Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)

Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, akezeli ukuzokwenza izakhiwo noma izinhlangano; uzela ukuzogcwalisa inkonzo Yakhe. Njalo lapho eba senyameni, kungenxa yokufeza isigaba somsebenzi nokuvula inkathi entsha. Manje yiNkathi Yombuso, futhi umuntu usengene empilweni yombuso. Lesi sigaba somsebenzi asiyiwo umsebenzi womuntu noma owokuphelelisa umuntu ezingeni elithile; ungowokuphelelisa ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi Wakhe akuwona owomuntu futhi nowokwenza umuntu aphelele eqophelweni elithile ngaphambi kokushiya umhlaba; ungowokugcwalisa inkonzo ngokuphelele nokuqeda umsebenzi okumele awenze, okungukwenza izinhlelo ezifanele zomsebenzi Wakhe emhlabeni, ngalokho adunyiswe. Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni awufani nowalabo abasetshenziswe nguMoya oyiNgcwele. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe emhlabeni, ukhathazeka kuphela ngokufezeka kwenkonzo Yakhe. Kuzo zonke ezinye izinto ezingahlobene nenkonzo Yakhe, akazifaki nhlobo Yena kuze kube sezingeni lokuthi uyaziziba. Umane nje enze umsebenzi azimisele ukuwenza futhi akakhathazeki nakancane ngomsebenzi umuntu okufanele awenze. Umsebenzi awenzayo yilowo kuphela ohlobene nenkathi akuyo nenkonzo afanele ukuyifeza, ezinye izinto kube sengathi azisona isibopho Sakhe. Akazihluphi ngolwazi oluningi oluyisisekelo lokuphila njengomuntu futhi akafundi ngamakhono okuphila adingekayo noma yikuphi okunye umuntu akuqondayo. Akazihluphi nangakho konke umuntu angaba nakho futhi wenza nje umsebenzi okumele awenze. Ngakho, ngeso lomuntu, uNkulunkulu osenyameni uyantula ezintweni eziningi, ngezinga lokuthi uyazishalazela izinto eziningi umuntu okufanele abe nazo futhi akaziqondi izinto ezinjalo. Izinto ezinjengolwazi oluvamile lwempilo kanye nezimiso zokuziphatha, nokuzihlanganisa nabanye kubonakala kungenakubaluleka kuye. Ngisho noma kuthiwani, awukwazi ngisho nokubona nokuncane ukuziphatha okungejwayelekile kuNkulunkulu osenyameni. Okuwukuthi, ubuntu Bakhe bugcina kuphela ukuphila Kwakhe njengomuntu ovamile nokucabanga okuvamile kwengqondo Yakhe, okumenza akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Nokho, akukho okunye anakho, konke okungokwabantu bodwa (abantu abadaliwe). UNkulunkulu uba senyameni kuphela ukufeza inkonzo Yakhe. Umsebenzi Wakhe uqondiswa kuyo yonke inkathi hhayi kumuntu noma indawo ethile. Umsebenzi Wakhe uqondiswe kuwo wonke umhlaba. Lokhu kungukuqondisa komsebenzi Wakhe kanye nesimiso asebenza ngaso. Akekho umuntu ongakuguqula lokho, futhi umuntu akanaqhaza kukho. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, uphatha umsebenzi waleyo nkathi, hhayi inhloso yokuhlala nomuntu iminyaka engamashumi amabili, amathathu, amane, ngisho angamashumi ayisikhombisa, ayisihiyagalombili ukuze bakwazi ukumqonda kangcono noma bathole ulwazi ngaye. Asikho isidingo salokho! Ukwenza lokho bekungeke nakancane kujulise ulwazi umuntu analo ngesimo sikaNkulukulu sendabuko; esikhundleni salokho, bekuyokwengeza emicabangweni yabo kwenze imiqondo nemicabango yomuntu ihanjelwe yisikhathi. Ngakho kufanele nonke niqonde ngqo ukuthi uyini umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni. Ngempela aninakwehluleka ukuqonda amazwi engawakhuluma kini athi: “Angizele ukuzophila impilo yomuntu ojwayelekile”? Seniwakhohliwe amazwi athi: “UNkulunkulu uza emhlabeni ukungaphili impilo yomuntu ojwayelekile”? Aniyiqondi inhloso kaNkulunkulu ekubeni yinyama, futhi aniyazi incazelo yokuthi “UNkulunkulu ubengeza kanjani emhlabeni ngenhloso yokuphila impilo yesidalwa”? UNkulunkulu emhlabeni uzele kuphela ukuzophelelisa umsebenzi Wakhe futhi umsebenzi Wakhe emhlabeni uyisikhashana. Akezi lapha emhlabeni ukuze azosizwa nguMoya kaNkulunkulu ukwakha inyama Yakhe ukuba ibe umholi omangalisayo webandla. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, kuwuLizwi ophenduka inyama; nokho, umuntu, akazi ngomsebenzi Wakhe kanye bese ephoqelela le nhloso Kuye. Kodwa nonke kufanele nibone ukuthi uNkulunkulu ube uwuLizwi ophenduke inyama, hhayi inyama eyenziwe uMoya kaNkulunkulu ukuba imelele indima kaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo akakhiwanga, kunalokho uyiZwi elibe yinyama, futhi namuhla wenza umsebenzi Wakhe ngegunya phakathi kwenu nonke. Nonke niyazi futhi niyavuma ukuthi ukuba senyameni kukaNkulunkulu kuyiqiniso, kodwa nakha ukuqonda empeleni eningenakho. Aniwuboni nonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni noma ukubaluleka nengqikithi yokuba yinyama Kwakhe, bese niphinda kalula nje amazwi ashiwo ngabanye abantu. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu osenyameni unjengoba ucabanga?

UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze ahole inkathi kanye nokuqala umsebenzi omusha. Kumele niliqonde leli phuzu. Lokhu kuhluke kakhulu emsebenzini womuntu futhi lezi zinto zombili ngeke kukhulunywe ngazo ngesikhathi esisodwa. Umuntu udinga isikhathi eside ukuze akhuliswe futhi apheleliswe ngaphambi kokuba asetshenziselwe ukufeza umsebenzi futhi bukhulu kakhulu ubuntu obudingekayo. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele akwazi ukugcina lo mqondo ojwayelekile engqondweni yakhe kodwa kumele aqonde nezimo eziningi kanye nemithetho yokuziphatha phambi kwabanye, futhi ngaphezu kwalokho kumele afunde kakhulu ngokuhlakanipha nemithetho yabantu yokuphila. Yilokho umuntu okumele ahlonyiswe ngakho. Nokho, lokhu akunjalo kuNkulunkulu obe yinyama ngoba umsebenzi Wakhe awumeleli umuntu futhi akuwona owomuntu; kunalokho, uwukubonakalisa ngokuqondile kobuntu Bakhe nokuqalwa komsebenzi okufanele awenze. (Ngokusobala, umsebenzi Wakhe wenziwa uma sekufanele wenziwe hhayi noma nini nangokuthanda. Umsebenzi Wakhe uqalwa uma sekuyisikhathi sokuba kufezwe inkonzo Yakhe.) Akangeneli ezimpilweni zabantu noma enze umsebenzi wabantu, okuwukuthi, ubuntu Bakhe abunakho nokuncane lokhu (kodwa lokhu akuwuphazamisi umsebenzi Wakhe). Ufeza inkonzo Yakhe kuphela uma sekuyisikhathi sokuba enze kanjalo; kunoma yisiphi isiqu Sakhe, uvele aqhubeke nomsebenzi okufanele awenze. Noma yikuphi umuntu akwaziyo Ngaye noma akucabangayo Ngaye, umsebenzi Wakhe awuphazamiseki. Kunjengalapho uJesu ayenza khona umsebenzi Wakhe; akekho owayazi ukuthi wayengubani, kodwa wavele waqhubekela phambili nomsebenzi Wakhe. Akukho kulokho okwamphazamisayo ekwenzeni umsebenzi okwakumele awenze. Ngakho, akaqalanga wavuma noma waveza ukuthi ungubani wavele wenza nje ukuthi umuntu amlandele. Ngokusobala lokhu kwakungekhona ukuthobeka kukaNkulunkulu kuphela; kwakuyindlela uNkulunkulu asebenza ngayo enyameni. Wayengasebenza ngale ndlela kuphela, ngoba umuntu wayengeke akwazi ukumbona ngeso lenyama. Ngisho noma kuthiwa umuntu wayekwazile, wayengeke akwazi ukusiza emsebenzini kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akabanga yinyama ukuze umuntu azi inyama Yakhe; kwakungenxa yokuba enze umsebenzi futhi afeze inkonzo Yakhe. Ngenxa yalesi sizathu, akazange abeke kubaluleka ekubeni ubuyena baziwe. Lapho eseqede wonke umsebenzi ayezimisele ukuwenza, ubunjalo Bakhe bonke nesiqu Sakhe abantu bavele bakuqonda konke bengaphoqwanga muntu. UNkulunkulu oyinyama umane athule angenzi zimemezelo. Akagxilile kumuntu noma ekutheni umuntu umlandela kanjani, uvele aqhubekele phambili ekufezeni inkonzo Yakhe nokuqhubeka nomsebenzi azimisele ukuwenza. Akekho ongavimba umsebenzi Wakhe. Lapho kufika isikhathi sokuba umsebenzi Wakhe uphele, kuphoqelekile ukuba usongwe futhi uqedwe. Akekho onganquma ngenye indlela. Umuntu uyowuqonda kahle umsebenzi Wakhe kuphela lapho esuka kubantu esefeze umsebenzi Wakhe, nakuba uyobe ungakacaci kahle. Futhi kuyothatha isikhathi eside kumuntu ukuba aqonde kahle izinhloso Zakhe ngenkathi eqala umsebenzi Wakhe. Ngamanye amazwi, umsebenzi wenkathi lapho uNkulunkulu eba yinyama uhlukaniswe kabili. Enye ingxenye yenzeka ngomsebenzi nangamazwi kaNkulunkulu uqobo oba yinyama. Lapho umsebenzi wenyama Yakhe usufezekile, enye ingxenye yomsebenzi kumele ifezwe yilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele; leso yisikhathi sokuba umuntu afeze ingxenye Yakhe, ngoba uNkulunkulu useyivulile vele indlela futhi manje kumele ihanjwe ngumuntu mathupha. Okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama ukuze enze ingxenye yomsebenzi Wakhe futhi umsebenzi uqhutshwa nguMoya oNgcwele kanye nalabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Ngakho umuntu kumele awazi umsebenzi omkhulu owenziwe uNkulunkulu obe yinyama kulesi sigaba somsebenzi. Umuntu kumele aqonde kahle ukubaluleka kokuba uNkulunkulu eba yinyama nomsebenzi amele ukuwenza, kunokuba abuze uNkulunkulu lokho okubuzwa kumuntu. Yiphutha elenziwa ngabantu leli, kanye nezinto azikholelwayo futhi nokungalaleli Kwakhe.

UNkulunkulu uba yinyama, hhayi ngoba enzela ukuba abantu bazi inyama Yakhe noma enzela ukuba abantu bakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenyama Yakhe neyomuntu; uNkulunkulu akabi yinyama ukuze aqeqeshe ukuqonda komuntu kokwazi ukwehlukanisa, kuncane kakhulu-ke okwangenhloso yokuthi umuntu adumise inyama kaNkulunkulu ayothola kuyo inkazimulo enkulu. Akukho kulokhu okuyisifiso sasekuqaleni sikaNkulunkulu yokuba yinyama. UNkulunkulu futhi akabi yinyama ukuze alahle umuntu ngecala, ukuze embule ngamabomu umuntu, noma enze izinto zibe nzima kumuntu. Akukho kulokhu okuyisifiso Sakhe sasekuqaleni. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kusuke kuwumsebenzi ongagwemeki. Kungenxa yomsebenzi Wakhe omkhulu nokuphatha Kwakhe okumangalisayo okwenza ukuba enze kanjalo futhi akuzona izizathu umuntu azicabangayo. UNkulunkulu uza emhlabeni ngoba umsebenzi Wakhe umdinga ukuba enze kanjalo futhi lokhu ukwenza njalo lapho kunesidingo. Akezi emhlabeni ngenhloso yokubheka nje, kodwa ukuze enze umsebenzi amele ukuwenza. Yisiphi esinye isizathu esingamenza aqale umthwalo osinda kangaka azifake ezingozini ezinkulu kangaka ukuze enze lo msebenzi? UNkulunkulu uba yinyama kuphela lapho kumele enze kanjalo futhi lokhu kubaluleke ngendlela engavamile. Uma bekungukuthi usuke efuna ukuvumela abantu ukuba bambone, avule amehlo abo, ubengeke, ngokuqiniseka okukhulu, afike phakathi kwabantu ngendlela engenasisindo kangaka. Uza emhlabeni ngenxa yomsebenzi Wakhe wokuphatha ukuze alawule futhi umsebenzinomsebenzi omkhulu kakhulu futhi ukuze akwazi ukuthola abantu abaningi. Uza ukuze amele inkathi futhi ukuze anqobe uSathane. Ngaphezu kwalokho, uzele ukuzohola sonke isintu ezimpilwenu zaso. Konke lokhu kuthinta ukuphatha Kwakhe futhi kuwumsebenzi othinta wonke umhlaba. Uma uNkulunkulu eba yinyama ukuze nje avumele umuntu ukuba azi inyama Yakhe futhi avule amehlo omuntu, kungani-ke angayi kuzo zonke izizwe? Ingabe lokhu akuyona indlela elula ngokwedlulele? Kodwa akazange enze kanjalo, esikhundleni salokho wakhetha indawo ekahle yokuthi ahlale futhi aqale umsebenzi okumele awenze. Le nyama yodwa nje ibaluleke kakhulu. Umele inkathi yonke, futhi wenza umsebenzi wenkathi yonke; uqeda inkathi endala, angenise entsha. Konke lokhu kuwudaba olubalulekile oluthinta ukuphatha kukaNkulunkulu futhi luwukubaluleka kwesigaba somsebenzi owenziwa uNkulunkulu oze emhlabeni. Lapho uJesu efika emhlabeni, wakhuluma amazwi athile kuphela futhi wenza umsebenzi othile; akazikhathazanga ngempilo yomuntu, wahamba lapho eseqede umsebenzi Wakhe. Lapho sengiqedile ukukhuluma ngedlulisela amazwi Ami kinina namuhla, futhi seniwaqondile nonke, lesi sinyathelo siyobe sesiqediwe, noma ngabe impilo yenu iyobe injani. Esikhathini esizayo, kufanele kube khona labo abayoqhuba lesi sinyathelo bese besebenza ngokuhambisana nala mazwi emhlabeni; uyoqala lapho-ke umsebenzi womuntu nokwakhiwa komuntu. Kodwa manje, kungumsebenzi kaNkulunkulu nje wokugcwalisa inkonzo Yakhe nokuqeda isinyathelo somsebenzi. UNkulunkulu usebenza ngendlela engefani neyomuntu. Umuntu uthanda amabandla nezinhlangano zabantu, futhi ubeka ukubaluleka emicimbini. UNkulunkulu uyawenyanya amabandla nemihlangano yabantu. UNkulunkulu uxoxisana akhulume nomuntu ngendlela ekhululekile; yilo umsebenzi kaNkulunkulu, okhululeke kakhulu futhi onikhululayo. Nokho, ngiyakwenyanya kakhulu ukuhlangana nani, futhi angikwazi ukujwayela impilo enemithetho njengeyenu. Ngiyithola imithetho ingicasula kakhulu; impintsha umuntu kuze kufike eqophelweni lokwenza umuntu esabe ukunyakaza, esabe ukukhuluma, futhi esabe ukuhlabelela bese amehlo abo egqolozela wena ngqo. Ngiyenyanya kakhulu indlela enihlangana ngayo kanye namabandla amakhulu. Angifisi nhlobo ukuhlanganyela nani ngale ndlela, ngoba le ndlela yokuphila yenza umuntu azizwe ebophekile. Ngoba nilandela kakhulu imicimbi nemithetho eminingi kakhulu, ukunivumela nihole kungaholela bonke abantu emithethweni. Umuntu ngeke abe nendlela yokuchitha imithetho ngaphansi kokuhola kwenu, kunalokho umuzwa wokukholwa ungaqina kakhulu ngokwengeziwe, nezinqubo zabantu zinganda ngamanani amakhulu. Abanye abantu balokhu bexoxa bekhuluma uma behlangene futhi abakhathali, kanti abanye bangaqhubeka bakhulume izinsuku eziyishumi nambili. Onke athathwa njengamabandla nemihlangano yabantu emikhulu; awahlanganise lutho nokudla nokuphuza, nokujabula, noma nempilo lapho umoya ukhululwa khona. Konke lokhu kuyimihlangano! Imihlangano yabasenza ndawonye, kanye nezinkonzo ezinkulu nezincane, konke kuyacasula Kimi, futhi angikaze ngibe naluthando lwakho. Lona ngumgomo engisebenza ngawo: angizimisele ukushumayela ezinkonzweni, futhi angifisi ukukhuluma noma yini obala, kuncane ngokwenziwe ukuthi nginganihlanganisa nonke izinsuku ezimbalwa emhlanganweni okhethekile. Angiboni kulungile kinina ukuthi ningahlala kahle nihlangene ndawonye; ngiyakwesaba ukunibona niphila phakathi kwemingcele yanoma yimuphi umcimbi, futhi, ngaphezu kwalokho, angizimisele ukubamba iqhaza kunoma yimuphi kule micimbi yenu. Uma nikwenza lokhu ngokwengeziwe Nami ngikuthola kucasula ngokwengeziwe. Anginalo noluncane uthando lomcimbi nemithetho yenu; ngikuthola konke kucasula. Akukhona ukuthi izinhlelo zenu azifanelekile noma ziphansi kakhulu; ukuthi nje ngiyayenyanya indlela yenu yokuphila, futhi ngaphezu kwalokho, angikwazi ukuyejwayela. Aniwuqondi neze umsebenzi engifisa ukuwenza. Ngaleso sikhathi, lapho uJesu ayenza khona umsebenzi Wakhe endaweni ethile wayethi angaqeda ukwethula intshumayelo, ahole abafundi Bakhe balishiye idolobha. Wayehola abafundi Bakhe ezingxoxweni phakathi kwabo, bese esuka phakathi kwabantu; wayevame ukusebenza ngendlela enjalo. Wayeqhela kubantu, ahole abafundi abambalwa abathandayo benyukele ezintabeni, ekhuluma nabo ngezindlela okufanele baziqonde. Umsebenzi Wakhe emphakathini wawuyingcosana. Ngokuhambisana nenikucela Kuye, uNkulunkulu obe yinyama akufanele abe nokuphila komuntu ojwayelekile; kufanele enze umsebenzi Wakhe, futhi kufanele akhulume, noma ehleli, emile noma ehamba. Kufanele asebenze ngazo zonke izikhathi futhi akakwazi ukuyeka “ukugijima,” kungenjalo uyobe akacopheleli emsebenzini Wakhe. Ngabe lezi zimfuneko kumuntu ziyahambisana nomqondo womuntu? Buphi ubuqotho benu? Ngabe anifuni okuningi kakhulu? Ngabe kufanele umsebenzi Wami uhlolwe yinina? Ngidinga ukuthi nina ningihlole ngenkathi ngigcwalisa inkonzo Yami? Ngazi kahle ukuthi yimuphi umsebenzi okufanele ngiwenze nokuthi kufanele ngiwenze nini; angidinge kungenela kwabanye. Kungase kubonakale kinina sengathi angikenzi okuningi, kodwa ngaleso sikhathi umsebenzi Wami uyobe usufike ekugcineni. Thatha njengesibonelo amazwi kaJesu emaVangelini amane. Ayengenamkhawulo nawo? Ngaleso sikhathi, uJesu wangena esinagogeni washumayela; wayeseyiqedile ngesikhashana esiyimizuzu embalwa. Emva kokuqeda ukukhuluma, waholela abafundi Bakhe esikebheni bahamba ngaphandle kokuchaza. Okukhulu, labo ababesesinagogeni baxoxa ngalokhu ndawonye, kodwa uJesu akabanga yingxenye yakho. UNkulunkulu wenza kuphela umsebenzi okwakufanele awenze, hhayi okunye okwengeziwe. Kulezi zinsuku, abantu abaningi bacela ukuba ngikhulume futhi ngilande kakhulu, amahora amaningi ngosuku. Njengoba nibona, okhulumayo kuphela nguNkulunkulu, hhayi okunye. Niyizimpumputhe nonke! Niyimidlwembe nonke! Izinto zonke ezingazi lutho ezingenamqondo! Ninemizindlo eminingi! Enikufunayo kuya kude kakhulu! Aninabo ubuntu! Nonke aniqondi ukuthi ungubani uNkulunkulu! Nikholwa ukuthi zonke izikhulumi namaciko omlomo anguNkulunkulu, ukuthi noma ngubani ozimisele ukuninika amazwi unguyihlo. Ngitsheleni, ngabe nonke nina enakheke kahle nokubukeka “okumangalisayo” nisenawo nomncane umqondo? Seniyalazi ilanga lezulu! Nonke ngabanye nifana nezikhulu ezonakele nezinomhobholo, ngakho ningawubona kanjani umqondo? Nikwazi kanjani ukwehlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile? Kuningi engikwethule kinina, kodwa bangaki phakathi kwenu abanakile? Ngubani ongakuthola ngokugcwele? Niyazi ukuthi ngubani ovule indlela enihamba ngayo namuhla, ngakho niyaqhubeka nokwenza izimfuno Kimi, niletha Kimi lezi zimfuno ezingenamqondo. Anibomvu ebusweni amahloni? Angikhulumile okuningi? Angenzile okuningi? Ngobani phakathi kwenu abangazisa amazwi Ami ngokweqiniso njengegugu? Niyangikhohlisa ebukhoneni Bami, kodwa niqambe amanga nikhohlise ngemuva Kwami. Izenzo zenu zenyanyisa kakhulu futhi ziyacasula! Ngiyazi ukuthi nicela ukuba ngikhulume futhi ngisebenzele into engaqhelile ekubeni yidili lamehlo enu nokwandisa amandla enu, hhayi ngenxa yokuguqula izimpilo zenu. Sengikhulume nani kakhulu. Izimpilo zenu kufanele ukuba kade zaguquka, ngakho kungani nilokhu niphindela emuva namuhla? Kungaba ukuthi amazwi Ami ebiwe kinina ngakho aniwatholanga? Ukukhuluma iqiniso, angifisi ukusho okunye kulezi zehluleki ezinjengani! Akunamsebenzi! Nifuna kuphela ukwandisa izikhundla zenu noma ukupha amehlo enu, hhayi ukuthola impilo! Nonke niyazikhohlisa! Ngiyanibuza, kungakanani engikukhulume nani ubuso nobuso esenikwenzile? Konke enikwenzayo ukudida okunenkohliso. Ngiyabenyanya labo, phakathi kwenu abathokozela ukubukela, ngithola ukulangazelela kwenu kucasula ngokujulile. Uma ningekho lapha ukuzothola indlela yangempela noma nomele iqiniso, niyilabo engibenyanyayo! Ngiyazi ukuthi ningilalela uma ngikhuluma ukuze kuphela nenelise ukulangazelela kwenu ukwazi noma ukugcwalisa esisodwa sezifiso zenu. Aninawo umcabango wokufuna ubukhona beqiniso noma ukuthungatha indlela yokungena emzileni wempilo ofanele; lezi zimfuno azikho nhlobo phakathi kwenu. Nithatha uNkulunkulu njengento yokudlala eningayicubungula futhi niyibabaze. Inhliziyo yenu efuna impilo incane kakhulu, kodwa isifiso senu sokulangazelela asincane! Ukukhuluma nabantu abanje ngendlela yokuphila empeleni kungukukhuluma nomoya nje; kungaba ngcono ukungakhulumi! Ake nginitshele! Uma nifuna nje ukugcwalisa izikhala ezisenhliziyweni yenu, kungcono ningezi Kimi! Kufanele nigxile ekuzuzeni ukuphila! Ningazikhohlisi! Kuhle ningathathi ukulangazelela kwenu ukwazi njengesisekelo senikuhlosile empilweni, noma nikusebenzise njengebhaxa lokucela ukuthi ngikhulume kinina. Konke kuwubuqili, eningompetha kukho! Ngiyanibuza futhi: Kungakanani engicela ukuthi ningene kukho empeleni esenikwenzile? Niyakwazi konke esengikukhulume kini? Senikusebenzisile yini konke lokho engikukhulume kini?

Umsebenzi wazo zonke izinkathi uqalwa uNkulunkulu uqobo, kodwa kufanele wazi ukuthi noma yimuphi umsebenzi kaNkulunkulu, usuke engazele ukuzoqala umbhidlango noma ukuzobamba izingqungquthela noma ukuzophemba noma yiluphi uhlobo lwenhlangano. Uzele kuphela ukuzokwenza umsebenzi okufanele awenze. Umsebenzi Wakhe awunakubekelwa umuntu umngcele. Wenza umsebenzi ngendlela ayifisayo; kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani noma wazini, ugxila kuphela ekwenzeni umsebenzi Wakhe. Kusukela ekudalweni komhlaba, sekube nezigaba ezintathu zomsebenzi; kusukela kuJehova kuya kuJesu futhi kusukela eNkathini Yomthetho kuya eNkathini Yomusa, uNkulunkulu akakaze ahlelele abantu umhlangano obalulekile futhi akakaze ahlele umhlangano emhlabeni wonke omayelana nomsebenzi wokwandisa umsebenzi Wakhe. Uvele aqale umsebenzi wenkathi lapho kuyisikhathi esifanele nendawo efanele futhi ngalokhu uyasihola sonke isintu ekuphileni kwaso. Izingqungquthela zenziwa ngamabandla abantu; ukuhlanganisa abantu ndawonye ukuze kugujwe amaholidi kungumsebenzi womuntu. UNkulunkulu akawagubhi amaholidi kunalokho akawafuni; akahleli imihlangano okuthiwa ibalulekile futhi kunalokho akayifuni. Manje kufanele uqonde kahle ukuthi uyini umsebenzi kaNkulunkulu obe yinyama!

Okwedlule: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)

Okulandelayo: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp