeke aqiniseke Ngami, futhi akekho oyocacelwa Ngami. Lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Kulokhu, kuyabonakala ukuthi indlela Yami yokusebenza (kubhekise endleleni Yami yokusebenza kubo bonke abantu) iqalile ukuguquka: Enzalweni kadrako omkhulu obomvu ngikhombisa ulaka Lwami, ngikhombisa ukwahlulela nesiqalekiso Sami, futhi isandla Sami siqalile ukusola bonke abamelana Nami. Kumadodana angamazibulo ngikhombisa isihe Sami nothando Lwami. Nangaphezu kwalokho, emadodaneni angamazibulo, ngikhombisa isimo Sami esingcwele nesingacasuleki; ngikhombisa igunya Lami, futhi ngikhombisa isiqu Sami. Abenzi bomsebenzi sebezinzile ukuze bangenzele umsebenzi, futhi amadodana Ami angamazibulo ayaziwa ngokwengeziwe. Ngokushaya ngiwise labo abamelana Nami ngenza abenzi bomsebenzi babone isandla Sami esingaxoleli lutho, ukuze bangenzele umsebenzi ngovalo nangokuqhaqhazela. Futhi ngenza amadodana Ami angamazibulo abone igunya Lami nokuba angiqonde kangcono ukuze akhule empilweni. Amazwi engiwakhulume esikhathini esedlule (kuhlanganisa nezinqumo zokuphatha, isiphrofetho, nokwahlulela zonke izinhlobo zabantu) aqala ukugcwaliseka ngokulandelana; okungukuthi, abantu bayobona amazwi Ami efezeka phambi kwamehlo abo, babone ukuthi awekho amazwi Ami angenazithelo, kodwa ukuthi onke angokoqobo. Ngaphambi kokugwaliseka kwamazwi Ami abantu abaningi bazohamba ngoba engakagcwaliseki. Lena yindlela engisebenza ngayo—akuwona kuphela umsebenzi wenduku Yami yensimbi, kodwa nangokungaphezulu uwukuhlakanipha kwamazwi Ami. Kulokhu, umuntu uyakubona ukuba Kwami namandla onke futhi abone ukuzonda Kwami udrako omkhulu obomvu. (Lokhu kungabonakala kuphela emuva kokuqala Kwami umsebenzi Wami. Manje abantu abathile bayambulwa—yingxenye encane kakhulu yokusola Kwami, kodwa akukwazi ukuhlanganiswa nezinhlekelele ezinkulu. Lokhu akulukhuni ukukuqonda. Ngalokhu kuyabonakala ukuthi kusuka manje kuya phambili indlela Yami yokusebenza iyoba lukhuni nangokwengeziwe ukuba abantu bayiqonde. Namuhla nginitshela ukuze ningabi buthakathaka ngenxa yalokhu lapho isikhathi sifika. Yilokhu engikubeka kini ngoba kuyokwenzeka izinto abantu abangakaze bazibone lokhu kwasukela endulo, nezinto ezizokwenza kube lukhuni kubantu ukuba babeke eceleni imizwelo yabo nokuzibona kwabo belungile.) Isizathu sokuthi ngisebenzise izindlela ezehlukene ukujezisa udrako omkhulu obomvu ukuthi uyisitha Sami futhi ungophikisana Nami. Kufanele ngibhubhise yonke inzalo yakhe—kulapho kuphela lapho engiyokwazi khona ukususa inzondo enhliziyweni Yami, futhi kulapho kuphela lapho engiyothobisa ngokufanele khona udrako omkhulu obomvu. Yilokhu kuphela okuwukubhubhisa ngokuphelele udrako omkhulu obomvu nokumphonsa echibini lomlilo nesibabuli nasemgodini ongenamkhawulo.

Akukhona izolo kuphela lapho ngiyokwenza khona amadodana Ami angamazibulo abuse kanye Nami futhi abe kanye Nami ekubuseni zonke izizwe nasekuthokozeleni izibusiso; kanti ngiyakwenza namuhla, futhi okubaluleke kakhulu, ngizophinde ngikwenze nakusasa. Ngiwufeze ngempumelelo umsebenzi Wami—kade ngisho kanje sonke isikhathi, futhi kungashiwo nokuthi ngaqala ukusho lokhu ekuqaleni ngesikhathi sokudala, kodwa abantu abakuqondi engikushoyo. Kusuka esikhathini sokudala kuze kube manje angikaze ngisebenze mathupha; ngamanye amazwi, uMoya Wami awukaze ngokuphelele wehlele phezu komuntu ukuze ukhulume noma usebenze. Kodwa namuhla kwehlukile esikhathini esedlule: UMoya Wami usebenza mathupha yonke indawo emhlabeni. Ngenxa yokuthi ezinsukwini zokugcina ngifuna ukuzuza iqembu labantu elizobusa emandleni kanye Nami, ngiqale ngithole umuntu onomqondo munye kanye Nami, umuntu ongase acabangele umthwalo Wami. Emva kwalokho, uMoya wami uyokwehlela ngokuphelele phezu Kwakhe ukuze uveze iphimbo Lami nokudedela izinqumo Zami nokwambula izimfihlakalo Zami emhlabeni. UMoya Wami uyomphelelisa mathupha; uMoya Wami uyomqondisa ngokuphelele. Ngenxa yokuthi uphila ebuntwini obejwayelekile, akekho ongabona ngokucacile. Lapho amadodana Ami angamazibulo engena emzimbeni, kuyocaca ngokuphelele ukuthi ingabe lokho engikwenzayo manje kungokoqobo yini. Ngempela, emehlweni abantu, emiqondweni yomuntu, akekho okholwayo futhi akekho ongalalela. Kodwa lokhu kuwukubekezelela Kwami abantu. Ngenxa yokuthi ukuba ngokoqobo akukafiki, ngakho abantu abakwazi ukukholwa futhi abakwazi ukuqonda. Akukaze kube nomuntu okholwa ngamazwi Ami emiqondweni yakhe yobuntu. Bonke abantu banje: Kungaba ukuthi bakholwa kuphela lokho okushiwo yinyama Yami, noma bakholwe kuphela yizwi lomoya Wami. Lokhu kuyinto okulukhuni kakhulu kubantu ukubhekana nayo. Uma bengayibonanga into yenzeka ngamehlo abo, futhi akekho ongayeka imiqondo yabo, futhi akekho ongakholwa engikushoyo. Yingakho ngisebenzisa izinqumo Zami zokuphatha ukujezisa lawo madodana okungalaleli.

Ngizishilo izinto ezinjengalezo ngaphambili: NgiyisiQalo nesiPhetho, futhi nginguye ophethe konke, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Ezinsukwini zokugcina, ngiyothola abantwana besilisa abanqobile abayizi-144,000. Niyaqonda ngokoqobo okuthile ngala mazwi—“abantwana besilisa abanqobile”—kodwa anicacelwa ngesibalo sezi-144,000. Emiqondweni yomuntu, inombolo kufanele ibhekise esibalweni sabantu noma esibalweni sezinto. Mayelana “nezi-144,000” ezilungisa “abantwana besilisa abanqobile”—“abantwana besilisa abanqobile abayizi-144,000,”—abantu bacabanga ukuthi kukhona abantwana besilisa abanqobile abayizi-144,000. Futhi ngaphezu kwalokho, abanye abantu bacabanga ukuthi yisibalo esisho okuthile okungokomfanekiso, futhi bathatha izi-140,000 nezi-4,000 njengezingxenye ezahlukene. Kodwa lezi zincazelo ezimbili azilungile. Akubhekiseli esibalweni sangempela, futhi ngaphezu kwalokho akubhekiseli esibalweni esingokomfanekiso. Kubantu, akekho ongangena kulokhu—abantu bezizukulwane ezedlule bonke babecabanga ukuthi kwakungaba yisibalo esingokomfanekiso. Isibalo “sezi-144,000” sinokuhlangana nabantwana besilisa abanqobile. Kanjalo, izi-144,000 zibhekise eqenjini labantu ezinsukwini zokugcina abayobusa, futhi engibathandayo. Okungukuthi, izi-144,000 zihunyushwa ngokuthi ziyiqembu labantu abaphuma eSiyoni futhi abayobuyela eSiyoni. Incazelo ephelele yabantwana besilisa abanqobile abayizi-144,000 yilena elandelayo: Bangabantu abaphuma eSiyoni beza emhlabeni base bekhohlakaliswa nguSathane, futhi ekugcineni abayobuye bazuzwe Yimi futhi abayobuyela eSiyoni kanye Nami. Emazwini Ami umuntu uyakwazi ukubona izinyathelo zomsebenzi Wami, okusho ukuthi akuyona into ekude ukuthi niyongena emzimbeni. Yingakho ngichaze futhi nganikhumbuza ngiphindelela mayelana nalokhu. Niyobona ngokucacile, futhi emazwini Ami niyothola indlela yokwenza; emazwini Ami niyothola isivinini somsebenzi Wami. Ukuthola isivinini somsebenzi kaMoya oNgcwele, kufanele nimhlukanise ezimfihlakalweni engizambulayo (ngoba akekho ongabona futhi akekho ongangena emsebenzini kaMoya oNgcwele). Yingakho ngambula izimfihlakalo ezinsukwini zokugcina.

Ekhaya Lami ngeke kube khona okungahambisani Nami, futhi kusuka manje kuya phambili ngizoqala ukukhuculula nokuhlanza, kancane kancane. Phakathi kwabantu, akekho ongangenelela, futhi akekho ongenza lo msebenzi. Lokhu kwambula ukuthi kungani ngisebenza mathupha ezinsukwini zokugcina. Futhi lokhu kuyisizathu sokunitshela izikhathi eziningi ukuthi nidinga nje ukuthokoza futhi anidingi kunyakazisa nomunwe. Yilokhu okwembulwa ngakho amandla Ami, ukulunga nobukhosi Bami, nazo zonke izimfihlakalo abantu abangakwazi ukuzixazulula. (Ngoba abantu abakaze babe nolwazi lohlelo Lwami lokuhlela noma ukuqonda izinyathelo zomsebenzi Wami, ezibizwa “ngezimfihlakalo.”) Lokho engiyokuzuza nalokho engiyokwenza ezinsukwini zokugcina kuyizimfihlakalo. Kusuka ngaphambi kokuba ngidale umhlaba, angikaze ngenze engikwenza namuhla futhi angikaze ngikhombise abantu ubuso Bami obukhazimulayo noma yinoma iyiphi ingxenye yesiqu Sami; uMoya Wami kuphela osebenze kwabanye abantu. (Ngenxa yokuthi kusukela esikhathi sokudala akukho muntu okwaze ukungiveza, angikaze ngivumele abantu ukuba babone isiqu Sami, futhi uMoya Wami usebenzile kwabanye abantu.) Kunamuhla kuphela lapho ngambule khona umfanekiso Wami okhazimulayo nesiqu Sami kubantu, futhi kumanje kuphela lapho bebone khona lezi zinto. Kodwa enikubonayo namuhla akukapheleli, futhi akukabi yilokhu engifuna nikubone. Engifuna nikubone kusemzimbeni kuphela, futhi njengamanje akekho osefinyelele kulo mbandela. Ngamanye amazwi, akekho ongabona isiqu Sami ngaphambi kokungena emzimbeni. Ngakho-ke ngithi ngiyokwambula isiqu Sami emhlabeni eNtabeni iSiyoni. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ukungena eNtabeni iSiyoni kuyingxenye yokugcina yomsebenzi Wami. Ngesikhathi sokungena eNtabeni iSiyoni, umbuso Wami uyokwakhiwa ngempumelelo. Ngamanye amazwi, isiqu Sami siwumbuso. Isikhathi lapho amadodana angamazibulo engena emzimbeni yisikhathi kanye lapho umbuso uyofezwa khona, ngakho ngikhulume ngiphindelela ngodaba lwamadodana angamazibulo engena eNtabeni iSiyoni. Leli yiphuzu eliwumongo kulo lonke uhlelo Lwami lokuphatha, okungekho muntu oseke waluqonda ngaphambilini.

Lapho sengiguqule indlela Yami yokusebenza kuyoba nezinto ezengeziwe ezingale kokufinyelela komcabango wabantu, ngakho qaphelani mayelana nalokhu. Kukhona izinto ezingale kokufinyelela komqondo womuntu, kodwa lokhu akusho ukuthi engikushoyo akulungile. Ukuthi nje kudingeka ngokwengeziwe ukuba abantu bahlupheke, futhi kudingeka ngokwengeziwe ukuba abantu babambisane Nami. Ungabi ngumuntu owenza umathanda nokungazithibi futhi ulandele nje imiqondo yakho. Ngoba bonke labo abangisebenzelayo bayawa kuleli phuzu. Ngisebenzisa amazwi Ami ukudalula imvelo yomuntu nokwambula imiqondo yomuntu. (Kodwa labo abangenzela umsebenzi, ngoba angiyiguqulile imiqondo yabo, bayawa nje, kanti ngiguqule imiqondo yalabo abangamadodana Ami angamazibulo futhi ngasusa ukucabanga kwabo ngalokhu.) Ngakho ekugcineni, onke amadodana Ami angamazibulo ayopheleliswa ngenxa yezimfihlakalo engizambulile.

Okwedlule: Isahluko 110

Okulandelayo: Isahluko 112

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp