Isahluko 109

Ngikhipha amazwi nsuku zonke, ngikhuluma nsuku zonke, futhi ngambula izimpawu nezimangaliso Zami ezinkulu nsuku zonke. Konke lokhu kuwumsebenzi woMoya Wami. Emehlweni abantu ngiwumuntu kuphela kodwa kukulobu buntu kanye lapho ngambula khona amandla Ami amakhulu.

Ngenxa yokuthi abantu bayamziba umuntu engiwuye futhi baziba izenzo Zami, bacabamga ukuthi lezi yizinto ezenziwa ngabantu. Kodwa kungani ungacabangi: Ingabe abantu bayakwazi ukufeza engikwenzayo? Abantu abangazi kuze kufike kuleli zinga, abawaqondi amazwi Ami, futhi abaziqondi izenzo Zami. Abantu ababi, abakhohlakalisiwe! Ingabe ngiyokugwinya nini? Ngiyokungcwaba nini echibini lomlilo nesibabuli? Ziningi kakhulu izikhathi engixoshwe ngazo eqenjini lenu, ziningi kakhulu izikhathi abantu abangithuke, bangihleka futhi bangithunaza ngazo, futhi ziningi kakhulu izikhathi abantu abangahlulele ngokusobala futhi bangedelela ngazo. Bantu abayizimpumputhe! Ingabe anazi ukuthi niwudaka nje olulingene isandla ezandleni zami? Ingabe anazi ukuthi niyizinto ezidalwe Yimi? Manje, ulaka Lwami luyadedelwa futhi akekho umuntu ongazivikela kulo. Bangacela intethelelo kaningi kuphela. Kodwa njengoba umsebenzi Wami usuqhubekele kuleli zinga, akekho ongakuguqula lokho. Labo abadaliwe kufanele baphindele odakeni. Akukhona ukuthi angilungile, kodwa ukuthi nikhohlakaliswe futhi nonakele ngokwedlulele, futhi kungenxa yokuthi nibanjwe nguSathane nase niba ngamathuluzi akhe. NginguNkulunkulu ongcwele uqobo Lwakhe, angikwazi ukungcoliswa, futhi angikwazi ukuba nethempeli elingahlanzekile. Kusuka manje kuya phambili, intukuthelo Yami ehangulayo (enzima ngokwengeziwe kunolaka) izoqala ukuthululelwa phezu kwazo zonke izizwe nabantu, futhi izoqala isole yonke inkucunkucu esuka Kimi kodwa engangazi. Ngibazonda ngokwedlulele abantu, futhi ngeke ngisaba nesihe, kodwa ngiyonisa zonke iziqalekiso Zami. Ngeke nhlobo kusaba khona sihawu nothando, konke kuyongqongqiswa kuphele, futhi kuyosala kuphela umbuso Wami, ukuze abantu Bami bangidumise endlini Yami, banginike inkazimulo, futhi bangihalalisele kuze kube phakade (lokhu kungumsebenzi wabantu Bami). Isandla Sami siyoqala ngokusemthethweni ukusola labo abangaphakathi nangaphandle kwendlu Yami. Abekho abenzi bobubi abayokwazi ukuphunyuka ekubanjweni nasekwahlulelweni Yimi. Wonke umuntu kufanele edlule kulobu bunzima bese engikhonza. Lokhu kuwubukhosi Bami, futhi ngaphezu kwalokho, kuyisinqumo sokuphatha engisimemezela kubenzi bokubi. Akekho ongasindisa omunye. Bangazibheka bazinakekele bona kuphela, kodwa ngisho bangenzani, ngeke bakwazi ukuphunyuka esandleni Sami sokusola. Isizathu sokuthi kuthiwe izinqumo Zami zokuphatha zinesihluku sambulwa lapha. Lokhu kuyiqiniso noma ngubani ongalibona ngamehlo akhe.

Lapho ngiqala ukuthukuthela, wonke amadimoni, amakhulu namancane, ayobaleka ahlakazeke, esaba ngokujulile ukuthi isandla Sami siyowashaya siwabulale. Kodwa akukho muntu ongaphunyuka ezandleni Zami. Ngiphethe zonke izikhali zokuzwisa ubuhlungu, isandla Sami silawula konke, konke kusebangeni lokubanjwa yisandla Aami, futhi akekho ongaphunyuka. Lokhu kungukuhlakanipha Kwami. Lapho ngifika endaweni yobuntu, ngase ngiqede zonke izinhlobo zomsebenzi wokulungiselela, ngibeka isisekelo sokuqala umsebenzi Wami phakathi kwabantu (ngoba nginguNkulunkulu ohlakaniphile, futhi ngibhekana ngokufanele nalokho okufanele kwenziwe nokungafanele kwenziwe). Emva kokuthi konke kulungiselelwe ngokufanele, ngaba yinyama ngase ngiza endaweni yobuntu, kodwa akekho owangibona. Ngaphandle kwalabo engibakhanyisele, wonke amadodana okuhlubuka ayangedelela, ayangehlisa, futhi ayangiziba. Kodwa ekugcineni, ngiyobenza baziphathe kahle futhi bathobe. Nakuba kubantu kubonakala sengathi angenzi okuningi, umsebenzi Wami omkhulu usuqediwe. (Abantu bonke balalela ngokuphelele umuntu engiwuye ezwini nasenhliziyweni. Lokhu kuwuphawu.) Namuhla, ngiyasukuma ngisole zonke izinhlobo zemimoya emibi engedelelayo. Kungakhathaleki ukuthi sebengilandele isikhathi eside kangakanani, kufanele basuke eceleni Kwami. Angifuni muntu omelene Nami (bayilabo abantula ukuqonda kokomoya, labo abaphethwe okwesikhashana yimimoya emibi, nalabo abangangazi). Angifuni noyedwa kubo! Bonke bazosuswa, bese beba ngamadodana okufa okuphakade! Emva kokungenzela umsebenzi namuhla, kufanele bahambe! Ningasali endlini Yami, ningabi ngabangenamahloni futhi niphile mahhala. Labo abangabakaSathane bonke bangamadodana kadeveli, futhi bayobhubha kuze kube phakade. Bonke abangedelelayo bayosuka ngokuthula eceleni Kwami, ngakho isivinini somsebenzi Wami siyokhululeka ngokwengeziwe kungasekho kuphazamiseka. Zonke izinto ziyokwenziwa ngokuyalela Kwami, ngaphandle kwezithiyo neziphazamiso. Konke kuyowa ngaphambi kwamehlo Ami futhi kubhujiswe emlilweni wami. Lokhu kukhombisa ukuba Kwami namandla onke nokuhlakanipha Kwami okuphelele (lokho engakwenza emadodaneni Ami angamazibulo). Kuyonezela inkazimulo enkulu ngokwengeziwe egameni Lami, futhi kwenezele inkazimulo eyengeziwe Kimi. Kusuka kulokho engikwenzayo nokusuka esimweni sephimbo Lami, niyabona nonke ukuthi ngiwuqede ngokugcwele umsebenzi Wami endlini Yami futhi ngiqalile ukuphendukela kwabeZizwe. Ngiqala umsebenzi Wami lapho futhi ngenza isigaba esilandelayo somsebenzi Wami.

Amazwi Ami amaningi awahambisani nemibono Yenu, kodwa madodana Ami, ningahambi. Ukuthi alifani nemibono yabantu akusho ukuthi akulona iphimbo Lami. Kungenxa yalokho kanye ukuba likwazi ukufakazelwa njengephimbo Lami. Uma lihambisana nemibono yabantu, khona-ke kuyobe kuwumsebenzi wemimoya emibi. Ngakho, kufanele nifake amandla engeziwe emazwini Ami, nenze engikwenzayo, futhi nithande engikuthandayo. Inkathi yokugcina futhi yinkathi lapho zonke izinhlekelele ziphinda zivuka khona futhi, futhi ngaphezu kwalokho yinkathi lapho ngambula khona zonke izimo Zami. Lapho amacilongo Ami angcwele onke eqala ukukhala, abantu bayokwesaba ngempela, futhi khona-ke akukho muntu oyolokotha enze okubi, kodwa kunalokho bayowa phambi Kwami, bakwazise ukuhlakanipha Kwami nokuba Kwami namandla onke. Vele, nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ohlakaniphile! Ngubani ongangiphikisa? Futhi ngubani olokotha asukume amelane Nami? Ngubani olokotha angavumi ukuhlakanipha Kwami? Ngubani olokotha angakwazi ukuba Kwami namandla onke? Lapho uMoya Wami wenza umsebenzi omkhulu kuzo zonke izindawo, abantu bonke bayakwazi ukuba Kwami namandla onke, kodwa umgomo Wami awukafinyeleleki. Ngifuna ukuthi abantu babone ukuba Kwami namandla onke ngenxa yolaka Lwami, babone ukuhlakanipha Kwami, futhi babone inkazimulo yesiqu Sami. (Konke lokhu kusemadodaneni angamazibulo, ngaphandle kwamaphutha. Ngaphandle kwawo, akekho ongaba yingxenye yesiqu Sami; lokhu kunqunywe Yimi.) endlini Yami, kunezimfihlakalo ezingapheli abantu abangakwazi ukuziqonda. Lapho ngikhuluma, abantu bathi anginasihe kakhulu, bathi abantu abaningi sebevele bayangithanda ngandlela thile, kodwa kungani ngithi bayinzalo kadrako omkhulu obomvu? Futhi kungani ngizobalahla ngabanye ngabanye? Ingabe akungcono ukuba nabantu abaningi endlini Yami? Kodwa namanje ngisenza kanje. Akukwazi ukuthi kube khona oyedwa ongaphezulu noma ongaphansi kwesibalo engangisinqumele ngaphambili. (Lesi yisinqumo Sami sokuphatha. Akukwazi ukungaguqulwa ngabantu kuphela, kodwa Nami uqobo Lwami angikwazi ukukuguqula, ngoba angikwazi ukuthambela uSathane. Lokhu kwanele ukukhombisa ukuhlakanipha Kwami nobukhosi Bami. nginguNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe. Isimo Kuphela sithi abantu bayakhothama phambi Kwami; angithambi phambi kwabantu.) Leli yilona kanye iphuzu elehlisa uSathane. Bonke abantu engibakhethile bathobekile, bayathoba, futhi bathembekile, futhi bangisebenzela ngokuthobeka nasekufihlekeni. (USathane wayefisa ukusebenzisa lokhu ukuze angehlazise, kodwa ngalwa ngaziphindisela.) Isimo Sami siyabonakala kulaba bantu. Lapho ngibuya emva kokunqoba empini, ngiyogcoba amadodana Ami angamazibulo ukuba abe ngamakhosi embusweni Wami, futhi kulapho engiyoqala khona ukuphumula, ngoba amadodana Ami angamazibulo azoba ngamakhosi kanye Nami. Amadodana Ami angamazibulo amele mina, futhi aveza Mina. Emsebenzini wawo othobile nofihlakele ayangilalela, ekwethembekeni kwawo enza amazwi Ami, ekwethembekeni kwawo asho engikushoyo, futhi ekuthobeni kwawo aletha inkazimulo egameni Lami (ngaphandle kokwedelela noma ubulwane, kodwa ngobukhosi nolaka). Madodana Ami angamazibulo! Yisikhathi sokwahlulela umhlaba! Ngininika izibusiso, ngininika igunya, futhi nginihlomulisa ngezibusiso! Konke sekufeziwe, futhi konke kulawulwa yini, kulungiselelwa yini, ngoba nginguYihlo, ngiyinqaba yenu eqinile, ngiyisiphephelo senu, ngiyinqolobane yenu, futhi ngaphezu kwalokho ngiyiLowo Onamandla Onke, futhi ngiyikho konke okwenu! Konke kusezandleni Zami, futhi konke futhi kusezandleni Zenu. Hhayi namuhla kuphela, kodwa nayizolo, futhi nakusasa! Ingabe lokhu akufanele kuthakaselwe? Ingabe akufanelwe ukuhalalisa kwenu? Nonke, yamukelani Kimi ingxenye enifanele! Ngininika konke, futhi angongi nokuncane, ngoba yonke impahla Yami ngeyenu, futhi umcebo Wami uphezu kwenu. Lesi yisizathu sokuthi ngithe “kuhle kakhulu” emva kokudala nina.

Ingabe niyamazi oqondisa enikwenzayo, enikucabangayo, nenikushoyo namuhla? Futhi konke enikwenzayo nikwenzelani? Ngiyanibuza, ningena kanjani edilini lomshado weWundlu? Linamuhla? Noma lisesikhathini esizayo? Liyini idili lomshado weWundlu? Anazi, angithi? Khona-ke ngizonichazela: Lapho ngifika endaweni yabantu, ngangilungiselele zonke izinhlobo zabantu, izindaba, nazo zonke izinto ukuba zisebenzele umuntu engiwuye namuhla. Manje ngoba konke kuphethiwe, ngiphonsa abenzi bomsebenzi eceleni. Lokhu kuhlangana kuphi nedili lomshado? Lapho abantu bengisebenzela, okungukuthi, lapho ngenziwa iWundlu, ngizwa ukunambitheka kwedili lomshado. Lokho kusho ukuthi, bonke ubuhlungu engibuzwile, zonke izinto engizenzile, konke engikushilo, wonke umuntu engihlangane naye, nakho konke engikwenzile ekuphileni Kwami bekuqukethe idili lomshado. Emva kokugcotshwa komuntu engiwuye, nangilandela (ngalesi sikhathi ngangiyiWundlu), ngakho ngaphansi kokuhola Kwami, nizwe zonke izinhlobo zobuhlungu, izinhlekelele, ukulahlwa nokunyundelwa ngumhlaba, ukulahlwa ngumndeni, futhi niphila esibusisweni Sami. Konke lokhu kuyidili lomshado. Ngisebenzisa “idili lomshado” ngoba konke enginiholela ekutheni nikwenze ngokokuzuza nina. Kodwa konke lokhu kuyingxenye yedili. Esikhathini esizayo, umuntu angasho futhi namuhla, konke enikuthokozelayo, konke enikuzuzayo, futhi amandla obukhosi eniwabelana Nami konke kuyidili. Uthando Lwami luza kubo bonke labo abangithandayo. Labo engibathandayo bayohlala kuze kube phakade, abasoze basuswa, bayohlala phakade phakathi kothando Lwami. Kuphakade!

Okwedlule: Isahluko 108

Okulandelayo: Isahluko 110

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp