Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)

Kufanele nazi ngendaba yangaphakathi nokwakheka kweBhayibheli. Lolu lwazi aluphathwa yilabo abangakawemukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu. Abazi. Bachazeleni lezi zindaba ezibalulekile, ngeke baziqhenye ngolwazi lwabo lweBhayibheli. Bahlala becubungula lokhu osekuphrofethiwe: Ingabe le nkulumo seyenzekile? Ingabe leya nkulumo seyenzekile? Ukwamukela kwabo ivangeli kungokuhambisana neBhayibheli; Bashumayela ivangeli ngokuvumelana neBhayibheli. Bancika emagameni eBhayibheli ukuze bakholwe kuNkulunkulu; ngaphandle kweBhayibheli, ngeke bakholwe kuNkulunkulu. Yindlela abaphila ngayo le, ukucubungula iBhayibheli kanje. Lapho bephinda becubungula iBhayibheli bekubuza izincazelo, ungathi, “Okokuqala, asingaqinisekisi zonke izinkulumo. Kunalokho, asibheke ukuthi uMoya oNgcwele usebenza kanjani. Ake sithathe indlela esiyihambayo siyiqhathanise neqiniso ukuze sibone ukuthi le ndlela iyahambisana yini nomsebenzi kaMoya oNgcwele, bese sisebenzisa umsebenzi kaMoya oNgcwele ukubheka ukuthi indlela enje ilungile yini. Okokuthi le nkulumo noma leya nkulumo seyenzekile yini, thina bantu asingangeneli. Kuhle kithina ukuthi, kunalokho sikhulume ngomsebenzi kaMoya oNgcwele nomsebenzi omusha uNkulunkulu awenzayo manje. Iziphrofetho eziseBhayibhelini zingamazwi kaNkulunkulu akhulunywa ngaleso sikhathi ngabaphrofethi namazwi abhalwe ngabantu ababesetshenziswa uNkulunkulu sebethole ukukhuthazeka; nguNkulunkulu uqobo kuphela ongachaza lawo mazwi, futhi nguMoya oNgcwele kuphela ongenza incazelo yala mazwi yaziwe, futhi nguNkulunkulu kuphela ongaqaqa izimpawu eziyisikhombisa ukuze kuvuleke umqulu. Aniyena uNkulunkulu, nami angiyena, ngakho ngubani ongalinga ukuchaza ngokuthanda amazwi kaNkulunkulu? Ingabe ungalinga uwachaze la mazwi? Noma ngabe abaphrofethi oJeremiya, oJohane no-Eliya bebelapha, bebengeke balinge, ngoba abalona iWundlu. YiWundlu kuphela elingaqaqa izimpawu eziyisikhombisa bese livula umqulu, futhi akekho omunye ongachaza amazwi Akhe. Anginakulinga ngisebenzise igama likaNkulunkulu kabi, nakancane ukuchaza amazwi kaNkulunkulu. Ngingaba kuphela yilowo olalela uNkulunkulu. Ingabe unguNkulunkulu yini? Asikho isidalwa sikaNkulunkulu esingalinga ukuvula umqulu noma ukuchaza lawo mazwi futhi nami ngeke ngilinge ngiwachaze. Kufanele ungazami ukuchaza. Akekho kithima oyochaza. Asikhulume ngomsebenzi kaMoya oNgcwele; yilokhu okungenziwa umuntu. Ngiyazi kancane ngomsebenzi kaJehova noJesu, kodwa ngoba angizibonelanga mathupha lo msebenzi, ngingakhuluma kancane ngawo. Ngokomqondo wamazwi akhulunywa ngu-Isaya noma uJesu ngaleso sikhathi, ngeke ngichaze lutho. Angilicubunguli iBhayibheli; kodwa, ngilandela umsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Empeleni nithatha iBhayibheli njengomqulu omncane, kodwa akuyilo yini iqiniso ukuthi ungavulwa kuphela yiWundlu? Ngaphandle kweWundlu ngubani omunye ongakwenza? Anisilo iWundlu, nami angisho nakancane ukuthi nginguNkulunkulu uqobo, ngakho asingacubunguli noma sihlaziye iBhayibheli. Kungcono ukuxoxa ngomsebenzi owenziwe nguMoya oNgcwele, okungukuthi, umsebenzi wamanje owenziwa nguNkulunkulu uqobo. Asibheke izimiso nengqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu, bese sizibheka ukuze sibone ukuthi indlela esiyihambayo namuhla iyiyona futhi ilungile. Asihambisane nalokhu njengomgomo wokwenza.” Uma nishumayela ivangeli, ikakhulu kulabo abasenkolweni, kufanele niqonde iBhayibheli nazi ngokugcwele indaba yalo yangaphakathi, kungenjalo, ngeke nikwazi ukushumayela ivangeli. Uma senithole ulwazi lwesithombe esibanzi, ningacubunguli amazwi eBhayibheli afile, nikhulume kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu neqiniso lempilo, niyokwazi-ke ukuzuza labo abafuna ngenhliziyo yeqiniso.

Kufanele niqonde umsebenzi kaJehova, imithetho ayibekayo, nezimiso aphila ngazo impilo yomuntu, ingqikithi yomsebenzi awenza eNkathini Yomthetho, ukubaluleka kokubeka Kwakhe imithetho Yakhe, ukubaluleka komsebenzi Wakhe eNkathini Yomusa, nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo kulesi sigaba sokugcina. Isigaba sokuqala esomsebenzi weNkathi Yomthetho, esesibili ngesomsebenzi weNkathi Yomusa, bese isigaba sesithathu sibe ngumsebenzi wezinsuku zokugcina. Kufanele niziqonde lezi zigaba zomsebenzi kaNkulunkulu. Kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, kunezigaba ezintathu sezizonke. Iyini ingqikithi yesigaba ngasinye somsebenzi? Zingaki izigaba ezenziwa emsebenzini wohlelo lokuphatha lweminyaka ezinkulungwane eziyisithupha? Senziwa kanjani isigaba ngasinye, futhi kungani isigaba ngasinye senziwa ngendlela yaso? Lena yimibuzo ebalulekile yonke. Umsebenzi wenkathi ngayinye umelela okuthile. Msebenzi muni owenziwa nguJehova? Wayekwenzelami lokho? Kungani abizwa ngoJehova? Msebenzi muni owenziwa nguJesu eNkathini Yomusa, futhi wawenza kanjani? Yiziphi izingxenye zesimo sikaNkulunkulu ezimelelwe yisigaba ngasinye nenkathi ngayinye? Yiziphi izingxenye zesimo sakhe ezavela ngeNkathi Yomusa? Enkathini yokugcina-ke? Le mibuzo ebalulekile yileyo okufanele uyiqonde. Sonke isimo sikaNkulunkulu sesembulwe kuyo yonke iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha. Akwambulwanga kuphela eNkathini Yomusa, eNkathini Yomthetho kuphela, nakancane kakhulu, kuphela kule nkathi yezinsuku zokugcina. Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina umelela ukwahlulelwa, ulaka nokusola. Umsebenzi owenziwe ngezinsuku zokugcina awusoze wathathela umsebenzi weNkathi Yomthetho noma iNkathi Yomusa indawo. Nokho, izigaba zontathu ziyahlangana zibe yisigaba esisodwa futhi zonke ziwumsebenzi owenziwe nguNkulunkulu. Ngokusobala, ukwenziwa kwalo msebenzi kuhlukaniswe izigaba ezintathu. Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina uphothula zonke izinto; lezo ezenziwa eNkathini Yomthetho zingezokuqala; kanti lezo ezenziwa eNkathini Yomusa zingezokuhlenga. Ngokuqondene nemibono yomsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, akekho ongathola ukwazi nokuqonda. Imibono enjalo iqhubekile nokuba yimfihlakalo. Ezinsukwini zokugcina, kwenziwa umsebenzi wezwi kuphela ukungenisa iNkathi Yombuso kodwa awumele zonke izinkathi. Izinsuku zokugcina azikho ngaphezu kwezinsuku zokugcina futhi azikho ngaphezu kweNkathi Yombuso engameleli iNkathi Yomusa noma iNkathi Yomthetho. Izinsuku zokugcina ziyisikhathi lapho wonke umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wambulwe khona kinina. Lokhu ukwambulwa kwemfihlakalo. Akekho umuntu ongembula imfihlakalo enjalo. Noma kungathiwa umuntu uliqonda kangakanani iBhayibheli, kugcina kungamazwi nje kuphela, akukho ngaphezu kwalokho ngoba umuntu akayiqondi ingqikithi yeBhayibheli. Lapho umuntu efunda iBhayibheli, angase athole amaqiniso athile, achaze amazwi athile noma acubungule kakhulu emavesini adumile noma izingcaphuno, kodwa ngeke awukhiphe umqondo okulawo mazwi, ngoba konke umuntu akubonayo ngamazwi nje afile, hhayi izigcawu zomsebenzi kaJehova noJesu futhi umuntu akakwazi ukuxazulula imfihlakalo yomsebenzi onjalo. Ngakho-ke, imfihlakalo yohlelo lokusebenza lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yimfihlo enkulu kunazo zonke, efihlakele kakhulu futhi engacabangeki kumuntu. Akekho ongayiqonda ngokuqondile intando kaNkulunkulu ngaphandle uma Yena uqobo eyichaza futhi ephumela obala kumuntu, ngaphandle kwalokho, ziyohlale ziyimfumbe kumuntu zibe yimfihlo evalelwe unomphelo. Ungabanaki labo asenkolweni; uma beningatshelwanga namuhla beningeke nikwazi ukuqonda. Lo msebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha unemfihlakalo engaphezulu kwazo zonke iziphrofetho zabaphrofethi. Kuyimfihlakalo enkulu kakhulu kusukela ekudalweni, futhi akukho mphrofethi omdala osake wakwazi ukukuqonda, ngoba le mfihlakalo yembuleka kuphela esigabeni sokugcina futhi ayikaze yembulwe. Uma niyiqonda imfihlakalo futhi nikwazi ukuyamukela ngokugcwele, labo bantu abakholwayo bonke bayonqotshwa yile mfihlakalo. Yilokhu kuphela okungumbono omkhulu kunayo yonke, lowo umuntu alangazelela kakhulu ukuwuqonda kodwa futhi okuyiwo ongacacile kakhulu kuye. Ngenkathi niseNkathini Yomusa, naningawazi umsebenzi owawenziwe nguJesu nalowo owawenziwe nguJehova. Abantu abaqondanga lutho ngokuthi kungani uJehova acela ukuthi abantu bagcine imithetho noma ukuthi kungani ithempeli kwakufanele lakhiwe, futhi babekuqonda kancane kakhulu ukuthi kungani ama-Israyeli aholwa ekhishwa eGibhithe aholelwa ehlane kwaze kwaba seKhenani. Lezi zinto azembulwanga kwaze kwaba namuhla.

Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina uyisigaba sokugcina kwezintathu. Uwumsebenzi wenye inkathi entsha futhi awumeleli wonke umsebenzi wokuphatha. Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni. Manje ngoba seniwubonile umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sokugcina, siyini isimo sikaNkulunkulu? Ningasho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu okhuluma amazwi kuphela? Ngeke nilinge nenze lokhu kuphetha. Abanye bathi uNkulunkulu nguNkulunkulu owembula izimfihlakalo, bathi uNkulunkulu uyiWundlu nalowo oqaqa izimpawu eziyisikhombisa. Akekho ongalinge enze lesi siphetho. Futhi kukhona abathile abathi uNkulunkulu unguNkulunkulu osenyameni. Nakho lokhu akunjalo. Abanye bathi uNkulunkulu osenyameni ukhuluma kuphela amazwi futhi akenzi izibonakaliso nezimangaliso. Ngeke ulinge nakancane ukhulume ngale ndlela, ngoba uJesu waba yinyama wenza izibonakaliso nezimangaliso, ngakho ungalingi uchaze uNkulunkulu kalula. Wonke umsebenzi owenziwe ohlelweni lokuqondisa lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha manje usufike ekupheleni. Kuphela ngemva kokuba wonke lo msebenzi usuwambuliwe kumuntu futhi wenziwa phakathi komuntu abazokwazi sonke isimo Sakhe nezinto anazo kanye nobuntu Bakhe. Uma umsebenzi walesi sigaba usuphothuliwe, zonke izinto ebeziyimfihlakalo kubantu ziyokwambulwa, wonke amaqiniso abekade engaqondwa azocaciswa nesintu siyokwazi ukutshelwa ngekusasa. Lona yiwo wonke umsebenzi okumele wenziwe kulesi sigaba. Nakuba indlela umuntu ayihambayo namuhla futhi iyindlela yesiphambano neyokuhlupheka, lokho umuntu wanamuhla akwenzayo, akudlayo, akuphuzayo nakujabulelayo kwehluke kakhulu kokomuntu wangaphansi komthetho noweNkathi Yomusa. Lokho okufuneka kumuntu kulolu suku akufani nokwangezikhathi zangaphambili futhi akufani kakhulu nalokho okwakulindelwe kubantu ngeNkathi Yomthetho. Futhi yikuphi okwakudingeka kumuntu ngaphansi komthetho ngenkathi kwenziwa umsebenzi kwa-Israyeli? Akukho okwakulindeleke kubo ngaphandle kokugcina iSabatha kanye nemithetho kaJehova. Akekho okwakumele asebenze ngeSabatha noma aphule umthetho kaJehova. Kodwa akunjalo namuhla. NgeSabatha, abantu bayasebenza, baqoqane ndawonye bathandaze njengenjwayelo, futhi akukho mingcele ebekiwe. Labo ababeseNkathini Yomusa kwakumele babhapathizwe; kwakungagcini lapho, kwakuthiwa bazile ukudla, bahlephule isinkwa, baphuze iwayini, bamboze amakhanda abo futhi bageze izinyawo zabo. Manje, le miyalo isiqediwe futhi sekufuneka okuningi kumuntu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka ujula futhi ukungena komuntu kuya kukhula ngisho nakakhulu. Endulo, uJesu wayebeka izandla Zakhe kumuntu athandaze, kodwa ngoba manje zonke izinto sezishiwo sikuphi isidingo sokubeka izandla? Amazwi nje ewodwa angafeza okuningi. Kuqala lapho ebeka izandla kumuntu othile, kwakuwukubusisa nokuphulukisa umuntu. Yileyo ndlela uMoya oNgcwele owawusebenza ngayo ngaleso sikhathi kodwa manje akusenjalo. Manje uMoya oNgcwele usebenzisa amazwi emsebenzini Wakhe ukuze athole imiphumela. Usenze amazwi Akhe acaca kini futhi kumele nje niwasebenzise. Amazwi Akhe ayintando Yakhe futhi abonisa umsebenzi azowenza. Ngamazwi Akhe, ungayiqonda intando Yakhe nalokho akucela ukuba ukwenze. Uvele nje usebenzise amazwi Akhe ngaphandle kokubeka izandla. Abanye bangase bathi, “Beka izandla Zakho phezu kwami! Beka izandla Zakho phezu kwami ukuze ngithole isibusiso Sakho futhi ngihlanganyele Nawe.” Zonke lezi zindlela zokwenza seziphelelwe isikhathi futhi azisamukelekile ngoba inkathi isiguqukile. UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayekwenza nje ukona bese evuma izono zawo ngokuwuchungachunge olungapheli ngaphandle kwenhloso yokuguqula izimo zawo: Sasinjalo isimo sabantu semvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu engazizwela yena mathupha izwi Lakhe, alibone futhi alamukele, ngakho ngalo uyosindiswa. Ukube uNkulunkulu akabanga yinyama, akekho umuntu obeyothola insindiso enkulu kangako futhi akekho obeyosindiswa. Ukube uMoya kaNkulunkulu usebenze kumuntu ngokuqondile, umuntu ubeyothatheka abe yisithunjwa sikaSathane ngoba akakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu. Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. UNkulunkulu uqale umsebenzi wensindiso eNkathini Yomusa ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. UNkulunkulu ngeke aphethe umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokusola umuntu ngokuvukela bese engena ekuphumuleni zingakafiki izinsuku zokugcina. Ngakho, ezigabeni ezintathu zomsebenzi, kukabili kuphela lapho uNkulunkulu ebe yinyama khona ukuze azenzele Yena mathupha umsebenzi kubantu. Lokhu kungenxa yokuthi yisigaba esisodwa kuphela ezigabeni ezintathu zomsebenzi esiwukuhola abantu ezimpilweni zabo, ngenkathi lezi ezinye ziwumsebenzi wensindiso. UNkulunkulu angaphila nabantu kuphela lapho eba yinyama futhi akuzwe ukuhlupheka okusemhlabeni, nokuthi aphile enyameni yomuntu ejwayelekile. Kungaleyo ndlela kuphela lapho enganika umuntu oyisidalwa Sakhe izwi elisebenzisekayo alidingayo. Umuntu uthola insindiso egcwele evela kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemithandazo abayithumela ezulwini. Ngoba umuntu uyinyama; akakwazi ukubona uMoya kaNkulunkulu futhi kunzima kakhulu ukuya Kuye. Umuntu angakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu osenyameni; futhi ngaye kuphela angaqonda amazwi kanye namaqiniso futhi athole insindiso ephelele. Ukuba senyameni kwesibili kwanele ukususa izono zomuntu futhi kumcwebise ngokugcwele. Ngakho ukuba senyameni kwesibili kuzophetha wonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi kuphelelise ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni. Ngemva kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni wonke uyophela nya. Ngemva kokuba senyameni okwesibili, ngeke aphinde abe yinyama ngenxa yomsebenzi Wakhe. Ngoba konke ukuphatha Kwakhe kuyobe sekuphelile. Ezinsukwini zokugcina, ukuba senyameni Kwakhe kuyobe sekubazuze ngokugcwele abakhethiweyo Bakhe futhi bonke abantu ezinsukwini zokugcina bayobe sebehlukanisiwe ngokwezinhlobo zabo. Ngeke esawenza umsebenzi wensindiso noma abuyele enyameni ukuze azokwenza noma yimuphi umsebenzi. Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. Ngakho, umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa akanalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu futhi usakwazi ukumelana noNkulunkulu futhi amkhaphele. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili. Umuntu wayememeza kanje kudala ngoba umuntu wayengenakho ukuqonda isimo sakhe sokudabuka esonakele. Kunjalo ukungcola okukumuntu. Kuso sonke lesi sikhathi eside sokwahlulelwa nokusolwa, umuntu ubephila emoyeni wodweshu. Akufezwanga konke lokhu ngezwi? Animemezanga ngezwi elikhulu phambi kokuhlushwa kwabenzi bomsebenzi? Wafika umbuso! Bonke labo abemukela leli gama bayongena embusweni! Bonke bayohlanganyela noNkulunkulu! Ngenkathi kuhlushwa abenzi bomsebenzi, anibange nisamemeza. Ekuqaleni bonke bamemeza, “Nkulunkulu! Noma ungibeka kuphi, ngiyovuma ukuholwa nguwe.” Ekufundeni amazwi kaNkulunkulu, “Ngubani oyoba uPawulu wami?” umuntu wathi, “Ngiyathanda!” Wayesebona amazwi, “Nithini ngokholo lukaJobe?” Ngakho wayesethi, “Ngizimisele ukuthatha ukholo lukaJobe. Nkulunkulu, ngicela ungivivinye!” Ngenkathi ukuhlushwa kwabenzi bomsebenzi kufika, wawa phansi zisuka nje wacishe wangakwazi ukusukuma. Emva kwalokho, ukungcola okusenhliziyweni yomuntu kwaya ngokuya kuncipha. Akufezwanga ngezwi lokhu? Ngakho lokhu esenikubonile kulesi sikhathi kuyimiphumela efezeke ngezwi, ingaphezulu ngisho kunaleyo eyafezeka ngokwenza kukaJesu izibonakaliso nezimangaliso. Inkazimulo negunya likaNkulunkulu uqobo okubonayo akubonakali ngokubethelwa, ukuphulukiswa kwezifo nokukhishwa kwamadimoni, kodwa ikakhulu ngokwahlulela kwakhe ngezwi. Lokhu kunikhombisa ukuthi akukhona kuphela ukwenza izimpawu zezibonakaliso, ukwelapha izifo nokukhipha amadimoni okuyigunya namandla kaNkulunkulu, kodwa ukwahlulela ngezwi kukwazi kangcono ukumela igunya likaNkulunkulu nokwembula ukuba namandla amakhulu Kwakhe.

Lokho umuntu akutholile manje—ubunjalo bomuntu namuhla, ulwazi lwabo, uthando, ubuqotho, ukulalela kanye nokubona kwabo—kuyimiphumela etholakala ngokwahlulelwa yizwi. Ukwazi kwenu ukuba qotho nokuhlala nimile kuze kube lolu suku lutholakala ngezwi. Umuntu useyabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni ungaphezulu kokwejwayelekile. Kuningi umuntu angeke akwazi ukukuthola; kuyizimfihlakalo nezimangaliso. Ngakho, baningi asebezinikele. Abanye abakaze bazinikele kumuntu selokhu bazalwa, kodwa lapho bebona amazwi kaNkulunkulu namuhla, bazinikela ngokugcwele ngaphandle kokuqaphela ukuthi sebenze kanjalo, futhi abanasibindi sokuqala ukucubungula noma ukusho noma yini enye. Umuntu uwile ngaphansi kwezwi kanye nokwahlulela kwezwi. Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni. Kwenziwa ukuze igunya likaNkulunkulu osenyameni, imiphumela etholakale ngomsebenzi wezwi, nokuthi uMoya oze usenyameni kwaziwe; ubonisa igunya Lakhe ngokwahlulela umuntu ngezwi. Nakuba inyama Yakhe iwukubonakala kwangaphandle komuntu ojwayelekile, iwumphumela amazwi Akhe awutholayo obonisa umuntu ukuthi ugcwele igunya, ukuthi unguNkulunkulu uqobo nokuthi amazwi Akhe awukubonakaliswa kukaNkulunkulu uqobo. Lokhu kukhombisa bonke abantu ukuthi unguNkulunkulu uqobo, uNkulunkulu uqobo owaba yinyama, ukuthi akufanele acasulwe yinoma ngubani, nokuthi akekho ongedlula ukwahlulela Kwakhe ngezwi, futhi akukho mandla obumnyama angabusa phezu kwegunya Lakhe. Umuntu uzinikela kuye ngokuphelele ngoba uwuLizwi obe yinyama, ithonya Lakhe, nokwahlulela Kwakhe ngezwi. Umsebenzi owawulethwe yinyama yakhe uyigunya analo. Uba yinyama ngoba inyama ingakwazi nayo ukuba negunya futhi uyakwazi ukwenza umsebenzi kubantu ngendlela engokoqobo, ebonakalayo nethintekayo kumuntu. Umsebenzi onjalo uba ngokoqobo kakhulu ngokwengeziwe kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa ngokuqondile nguMoya kaNkulunkulu onegunya lonke futhi imiphumela yawo nayo isobala. Lokhu kungoba inyama Yakhe ingakhuluma futhi yenze umsebenzi ngendlela engokoqobo; isakhiwo sangaphandle senyama Yakhe asinagunya futhi umuntu angafinyelela kuso. Ingqikithi Yakhe inegunya kodwa igunya Lakhe alibonakali kumuntu. Lapho ekhuluma nalapho esebenza, umuntu akakwazi ukubona ukuthi kukhona igunya Lakhe; lokhu kuba kuhle nakakhulu emsebenzini Wakhe ongokoqobo. Futhi yonke imisebenzi enje ingaba nemiphumela. Ngisho kungekho muntu obonayo ukuthi unegunya noma obonayo ukuthi akanakucasulwa noma abone ulaka Lwakhe, ngegunya Lakhe elifihlakele, ulaka nokukhuluma obala, uzuza imiphumela ayihlosile yamazwi Akhe. Ngamanye amazwi, ngesimo sephimbo Lakhe, ukuqina kwenkulumo kanye nokuhlakanipha kwamazwi Akhe umuntu uyakholwa ngokugcwele. Ngaleyo ndlela, umuntu uyazinikela emazwini kaNkulunkulu osenyameni, obonakala engenalo igunya, ngaleyo ndlela afeze inhloso Yakhe yokusindisa umuntu. Lokhu okunye ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni: ukukhuluma ngokwengeziwe ngokoqobo futhi avumele ubuqiniso bamazwi Akhe ukuba bube nomthelela kumuntu ukuze babone amandla ezwi likaNkulunkulu. Ngakho lo msebenzi, uma ungenziwa ngokuba senyameni, ngeke ube ngisho nemincane imiphumela futhi ngeke uzisindise izoni. Uma uNkulunkulu engabi yinyama, uhlala enguMoya ongabonakali futhi ongathinteki kumuntu. Umuntu uyisidalwa esiyinyama futhi umuntu noNkulunkulu bangabasemihlabeni emibili engafani nengafani ngemvelo. UMoya kaNkulunkulu awuhambisani nomuntu wenyama futhi akukho ukuhlobana okungakheka phakathi kwabo; ngaphezu kwalokho, umuntu akakwazi ukuba umoya. Ngaleyo ndlela, uMoya kaNkulunkulu kumele ube ngesinye sezidalwa futhi wenze umsebenzi Wakhe wokuqala. UNkulunkulu angenyukela endaweni ephakeme aphinde azithobe abe umuntu oyisidalwa, enze umsebenzi futhi aphile nabantu, kodwa umuntu akakwazi ukwenyukela ezindaweni eziphezulu abe ngumoya futhi kukancane kakhulu ukuba umuntu ehlele phansi. Ngakho, uNkulunkulu kumele abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Njengokuba senyameni kokuqala, yinyama kaNkulunkulu osenyameni kuphela eyayingahlenga isintu ngokubethelwa Kwakhe, kuyilapho kwakungeke kwenzeke ukuba uMoya kaNkulunkulu ubethelwe njengomnikelo wesono somuntu. UNkulunkulu angaba yinyama ukuze asebenze njengomnikelo wesono soumuntu kodwa umuntu akakwazanga ukunyukela ezulwini ukuyozilandela umnikelo wesono uNkulunkulu ayewulungiselele bona. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu kumele ahambe kulezi zindawo zombili, ezulwini nasemhlabeni, kunokuba enze ukuba abantu banyukele ezulwini ukuze bathathe insindiso, ngoba umuntu uwile futhi akakwazi ukuya ezulwini, futhi kukancane kakhulu ukuba athole umhlatshelo wesono. Kanjalo, kwakufanele ukuba uJesu eze phakathi kwabantu futhi azenzele mathupha umsebenzi owawungeke ufezwe ngabantu. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kwakusuke kufanele ngempela ukuba enze kanjalo. Ukube esinye salezi zigaba sasingenziwa nguMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, wayengeke abhekane nokwehliswa isithunzi ngokuba senyameni.

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi? Esigabeni esedlule, uJesu wenza izibonakaliso nezimangaliso, kodwa akunjalo kulesi sigaba. Ingabe ukuqonda kwakho kokuthi kungani angenzi kanjalo nakho akuzuzwanga ngezwi? Ngakho, amazwi akhulunywe kulesi sigaba ayawedlula umsebenzi owenziwa ngabaphostoli nabaphrofethi bezizukulwane ezedlule. Ngisho neziphrofetho ezenziwa ngabaphrofethi zazingeke zibe nemiphumela enjena. Abaphrofethi bakhuluma iziphrofetho kuphela zokuthi kuyokwenzekani esikhathini esizayo, kodwa hhayi ngomsebenzi uNkulunkulu ayezowenza ngaleso sikhathi. Abakhulumelanga ukuhola abantu ezimpilweni zabo, ukubekwa kwamaqiniso kumuntu noma ukwambulela umuntu izimfihlakalo futhi kwakukancane kakhulu ukukhuluma ngokunika abantu ukuphila. Amazwi akhulunywe kulesi sigaba, kuwo kunesiprofetho neqiniso, kodwa inhloso yawo ukunika abantu ukuphila. Emazwini akhulunywa kulesi sigaba, kukhona ukuphrofetha neqiniso, kodwa ikakhulu asebenza ukunikeza impilo kumuntu. Amazwi amanje awafani neziphrofetho zabaphrofethi. Lesi yisigaba somsebenzi hhayi weziphrofetho kodwa wezimpilo zabantu, wokuguqula izimo zabantu. Isigaba sokuqala sasiwumsebenzi kaJehova wokulungisa indlela yomuntu yokudumisa uNkulunkulu emhlabeni. Kwakuwumsebenzi wokuqala ukuthola umthombo womsebenzi emhlabeni. Ngaleso sikhathi, uJehova wafundisa ama-Israyeli ukuba agcine iSabatha, ahloniphe abazali futhi aphile ngokuthula nabanye. Njengoba umuntu wangaleso sikhathi engazange aqonde okwakwakhe umuntu, futhi bengazange baqonde indlela yokuphila emhlabeni, kwakudingekile ukuba esigabeni sokuqala ahole abantu ezimpilweni zabo. Konke uJehova akukhulume kubo kwakungakaze kwaziwe yisintu noma kube kubona. Ngaleso sikhathi abaphrofethi babefundiswe ukukhuluma iziphrofetho, zonke zenziwe ngaphansi kokuhola kukaJehova. Lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi nje. Esigabeni sokuqala, uNkulunkulu akazange abe yinyama, ngakho wakhuluma nazo zonke izizwe nezinhlanga ngabaphrofethi. Lapho uJesu enza umsebenzi wakhe ngaleso sikhathi, akazange akhulume kakhulu njengoba esenza manje. Lo msebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina awukaze wenziwe ezinkathini nasezizukulwaneni zangaphambili. Nakuba u-Isaya, uDaniyeli kanye noJohane benza iziphrofetho eziningi, iziphrofetho ezinjalo zazihluke kakhulu kunamazwi akhulunywa manje. Ababekukhuluma kuphela kwakuyiziphrofetho kodwa amazwi manje awazona. Uma ngikuguqula engikukhulumayo manje ngikwenza iziphrofetho, ubuyokwazi ukukuqonda? Ukube ngikhulume ngezinto zangenkathi ezayo, lapho sengihambile, ubuzokuthola kanjani ukuqonda? Umsebenzi wezwi awuzange wenziwe ngesikhathi sikaJesu noma ngeNkathi Yomthetho. Mhlawumbe abanye bangathi, “Ingabe uJehova akakhulumanga amazwi futhi esikhathini somsebenzi Wakhe? Ngaphezu kokwelapha abagulayo, ukuxosha amadimoni nokusebenza ngezibonakaliso nezimangaliso, ingabe uJesu akazange akhulume ngamazwi ngaleso sikhathi?” Kunomehluko endleleni amazwi akhulunywa ngayo. Yayiyini ingqikithi yamazwi akhulunywa uJehova? Wayehola abantu kuphela ezimpilweni zabo emhlabeni, okwakungazithinti izindaba zomoya empilweni. Kungani kuthiwa amazwi kaJehova amenyezelwa kuzo zonke izindawo? Igama elithi “memezela” lisho ukunika izincazelo kanye neziqondiso ezicacile. Akazange anike abantu ukuphila; kunalokho, wathatha umuntu ngesandla futhi wamfundisa indlela yokuhlonipha. Yayingekho imizekeliso. Umsebenzi kaJehova kwa-Israyeli wawungahloselwe ukubhekana noma ukuqondisa umuntu noma ukwethula ukwahlulela nokusola; kwakungowokuhola. UJehova wathi uMose akatshele abantu Bakhe ukuba babuthe imana ehlane. Njalo ekuseni ngaphambi kokuphuma kwelanga, babebutha imana elalanele lolo suku. Imana lalingeke ligcinwe kuze kube usuku olulandelayo ngoba lalonakala. Akazange afundise abantu noma ambule izimvelo zabo, futhi akazange ambule imicabango nemibono yabo. Akazange abashintshe abantu kunalokho wabahola ekuphileni kwabo. Ngaleso sikhathi, umuntu wayenjengezingane; wayengaqondi lutho futhi wayekwazi ukwenza iminyakazo elula nje; ngakho uJehova wenza kuphela imithetho eyayizohola abantu.

Uma ufisa ukushumayela ivangeli ukuze bonke labo abafuna ngezinhliziyo eziqotho bazuze ulwazi ngomsebenzi owenziwe ngalolu suku futhi baqiniseke kahle ngalo, ngakho kumele uyazi kahle indaba engaphakathi, ingqikithi nokubaluleka komsebenzi owenziwa isigaba nesigaba. Ngokuzwa ubudlelwano bakho, bangawuqonda umsebenzi kaJehova nomsebenzi kaJesu futhi, ngaphezu kwalokho, wonke umsebenzi owenziwa ngalezi zinsuku, kanye nokuhlobana nomehluko phakathi kwalezi zigaba ezintathu zomsebenzi ukuze, ngemva kokuba sebelalele beyobona ukuthi asikho isigaba kulezi ezintathu esiphazamisa ezinye. Empeleni, zonke zenziwe ngoMoya ofanayo. Nakuba bezenza umsebenzi ongafani ezinkathini ezingafani futhi kukhulunywa amazwi angafani, izimiso ayesebenza ngazo beziyinto eyodwa efanayo. Lena yimibono emikhulu bonke abantu okufanele bayiqonde.

Okwedlule: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)

Okulandelayo: Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp