Isahluko 108

Ngaphakathi Kimi, bonke bangathola ukuphumula futhi bonke bangakhululwa. Labo abangaphandle Kwami abakwazi ukuthola inkululeko nenjabulo ngoba uMoya Wami awukho kulaba bantu. Laba bantu babizwa ngokuthi abafileyo abangenamoya. Futhi ngibiza labo abangaphakathi Kimi ngokuthi abantu abaphilayo abanemimoya. Bangabami, futhi bayobuyela esihlalweni Sami sobukhosi. Labo abenza umsebenzi nalabo abangabakadeveli bangabafile abangenamoya, futhi kufanele babhujiswe bangabe besaba khona. Lokhu kuyimfihlakalo yohlelo Lwami lokuphatha, futhi yinto isintu esingakwazi ukuyiqonda ngohlelo Lwami lokuphatha, kodwa lokhu futhi ngikwenze kwaba sobala kuwo wonke umuntu. Labo abangebona Abami baphikisana Nami; labo abangabami yilabo abahambisana Nami. Lokhu akungatshazwa nhlobo, futhi kuyisimiso sokwahlulela Kwami uSathane. Lesi simiso kufanele saziwe yiwo wonke umuntu ukuze babone ukulunga nobuqotho Bami—bonke labo abavela kuSathane bayokwahlulelwa futhi bashiswe baphinde baphendulwe umlotha. Lokhu futhi kuwulaka Lwami, futhi umuntu angabona ngokudlulele isimo Sami. Kusuka manje kuya phambili, isimo Sami siyomenyezelwa ngokusobala—siyokuya ngokuya sambulwa kubo bonke abantu nakuzo zonke izizwe, kuzo zonke izinkolo, wonke amahlelo, nayo yonke imikhakha yempilo. Akukho okuyofihlwa. Konke kuyokwambulwa. Kungenxa yokuthi isimo Sami nesimiso sokwenza Kwami kuyizimfihlakalo ezifihlakele kakhulu esintwini okwenza kufanele ngenze lokhu (ukuze amadodana angamazibulo angoni izinqumo Zami zokuphatha, nokusebenzisa futhi isimo Sami esambuliwe ukwahlulela bonke abantu nazo zonke izizwe). Lolu uhlelo Lwami lokuphatha, futhi lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami. Akekho ongaguqula lokho kalula. Sengiphile ngokwesimo sobunkulunkulu esiphelele ebuntwini Bami, ngakho angivumeli muntu ukuba one ubuntu Bami. (konke engikuphilayo kuyisimo sobunkulunkulu—kungakho ngithe ngaphambili, nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe owedlule ubuntu obejwayelekile.) Ngeke neze ngixolele noma ngubani ongicasulayo, futhi ngiyomenza abhubhe kuze kube phakade! Khumbula! Lokhu engikunqumile; ngamanye amazwi, lokhu kuyingxenye yezinqumo Zami zokuphatha engenakusilela. Wonke umuntu kufanele akubone lokhu: umuntu engiwuye nguNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uqobo Lwakhe. Lokhu kufanele kucace manje! Angikhulumi ngokunganakekeli. Ngisho futhi ngikhombe konke ngokucacile, uze uqonde ngokuphelele.

Isimo sishube kakhulu; hhayi ekhaya Lami kuphela, kodwa nakakhulu ngaphandle kwendlu Yami, ngicela ukuthi nifakazele igama Lami, niphile Ngokwami, futhi ningifakazele kuzo zonke izingxenye. Ngoba lezi manje yizikhathi zokugcina, konke sekulungile manje futhi konke kugcina ukubnakala kwakho kwasekuqaleni, futhi ngeke neze kuguquke. Labo okufanele balahlwe bayolahlwa, futhi labo okufanele bagcinwe bayogcinwa. Ningazami ukubambelela noma ukududula ngenkani. Ningaphazamisi ukuphatha kwami noma nibhidlize uhlelo Lwami. Kubantu, ngihlala nginothando futhi nginesihe esintwini, kodwa Kimi, isimo Sami sihlukaniswa ngokwezigaba zomsebenzi wami, ngoba nginguNkulunkulu ongokoqobo uqobo Lwakhe, futhi nginguNkulunkulu uqobo lwakhe wekhethelo. Ngiyikho kokubili ukungaguquleki futhi ngiguquka njalo. Lokhu kuyinto okungekho muntu okwazi ukuyiqonda. Kulapho nginitshela khona nalapho nginichazela khona kuphela lapho eniyocacelwa khona, lapho eniyoqonda khona. Kumadodana Ami, nginothando, nginesihe, ngilungile, ngiyaqondisa, kodwa angahluleli (ngalokho ngiqonde ukuthi angibhubhisi amadodana angamazibulo). Kulabo abangewona kwamadodana Ami, ngiguquka noma nini kuya ngokuguquka kwezinkathi: Nginothando, nginesihe, nginokulunga, nginobukhosi, ngiyahlulela, nginolaka, ngiyaqalekisa, ngiyashisa futhi ekugcineni ngibhubhisa inyama yabo. Labo ababhujiswayo bayoshabalala kanye nemimoya nemiphefumulo yabo. Kodwa kulabo abenza umsebenzi, kuyogcinwa kuphela imimoya nemiphefumulo yabo (mayelana nendlela yokwenza lokhu ngempela, ngiyonitshela lokhu kamuva, ukuze nikwazi ukuqonda). Nokho, abasoze babe nenkululeko futhi abasoze badedelwe, ngoba bangaphansi kwabantu Bami, futhi bangaphansi kokulawula kwabantu Bami. Isizathu ebesenza ngibenyanye kangaka abenzi bomsebenzi ukuthi bonke bayinzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi labo abangebona abenzi bomsebenzi nabo bayinzalo kadrako omkhulu obomvu. Ngamanye amazwi, bonke labo abangewona amadodana angamazibulo bayinzalo kadrako omkhulu obomvu. Uma ngithi labo abasesihlanzweni banginika indumiso engapheli, ngiqonde ukuthi bayongisebenzela kuze kube phakade. Lokhu kuqoshwe etsheni. Labo bantu bayohlala beyizigqila, izinkomo, namahhashi. Ngingabanquma noma nini futhi ngingababusa njengokufisa Kwami, ngoba bayinzalo kadrako omkhulu obomvu futhi abanaso isimo Sami. Njengoba beyinzalo kadrako omkhulu obomvu, banesimo sakhe, okungukuthi, banesimo sezilwane. Lokhu kuyiqiniso ngokungephikwe, futhi akuguquki kuze kube phakade! Lokhu kungenxa yokuthi konke kunqunyelwe ngaphambili Yimi. Akekho ongakuguqula (ngiqonde ukuthi ngeke ngivumele muntu ukuthi ephule lo mthetho); uma uzama, ngiyokushaya ngikuwise!

Kufanele nibone ezimfihlakalweni ukuthi ngambula isinyathelo uhlelo Lwami lokuphatha nomsebenzi Wami okuqhubekele kuso, nibone engikwenzayo ezandleni Zami, nibone labo okwehlela kubo ukwahlulela nolaka Lwami. Lokhu wukulunga Kwami. Esisekelweni sezimfihlakalo engizambulile, ngihlela umsebenzi Wami futhi ngiphatha uhlelo Lwami. Akekho ongaguqula lokhu—kufanele kwenziwe isinyathelo ngesinyathelo ngokwesifiso sami. Izimfihlakalo ziyindlela umsebenzi Wami owenza ngayo, futhi ziyizimpawu zezinyathelo ohlelweni Lwami lokuphatha. Akekho oyonezela noma asuse noma yini ezimfihlakalweni Zami ngoba uma imfihlakalo ingalungile, indlela ayilungile. Kungani manje ngambula izimfihlakalo kini? Siyini isizathu? Ngubani phakathi kwenu ongasho ngokucacile? Futhi ngishilo ukuthi izimfihlakalo ziyindlela, pho-ke le ndlela iqondise kuphi? Iyinqubo enedlula kuyo nisuka enyameni ningena emzimbeni, futhi lesi yisigaba esibalulekile. Emva kokwambula Kwami izimfihlakalo, imiqondo yabantu iya ngokuya isuswa futhi imicabango yabo iya ngokuya iba ntekenteke, le yinqubo yokungena endaweni yokomoya. Ngalokhu ngithi umsebenzi Wami wenzeka ngezinyathelo, futhi akuwona ongacacile—lokhu ungokoqobo, futhi lokhu kuyindlela Yami yokusebenza. Akekho ongaguqula lokhu ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe wekhethelo! Umsebenzi Wami uphethwa Yimi Ngokwami. Umhlaba wonke ulawulwa Yimi ngedwa, futhi ulungiselelwa Yimi ngedwa. Ngubani olokotha angangilaleli? (Ngokuthi “Mina ngedwa” ngiqonde uNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngakho ningabambeleli kakhulu emiqondweni yenu.) ngobani abalokotha baphikisane Nami? Bayojeziswa kanzima! Niwubonile umphumela kadrako omkhulu obomvu! Lokhu kuyisiphetho sakhe, kodwa futhi kuyinto engenakugwemeka. Umsebenzi kufanele wenziwe Yimi ukuze ahlazeke, ngeke akwazi ukubuye avuke, futhi uyobhujiswa kuze kube phakade! Manje ngiqala ukwambula izimfihlakalo. (Khumbulani! Izimfihlakalo eziningi ezambulwayo yizinto enihlala nizisho ngemilomo yenu kodwa okungekho muntu oziqondayo.) Ngithe zonke izinto abantu abazibona njengezingaqediwe seziphethiwe emehlweni Ami, futhi izinto engizibona nje njengezisaqala zibonakala seziphethiwe kubantu. Kuyaziphikisa lokhu? Akunjalo. Abantu bacabanga ngaleyo ndlela ngoba banemibono nemicabango yabo. Izinto engizihlelayo ziphethwa ngamazwi Ami (zisunguleka lapho ngisho njalo futhi ziphethwa lapho ngisho njalo), kodwa akubonakali Kimi sengathi izinto engizishilo ziphethiwe. Lokhu kungenxa yokuthi kunomkhawulo wesikhathi ezintweni engizenzayo, ngakho ngibona lezi zinto njengezingaphelele, kodwa emehlweni abantu enyama (ngenxa yokwehlukana kokuqonda isikhathi) seziqediwe. Manje abantu abaningi bayangisola ngenxa yezimfihlakalo Zami ezambuliwe. Ngenxa yokuqala kokungokoqobo, ngenxa yokuthi izinhloso Zami azihambisani nemibono yabantu, bamelana Nami futhi bayangiphika. Lona nguSathane ezithandela emaqhingeni akhe. (Bafuna ukwamukela izibusiso, kodwa bebengacabangi ukuthi uNkulunkulu ubengeke ahambisane nemibono yabo kuze kube kuleli qophelo, ngakho bayahoxa.) Lokhu futhi kuwumthelela womsebenzi Wami. Bonke abantu kufanele bangidumise, bangihalalisele, futhi bangikhazimulise. Konke ngempela kusezandleni Zami futhi konke kungaphakathi kokwehlulela Kwami. Lapho bonke abantu begelezela entabeni Yami, lapho amadodana angamazibulo ebuya enqobile, lokho kuyisiphetho sohlelo Lwami lokuphatha. Kuyisikhathi sokuphetha uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Konke kulungiselelwa Yimi mathupha. Sengikusho izikhathi eziningi lokhu. Ngenxa yokuthi nisaphila emibonweni yenu ngikugcizelela kaningi lokhu, ukuze ningenzi phutha lapha bese niphazamisa uhlelo Lwami. Abantu abakwazi ukungisiza noma babambe iqhaza ekuphatheni Kwami, ngoba manje niseyinyama negazi (nakuba ningabami, nisaphila enyameni). Ngalokhu ngithi, labo abayinyama negazi abakwazi ukwamukela ifa Lami. Lokhu futhi kuyisizathu esiphambili sokukwenza ungene endaweni yokomoya.

Emhlabeni, ukuzamazama komhlaba kuwukuqala kwenhlekelele. Okokuqala, ngenza umhlaba, okusho izwe, uguquke. Lokho kulandelwa yizinhlupho nendlala. Lolu uhlelo Lwami, lezi yizinyathelo Zami, futhi ngiyogqugquzela yonke into ukuba ingisebenzele, iqede uhlelo Lwami lokuphatha. Ngalokhu wonke umhlaba uyobhujiswa, nangaphandle kokungenela Kwami ngokuqondile. Lapho ngiba yinyama okokuqala futhi ngibethelwa esiphambanweni, umhlaba wazamazama kakhulu; kuyoba ngokufanayo ekugcineni. Ukuzamazama komhlaba kuyoqala ngesikhathi kanye lapho ngingena endaweni yokomoya ngisuka enyameni. Ngakho ngithi, amadodana angamazibulo ngeke neze ehlelwe yinhlekelele. Abantu abangewona amadodana angamazibulo bayosala enhlekeleleni futhi bahlupheke. Ngakho, ngokwesintu, wonke umuntu uzimisele ukuba yindodana eyizibulo. Ekubikezeleni kwabantu akukhona ngenxa yokuthokozela izibusiso, kodwa ngokokuphunyuka ekwehlelweni yinhlekelele. Leli yicebo likadrako omkhulu obomvu. Kodwa ngeke ngimdedele. Ngiyomenza ehlelwe ukujezisa Kwami okunzima futhi bese esukuma engenzela umsebenzi (lokhu kubhekise ekupheleliseni amadodana nabantu Bami), kumenze njalo aluthwe ngamacebo akheo, amukele kuze kube phakade ukujezisa Kwami futhi amukele kuze kube phakade ukushiswa Yimi. Lokhu kuwumqondo wangempela wokwenza abenzi bomsebenzi bangidumise (ukubasebenzisa ukwambula amandla Ami amakhulu). Ngeke ngivumele udrako omkhulu obomvu anyonyobe angene embusweni wami, futhi ngeke nginikeze udrako omkhulu obomvu ilungelo lokungidumisa! (Ngoba akafanele, akaze afanele!) Ngiyomenza kuphela angenzele umsebenzi kuze kube phakade! Ngiyomenza kuphela awe phambi kwami. (Labo ababhujisiwe bangcono kunalabo abasekufeni okuphakade. Ukubhubha kuyisijeziso esinzima sesikhashana kuphela, kodwa labo abasekufeni kwaphakade bayokwehlelwa ukujeza kanzima kuze kube phakade, ngakho ngisebenzisa ukuwa. Ngoba laba bantu bangena ngokunyenya ekhaya Lami futhi bathokozele okuningi komusa Wami futhi banolwazi oluthile Ngami, ngisebenzisa izijeziso ezinzima. Mayelana nalabo abangaphandle kwendlu Yami, ungasho uthi abangazi lutho ngeke bahlupheke.) Emibonweni yabantu, bacabanga ukuthi ukubhujiswa kubi ngokwengeziwe kunokufa okuphakade, kodwa empeleni, labo abasekufeni okuphakade kufanele bajeziswe kanzima kuze kube phakade, futhi labo ababhubhayo bayophindela ekungabini yilutho kuze kube phakade.

Okwedlule: Isahluko 107

Okulandelayo: Isahluko 109

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp