Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi lwalunjani ukholo Lwakhe ngaphambi kwalokhu—mhlawumbe ngezinye izikhathi lwaluntekenteke kokunye luqinile—konke lokho kwakuwukuphila Kwakhe kokuba umuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Ngemva kokubhabhathizwa (ukugcotshwa), ngokushesha waba namandla kanye nenkazimulo kaNkulunkulu Kuye, wabe eseqala inkonzo Yakhe. Wayesengenza izibonakaliso nezimanga, enze nezimangaliso, wayenamandla negunya, njengoba wayesebenza egameni likaNkulunkuluuqobo; wenza umsebenzi kaMoya esikhundleni Sakhe futhi wazwakalisa izwi likaMoya; ngakho wayenguNkulunkulu uqobo. Lokhu kuyinto engenakuphikwa. UJohane wasetshenziwa uMoya oNgcwele. Wayengeke amele uNkulunkulu, futhi kwakungeke kwenzeke ukuba amelel uNkulunkulu. Uma wayefisa ukwenza kanjalo, uMoya oNgcwele wawungeke umvumele, ngoba wayengeke awenze umsebenzi uNkulunkulu uqobo ayezimisele ukuwufeza. Mhlawumbe kwakukuningi okwakukuye, okwakuyintando yomuntu noma kukhona okwakwehlukile kuye; kunoma yiziphi izimo, wayengeke akwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Amaphutha neziphambeko zakhe kwakumele yena kuphela, kodwa umsebenzi wakhe wawumele uMoya oNgcwele. Kodwa, awukwazi ukuthi konke ayeyikho kwakumele uNkulunkulu. Ingabe ukuphambuka namaphutha akhe nakho kwakumele uNkulunkulu? Ukuba nephutha ekumeleni umuntu kuyinto ejwayelekile, kodwa uma ehluka ekumeleni uNkulunkulu lokho bekungeke yini kuhlazise uNkulunkulu? Ingabe lokho bekungeke kube wukuhlambalaza uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba abe sendaweni kaNkulunkulu ngokuthanda kwakhe, ngisho noma ngabe udunyiswa ngabanye. Uma engeyena uNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi angeke akwazi ukuhlala emile ekugcineni. UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba amele uNkulunkulu ngokuthanda kwakhe! Ngokwesibonelo, uMoya oNgcwele wanikeza ubufakazi kuJohane waphinde wembula ukuthi nguye oyolungisela uJesu indlela, kodwa umsebenzi owawenziwe uMoya oNgcwele kuye, wawusesilinganisweni esifanele. Konke uJohane ayekuceliwe ukuba akwenze kwakuwukuba yivulandlela likaJesu, amlungiselele indlela. Okusho ukuthi, uMoya oNgcwele wavumela umsebenzi wakhe wokulungisa indlela kuphela, futhi wamvumela ukuba enze umsebenzi onjalo kuphela, hhayi okunye. UJohane wamela u-Eliya, umphrofethi owayelungise indlela. Lokhu kwesekwa uMoya oNgcwele; uma nje umsebenzi wakhe kwakusewukulungisa indlela, uMoya oNgcwele wawumvumela. Nokho, ukuba wayethe unguNkulunkulu uqobo futhi uzele ukuzoqedela umsebenzi wokuhlenga, uMoya oNgcwele kwakuyomele umqondise. Kungakhathaleki ukuthi wawumkhulu kangakanani umsebenzi kaJohane, nokuthi wayevunyelwe uMoya oNgcwele, umsebenzi wakhe wahlala ungaphakathi kwemingcele. Kuyiqiniso ngempela ukuthi umsebenzi wakhe wawuvunyelwe uMoya oNgcwele, kodwa amandla ayewanikiwe ngaleso sikhathi ayephelela ekulungiseni kwakhe indlela. Wayengeke nhlobo enze omunye umsebenzi, ngoba wayenguJohane owalungisa indlela kuphela, hhayi uJesu. Ngakho, ubufakazi boMoya oNgcwele busemqoka, kodwa umsebenzi umuntu avunyelwe nguMoya oNgcwele ukuba awenze ubaluleke kakhulu. Akufakazwanga kakhulu ngoJohane? Wawungemkhulu nawo umsebenzi wakhe? Kodwa umsebenzi awenza wawungeke uwedlule okaJesu, ngoba wayengelutho olungaphezulu komuntu owayesetshenziswa nguMoya oNgcwele futhi wayengeke amele uNkulunkulu ngokuqondile, ngakho umsebenzi ayewenza wawunomkhawulo. Emva kokuqeda umsebenzi wokulungisa indlela, uMoya oNgcwele akabange esaqhubeka nokuphakamisa ubufakazi bakhe, akukho msebenzi omusha owabuye wamlandela, futhi wahamba ngesikhathi umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uqala.

Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe, ngabe uJesu wayengeyena uNkulunkulu uqobo? Ingabe wayengeyena uNkulunkulu osenyameni? Ngempela ngeke kuthiwe waba yindodana eyodwa kaNkulunkulu kuphela ngemva kokuba esefakazelwe? Ingabe yayingekho indoda okwakuthiwa nguJesu esikhathini eside ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!

Ngisho nomuntu osetshenziswa nguMoya oNgcwele akakwazi ukumela uNkulunkulu uqobo. Akukhona kuphela ukuthi lo muntu akakwazi ukumela uNkulunkulu, kodwa nomsebenzi wakhe awukwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, izinto umuntu azaziyo azikwazi ukubekwa ngokuqondile phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi akukwazi ukumelela ukuphatha kukaNkulunkulu. Wonke umsebenzi uNkulunkulu uqobo awenzayo ungumsebenzi azimisele ngokuwenza ngohlelo Lwakhe lokuphatha futhi uqondiswe ekuphatheni okukhulu. Umsebenzi owenziwe ngumuntu uqukethe ukunikeza lokho umuntu ahlangane nakho empilweni. Uthola indlela entsha yokwenza izinto kulena eyahanjwa abamandulelayo futhi iholela abafowabo nodadewabo ngaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele. Into enikezwa yilaba bantu yinto abayaziyo noma imibhalo yoomoya yabantu bomoya. Nakuba besetshenziswe uMoya oNgcwele, umsebenzi walabo bantu awufiki nakufika emsebenzini omkhulu wokuphatha wohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bamane nje baphakanyiswe nguMoya oNgcwele ngezikhathi ezehlukene ukuze bahole abantu endleleni kaMoya oNgcwele baze bafeze umsebenzi wabo noma baze bafe. Umsebenzi abawenzayo ungowokulungisa kuphela indlela efanele kaNkulunkulu uqobo noma ukuqhuba okukodwa ekuphatheni kukaNkulunkulu uqobo emhlabeni. Abantu abanjalo abakwazi ukwenza umsebenzi ophakeme ngaphansi kokuphatha Kwakhe, futhi abakwazi ukusungula izindlela ezintsha futhi kukancane ukuba baphethe wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenkathi edlule. Ngakho, umsebenzi abawenzayo umela kuphela isidalwa esenza umsebenzi waso, ngeke umele uNkulunkulu uqobo enza inkonzo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi abawenzayo awufani nalowo owenziwa uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokungenisa inkathi entsha awukwazi ukwenziwa ngumuntu endaweni kaNkulunkulu. Awukwazi ukwenziwa yinoma ngubani ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo. Wonke umsebenzi ongenziwa ngumuntu uwukwenza umsebenzi njengomunye wezidalwa futhi wenziwa ngokuholwa noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukuqondiswa okunikezwa abantu abanjalo yindlela yokuphila kwansuku zonke nokuthi umuntu wenza kanjani ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Umsebenzi womuntu awubandakanyi nokukodwa phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu noma ukumela umsebenzi woMoya. Ukwenza isibonelo, umsebenzi kaWitness Lee noWatchman Nee wawungowokuhola. Noma kwakuyindlela endala noma entsha umsebenzi wawenzelwa esisekelweni sokungeqi izimiso zeBhayibheli. Noma amabandla aseduze ayevuselelwa noma akhiwa, umsebenzi wabo kwakungowokuphemba amabandla. Umsebenzi ababewenza kwakungowokuqhuba umsebenzi uJesu nabafundi bakhe ababengawuqedanga noma ababengawukhulisanga eNkathini Yomusa. Ababekwenza emsebenzini wabo kwakuwukuvuselela lokho uJesu owayekucele emsebenzini Wakhe wezizukulwane zangemuva Kwakhe, njengokwemboza amakhanda abo, umbhapathizo, ukuhlephula isinkwa noma ukuphuza iwayini. Kungashiwo ukuthi umsebenzi wabo kwakuwukulandela kuphela iBhayibheli nokufuna izindlela ngaphakathi kweBhayibheli kuphela. Abazange neze benze inqubekela phambili entsha. Ngakho umuntu angabona kuphela emsebenzini wabo ukutholakala kwezindlela ezintsha eBhayibhelini, kanye nezindlela zokuphila ezingcono nezingokoqobo. Kodwa umuntu akakwazi ukuthola emsebenzini wabo intando yamanje kaNkulunkulu, kube kuncane nakakhulu ukuthola umsebenzi omusha uNkulunkulu azowenza ezinsukwini zokugcina. Lokhu kungenxa yokuthi indlela ababeyihamba kwakusengeyakudala; kwakungenanqubekela phambili futhi kungekho lutho olusha. Baqhubeka nokugcina iqiniso “lokubethelwa kukaJesu,” liyindlela “yokucela ukuba abantu baphenduke futhi bavume izono zabo,” isisho esithi “lowo obekezela kuze kube sekugcineni uyosindiswa,” nesisho esithi “indoda iyinhloko yomfazi, futhi umfazi kufanele alalele indoda yakhe.” Phezu kwalokho, bagcina umbono wesiko othi “odadewethu abakwazi ukushumayela, bangalalela kuphela.” Uma ubuholi obunjalo babuqhubeka, uMoya oNgcwele wawungeke ukwazi ukwenza umsebenzi omusha, ukhulule abantu emfundisweni, noma uholele abantu endaweni yenkululeko nobuhle. Ngakho-ke, lesi sigaba somsebenzi sokuguquka kwezinkathi kufanele senziwe futhi sikhulunywe nguNkulunkulu uqobo, uma kungenjalo akekho umuntu ongenza lokho egameni Lakhe. Kuze kube manje wonke umsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kwalo mgudu usamile ngqi, nalabo ababesetshenziswa nguMoya oNgcwele basalahlekile. Ngakho, ngenxa yokuthi umsebenzi womuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele awufani nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ubunjalo babo nokuthi nokuthi basebenza egameni likabani, nakho kuhlukile. Lokhu kwenziwa ukuthi umsebenzi uMoya oNgcwele ohlose ukuwenza wehlukile, ngalokho unikeza iziqu nezikhundla ezingefani kubo bonke abasebenzayo. Abantu abasetshenziswa uMoya oNgcwele bangase bayenze eminye imisebenzi emisha futhi bangase basuse eminye imisebenzi eyenziwa enkathini yaphambili, kodwa umsebenzi wabo awukwazi ukuveza isimo nentando kaNkulunkulu enkathini entsha. Basebenzela kuphela ukuthatha umsebenzi wenkathi edlule, hhayi ukwenza umsebenzi wenkathi entsha ukuze basimelele ngokuqondile isimo sikaNkulunkulu uqobo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi mingaki imikhuba esiphelelwe yisikhathi abayiqedayo noma emisha abayethulayo basamelela abantu nezinto ezidaliwe. Lapho uNkulunkulu uqobo enza umsebenzi, kodwa, akamane nje esidlangalaleni amemezele ukuphela kwemikhuba yenkathi endala noma amemezele ngokuqondile isiqalo senkathi entsha. Uyaqonda acace emsebenzini Wakhe. Uyaqonda lapho enza umsebenzi awuhlosile; okungukuthi, ukuveza ngqo lokho asuke ekwenzile, uwenza ngokuqondile umsebenzi njengoba ebehlosile ekuqaleni, aveze ubuyena kanye nesimo Sakhe. Njengoba umuntu ewubona, isimo Sakhe kanye nomsebenzi awenzayo akufani nokwangenkathi edlule. Nokho, ngokukaNkulunkulu uqobo, lokhu kuwukuqhubeka nje nokuthuthukisa umsebenzi Wakhe. Lapho uNkulunkulu uqobo esebenza, uwaveza wonke amazwi Akhe futhi alethe umsebenzi omusha. Ngokungafani noNkulunkulu, lapho umuntu esebenza, kungukuzindla nokufunda noma kungukuthuthukisa ulwazi lwakhe nangokuzijwayeza indlela ehlelekile yokwenza izinto okwakhelwe phezu kwesisekelo somsebenzi wabanye. Lokhu kusho ukuthi ingqikithi yomsebenzi owenziwa ngumuntu ukuqhuba isiko “nokuhamba ezindleleni ezindala ngezicathulo ezintsha.” Lokhu kusho ukuthi ngisho indlela ehanjwe ngabantu abasetshenziswa nguMoya oNgcwele yakhiwe phezu kwaleyo eyavulwa nguNkulunkulu uqobo. Ngakho umuntu empeleni ungumuntu, noNkulunkulu unguNkulunkulu.

UJohane wazalwa ngesethembiso, njengoba u-Isaka wazalwa ngu-Abrahama. Walungisela uJesu indlela futhi wenza umsebenzi omningi, kodwa wayengeyena uNkulunkulu. Empeleni, uthathwa njengomphrofethi ngoba walungiselela kuphela uJesu indlela. Umsebenzi wakhe nawo wawumkhulu, futhi kwaba kuphela lapho eseyilungisile indlela lapho uJesu aqala khona umsebenzi Wakhe ngokusemthethweni. Empeleni, wasebenzela uJesu, futhi umsebenzi wakhe wawuyinkonzo yomsebenzi kaJesu. Emva kokulungisa indlela, uJesu wabe eseqala umsebenzi Wakhe, umsebenzi owawumusha, uqondile, futhi unemininingwane eyengeziwe. UJohane wenza kuphela umsebenzi wokuqala; umsebenzi omusha omningi wenziwa nguJesu. UJohane wawenza naye umsebenzi omusha, kodwa akuyena owangenisa inkathi entsha. UJohane wazalwa ngesethembiso, futhi igama lakhe lanikezwa yingelosi. Ngaleso sikhathi, abanye babefuna ukumqamba igama likayise uZakariya kodwa unina waphumela obala wathi, “Le ngane angeke ibizwe ngalelo gama. Kufanele ibizwe ngokuthi uJohane.” Konke lokhu kwakuqondiswe nguMoya oNgcwele. Ngakho kungani uJohane engabizwangwa ngokuthi uNkulunkulu? Igama likaJesu nalo lalingaphansi kokuqondiswa nguMoya oNgcwele futhi wazalwa ngoMoya oNgcwele futhi ngesethembiso sikaMoya oNgcwele. UJesu wayenguNkulunkulu, uKristu, futhi eyiNdodana yomuntu. Umsebenzi kaJohane nawo wawumkhulu, kodwa kungani yena kungashiwongo ukuthi unguNkulunkulu? Kanti kwakuyimuphi umehluko phakathi komsebenzi owenziwa uJesu nalowo owenziwa nguJohane? Ingabe isizathu kuphela ukuthi uJohane kwakufanele alungise indlela kaJesu? Noma kungenxa yokuthi uNkulunkulu wayekunqumele ngaphambili? Nakuba uJohane waphinde wathi, “Phendukani: ngokuba umbuso wezulu ususondele,” waphinde washumayela ivangeli lombuso wezulu, umsebenzi wakhe wawungajulile kangako futhi wawuphethe isiqalo nje. Ngokuqhathaniseka nalokho, uJesu waletha inkathi entsha futhi waqeda inkathi endala kodwa futhi wagcwalisa umthetho weTestamente Elidala. Umsebenzi awenza wawumkhulu kunokaJohane futhi weza ukuzokhulula sonke isintu—wenza leso sigaba somsebenzi. UJohane yena wamane nje walungisa indlela. Nakuba umsebenzi wakhe wawumkhulu, amazwi akhe emaningi, nabafundi abamlandela babebaningi, umsebenzi wakhe awuzange wenze okungaphezu nje kokuba ulethele abantu isiqalo esisha. Abantu abazange bathole kuye ukuphila, indlela noma amaqiniso ajulile ngisho nokuthola ngaye ukuqonda mayelana nentando kaNkulunkulu. UJohane wayengumphrofethi omkhulu (u-Eliya) owavula indlela entsha yomsebenzi kaJesu walungiselela okhethiweyo; wayehambela phambili iNkathi Yomusa. Izindaba ezinje ngeke zimane zibonakale nje ngokuqaphela ukubonakala komuntu. Ikakhulukazi uJohane wenza umsebenzi omkhulu; ngaphezu kwalokho waba khona ngenxa yesithembiso sikaMoya oNgcwele futhi umsebenzi wakhe wavunyelwa nguye uMoya oNgcwele. Ngaleyo ndlela, ukuhlukanisa phakathi kobunjalo babo kungenziwa ngokubuka umsebenzi wabo, ngoba ukubukeka kwangaphandle komuntu akusho lutho ngengqikithi yakhe, futhi umuntu akakwazi ukuqinisekisa ubufakazi bangempela ngoMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguJohane nalowo owenziwa nguJesu wawungafani futhi izimvelo zawo zazingefani. Yilokho okufanele kunqume ukuthi unguNkulunkulu noma cha. Umsebenzi kaJesu wawungukuqala, ukuqhubeka, ukuphetha kanye nokufeza. Leso naleso sinyathelo kulezi sasenziwa nguJesu, kanti umsebenzi kaJohane wona wawungowesiqalo. Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi. Washumayeza abantu futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wezulu kuzo zonke izindawo. Lokhu kwakufana nakuJohane, kodwa umahluko kwakuwukuthi uJesu owangenisa inkathi entsha futhi waletha iNkathi Yomusa kumuntu. Emlonyeni Wakhe kwaphuma izwi lalokho umuntu okufanele akwenze nendlela umuntu okumele ayilandele eNkathini Yomusa futhi ekugcineni, waqedela umsebenzi wokukhulula. Umsebenzi onjalo wawungeke wenziwe nguJohane. Ngakho, kwakunguJesu owenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi nguye onguNkulunkulu uqobo futhi omele uNkulunkulu ngokuquondile. Imicabango yomuntu ithi bonke labo abazalwa ngesithembiso, bazalwa ngokoMoya, besekelwa nguMoya oNgcwele, futhi abavula izindlela ezintsha banguNkulunkulu. Ngokwalokhu kucabanga, noJohane wayezoba nguNkulunkulu, noMose, u-Abrahama, noDavide…, nabo babeyoba uNkulunkulu. Akulona ihlaya elikhulu lokhu?

Ngaphambi kokwenza inkonzo Yakhe, uJesu naye wayengumuntu ojwayelekile owayenza ngokuhambisana nanoma yikuphi okwakwenziwa nguMoya oNgcwele. Kungasho lutho ukuthi wayezazi yini ukuthi ungubani ngaleso sikhathi, wayelalela konke okwakuvela kuNkulunkulu. UMoya oNgcwele awuzange wembule ubuyena ngaphambi kokuqala kwenkonzo Yakhe. Kwakungemuva kokuqala kwenkonzo Yakhe lapho aqeda khona leyo migomo naleyo mithetho, futhi amazwi Akhe awabanga negunya namandla kwaze kwaba yilapho eseqala ukwenza inkonzo Yakhe ngokomthetho. Kungemva kokuqala kwenkonzo Yakhe kuphela lapho umsebenzi Wakhe wokuletha inkathi entsha waqala khona. Ngaphambi kwalokhu, uMoya oNgcwele wahlala ucashile phakathi Kuye iminyaka engama-29, okuyisikhathi ayemele kuso umuntu kuphela futhi engenakho ukubonakala noma umsebenzi kaNkulunkulu. Kusuka esikhathini aqala ngaso ukusebenza nokwenza inkonzo Yakhe, wenza umsebenzi Wakhe njengokuhlelwa kwawo ngaphakathi, kungasho lutho ukuthi umuntu wayemazi kanjani, futhi umsebenzi Wakhe wawungukumelwa okuqondile kukaNkulunkulu uqobo. Ngaleso sikhathi, uJesu wabuza labo ababeseduze Kwakhe, “Nithi ngingubani?” Baphendula, “ungumphrofethi omkhulu kunabo bonke futhi ungudokotela wethu omuhle.” Abanye baphendula, “Ungumfundisi wethu omkhulu.” … kwanikezwa izinhlobo ezehlukene zezimpendulo; abanye bathi unguJohane, bathi ungu-Eliya. UJesu wayesephendukela kuSimoni Petru wabuza, “Uthi ngingubani?” Petru waphendula wathi, “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” Kusuka lapho abantu babona ukuthi wayenguNkulunkulu. Lapho sekwaziwa lokhu, kwaba nguPetru owakubona kuqala lokhu futhi kwaphuma emlonyeni wakhe lokhu. UJesu wayesethi, “Okushilo akuqondisiwe noma ngubani ongowenyama negazi, kodwa nguBaba.” Kulandela ukubhabhathizwa Kwakhe, noma kwakwaziwa ngabanye noma cha, umsebenzi wawenziwa egameni likaNkulunkulu. Wezela ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, hhayi ukuzokwembula ubuyena. Kungemuva kokuba la mazwi esekhulunywe nguPetru lapho ubuyena baziwa ngokusobala ngumuntu. Noma nanazi noma cha ukuthi wayenguNkulunkulu uqobo, waqala umsebenzi Wakhe ngenkathi kufika isikhathi esifanele. Waqhubeka nomsebenzi Wakhe noma wawuwubona noma cha. Noma wawungawuphika, wayezokwenza umsebenzi Wakhe futhi awenze uma sekuyisikhathi sokuthi awenze. Wezela ukuzosebenza nokwenza inkonzo Yakhe, hhayi ukuthi umuntu azi inyama Yakhe, kodwa ukuze umuntu amukele umsebenzi Wakhe. Uma ungaboni ukuthi isigaba somsebenzi namuhla ngesikaNkulunkulu uqobo, kungenxa yokuthi weswele umbono. Noma kunjalo, awukwazi ukusiphika lesi sigaba somsebenzi; ukungakwazi kwakho ukusibona akusho ukuthi uMoya oNgcwele awusebenzi noma umsebenzi Wakhe unephutha. Abanye baze babheke ngisho umsebenzi wamanje bawuqhathanise nokaJesu oseBhayibhelini futhi baze basebenzise noma yikuphi okungahambisani ukuze baphike lesi sigaba somsebenzi. Ingabe lesi akusona isenzo somuntu ongaboni emehlweni? Konke okulotshwe eBhayibhelini kunomkhawulo futhi akukwazi ukuveza yonke imisebenzi kaNkulunkulu. AmaVangeli aMane anezahluko ezingaphansi kweziyikhulu uma sezihlanganisiwe okubhalwe kuz0 isibalo esithile sezigameko njengalapho uJesu eqalekisa isihlahla somkhiwane, ukuphika iNkosi kukaPetru izikhathi ezintathu ukubonakala kukaJesu kubafundi Bakhe ngemva kokubethelwa nokuvuswa kwakhe, ukufundisa ngokuzila ukudla, ukufundisa ngomthandazo, ukufundisa ngesahlukaniso somshado, ngokuzalwa nangolibo lukaJesu, ukuqoka kukaJesu abafundi nokunye. Lena yimibhalo embalwa, kodwa abantu bayikhonze njengamagugu, baze baqinisekise imisebenzi yanamuhla ngokuyiqhathanisa nayo. Baze bakholwe ukuthi uJesu wenza okuningi kangaka kuphela emva kokuzalwa Kwakhe kuphela. Kunjengokuthi bakholwa wukuthi uNkulunkulu angenza lokho kuphela, awukho omunye umsebenzi ongaba khona. Akubona ubuphukuphuku lobo?

Isikhathi uJesu aba naso emhlabeni siyiminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye, okungukuthi, waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye. Yiminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye kuphela ayithatha enza inkonzo Yakhe, futhi, kule eminye waphila impilo ejwayelekile yomuntu. Ekuqaleni, wayehambela izinkonzo esinagogeni lapho ayelalela khona izintshumayelo zabefundisi, nezifundo zabanye; wathola ulwazi oluningi ngeBhayibheli. Akazalwanga nalolu lwazi, waluthola kuphela ngokufunda nokulalela. Kuqoshwe ngokusobala eBhayibhelini ukuthi wayebuza imibuzo korabi esinagogeni eneminyaka eyishumi nambili: Kwakuyiziphi iziphrofetho zabaphrofethi basendulo? Imithetho kaMose? IMibhalo? Nomuntu osebenzela uNkulunkulu ngezingubo zobupristi ethempelini? … Wabuza imibuzo eminingi, ngoba wayengenalo ulwazi noma ukuqonda. Nakuba wakhulelwa ngoMoya oNgcwele, wazalwa njengomuntu ojwayeleke ngokuphelele; ngaphandle kwezinto ezithile ezazingejwayelekile ayenazo, wayelokhu engumuntu ojwayelekile. Ukuhlakanipha Kwakhe kwakhula njalo kuhambisana nesimo neminyaka Yakhe, futhi wedlula ezigabeni ezivamile zempilo yomuntu. Ekucabangeni komuntu, uJesu akazange ezwe ubungane, ukuba yibhungu, nokuba yinsizwa; umuntu unomqondo wokuthi uJesu wazalelwa empilweni yendoda eneminyaka engamashumi amathathu, wayesebethelwa lapho eseqede khona umsebenzi Wakhe. Mhlawumbe akedlulanga ezigabeni ezisempilweni yomuntu ojwayelekile; mhlawumbe wayengadli futhi engaxhumani nabantu, futhi engabonakali kalula kumuntu. Mhlawumbe wayeyisimanga esasiyosabisa labo ababembona, ngoba unguNkulunkulu. Abantu bakholwa wukuthi uNkulunkulu oza eyinyama akaphili njengoba kuphila umuntu ojwayelekile; bakholwa wukuthi uhlanzekile ngisho engazange axubhe noma ahlambe ubuso ngoba ungumuntu ongcwele. Ingabe lokhu akukhona nje ukucabanga komuntu? Akukho lapho iBhayibheli likhuluma khona ngempilo kaJesu eyindoda, likhuluma ngomsebenzi Wakhe kuphela, kodwa lokhu akusho ukuthi wayengenabo ubuntu obejwayelekile noma akazange aphile impilo yomuntu eyejwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engama-30. Waqala umsebenzi Wakhe ngokusemthethweni eneminyaka engama-29, kodwa angeke uyiphike impilo Yakhe njengomuntu ojwayelekile ngaphambi kwalowo nyaka wobudala. IBhayibheli livele laseqa leso sigaba ekuqopheni kwalo; njengoba kwakuyimpilo Yakhe njengomuntu ovamile, hhayi isikhathi somsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, sasingekho isidingo sokuba sibhalwe phansi. Ngoba ngaphambi kokubhabhathizwa kukaJesu, uMoya oNgcwele wawungakaze usebenze zisuka nje, kodwa wamgcina nje ekuphileni Kwakhe njengomuntu ojwayelekile kwaze kwaba wusuku lapho sekufanele uJesu enze inkonzo Yakhe. Nakuba wayenguNkulunkulu osenyameni, wadlula ezigabeni zokukhula njengawo wonke umuntu ojwayelekile. Lesi sigaba asifakwanga eBhayibhelini, ngoba sasingeke sibe usizo olutheni ekukhuleni komuntu. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe kunesigaba angembulwanga kuso futhi angenzanga nezibonakaliso kanye nezimangaliso. Kungemva kokubhabhathizwa kukaJesu lapho aqala khona wonke umsebenzi wokuhlenga abantu, umsebenzi omningi futhi ogcwele umusa, iqiniso, nothando nesihe. Ukuqala kwalo msebenzi kwakuwukuqala kweNkathi Yomusa; ngaleso sizathu, walotshwa phansi futhi wadluliselwa kule nkathi yamanje. Wavula indlela yokuphuma waletha ukufezeka kwakho konke kulabo abeNkathi Yomusa ukuhamba ngendlela yale nkathi nokuhamba indlela yesiphambano. Nakuba umlando walokhu wawubhalwe phansi ngumuntu, konke kwakuyizincazelo zamaqiniso, namaphushana ezindabeni ezithile. Noma kunjalo, umuntu ngeke aphike ubuqiniso balezi zindaba. Zingamaqiniso zonke, nakuba amaphutha aqhamuka ngenkathi sezibhalwa phansi ngumuntu. Abanye bangathi uJesu wayengumuntu ojwayelekile, ngakho kwakungenzeka kanjani ukuthi akwazi ukwenza izibonakaliso nezimangaliso? Izinsuku ezingamashumi amane zokulingwa uJesu adlula kuzo ziwuphawu oluyisimangaliso, umuntu ojwayelekile owayengeke akwazi ukulufeza. Izinsuku zakhe zokulingwa ezingamashumi amane zaziwumsebenzi kaMoya oNgcwele; angasho kanjani-ke umuntu ukuthi akukho nokuncane okungaphezulu kwemvelo phakathi kuye? Ukwazi Kwakhe ukwenza izibonakaliso nezimangaliso akukhombisi ukuthi wayengumuntu ongaphezulu kwemvelo nomuntu ongajwayelekile; ngukuthi nje uMoya oNgcwele wayesebenza kumuntu ojwayelekile onjeNgaye, ngalokho enza ukuthi akwazi ukwenza izimangaliso nokwenza umsebenzi ophakeme. Ngaphambi kokuba uJesu aqale inkonzo Yakhe, noma njengoba kushiwo eBhayibhelini, ngaphambi kokuba umoya wehlele Kuye, uJesu wayengumuntu ojwayelekile nje futhi engekho neze ngaphezu kwemvelo. Lapho kwehla uMoya oNgcwele, okuwukuthi, lapho eqala ukwenza inkonzo Yakhe, waphiwa amandla amaningi angavamile. Ngale ndlela, umuntu ukholwa ukuthi inyama embethwe uNkulunkulu ayinabo ubuntu obujwayelekile; ngaphezu kwalokho, ukholwa ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu osenyameni unobunkulunkulu kuphela, hhayi ubuntu. Empeleni, umsebenzi nakho konke lokhu uNkulunkulu akwenzayo emhlabeni kungamandla angavamile. Okubona ngamehlo nalokho okuzwa ngezindlebe, konke kungaphezu kwemvelo, ngoba umsebenzi Wakhe namazwi Akhe akuqondakali futhi akufinyeleleki kumuntu. Uma okuthile kwasezulwini kulethwe emhlabeni, kungenzeka kanjani ukuba kube yinoma yini ngale kokuba ngaphezu kwemvelo? Izimfihlakalo zombuso wasezulwini zilethwe emhlabeni, izimfihlakalo ezazingaqondakali futhi zingazeki kumuntu, ezazimangalisa futhi zihlakaniphe kakhulu—ingabe zonke zazingekho ngaphezu kwemvelo? Nokho, kumele wazi ukuthi ngisho noma kuthiwa kungaphezu kwemvelo, kwenziwe ebuntwini bakhe obujwayelekile. UNkulunkulu osenyameni unobuntu, ngaphandle kwalokho, ubengeke abe uNkulunkulu osenyameni. Kuleso sikhathi, uJesu enza izimangaliso eziningi kakhulu. Okwabonwa ama-Israyeli aleso sikhathi kwakugcwele izinto ezingaphezu kwemvelo; babona izingelosi nezithunywa, futhi bezwa izwi likaJehova. Kwakungekho ngaphezu kwemvelo konke lokhu? Impela, namuhla kukhona imimoya emibi esebenza ngezinto ezingaphezu kwemvelo ukukhohlisa umuntu; lokho akuyilutho ngaphandle kokulingisa kwayo, ukukhohlisa umuntu ngomsebenzi ongasenziwa manje nguMoya oNgcwele. Imimoya emibi eminingi ilingisa ukusebenza kwezimangaliso nokuphulukisa izifo; lokhu akulutho ngaphandle kokuba ngumsebenzi womoya ababi, ngoba uMoya oNgcwele akasawenzi umsebenzi onje esikhathini samanje. Bonke labo kamuva abalingisa umsebenzi kaMoya oNgcwele—bayimimoya emibi. Wonke umsebenzi owenziwa kwa-Israyeli ngaleso sikhathi kwakungongaphezulu kwemvelo. Nokho, uMoya ongcwele awusebenzi ngale ndlela, futhi noma yimuphi umsebenzi olandelayo ungukwenza nokuphazamisa kukaSathane nemimoya emibi. Kodwa ngeke uthi konke okungaphezulu kwemvelo kuyizenzo zomoya ababi. Lokho kuncike enkathini yomsebenzi kaNkulunkulu. Yimuphi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu osenyameni namuhla ongekho ngaphezu kwemvelo? Amazwi Akhe awaqondakali futhi umuntu akafinyeleli kuwo, futhi umsebenzi Wakhe ngeke wenziwe umuntu. Okusekuqondweni Nguye ngeke kuqondwe ngumuntu, futhi umuntu ngeke azi lapho ulwazi Lwakhe luvela khona. Kukhona abathi, “Nami ngijwayelekile njeNgawe, kodwa yini ngingakwazi okwaziyo? Ngimdala futhi ngicebe kangcono ngolwazi, kodwa kungani Wena wazi lokho mina engingakwazi?” Konke lokhu akutholakali kumuntu. Kukhona nalabo ababuzayo: Akekho owazi ngokweqiniso ngomsebenzi owenziwa kwa-Israyeli; wazi kanjani? Ngisho abahlaziyi beBhayibheli abakwazi ukunikeza incazelo; wazi kanjani? Akuzona zonke izindaba ezingaphezu kwemvelo lezi? Akaze ezwe zimanga, kodwa wazi konke; ukhuluma futhi uveza iqiniso kalula kakhulu. Akukho ngaphezulu kwemvelo lokhu? Umsebenzi Wakhe uyakwedlula lokho okungatholwa yinyama. Lo msebenzi ngeke nhlobo ufezwe wukucabanga kwanoma iyiphi inyama futhi akunakuqondwa neze umqondo nokucabanga komuntu. Noma engakaze alifunde iBhayibheli, uyawuqonda umsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli. Futhi nakuba emi emhlabeni njengoba ekhuluma, ukhuluma ngezimfihlakalo zezulu lesithathu. Lapho umuntu ebuka la mazwi, umuzwa uyamgubuzela umuntu, “Lolu akulona ulimi lwezulu lesithathu?” Lezi akuzona zonke izindaba ezingaphezulu kwezingafezwa ngumuntu ojwayelekile? Ekuqaleni ngenkathi uJesu ezilile izinsuku ezingamashumi amane, kwakungekho ngaphezu kwemvelo lokho? Uma nithi ukuzila izinsuku ezingamashumi amane kungaphezulu kwemvelo futhi kuyisenzo semimoya emibi, awumlahlile yini uJesu? Ngaphambi kokwenza kukaJesu inkonzo Yakhe, uJesu wayefana nomuntu ojwayelekile. Naye wafunda esikoleni; wayeyofunda kanjani ukufunda nokubhala? Lapho uNkulunkulu eba yinyama, uMoya wahlala ucashile ngaphakathi enyameni. Nokho, njengoba wayewumuntu ojwayelekile, kwakudingekile ukuba edlule emgudwini wokukhula, futhi wayengeke athathwe njengomuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba umqondo nokucabanga Kwakhe sekukhulile futhi esekwazi ukubona izinto. Kwaba kuphela emva kokuba ubuntu Bakhe sebuvuthiwe lapha wakwazi khona ukwenza inkonzo Yakhe. Wayengayenza kanjani inkonzo Yakhe lapho ubuntu Bakhe bungakavuthwa nokucabanga kwakhe kungakalungi? Nakanjani wayengalindelekile ukuba enze inkonzo Yakhe eneminyaka eyisithupha noma isikhombisa! Kungani uNkulunkulu engazazisanga ngenkathi eba senyameni okokuqala? Ngoba ubuntu benyama Yakhe babungakavuthwa; umqondo nokucabanga, kanye nobuntu obejwayelekile benyama enjalo, wayengakabi nakho ngokugcwele. Ngenxa yalesi sizathu, kwakubaluleke kakhulu ukuba abe nobuntu obujwayelekile nomqondo ojwayelekile womuntu ojwayelekile kuze kwenele ukuqala umsebenzi Wakhe esenyameni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho ayengaqala khona umsebenzi Wakhe, uma kungenjalo kwakuzodingeka ukuba aqhubeke nokukhula. Ukuba uJesu wayeqale umsebenzi Wakhe eminyakeni eyisikhombisa noma isishiyagalombili, abantu babengeke bamthathe njengonesiphiwo? Ngabe bonke abantu babengeke bamcabange njengengane nje kuphela? Ngubani owayengamthola ekholakala? Ingane yeminyaka eyisikhombisa noma eyisishiyagalolunye engeyinde kunepulpiti emi ngemuva kwalo—ingashumayela? Ngaphambi kokuvuthwa kobuntu Bakhe, wayengawulungele umsebenzi. Ngokobuntu Bakhe obabungakavuthwa, ingxenye enkulu yomsebenzi wawungatholakali nhlobo. Umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu enyameni nawo unezawo izimiso. Angawuthatha kuphela umsebenzi negunya likaYise lapho esehlome ngobuntu obuvamile. Kungaleso sikhathi kuphela lapho ayengaqala khona umsebenzi Wakhe. Ebunganeni Bakhe, uJesu wayengeke aziqonde zonke izinto ezenzeka ngezikhathi zasendulo waze waziqonda ngokubuza korabi. Ukube uJesu waqala umsebenzi Wakhe eqala nje ukufunda ukukhuluma, kwakungeke yini kwenzeke ukuba enze amaphutha? Wayengazithatha kanjani izinyathelo ezingafanele uNkulunkulu? Ngakho, kungemva kokuba esezazi izinto lapho-ke aqala khona umsebenzi Wakhe; akazange awenze ngaphambi kokuba esekwazi ngokugcwele ukuwuqala. Eseneminyaka engama-29 uJesu wayesevele esekhulile futhi ubuntu Bakhe base benele ukuqala umsebenzi okwakumele awenze. Kungaleso sikhathi kuphela lapho uMoya oNgcwele, owawukade ufihleke iminyaka engama-30, waqala ukuzembula khona futhi uMoya kaNkulunkulu wabe usuqala ngokomthetho ukusebenza kuye. Ngaleso sikhathi uJohane wayekade eselungise indlela kaJesu iminyaka eyisikhombisa futhi lapho ephothula umsebenzi wakhe, uJohane waphonswa ejele. Wonke umthwalo waba phezu kukaJesu. Ukube wayewuqale lo msebenzi eneminyaka engama-21 noma engama-22, lapho ayengakabuzuzi kahle ubuntu futhi esanda kuba yinsizwa, engakaziqondi izinto eziningi, wayengeke akwazi ukuzilawula. Ngaleso sikhathi uJohane wayesewenzile umsebenzi wakhe isikhathi esithile ngaphambi kokuba uJesu aqale umsebenzi Wakhe ebudaleni obuphakathi nendawo. Kulobo budala, ubuntu Bakhe obuvamile base benele ukuba aqale umsebenzi okwakufanele awenze. Manje uNkulunkulu osenyameni unobuntu obujwayelekile. Noma engavuthiwe uma eqhathaniswa nani, ubuntu Bakhe kanjalo sebenele ukuqala umsebenzi Wakhe; isimo somsebenzi awenzayo namuhla asifani ncimishi nesikaJesu. Kungani uJesu akhetha abafundi abayishumi nambili? Konke kwakuwukweseka umsebenzi Wakhe futhi kwakuhambisana nawo. Kolunye uhlangothi, kwakuwukubeka isisekelo somsebenzi Wakhe ngaleso sikhathi, kube kwenza okufanayo emsebenzini Wakhe owawusazolandela. Ngokuhambisana nomsebenzi wangaleso sikhathi, ukukhetha abafundi abayishumi nambili kwakuyinhloso kaJesu, nekaNkulunkulu uqobo. Wayekholwa ukuthi abafundi abayishumi kufanele bakhethwe bese beholelwa ekushumayeleni ezindaweni zonke. Kowa akukho sidingo salokhu phakathi kwenu namuhla! Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni unezimiso eziningi. Kuningi kakhulu umuntu angakuqondi nhlobo; umuntu uhlala esebenzisa imibono yakhe ukulinganisa uNkulunkulu, noma afune izinto ngokwedlulele Kuye. Ngisho nanamuhla baningi abangaboni ukuthi ulwazi abanalo aluphethe lutho ngaphandle kwalokho abakucabangayo. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu osenyameni ube khona ngayiphi inkathi noma kuyiphi indawo, izimiso zomsebenzi Wakhe esenyameni aziguquki. Akakwazi ukuba senyameni bese ephuma enyameni ukuze asebenze; ngaphezu kwalokho, akakwazi ukuba yinyama kodwa angasebenzi ebuntwini obuvamile benyama. Ngale kwalokho, ukubaluleka kokuba senyameni kukaNkulunkulu bekungancibilika kube yize, neZwi elibe yinyama belingeke lisho lutho nhlobo. Ngaphezu kwalokho, nguBaba osezulwini (uMoya) kuphela owazi ukuba senyameni kukaNkulunkulu futhi akukho okunye, ngisho nenyama uqobo noma izithunywa zasezulwini. Kanjalo umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni ujwayeleke kakhulu futhi ukwazi kangcono nokubonisa ukuthi ngempela uLizwi uba yinyama; inyama isho umuntu ovamile futhi ojwayelekile.

Abanye bangase bamangale, Kungani kumele inkathi ilethwe nguNkulunkulu uqobo? Akakwazi yini umuntu odaliwe ukuma esikhundleni Sakhe? Nonke niyaqaphela ukuthi uNkulunkulu uba yinyama ngenhloso yokungenisa inkathi entsha futhi, ngokusobala, lapho engenisa inkathi entsha, usuke eseyiphothule ngaso leso sikhathi inkathi edlule. UNkulunkulu uyiSiqalo neSiphetho; uyena uqobo oqala umsebenzi wakhe ngakho kumele kube nguye Nuqobo ophetha inkathi eyedlule. Lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamnqoba uSathane futhi uyalinqoba izwe. Njalo lapho Yena Nuqobo esebenza kubantu, kuba yisiqalo sempi entsha. Ngaphandle kokuqalwa komsebenzi omusha, ngokwemvelo bekungeke kuphele ngokudala. Futhi ukungaphethwa kokudala kuwubufakazi bokuthi impi elwiwa noSathane ayikapheli. Kulapho kuphela uNkulunkulu eza ebantwini ezokwenza umsebenzi omusha okwenza umuntu ukuba agqashuke ngokuphelele ekulawulweni nguSathane futhi athole impilo entsha nesiqalo esisha. Ngale kwalokho, umuntu uyohlale ephila enkathini endala futhi ehlezi ngaphansi kwethonya likaSathane. Kuyo yonke inkathi eholwa nguNkulunkulu, ingxenye ethile yomuntu iyakhululwa futhi lokho kwenza umuntu athuthuke kanye nomsebenzi kaNkulunkulu oholela enkathini entsha. Ukunqoba kukaNkulunkulu kungukunqoba kwabo bonke abamlandelayo. Uma isintu sendalo sinikwa umsebenzi wokuphetha inkathi, lokho kwakuyokwenzeka ngokwendlela yomuntu noma kaSathane futhi lokhu akulutho ngaphandle kwesenzo esiphikisa noma esihlubuka uNkulunkulu, hhayi esokulalela uNkulunkulu, futhi umsebenzi womuntu unikeza ukuphatha kuSathane. USathane uyogculiseka ngokugcwele kuphela lapho umuntu elalela futhi elandela uNkulunkulu enkathini elethwa nguNkulunkulu uqobo, ngoba yilowo umsebenzi wabantu abadaliwe. Ngakho ngithi kudingeka kuphela ukuthi ulandele futhi ulalele, akukho okunye ocelwa khona. Yilokho okuqondwe ukugcinwa yilowo nalowo komsebenzi Wakhe nokwenziwa komsebenzi Wakhe. UNkulunkulu uyawenza umsebenzi Wakhe futhi akamdingi umuntu ukuba enze umsebenzi Wakhe esikhundleni Sakhe, futhi akazibandakanyi nomsebenzi wabantu abadaliwe. Umuntu wenza umsebenzi wakhe futhi akagxambukeli emsebenzini kaNkulunkulu, lokho kuwukulalela kwangempela nobufakazi bokuthi uSathane unqotshiwe. Ngemva kokuba uNkulunkulu uqobo esengenise inkathi entsha akabe esasebenza phakathi kwabantu mathupha. Yilapho-ke umuntu ekwazi khona ukungena ngokusemthethweni enkathini entsha ukuze enze umsebenzi wakhe njengomuntu odaliwe. Zinjalo izimiso zokusebenza ezingeke zephulwe muntu. Ukusebenza ngale ndlela kuphela okuqondile futhi okunengqondo. Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo. Nguye oqala umsebenzi futhi Nguye owuphothulayo. Nguye ohlela umsebenzi, futhi Nguye owuphathayo futhi ngaphezu kwalokho Nguye owenza ukuba umsebenzi ube yimpumelelo. Kunjengoba kushiwo eBhayibhelini, “Ngiyisiqalo futhi ngiyisiphetho; ngiwuMtshali noMvuni.” Konke okuhlobene nomsebenzi wokuphatha Kwakhe kwenziwa nguye Ngokwakhe. UnguMbusi wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha; akekho ongenza umsebenzi Wakhe esikhundleni Sakhe noma ongaphatha umsebenzi Wakhe ngoba Nguye olawula konke. Njengoba adala umhlaba, uyowuhola wonke umhlaba ukuze uphile ekukhanyeni Kwakhe futhi uyophetha yonke le nkathi ukuze enze ukuba uhlelo Lwakhe luthele izithelo!

Okwedlule: Ukwenza (2)

Okulandelayo: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp