Isahluko 107

Lapho amazwi Ami efinyelela ezingeni elithile lokuqina, abantu abaningi bayahoxa ngenxa yawo—futhi kungalo mzuzu kanye lapho kwembulwa khona amadodana Ami angamazibulo. Ngishilo ukuthi ngeke ngiphakamise nomunwe, kodwa ngiyosebenzisa kuphela amazwi Ami ukufeza zonke izinto. Ngisebenzisa amazwi Ami ukubhubhisa lokho engikuzondayo, futhi ngisebenzisa amazwi Ami ukuphelelisa amadodana Ami angamazibulo. (Lapho amazwi Ami ekhulunywa, imidumo eyisikhombisa iyozwakala, futhi kulowo mzuzu amadodana Ami angamazibulo Nami siyoguquka isimo bese singena endaweni yokomoya.) Lapho ngithi uMoya Wami usebenza mathupha, ebengikusho ukuthi amazwi Ami afeza konke, futhi ngalokhu umuntu uyabona ukuthi nginamandla onke. Ngakho, umuntu uyibona ngokucace okukhulu ngokwengeziwe inhloso nenjongo yalowo nalowo musho Wami. Ngishilo ngaphambili, konke engikushoyo ngaphakathi kobuntu Bami kuyingxenye yokubonakaliswa Kwami. Ngakho, labo bantu abangakwazi ukuqiniseka futhi abangakholwa kulokho engikushoyo ngaphakathi kobuntu Bami obejwayelekile kufanele basuswe! Ngigcizelele ngokuphindaphinda ukuthi ubuntu Bami obejwayelekile buyingxenye engenakusilela yobunkulunkulu Bami obuphelele, kodwa abantu abaningi kakhulu basagxila ebunkulunkulwini Bami obuphelele lapho benganaki ubuntu Bami. Niyizimpumputhe! Uthi angihambisani nemibono yakho, nokuthi umuntu engiwuye akahambisani noNkulunkulu wakho. Ingabe laba bantu bangahlala embusweni Wami? Ngiyokugxoba ngaphansi kwezinyawo Zami! Lokotha nje ungihlubuke! Lokotha nje uqhubeke nenkani engaka! Ukumamatheka Kwami akuhambisani nemiqondo onayo, ukukhuluma Kwami akumnandi ezindlebeni Zakho, akunjalo? Zonke lezi zinto kufanele uzithande—ingabe uNkulunkulu unjalo? Futhi laba bantu bafuna ukuhlala endlini Yami, futhi bamukele izibusiso embusweni Wami? Ingabe awuphuphi emini? Kungenzeka kanjani kube khona into emangalisa kangako! Ufuna ukungangilaleli, kodwa ube ulokhu wamukela izibusiso Kimi. Ngithi kuwe: Ngeke kwenzeke! Labo abangena embusweni Wami futhi bamukele izibusiso kufanele kube abantu engibathandayo, njengoba ngishilo izikhathi eziningi. Kungani ngigcizelela la mazwi? Ngiyakwazi futhi ngiyakuqonda lokho wonke umuntu akucabangayo enhliziyweni yakhe, angidingi ukukhomba yonke imicabango yakhe. Izimo zabo zangempela zizokwambulwa ngamazwi Ami okwahlulela futhi bonke bayokhala ngosizi phambi kwesihlalo Sami sokwahlulela. Leli yiqiniso elicacile okungekho muntu ongaliguqula! Ekugcineni, ngiyobangenisa emgodini ongenamkhawulo ngabanye ngabanye. Lokhu kungumthelela wokugcina wokwahlulela Kwami uSathane ongudeveli. Kufanele ngisebenzise ukwahlulela nezinqumo zokuphatha ukuze ngiphathe umuntu ngamunye, futhi lokhu kuyindlela Yami yokusola. Ingabe ninolwazi lwangempela ngalokhu? Angidingi ukunika uSathane isizathu, ngisebenzisa nje induku Yami yensimbi ukumshaya aze agebele ekufeni ezinxusela isihe kaningi. Ngakho lapho abantu befunda amazwi Ami okwahlulela, abakwazi ukuqonda ngisho isicucu sakho, kodwa ngokokubuka Kwami, umugqa nomugqa, nomusho nomusho uwukwenziwa kwezinqumo Zami zokuphatha. Lokhu kuyiqiniso elicacile.

Kusuka namuhla ngiletha ukwahlulela, lokhu kubandakanya isihlalo sokwahlulela. Ngaphambili benilokhu nithi nizokwamukela ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo sikaKristu. Niyakuqonda ukwahlulela, kodwa anikwazi ukucabanga isihlalo sokwahlulela. Mhlawumbe abanye abantu bacabanga ukuthi isihlalo sokwahlulela siyinto ebonakalayo, bangasicabanga njengetafula elikhulu, noma mhlawumbe isihlalo sokwahlulela njengasemhlabeni wezwe. Empeleni, encazelweni Yami kulokhu, ngeke ngikuphike enikushilo, kodwa Kimi, izinto ezisemicabangweni yabantu zisenomqondo ocashile. Ngalokhu lisebanzi igebe phakathi kwemicabango yabantu nomqondo Wami wokuqala njengebanga eliphakathi kwezulu nomhlaba. Emibonweni yabantu, kukhona abantu abaningi abalele phambi kwesihlalo sokwahlulela, bekhala ngosizi futhi benxusa isihe. Lokhu sekuyisicongo sokucabanga kobuntu futhi akekho ongacabanga okunye okungaphezu kwalokho. Siyini-ke isihlalo sokwahlulela? Ngaphambi kokwambula izimfihlakalo, kufanele niphike konke enikucabangile ngaphambili futhi kulapho kuphela umgomo wami ungafezwa khona. Le iyona kuphela indlela imiqondo nemicabango yenu kule ndawo engasuswa ngayo. Kufanele nilalelisise ngazo zonke izikhathi lapho ngikhuluma. Akufanele ninganaki. Isihlalo Sami sokwahlulela silokhu simiswe kusuka ekudalweni komhlaba. Ezinkathini nasezizukulwaneni ezedlule, abantu abaningi bafile phambi kwesihlalo Sami sokwahlulela, futhi abantu abaningi bavukile phambi kwaso, babuyela ekuphileni. Kungashiwo futhi ukuthi kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni ukwahlulela Kwami akumi neze, ngakho isihlalo Sami sokwahlulela sihlala sikhona. Lapho kukhulunywa ngesihlalo sokwahlulela, abantu bonke banophawu lokwesaba kubo. Ngempela, kusuka kulokho engikusho ngenhla, anazi nhlobo ukuthi isihlalo sokwahlulela siyini. Isihlalo sokwahlulela nokwahlulela kukhona kanyekanye, kodwa kuyizinto ezimbili ezehlukene. (Lokhu akukhona okubonakalayo, kodwa kubhekise emazwini. Abantu abakwazi nhlobo ukukubona.) ukwahlulela kubhekise emazwini Ami. (kungakhathaleki ukuthi anzima noma athambile, onke abandakanyiwe ekwahluleleni Kwami. Ngalokhu, noma yini engiyikhuluma ngomlomo Wami iwukwahlulela.) Ngaphambili, abantu behlukanisa amazwi ezinhlotsheni eziningi ezehlukene, kuhlanganisa amazwi okwahlulela, amazwi amnandi, namazwi anikeza ukuphila. Namuhla, ngizonicacisela ukuthi ukwahlulela namazwi Ami kuxhumene. Ngamanye amazwi, ukwahlulela kungamazwi Ami, futhi amazwi Ami awukwahlulela. Akufanele nikhulume ngakho ngokwehlukana. Emicabangweni yabantu, bacabanga ukuthi amazwi anzima awukwahlulela, kodwa abantu banokuqonda okungaphelele. Konke engikushoyo kuwukwahlulela. Ukuqala kokwahlulela okushiwo esikhathini esedlule kubhekise eMoyeni Wami uqala ngokusemthethweni ukusebenza kuyo yonke indawo futhi wenza izinqumo Zami zokuphatha. Kulo musho, “ukwahlulela” kubhekise kokungokoqobo kwangempela. Manje ngizochaza isihlalo sokwahlulela: Kungani ngithi isihlalo sokwahlulela sikhona kusuka phakade kuya phakade futhi sihamba nokwahlulela Kwami? Niyasiqonda ngokuchaza Kwami ukwahlulela? Isihlalo sokwahlulela sibhekise kumuntu engiwuye. Kusuka phakade kuya phakade, ngihlala ngibeka imibono Yami futhi ngikhuluma. Ngiphila phakade, ngakho isihlalo Sami sokwahlulela nokwahlulela Kwami kuyohlala kukhona kanyekanye. Lokhu kufanele kucace manje! Abantu bangiphatha njengento esemicabangweni yabo, kodwa mayelana nalokhu anginigxeki futhi anginilahli. Ngifisa kuphela ukuthi nibe nenhliziyo elalelayo futhi namukele isambulo Sami, bese nazi kuso ukuthi nginguNkulunkulu ophethe konke uqobo Lwakhe.

Amazwi Ami awaqondakali ngokuphelele kubantu, kulukhuni kubo ukuthola izinyathelo Zami, futhi intando Yami ayiqondakali kubo. Ngakho, isimo enikuso namuhla (ukwazi ukwamukela isambulo Sami, ukuqonda intando Yami ngaphakathi kwaso, nokulandela izinyathelo Zami ngaso) ngokuphelele kuwumphumela wezenzo Zami ezimangalisayo, umusa Wami nesihawu Sami. Ngelinye ilanga, ngiyoze ngikwenze ubone ukuhlakanipha Kwami, ubone engikwenzile ngezandla Zami, futhi ubone isimangaliso somsebenzi Wami. Khona-ke, umongo walo lonke uhlelo Lwami lokuphatha uyokwambulwa ngokuphelele phambi kwamehlo enu. Kulo lonke izulu nomhlaba nansuku zonke, kukhona izibonakaliso zezenzo Zami ezimangalisayo, futhi zonke zingenzela umsebenzi ukuze uhlelo Lwami lokuphatha lufezwe. Lapho lokhu kwembulwa ngokuphelele, niyobona ukuthi yiluphi uhlobo lwabantu engilulungiselele ukwenza umsebenzi, yiluphi uhlobo lwabantu engilulungiselele ukugcwalisa intando Yami, yikuphi engikufeze Ngokwami, yiluphi uhlobo lwabantu olukhalayo, yiluphi uhlobo lwabantu olugedla amazinyo alo, yiluphi uhlobo lwabantu oluzokwehlelwa yimbubhiso, futhi yiluphi uhlobo lwabantu oluzobhubha. “Ngembubhiso,” ngibhekise kulabo abayophonswa echibini lomlilo nesibabuli, futhi abayosha ngokuphelele; “ngokufa okuphakade,” ngisho labo abayophonswa emgodini ongenamkhawulo ukuze bahlale khona phakade. Ngakho, ningadidanisi ukubhujiswa nokufa okuphakade kube sengathi yinto eyodwa. Kunalokho, lokhu kokubili kwehlukene kakhulu. Abenzi bomsebenzi abashiya igama Lami namuhla bayokwehlelwa ukufa okuphakade, futhi labo abangebona abegama Lami bayokuya ekubhujisweni. Kungakho ngithi labo abehlelwa ukufa okuphakade bayonginika udumo olungapheli emva kokwahlulela Kwami, kodwa labo bantu ngeke kususwe kubo ukusola Kwami, bayohlala bamukela ukubusa Kwami. Lokhu kungakho ngithi umgodi ongenamkhawulo yisandla engisisebenzisayo ukusola abantu. Ngithi futhi konke kusezandleni Zami. Nakuba ngithe “umgodi ongenamkhawulo” ubhekise ethonyeni likaSathane, kusezandleni Zami futhi ukuthi ngiwusebenzisele ukusola abantu. Ngakho, lapho ngithi konke kusezandleni Zami, akukho kuphikisana. Amazwi ami awanakho ukungabi nasibopho. Afanele futhi ayezwakala. Awakona ukuziqambela nje noma umbhedo, futhi wonke umuntu kufanele akholwe ngamazwi Ami. esikhathini esizayo, niyohlupheka ngenxa yalokhu. Ngenxa yamazwi Ami, abantu abaningi bayabanda, noma baphelelwe yithemba, noma badumale, noma bakhale, noma balile. Kuyoba khona zonke izinhlobo zezimpendulo. Ngelinye ilanga, lapho bonke abantu engibazondayo behoxa, umsebenzi Wami uyofezeka. Esikhathini esizayo, abantu abaningi bayowa ngenxa yamadodana angamazibulo, futhi ekugcineni bayoshiya isinyathelo ngesinyathelo. Ngamanye amazwi, indlu Yami iyokuya ngokuya iba ngcwele, futhi zonke izinhlobo zamadimoni ziyoqhela kancane eceleni Kwami, ngokuthula, ngokuthoba, futhi ngaphandle kwezwi lokukhononda. Emva kwalokho, amadodana Ami angamazibulo ayokwambulwa, futhi ngiyoqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi wami. Yilapho kuphela amadodana angamazibulo eyoba khona amakhosi kanye Nami bese sibusa phezu kwalo lonke izulu nomhlaba. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami, futhi ziyingxenye ebalulekile yohlelo Lwami lokuphatha. Ungakuzibi lokhu, kungenjalo uyoba nephutha.

Lapho amazwi Ami ambulwa kini yisikhathi engiyoqala ngaso umsebenzi Wami. Akukho nelilodwa izwi Lami elingeke ligcwaliseke. Kimi, usuku olulodwa lufana neminyaka eyinkulungwane, futhi iminyaka eyinkulungwane ifana nosuku olulodwa. Nikubona kanjani? Umqondo wenu ngesikhathi wehluke kakhulu Kowami, ngoba ngilawula umhlaba, futhi ngifeza zonke izinto. Umsebenzi Wami wenziwa usuku ngosuku, isinyathelo ngesinyathelo, nesigaba ngesigaba, futhi ngaphezu kwalokho isivinini somsebenzi Wami asimi nomzuzwana owodwa, siyaqhubeka imizuzu yonke. Kusuka ekudalweni komhlaba, amazwi Ami akaze aphazanyiswe. Selokhu ngiqhubekile nokukhuluma futhi ngaqhubeka nokuphimisela, ngisho nanamuhla, futhi kuyohlala kungaguqukile esikhathini esizayo. Nokho, isikhathi Sami silungiselelwe futhi sahlelwa, futhi sihleleke kakhulu. Ngiyokwenza engidinga ukukwenza lapho ngidinga ukukwenza (Kimi, konke kuyodedelwa, konke kuyokhululeka), futhi angiphazamiseki nakancane mayelana nezinyathelo zomsebenzi Wami. Ngingalungiselela wonke umuntu endlini Yami, ngingalungiselela wonke umuntu emhlabeni, kodwa angimatasa okutheni, ngoba uMoya Wami uyasebenza, uMoya Wami ugcwalisa yonke indawo, ngoba ngiwuNkulunkulu uqobo Lwakhe wekhethelo futhi umhlaba wonke usezandleni Zami. Ngalokhu, umuntu uyabona ukuthi nginamandla onke, ngihlakaniphile futhi inkazimulo Yami igcwalisa lonke igumbi lomhlaba.

Okwedlule: Isahluko 106

Okulandelayo: Isahluko 108

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp