Isahluko 106

Labo abangawazi amazwi Ami, labo abangabazi ubuntu Bami obejwayelekile, nalabo abedelela ubunkulunkulu Bami bayobhujiswa bashabalale. Akekho oyoxolelwa kulokhu, futhi bonke kufanele batholakale befanelekile kule ngxenye, ngoba iyisinqumo Sami sokuphatha, futhi lokhu kuyisigatshana okubaluleke kakhulu ukusenza. Labo abangawazi amazwi Ami yilabo abalalele lokhu engikukhombe ngokucacile, nokho abakawazi, ngamanye amazwi labo abangaziqondi izindaba zokomoya (njengoba ngingasidalelanga abantu lesi sitho, angifuni okuningi kubona; ngifuna nje ukuba balalele amazwi Ami bese bewenza). Abayibo abantu bendlu Yami, abalona uhlobo olufanayo Nami; bangabendawo kaSathane. Ngakho angifuni noyedwa walaba bantu ongaqondi izindaba zokomoya. Ngaphambili, nacabanga ukuthi ngase ngiqhele kakhulu; namuhla nizoqonda. Zingakhuluma kanjani izilwane noNkulunkulu? Kunomqondo kodwa lokhu? Labo abangabazi ubuntu Bami obejwayelekile yilabo abasebenzisa imibono yabo ukulinganisela lokho engikwenza ebuntwini Bami. Esikhundleni sokulalela, bona, ngamehlo abo enyama, bazama ukungihlaziya. Mhlawumbe ngikhulumele ize? Ngithe ubuntu Bami obejwayelekile buyingxenye Yami engingeke ngehlukane nayo, uNkulunkulu ophelele uqobo Lwakhe, futhi lokhu kuyindlela efanele ubuntu Bami obejwayelekile nobunkulunkulu obuphelele okusebenzisana ngayo ngokuzwana: Lapho izinto engizenza ngobuntu Bami obejwayelekile zingavumelani nemicabango yabantu, labo abangiphikisayo nalabo abangafanelene Nami bayambulwa. Emva kwalokho, ubunkulunkulu Bami obuphelele bukhuluma ngobuntu, ngibhekane nabanye abantu ngale ndlela. Uma ungakuqondi engikwenzayo kodwa ulalela nokho, lolu hlobo lomuntu angilulahli, kodwa ngiyalukhanyisela. Lolu wuhlobo lomuntu engiluthandayo, futhi ngenxa yokulalela kwakho ngiyakukhanyisela. Labo abedelela ubunkulunkulu Bami bahlanganisa labo abangawazi amazwi Ami, labo abangahambisani nobuntu Bami obejwayelekile, nalabo abangakuvumi engikwenza ebunkulunkulwini (isibonelo, ukuthukuthela Kwami noma ukwakha ibandla njalonjalo). Lokho kungukuvezwa kokwedelelwa kobunkulunkulu Bami. Kodwa kukhona into eyodwa engiyigcizelelayo futhi umuntu wonke kini okufanele ayinake: Labo abangahambisani nomuntu engiwuye namuhla bamelana nobunkulunkulu Bami. Kungani ngilokhu ngithi umuntu engiwuye unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ophelele? Isimo somuntu engiwuye siqukethe sonke isimo sobunkulunkulu; ningangilinganisi ngokusebenzisa imicabangoo yobuntu. Ngisho manje, abantu abaningi basathi nginobuntu obejwayelekile ngakho-ke izinto engizenzayo akusho ukuthi zonke zilungile. Laba bantu—ave bezicelela ukufa nje? Abazi nelilodwa izwi lalokhu engikushoyo, futhi akungabazeki ukuthi bayinzalo yezimpumputhe, inzalo kadrako omkhulu obomvu! Ngizophinda ngitshele wonke umuntu (futhi ngeke ngisaphinda ngikusho emva kwalokhu, uma umuntu ekwephula futhi lokhu, nakanjani uyoqalekiswa): Amazwi Ami, ukuhleka Kwami, ukudla Kwami, ukuphila Kwami, ukukhuluma nokuziphatha Kwami konke kwenziwa Yimi—uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi akukho nengxenye encinyane yobuntu ekhona kulokhu, ayikho! Ayikho nhlobo! Nonke kufanele niyeke ukudlala umacashelana, yekani izibalo zenu ezingenamsebenzi. Lapho niqhubeka ngokwengeziwe nalokhu niyobhubha ngokwengeziwe. Lalelani iseluleko Sami!

Ngihlala ngihlola ingaphakathi lenhliziyo yawo wonke umuntu, ngihlola igam anegana nesenzo nesenzo sabo, futhi ngibabona ngokucacile, ngabanye ngabanye, labo engibathandayo nalabo engingabathandi. Lokhu yinto abantu abangakwazi ukuyicabanga, futhi ngaphezu kwalokho, yinto abantu abangakwazi ukuyifeza. Sengisho okuningi futhi ngenze izinto eziningi; ngubani oyokwazi ukukhuluma ngokucacile ngokuthi yiziphi izinhloso eziyisisekelo senkulumo Yami, nokuyisisekelo somsebenzi Wami? Akekho ongakhuluma ngakho ngokucacile. Emva kwalokhu, ngiyokhuluma ngokwengeziwe; ohlangothini olulodwa lokhu kuyosusa bonke abantu engingabathandi, futhi kolunye, kuyonenza nihlupheke kakhudlwana kancane kulokhu, ukuze niphinde nizwe ukuvuka ekufeni kodwa ngobunzima obengeziwe. Lokhu ngeke kunqunywe ngabantu, futhi akekho ongakubalekela. Ngisho nikwazi lokhu manje, lapho kufika isikhathi niyobe ningakakwazi ukugwema lokhu kuhlupheka, ngoba ngisebenza kanje. Kufanele ngisebenze kanje ukuze ngifinyelele ezinhlosweni Zami, futhi ukuze ngenze intando Yami igcwaliswe phezu kwenu. Kungakho kubizwa “ngokuhlupheka okufanele nedlule kukho.” Inyama yenu ngeke ihlupheke futhi emva kwalokho, ngoba udrako omkhulu obomvu uyobe esebhujiswe Yimi, futhi ngeke alokothe alwe futhi. Lokhu kuyisinyathelo sokugcina ngaphambi kokungena emzimbeni; yisigaba sokuguquka. Kodwa ningesabi, ngiyonihola ngokuqinisekile ezinkingeni zonke. Kholwani ukuthi nginguNkulunkulu olungileyo uqobo Lwakhe. Lokho engikushilo nakanjani kuyofezeka. NginguNkulunkulu othembekile uqobo Lwakhe. Onke amazwe, yonke imihlaba, nawo wonke amahlelo kubuyela Kimi futhi kunqwabelana esihlalweni Sami sobukhosi. Lawa ngamandla Ami amakhulu, futhi ngiyokwahlulela yonke ingane yokuhlubuka, ngiziphonse echibini lomlilo nesibabuli, akekho oyosala, bonke kufanele bahlehle. Lesi yisinyathelo sokugcina sohlelo Lwami lokuphatha, futhi lapho lokhu sekuphethiwe, ngiyongena ekuphumuleni, ngoba konke kuyobe sekwenziwe, nohlelo Lwami lokuphatha luyobe selufike esiphethweni.

Ngenxa yokuthi isivinini somsebenzi Wami sesandile (nakuba inhliziyo Yami ingakhathazekile), ngambula amazwi Ami kini nsuku zonke, nginambulela izimfihlakalo engiziphethe nsuku zonke, ukuze nikwazi ukulandela eduze ezinyathelweni Zami. (Lokhu wukuhlakanipha Kwami, ukusebenzisa amazwi Ami ukuphelelisa abantu, kodwa futhi ukushaya abantu. Bonke bafunda amazwi Ami, futhi bayakwazi ukwenza ngokuhambisana nentando Yami emazwini Ami. Labo abanomqondo ophambene bayoba nomqondo ophambene, labo okufanele bambulwe bayokhombisa ubunjalo babo, abedelelayo bayodelela, nalabo abangithanda ngokwethembeka bayokwethembeka nakakhulu. Ngalokhu, bonke bangalandela izinyathelo Zami. Izimo eziningana engizibalile zonke ziyizindlela zendlela engisebenza ngayo futhi yizinhloso engifuna ukuzifeza.) Esikhathini esedlule ngithe: Noma ngabe nginihola kanjani, kufanele nifune ngendlela efanayo; noma ngithini kini, kufanele nilalele. Iyini inhloso nokubaluleka kwezwi Lami? Niyaqonda? Bangaki abantu abangakusho ngokugcwele lokhu? Lapho ngithi “Noma nginihola kanjani, kufanele nifune ngendlela efanayo,” angibhekisile kuphela ekuqondiseni engikunikeza njengomuntu engiwuye; ngibhekise nasemazwini engiwakhulumayo nasendleleni engiyithathayo. Namuhla, leli zwi ligcwaliseke ngempela. Lapho ngiqeda ukukhuluma amazwi Ami, zonke izinhlobo zobuso bobudimoni ziyadalulwa phambi kokukhanya ebukhoneni Bami, ukuze nibubone bonke ngokucacile. Leli zwi Lami aliyiso kuphela isimemezelo kuSathane, kodwa liwukuphathisa nina nonke. Abaningi kini bayaliziba leli zwi, bekholwa ukuthi liyisipho kini, kodwa aniboni ukuthi leli yizwi lokwahlulela, izwi eliphethe igunya. Inhloso yamazwi Ami ukuyalela uSathane ukuba angisebenzele ngokufanele futhi angilalele ngokuphelele. Ezimfihlakalweni engizambulile esikhathini esedlule, kusekhona eziningi eningakaziqondi, ngakho esikhathini esizayo ngizokwambula ezengeziwe kini, ukuze nibe nokuqonda okucace nokuphelele ngokwengeziwe.

Lapho kufika izinhlekelele, bonke abantu bayethuka. Bonke abantu balila ngosizi futhi bezwe bezizonda izinto ezimbi abazenza esikhathini esedlule, kodwa ngaleso sikhathi sisuke sesedlule kakhulu isikhathi ngoba le yinkathi yolaka. Akuseyiso isikhathi sokusindisa abantu nokunikeza umusa, kodwa yisikhathi sokususa bonke abenzi bomsebenzi bese kuvunyelwa amadodana Ami abuse egameni Lami. Lokhu ngempela kwehlukile esikhathini esedlule futhi akukaze kwenzeke selokhu kwadalwa umhlaba. Ngoba ngadala umhlaba kanye, ngiyowubhubhisa umhlaba kanye, futhi lokho engikunqumele ngaphambili akukwazi ukuguqulwa yinoma ngubani. Amagama amabili “abantu abangamaKristu ahlangeneyo” kanye “nabantu abasha abangamaKristu omhlaba wonke ahlangeneyo” kukhulunyiwe ngawo ngaphambili. Kufanele achazwe kanjani? Ingabe abantu abangamaKristu ahlangeneyo babhekise emadodaneni angamazibulo? Ingabe uma kukhulunywa ngabantu abasha abangamaKristu omhlaba wonke ahlangeneyo nalapho kusuke kukhulunywa ngamadodana angamazibulo? Cha, abantu abakuhumushile ngokufanele. Ngoba imiqondo yabantu ikwazi ukuqonda izinto kufike kuleli zinga kuphela, ngizokucacisa lokhu kini lapha namanje. Abantu abangamaKristu ahlangeneyo nabantu abasha abangamaKristu omhlaba wonke ahlangeneyo abafani, kodwa banemiqondo eyehlukene. Nakuba ukubekwa kwala magama amabili kufana kakhulu, futhi engase abonakale eyinto efanayo, isimo sangempela singokuphambene ngokuphelele. Kubhekiswe kubani ngempela ngabantu abangamaKristu ahlangeneyo? Noma babhekise kuphi? Lapho kukhulunywa ngamadoda angamaKristu, wonke umuntu uyocabanga Ngami. Abenzi phutha nhlobo ngokwenza njalo. Ngaphezu kwalokho, emiqondweni yabantu, igama elithi “abantu” nakanjani liyosho izidalwa ezingabantu, futhi akekho umuntu ongalimatanisa nokunye. Lapho kukhulunywa “ngokuhlangene,” abantu bayocabanga ukuthi lokhu kungukubuthana kwabantu abaningi futhi bacishe babe yinto eyodwa, ngakho kuthiwa kuhlangene. Lapha kuyabonakala ukuthi imiqondo yabantu mincane kakhulu, futhi abakwazi ukuwuqonda nhlobo umqondo Wami. Manje, ngizoqala ngokusemthethweni ukuhlanganyela ngalokho abantu abangamaKristu ahlangeneyo abayikho (kodwa wonke umuntu kufanele abeke eceleni imicabango yakhe, kungenjalo akekho oyokwazi ukuqonda, futhi noma bengilichaza igama, abantu bebengeke bakukholwe noma bakuqonde): Lapho eqeda ukukhulunywa amazwi Ami, amadodana Ami angamazibulo onke ayokwazi ukwenza ngokuhambisana nentando Yami, futhi abonakalise intando Yami, ukuze abenhliziyonye futhi akhulume ngomlomo owodwa. Lapho bahlulela izizwe zonke nabo bonke abantu, bayokwazi ukwenza ukulunga Kwami, futhi besebenzise izinqumo zami zokuphatha; bawukuvezwa Kwami, futhi bawukubonakaliswa Kwami. Ngakho, kungashiwo ukuthi abantu abangamaKristu ahlangeneyo bayiqiniso lamadodana angamazibulo enza izinqumo Zami zokuphatha, bayigunya ezandleni zamadodana angamazibulo; futhi konke lokhu kuhlobene noKristu, okuholela egameni labantu abangamaKristu. Ngaphezu kwalokho, onke amadodana angamazibulo angenza ngokwentando Yami, ngakho ngisebenzisa igama lokuhlangana. Abantu abasha abangamaKristu omhlaba wonke ahlangeneyo basho bonke abantu abasegameni Lami, ngamanye amazwi, amadodana Ami angamazibulo, amadodana Ami, nabantu Bami. Igama “abasha” libhekise egameni Lami. Ngoba basegameni Lami (igama Lami liphethe konke, futhi lisha kuze kube phakade futhi aligugi nhlobo, aliguqulwa ngumuntu), futhi bayohlala bephila phakade esikhathini esizayo, bangabantu abasha bomhlaba wonke. “Ohlangeneyo” lapha umayelana nesibalo sabantu, futhi akufani nalokhu okwedlule. Lapho izwi lami likhulunywa, bonke kufanele bakholwe yilo. Ningangabazi. Susani imiqondo yenu nemicabango yenu yobuntu. Inqubo Yami yamanje yokwambula izimfihlakalo yiyo kanye inqubo yokususa imiqondo nemicabango yabantu (ngoba abantu basebenzisa imibono yabo ukulinganisa Mina nokulinganisa engikushoyo, ngisebenzisa izimfihlakalo Zami ezambuliwe ukususa imiqondo yobuntu nokususa ukucabanga kobuntu). Lo msebenzi uzoqedwa maduze. Lapho izimfihlakalo Zami zambulwa kuze kufike esigabeni esithile, abantu bayocishe bangabi nokunye ukucabanga ngamazwi Ami futhi bayoyeka ukusebenzisa imiqondo yabo ukulinganisa Mina. Lokho abakucabangayo nsuku zonke, ngiyokwambula, futhi ngiyogadla ngokuphindisela. Eqophelweni elithile, abantu ngeke besacabanga, amakhanda abo ngeke abe nalutho engasenamicabango, futhi lokho kuyoba lapho niyongena khona endaweni yokomoya. Kufanele nisuse imibono yobuntu ngaphambi kokuba ngcwele futhi ningangcoli bese ningena endaweni yokomoya, futhi lokhu kungumqondo wokuqala wokuthi “Ngiwumzimba wokomoya ongcwele.” Kodwa kufanele nenze ngokuhambisana nezinyathelo Zami, futhi ngaphambi kokuthi nibone, isikhathi Sami siyofika.

Okwedlule: Isahluko 105

Okulandelayo: Isahluko 107

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp