Isahluko 110

Lapho konke sekwambuliwe kuyoba lapho ngiphumula khona, futhi ngaphezu kwalokho, kuyoba yisikhathi lapho konke kuhlelekile khona. Ngenza umsebenzi Wami Ngokwami. Ngihlela konke futhi ngilungiselele konke Ngokwami. Lapho ngiphuma eSiyoni nalapho ngibuya, lapho amadodana Ami angamazibulo epheleliswe Yimi, ngiyobe sengiwuqedile umsebenzi Wami omkhulu. Emibonweni yabantu into eyenziwayo kufanele ikwazi ukubonakala futhi ithinteke, kodwa ngendlela engikubona ngayo, konke kuphethiwe ngesikhathi ngenza uhlelo Lwami. ISiyoni yilapho ngihlala khona futhi iyisiphetho Sami; kulapho ngambula khona ukuba Kwami namandla onke, futhi kulapho amadodana Ami angamazibulo Nami siyokwabelana khona ngenjabulo yethu yomndeni. Kulapho ngiyohlala khona nawo kuze kube phakade. ISiyoni, indawo enhle; iSiyoni, indawo abantu abayilangazelelayo; abantu abangenakubalwa abebelokhu beyilangazelela izinkathi eziningi, kodwa kusuka ekuqaleni, akukho ngisho oyedwa umuntu oke wangena eSiyoni. (Akukho noyedwa kwabangcwele nabaphrofethi bezinkathi ezedlule. Lokhu kungenxa yokuthi ngikhetha amadodana Ami angamazibulo ezinsukwini zokugcina, futhi bonke bayazalwa ngalesi sikhathi; futhi ngalokhu isihe nomusa Wami engikhulume ngakho kusobala ngokwengeziwe.) Wonke umuntu manje oyindodana eyizibulo uyongena eSiyoni Nami futhi athokozele leso sibusiso. Ngiphakamisa amadodana Ami angamazibulo ezingeni elithile ngoba anezinga Lami nomfanekiso Wami okhazimulayo futhi ayakwazi ukungifakazela nokungikhazimulisa futhi aphile Ngokwami. Ngaphezu kwalokho, ayakwazi ukunqoba uSathane futhi ehlise udrako omkhulu obomvu. Futhi kungenxa yokuthi amadodana Ami amsulwa ngokuphelele; ayilokhu engikuthandayo, nalabo engibakhethile nengibakhonzile. Isizathu sokuwaphakamisa ukuthi ayakwazi ukuma endaweni yawo futhi ayakwazi ukusebenza ngokuzithoba nangokuthula nokunikeza ubufakazi obunamandla Ngami. Ngikhiphe onke amandla Ami emadodaneni Ami angamazibulo futhi ngilungiselele ngokucophelela zonke izinhlobo zabantu, izigameko, nezinto zomsebenzi wawo. Ekugcineni ngiyokwenza ukuthi wonke umuntu abone inkazimulo Yami egcwele ngamadodana Ami angamazibulo. Ngeke ngiphoqe dimoni, futhi angesabi ukuthi azochachaza noma ubudlabha bawo ngoba nginofakazi, futhi nginegunya ezandleni Zami. Lalelani, bantu bohlobo lukaSathane! Lonke izwi engilishoyo nakho konke engikwenzayo konke ngokokuphelelisa amadodana Ami angamazibulo, ngakho kufanele ulalele umyalelo Wami futhi ulalele amadodana Ami angamazibulo, kungenjalo ngiyobhekana nawe ngokukwenza wehlelwe wukufa okuphakade okusheshayo! Amadodana Ami angamazibulo aseqalile ukwenza izinqumo Zami zokuphatha ngoba yiwo kuphela afanele ukuphakamisa isihlalo Sami sobukhosi, futhi sengiwagcobile. Noma ngubani ongalaleli amadodana Ami angamazibulo nakanjani akalungile. Ngaphandle kokungabaza bakhishwe ngudrako omkhulu obomvu ukuze bazophazamisa uhlelo Lwami lokuphatha, futhi lolo hlobo lwesigebengu luzokhishwa endlini Yami ngokushesha. Angilufuni lolo hlobo lwento ukuba lungenzele umsebenzi—luzobhekana nokubhubha okuphakade, futhi luzobhekana nakho maduze, ngaphandle kokulibala! Labo abangisebenzelayo kufanele ukuba sebekutholile ukuvunywa Yimi; kufanele balalele futhi banganaki inani abalikhokhayo. Uma behlubuka khona-ke abafanele ukungisebenzela futhi angisidingi isidalwa esifana naleso. Bayobaleka—angibafuni neze! Kufanele kunicacele lokho manje! Labo abangisebenzelayo kufanele bawenze kahle futhi bangadali izinkinga. Uma uzwa ungenathemba bese uqala ukudala izinkinga—ngizokuqeda ngokushesha! Ngabe wena ongenzela umsebenzi uyacacelwa ngalokho? Lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha.

Ukungifakazela kungumsebenzi wamadodana Ami angamazibulo, ngakho angidingi ukuthi ningenzele lutho—konke engikudingayo ukuba nenze umsebenzi wenu ngokufanele bese nithokozela izibusiso engininika zona. Lapho ngihamba emhlabeni wonke ngiya nasemaphethelweni omhlaba, ngakhetha futhi ngaphelelisa amadodana Ami angamazibulo. Lokhu yinto engayiqeda ngaphambi kokudala umhlaba; akekho phakathi kwesintu owazi lokho, kodwa umsebenzi Wami wafezwa ekuthuleni. Lokho akuhambisani nemibono yomuntu! Kodwa amaqiniso ngamaqiniso futhi akekho ongawaguqula. Amadimoni amakhulu namancane ambule izimo zawo zangempela ekuzenziseni kwawo, futhi bebeqondwe ukusola kwami emazingeni ehlukene. Kukhona izinyathelo zomsebenzi wami futhi kukhona ukuhlakanipha emazwini Ami. Kukhona enikubonile kulokhu engikushoyo nengikwenzayo? Ngabe ngukwenza izinto nje nokusho izinto? Ngabe amazwi Ami anesihluku nje, noma ayahlulela, noma ayaduduza? Lokhu kuzwakala kulula kakhulu, kodwa esintwini, ukubona lokho akuyona into elula. Akukho nje kuphela ukuhlakanipha, ukwahlulela, ukulunga, ubukhosi, nenduduzo emazwini Ami, kodwa ngaphezu kwalokho kuphethe enginakho nengiyikho. Izwi ngezwi emazwini Ami liyimfihlakalo engakwazi ukwambulwa yisintu. Amazwi Ami awaphikiseki nhlobo, futhi nakuba izimfihlakalo zambuliwe, ngokwamakhono esintu zisengaphandle komkhawulo wokucabanga nokuqonda. Izwi elilula kakhulu Kimi ukuliqonda, yinto elukhuni kakhulu ukuyiqonda kubantu, ngakho umehluko phakathi Kwami nomuntu unjengomehluko phakathi kwezulu nomhlaba. Kungakho ngifuna ukuguqula ngokuphelele izimo zamadodana Ami angamazibulo futhi ngiwenze angene ngokuphelele emzimbeni. Esikhathini esizayo, ngeke angene emzimbeni esuka enyameni kuphela, kodwa ayoguqula izimo zawo ngaphakathi ngokwamazinga ehlukene. Lolu wuhlelo Lwami. Lokhu kuyinto abantu abangakwazi neze ukuyenza—abanandlela nhlobo yokwenza lokho—ngakho manje ngisho nginganitshela ngemininingwane, ngeke niqonde. Ningangena kuphela ekuqondeni okungaphezu kwemvelo. Lokhu kungenxa yokuthi nginguNkulunkulu ohlakaniphile uqobo Lwakhe.

Lapho nibona izimfihlakalo nonke ngandlela thile ninokuphendula eninakho. Ngisho noma ningazemukeli noma ningazivumi ezinhliziyweni zenu, niyazemukela emazwini enu. Lolu hlobo lomuntu lukhohlisa kakhulu, futhi lapho ngambula izimfihlakalo, ngiyobasusa futhi ngibashiye ngabanye ngabanye. Kodwa konke engikwenzayo ngikwenza ngezinyathelo. Angenzi izinto ngokuxhamazela noma ngifike esiphethweni ngobumpumputhe; lokhu kungenxa yokuthi nginesimo sobunkulunkulu. Abantu abakwazi nhlobo ukubona ngokucacile engikwenzayo manje, engizokwenza esinyathelweni Sami esilandelayo. Abantu bayokwazi ukungilandela futhi bathathe isinyathelo esisodwa esiya phambili kuphela lapho ngikhuluma ngendlela Yami yokusebenza esinyathelweni esilandelayo. Konke kwenzeka ngaphakathi kwamazwi Ami, konke kwambulwa ngaphakathi emazwini Ami, ngakho akukho muntu okufanele angabi nesineke—ukwenzela Mina umsebenzi ngokufanele kwanele. Ngaphambi kwezinkathi ngenza isiphrofetho ngomkhiwane, kodwa ezinkathini akekho owayeseke wabona umkhiwane futhi akukho muntu owayengawuchaza, futhi ngisho lo mushwana wawushiwo ezindumisweni ezingasekuqaleni, akekho owayazi umqondo wawo wangempela. Lo mushwana wadida abantu “njengenhlekelele enkulu,” futhi wawuyimfihlakalo engingazange ngiyambulele isintu. Abantu babecabanga ukuthi umkhiwane mhlawumbe yisihlahla sezithelo ezinhle, noma mhlawumbe wawuphinde ubhekise kwabangcwele, kodwa babesekude kakhulu nomqondo wangempela. Ngizonitshela lokhu lapho ngivula umqulu ezinsukwini zokugcina. (Umqulu ubhekise kuwo wonke amazwi engiwakhulumile, amazwi Ami ezinsukwini zokugcina— lokhu konke kungaphakathi kuwo.) Umkhiwane ubhekise ezinqumweni Zami zokuphatha, nakuzo zonke izinqumo ngasinye, kodwa lokhu kuyingxenye nje yakho. Ukuqhuma kwesihlahla somkhiwane kubhekise Kimi ngiqala umsebenzi futhi ngikhuluma ngisenyameni, kodwa izinqumo Zami zokuphatha zazingakaziwa (okungenxa yokuthi lokho kwakungaphambi kokufakazelwa kwegama Lami futhi akekho owayazi izinqumo Zami zokuphatha). Lapho kufakazelwa futhi kusabalaliswa igama Lami, lapho lidunyiswa yibo bonke abantu, lapho izinqumo Zami zokuphatha zithela izithelo, leso yisikhathi umkhiwane uthela izithelo. Lokhu kuyincazelo egcwele kungashiywe lutho—konke kwambuliwe. (Ngisho lokhu ngoba emazwini Ami angaphambili, bekukhona ingxenye ebengingakayambuli ngokugcwele; ngakho benidinga ukulinda nokufuna ngesineke.)

Lapho ngiphelelisa amadodana angamazibulo, ngiyokwambula inkazimulo Yami egcwele, ukubonakala Kwami okuphelele emhlabeni emzimbeni, nangaphezulu kwabo bonke abantu, esiqwini Sami; kuyoba seNtabeni iSiyoni, enkazimulweni Yami, futhi kuyoba ngempela phakathi komsindo wezindumiso, futhi izitha Zami ziyoqhela eduze Kwami, zehlele emgodini ongenamkhawulo, echibini lomlilo nesibabuli. Lokho abantu namuhla abakwazi ukukucabanga kunomkhawulo, futhi akuhambisani nenhloso Yami yasekuqaleni; lesi yisizathu esenza ngibhekane nemibono nemicabango yabantu nsuku zonke uma ngikhuluma. Kuyoba khona usuku (usuku lokungena emzimbeni) lapho lokho engikushoyo kuyohambisana ngokuphelele nani futhi kungeke kube nokumelana Nami nhlobo, futhi kuleso sikhathi ngeke nisakwazi ukuba nemicabango yenu, futhi ngeke ngisakhuluma. Njengoba ningasenakho ukucabanga kwenu, ngiyonikhanyisela nje ngokuqondile—lokhu kuyisibusiso esithokozelwa ngamadodana angamazibulo, futhi lokho kuyoba lapho esebusa Nami njengamakhosi. Abantu abakholelwa ezintweni abangakwazi ukuzicabanga, futhi ngisho kukhona abakukholwayo, kungenxa yokukhanyisela Kwami okuthile. Kungenjalo akekho oyokholwa, futhi lokhu kuyinto okufanele kwedlulwe kuyo. (Ngaphandle kokwedlula kulesi sinyathelo, amandla Ami amakhulu abengeke akwazi ukwambuleka ngakho, okusho ukuthi ngisebenzisa amazwi Ami ukuyekisa abantu imibono yabo. Akekho omunye ongenza lo msebenzi, futhi akekho ongathatha indawo Yami. Yimi kuphela ongawuphetha, nokho, lokho akukhona okungephikwe. Kufanele ngenze lo msebenzi ngesintu.) Abantu bazizwa benamandla emva kokuzwa amazwi Ami, kodwa ekugcineni bonke bayahoxa. Akukho abangakwenza. Ngaso leso sikhathi, kukhona izimfihlakalo abantu abangakwazi ukuziqonda. Akekho ongacabanga okuzokwenzeka futhi ngiyonivumela ukuba nibone lokhu kwengikwambulayo. Ngalokho ningabona umqondo wangempela wokuthi kwami: “Ngiyosusa bonke labo abangakulungele ukusetshenziwa Yimi.” Amadodana Ami angamazibulo anezinhlobonhlobo zezibonakaliso futhi zinjalo nezitha zami. Bonke bayokwambulwa kini, ngabanye ngabanye. Khumbulani! Noma ngubani ngaphandle kwamadodana angamazibulo unomsebenzi wemimoya emibi. Bonke bayizinceku zikaSathane. (Bazokwambulwa maduze ngabanye ngabanye, kodwa kukhona abathile abadinga ukwenza umsebenzi kuze kube sekugcineni, nabanye abadinga ukwenza umsebenzi isikhathi esithile.) Ngaphansi komsebenzi wamazwi Ami, bonke bayokhombisa ubunjalo babo bangempela.

Zonke izizwe, yonke indawo, nalo lonke ihlelo kuthokozela umcebo wegama Lami. Ngenxa yokuthi inhlekelele iyafufusa manje, futhi isesandleni Sami, futhi ngilungiselela ukuya ngokuya ngiyithulula, bonke abantu bafuna indlela yeqiniso ngokuphuthumayo, okufanele ifunwe ngishop noma kungachaza ukuthi kufanele kukhokhwe inani eligcwele. Kuzo zonke izinto nginesikhathi Sami. Noma nini lapho ngithi kuyophethwa, kuyophethwa ngaleso sikhathi, ngalowo mzuzu, ngalowo mzuzwana. Akekho ongakuphazamisa noma akumise. Empeleni, udrako omkhulu obomvu uyisitha Sami esinqotshiwe. Ungumenzi womsebenzi Kimi, futhi wenza noma yini engimtshela ukuthi ayenze ngaphandle kokuzabalaza. Ngempela uyisilwane somthwalo Wami. Lapho umsebenzi Wami usuphethiwe, ngiyomphonsa emgodini ongenamkhawulo, echibini lomlilo nesibabuli (okubhekise kulabo ababhujiswayo). Ababhujiswayo ngeke bamane bezwe ukufa, kodwa bayojeziswa kanzima ngokungishushisa kwabo. Lo ngumsebenzi engisayowenza ngabenzi bomsebenzi—ngiyokwenza uSathane azinqume, azishabalalise, eshabalalisa ngokuphelele inzalo kadrako omkhulu obomvu. Le yingxenye eyodwa yomsebenzi Wami, futhi emva kwalokho, ngiyophendukela kwabeZizwe. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami.

Okwedlule: Isahluko 109

Okulandelayo: Isahluko 111

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp