Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)

Ngesikhathi uJesu esebenzela eJudiya, wayesebenza obala, kodwa manje, ngisebenza futhi ngikhulume nani ekusithekeni. Abangewona amakholwa abakuboni nhlobo lokhu. Ukusebenza Kwami phakathi kwenu kuqhelile kokwabanye. La mazwi, lezi zinsolo nezahlulelo, kwaziwa yini kuphela, hhayi abanye. Wonke lo msebenzi wenziwa phakathi kwenu futhi uvuleleke kinina kuphela; akekho kulabo abangakholwa owazi ngawo, ngoba isikhathi asikafiki. Laba bantu sebesondele ekuphelelisweni ngemva kokwedlula ekusolweni, kodwa labo abangaphandle abazi lutho ngalokhu. Lo msebenzi ufihleke kakhulu! Kubona, uNkulunkulu obe yinyama ufihlakele kodwa kulabo abakulo mkhakha, ubonakala esobala. Nakuba kuNkulunkulu konke kusobala, kucacile futhi kukhululiwe, lokhu kuphela kuyiqiniso kulabo abamkholwayo, futhi akukho okuvezwayo kwabangakholwa. Umsebenzi owenziwayo manje phakathi kwenu naseChina uvalelwe ukuze bahlale bengazi. Uma bengase bazi, ukulahlwa nokuhlushwa kulindile. Ngeke bakholwe. Ukusebenza esizweni sikadrako omkhulu obomvu, indawo esemuva emhlabeni wonke, akulula. Ukube lo msebenzi kwakumele waziwe, kwakungeke kuze kuqhubeke. Lesi sigaba somsebenzi angeke siqhubeke kule ndawo. Babengawubekezelela kanjani umsebenzi onjalo ukuba wenziwe ngokukhululekile? Ingabe lokho bekungeke kubangele ingozi enkulu? Ukube lo msebenzi awuzange ufihlwe noma kunalokho uqhubeke njengasesikhathini sikaJesu lapho ephulukisa khona ngokumangalisayo abagulayo futhi exosha amadimoni, ingabe lo msebenzi ubungeke “uvalwe” kudala ngodeveli? Ingabe babengakubekezelela ukuba khona kukaNkulunkulu? Ukube bekumele ngingene emahholo ukuze ngishumayele futhi ngifundise abantu, ngabe manje angenziwanga yini izicucu kudala? Futhi uma kunjalo, umsebenzi Wami ubuzoqhubeka kanjani? Isizathu sokuba izibonakaliso nezimangaliso zingabonakaliswa obala ukuba kube nokufihlakala. Ngakho umsebenzi Wami ngeke ubonwe, waziwe noma utholwe ngabangakholwa. Ukube lesi sigaba somsebenzi bekufanele senziwe ngendlela efana nekaJesu ngeNkathi Yomusa, ubungeke wenzeke ngokunethezeka okunje. Ngakho, ukufihlwa komsebenzi ngale ndlela kuzuzisa nina nawo wonke umsebenzi. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni usuphela, okuwukuthi, lapho lo msebenzi oyimfihlo uphela, lesi sigaba somsebenzi siyoba sobala kakhulu. Bonke bayokwazi ukuthi kunamaqembu abanqobi eShayina; bonke bayokwazi ukuthi uNkulunkulu osenyameni useShayina nokuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Yingaleso sikhathi kuphela lapho kuyokhanya khona kumuntu: Kungani iShayina ingakakhombisi ukufadabala noma ukuwa? Kubonakala ukuthi uNkulunkulu uwenza mathupha umsebenzi Wakhe eShayina futhi usephelelise iqembu labantu laba ngabanqobi.

UNkulunkulu oyinyama uziveza Yena kubantu abambalwa abamlandelayo njengoba ezenzela umsebenzi Wakhe, kodwa hhayi kuzo zonke izidalwa. Waba yinyama kuphela ukuze azofeza isigaba somsebenzi kuphela, hhayi ukuzobonisa abantu umfanekiso Wakhe. Nokho, umsebenzi Wakhe kumele ufezwe nguye uqobo, nokho kubalulekile Kuye ukuba akwenze lokhu esenyameni. Lapho uphethwa lo msebenzi, uyosuka lapha emhlabeni; ngeke ahlale isikhathi eside ebantwini ukuze angavimbeli umsebenzi ozayo. Lokho akuveza ezihlweleni yisimo Sakhe sokulunga kuphela nazo zonke izenzo Zakhe, hhayi isiqu salapho eba yinyama izikhathi ezimbili, ngoba umfanekiso kaNkulunkulu ungabonakala kuphela esimweni Sakhe futhi ungathathelwa isikhundla yisiqu senyama Yakhe. Isiqu senyama Yakhe sibonakaliswe kubantu abambalwa, kuphela labo abamlandelayo njengoba esebenza esenyameni. Yingakho-ke umsebenzi owenziwa manje, wenziwa ekusithekeni. Kunjengoba uJesu azibonakalisa kumaJuda ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, futhi akakaze akhonjiswe ngokusobala kwezinye izizwe. Ngakho lapho esephothule umsebenzi Wakhe, ngokushesha wabashiya abantu, akahlalanga; esikhathini esalandela, akazange asibonakalise isiqu Sakhe kumuntu, futhi kunalokho umsebenzi wenziwa ngqo nguMoya oNgcwele. Ngesikhathi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uphela wonke, wahamba emhlabeni ofayo, futhi akasoze enza umsebenzi ofanayo nalowo owawukhona eseyinyama. Umsebenzi olandelayo wona wonke wenziwe nguMoya oNgcwele ngokuqondile. Kulesi sikhathi, umuntu ubengeke asibone kalula isiqu Sakhe esenyameni; akazibonakalisi nhlobo Yena uqobo kubantu futhi uyohlale efihlakele. Kunesikhathi esilinganiselwe umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, okumele wenziwe enkathini ethile, ngesikhathi esithile, esizweni naphakathi kwabantu abathile. Umsebenzi onjalo umelele kuphela umsebenzi wesikhathi sikaNkulunkulu eyinyama futhi uqondene nesikhathi esithile, umele umsebenzi woMoya kaNkulunkulu enkathini eyodwa ethile futhi hhayi wonke umsebenzi Wakhe. Ngakho, isiqu sikaNkulunkulu abe yinyama ngaso ngeke sivezwe kubo bonke abantu. Okukhonjiswa ezihlweleni ukulunga kukaNkulunkulu nesimo Sakhe esiphelele, kunesiqu Sakhe lapho eba yinyama kabili. Akusona isiqu esisodwa esivezwa kumuntu, noma iziqu ezimbili ezihlanganisiwe. Ngakho, kuphoqelekile ukuthi uNkulunkulu osenyameni awushiye umhlaba ekuqedeni umsebenzi adinga ukuwenza, ngoba usuke ezele ukuzokwenza kuphela umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuzobonisa abantu isiqu Sakhe. Nakuba ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni sekugcwaliswe nguNkulunkulu eba yinyama kabili, usazoqhubeka nokungazibonakalisi obala kunoma yisiphi isizwe esingakaze simbone. UJesu ngeke aphinde futhi aziveze kumaJuda njengeLanga lokulunga, noma enyuke iNtaba Yeminqumo abonakale kubo bonke abantu; konke okubonwa ngamaJuda ngumfanekiso wakhe ngesikhathi eseJudiya. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi kaJesu esenyameni waphela eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezedlule; ngeke abuyele eJudiya esesiqwini somJuda, ingasaphathwa eyokuziveza esesiqwini somJuda kunoma yiziphi iZizwe, ngoba isiqu sikaJesu eyinyama yisithombe nje somJuda, akusona esendodana yomuntu eyayibonwe nguJohane. Nakuba uJesu wethembisa abalandeli Bakhe ukuthi uyobuya futhi, ngeke avele aziveze esimweni somJuda kwabeZizwe. Kufanele ukuba nazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uwukuvula inkathi. Lo msebenzi ungoweminyaka embalwa kuphela futhi angeke awufeze wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu. Lokhu kufana nendlela isiqu sikaJesu njengeJuda esingamelela ngayo kuphela isiqu sikaNkulunkulu njengoba wayesebenza eJudiya, lapho wayengenza kuphela umsebenzi wokubethelwa. Ngesikhathi uJesu esenyameni, akazange awenze umsebenzi wokuphetha inkathi noma ukubhubhisa isintu. Ngakho, ngemva kokuba esebethelwe futhi waphetha umsebenzi Wakhe, wenyukela phezulu futhi wazifihla ngokuphelele kubantu. Kusuka ngaleso sikhathi, labo kwabeZizwe ababekholwa ngobuqotho babebona kuphela izithombe Zakhe ababezinameka ezindongeni, hhayi ukubonakaliswa kweNkosi uJesu. Lesi sithombe sidwetshwe ngumuntu nje, asiyiso isiqu uNkulunkulu uqobo asikhombisa umuntu. UNkulunkulu ngeke azibonakalise ezihlweleni esiqwini sangenkathi ebe yinyama kabili. Umsebenzi awenzayo esintwini uwukusivumela ukuba siqonde isimo Sakhe. Konke lokhu kufezwa ngokubonisa umuntu umsebenzi wezinkathi ezahlukahlukene kanye nesimo asenze saziwa nomsebenzi awenzile kunokuba azibonakalise ngoJesu. Lokhu kusho ukuthi, isiqu sikaNkulunkulu asaziswanga abantu ngesiqu senyama, kunalokho ngomsebenzi owenziwe inyama Yakhe, uNkulunkulu wesiqu nesimo; futhi ngomsebenzi Wakhe, isiqu Sakhe siyakhonjiswa nesimo Sakhe senziwe saziwe. Lokhu wukubaluleka komsebenzi afisa ukuwenza esenyameni.

Lapho nje umsebenzi Wakhe esenyameni kabili uphela, uqala ukubonakalisa isimo Sakhe sokulunga kwabeZizwe, evumela izihlwele ukuba zibone isiqu Sakhe. Ufisa ukubonakalisa isimo Sakhe, futhi ngalokhu enze kucace ukuphela kwezinhlobo ezehlukene zesintu, ngalokho ayiphethe ngokuphelele inkathi eyedlule. Umsebenzi Wakhe esenyameni awudluleli ngale kokulindelekile (njengoba nje noJesu asebenza eJudiya kuphela, Nami namuhla ngisebenza phakathi kwenu) ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe esenyameni unemingcele nemikhawulo. Wenza nje umsebenzi wesikhashana esesiqwini somuntu ojwayelekile nenyama evamile, esikhundleni sokuba enze umsebenzi waphakade noma enze umsebenzi wokubonakala kubo bonke abantu beZizwe zonke. Lo msebenzi awenza esenyameni kumele ukuba unemingcele (njengokusebenza kuphela eJudiya noma phakathi kwenu), bese andisa umsebenzi owenziwa phakathi kwale mingcele. Ngokusobala, umsebenzi wokwandisa okunjalo wenziwa nguMoya Wakhe ngokuqondile futhi ngeke ube umsebenzi wenyama Yakhe. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu esenyameni unemingcele futhi awukwazi ukululekela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngakho, ngeke ukwazi ukukufeza. Ngomsebenzi owenziwa enyameni, uMoya Wakhe wenza umsebenzi olandelayo. Ngakho, umsebenzi owenziwa enyameni ungumsebenzi wesiqaliso owenziwa ngaphansi kwemingcele; uMoya Wakhe uyaqhubeka nokwenza lo msebenzi futhi uyawandisa.

UNkulunkulu uza kulo mhlaba ukuzokwenza umsebenzi wokuhola inkathi kuphela; ukuvula inkathi entsha nokuqeda endala. Akezelanga ukuzophila konke ukuphila komuntu lapha emhlabeni, ukuzozizwela izinjabulo nosizi lokuphila komuntu noma ukuzophelelisa umuntu othile ngesandla Sakhe noma ukuzobukela mathupha umuntu ekhula. Lowo akuwona umsebenzi Wakhe; umsebenzi Wakhe umane nje uwukuletha inkathi entsha, aqede endala. Okuwukuthi, uzoqala inkathi, bese eqeda enye, anqobe uSathane ngokufeza umsebenzi ewumuntu. Njalo lapho enza umsebenzi mathupha, kuba sengathi ubeka unyawo enkundleni yempi. Esenyameni, uqale anqobe umhlaba, ehlule uSathane; athole yonke inkazimulo, ambule umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane ezimbili, enikeza wonke umuntu emhlabeni indlela efanele angayilandela, nokuphila impilo enokuthula nenjabulo. Nokho, uNkulunkulu ngeke ahlale nomuntu emhlabeni isikhathi eside, ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu, akafani nhlobo nomuntu. Ngeke aphile iminyaka ephilwa ngumuntu ojwayelekile, okuwukuthi ngeke ahlale emhlabeni njengomuntu ongeyena ongejwayelekile, ngoba unengxenye encane kakhulu yobuntu obujwayelekile bomuntu ojwayelekile bokwesekela impilo Yakhe yobuntu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu angawuqala kanjani umndeni, akhulise abantwana emhlabeni? Angeke yini lokho kube yihlazo? Uba nobuntu obejwayelekile ukuze enze umsebenzi ngendlela ejwayelekile, hhayi ukuba abe nomndeni nomsebenzi njengoba umuntu ojwayelekile engenza. Ukucabanga Kwakhe okujwayelekile, umqondo ojwayelekile, ukudla ngendlela ejwayelekile nokugqoka enyameni Yakhe kwanele ukufakazela ukuthi unobuntu obejwayelekile; asikho isidingo sokuba aqale umndeni ukuze abonise ukuthi unobuntu obejwayelekile. Lokhu akunasidingo nhlobo! UNkulunkulu uza emhlabeni, ngokuthi uLizwi uba yinyama; wenzela ukuthi umuntu aliqonde kahle izwi Lakhe futhi alibone izwi Lakhe, okuwukuthi avumele umuntu ukuba abone umsebenzi owenziwa yinyama. Inhloso Yakhe ayikhona ukuba abantu baphathe inyama Yakhe ngendlela ethile kodwa ukuba umuntu alalele kuze kube sekugcineni, okuwukuthi, ukuze alalele wonke amazwi aphuma emlonyeni Wakhe futhi anikezele kuwo wonke umsebenzi awenzayo. Usebenza nje kuphela enyameni, akukhona nje ukuthi ulindele ukuba umuntu aphakamise ubukhulu nobungcwele benyama Yakhe. Umane nje ubonisa umuntu ukuhlakanipha komsebenzi Wakhe negunya analo. Ngakho, ngisho noma enobuntu obumangalisayo, akamemezeli kodwa ugxila kuphela emsebenzini okufanele awenze. Kufanele nazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebe yinyama kodwa engaziqhayisi futhi engafakazi ngobuntu Bakhe obujwayelekile futhi kunalokho emane nje enza umsebenzi afisa ukuwenza. Yingakho ubona kuphela umuntu wobunkulunkulu kuNkulunkulu osenyameni, ngenxa yokuthi akalokothi amemezele ukuba Kwakhe ngumuntu ukuze alingiswe. Kulapho umuntu ehola umuntu lapho ekhuluma khona ngesiqu Sakhe ukuze athole ukuhola ngenxa yokubahlaba umxhwele nokubenza bamkholwe. Ngokuphambene nalokho, uNkulunkulu unqoba abantu ngomsebenzi Wakhe kuphela (okuwumsebenzi ongenakufinyelelwa muntu). Akajabulisi muntu noma enze ukuba abantu bamkhonze, kunalokho wenza ukuba abantu babe nomuzwa wokumhlonipha noma abenze baqonde ukuthi akaqondakali. Asikho isidingo sokuba uNkulunkulu ahlabe abantu umxhwele. Akudingayo nje ukuba umhloniphe lapho usubone isimo Sakhe semvelo. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ngowakhe; ngeke wenziwe ngumuntu esikhundleni Sakhe, futhi ngeke ufezwe ngumuntu. NguNkulunkulu uqobo kuphela ongenza umsebenzi Wakhe futhi angenise inkathi entsha ukuze aholele umuntu empilweni entsha. Umsebenzi awenzayo ngowokwenza ukuthi umuntu akwazi ukuthola impilo entsha nokungena enkathini entsha. Wonke omunye umsebenzi unikezwa labo bantu abanobuntu obejwayelekile nalabo abakhonzwe ngabanye. Ngakho, eNkathini Yomusa, waqeda umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane ezimbili eminyakeni emithathu nengxenye ngesikhathi seminyaka engamashumi amathathu nantathu esenyameni. Lapho uNkulunkulu oze emhlabeni enza umsebenzi Wakhe, uhlale eqeda umsebenzi wezinkulungwane ezimbili zeminyaka noma inkathi yonke eminyakeni embalwa nje. Akalibali, futhi akami; uvele aqoqele ndawonye umsebenzi weminyaka eminingi ukuze uqedeke eminyakeni embalwa futhi emifushane. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi awenza mathupha wonke ngowokuvula indlela entsha nokuhola inkathi entsha.

Okwedlule: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

Okulandelayo: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp