Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)

Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi. Siyonqotshwa kanjani ngempela isintu? Siyonqotshwa kusetshenziswa umsebenzi wamazwi ukuze umuntu aqinisekiswe ngokugcwele; ngokusebenzisa isambulo, isahlulelo, isijeziso, nesiqalekiso esinonya ukuze anqotshwe ngokugcwele; nangokuveza ukuhlubuka komuntu nokwahlulela ukuphikisa kwakhe ukuze azi ngokungalungi kwesintu nokungcola, okuzosetshenziswa ukuze kuvezwe isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngokuyinhloko, ukusetshenziswa kwala mazwi okuyonqoba umuntu futhi kumqinisekise ngokugcwele. Amazwi ayindlela isintu esiyogcina sinqotshwe ngayo, bonke abamukela ukunqoba kumele bamukele nokuhlaselwa kanye nokwahlulela kwamazwi. Inqubo yamanje yokukhuluma iyinqubo yokunqoba. Kufanele babambisane kanjani ngempela abantu? Ngokudla futhi baphuze la mazwi ngempumelelo nokuwaqonda. Abantu ngeke bazinqobe. Kumele, ngokudla nokuphuza la mazwi, ukwazi ukukhohlakala kanye nokungcola kwakho, ukuhlubuka nokungalungi kwakho, uwe phambi kukaNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu bese uyenza, uphinde ube nombono, futhi uma ungawalalela ngokugcwele la mazwi, ungenzi noma yini ezintweni ozikhethayo, khona-ke uyobe unqotshiwe. Futhi uyobe unqotshwe yila mazwi. Kungani isintu silahlekelwe ubufakazi? Kungoba akasekho nhlobo onokholo kuNkulunkulu noma onoNkulunkulu enhliziyweni yakhe. Ukunqoba isintu kusho ukuba nabantu abaningi ababuyisa lolu kholo. Abantu bahlale bethanda izwe, beba namathemba amaningi, ikusasa labo belifunela okuningi ngokwedlulele, futhi befuna izinto eziningi ezibizayo. Bahlale becabanga futhi behlelela inyama yabo futhi abanandaba nokufuna indlela yokukholwa kuNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zithunjwe uSathane, abasamhloniphi uNkulunkulu, banikela izinhliziyo zabo kuSathane. Kodwa umuntu wadalwa uNkulunkulu. Ngakho umuntu walahlekelwa ubufakazi, okusho ukuthi walahlekelwa inkazimulo kaNkulunkulu. Inhloso yokunqoba isintu ukubuyisa inkazimulo yokuhlonipha komuntu uNkulunkulu. Kungabekwa ngale ndlela: Kunabantu abaningi abangaphishekeli ukuphila; ngisho noma kunabathile, inani labo lincane kakhulu. Abantu bakhathazeka kakhulu ngekusasa labo futhi abakunaki noma yikuphi ukuphila. Abanye abantu bayahlubuka futhi bamelane noNkulunkulu, bamsole futhi bangalenzi iqiniso. Okwamanje angibanaki laba labantu futhi okwamanje lesi sigaba samadodana okuhlubuka angisithatheli sinyathelo. Esikhathini esizayo uzophila ebumnyameni, okunokukhala nokugedla kwamazinyo. Awukuzwa ukuba yigugu kokukhaya uma uphila kuko, kodwa uzokuqaphela ukuba yigugu kwako lapho usuphila ebusuku obumnyama. Uzokuzwa ubuhlungu ngaleso sikhathi. Uzizwa ukahle okwamanje, kodwa usuku luzofika lapho uzokuzwa khona ubuhlungu. Lapho lolo suku lufika futhi kwehla ubumnyama nokukhanya kuyobe kungasekho, ukuzisola kwakho kuyobe sekwephuze kakhulu. Kungenxa yokuthi awukawuqondi umsebenzi wamanje ukuthi uyehluleka ukwazisa isikhathi sakho manje. Lapho umsebenzi wendawo yonke uqala, okuchaza ukuthi lapho yonke into engiyisho namuhla seyenzeka ngempela, abantu abaningi bazophakamisa amakhanda abo ngokukhala okunomunyu. Ingabe lokho akusikhona ukuwela ebumnyameni ngokukhala nokugedla kwamazinyo? Bonke abantu abaphishekela ngempela ukuphila nabenziwe baphelela bazoba nokusetshenziswa, ngesikhathi onke amadodana okuhlubuka angafaneleki ukusetshenziswa ezowela ebumnyameni, engawutholi noma yimuphi umsebenzi woMoya oNgcwele futhi ahlale engakwazi ukwenza mqondo kunoma yini. Ngakho azokwehlela ekujezisweni okunokukhala nokubangalaza. Uma uhlome ngokwanele kulesi sigaba somsebenzi futhi ukuphila kwakho sekuvuthiwe, khona-ke ungumuntu olungele ukusetshenziswa. Uma ungahlomile kahle, ngisho noma usetshenziswa esigabeni esilandelayo somsebenzi ngeke ufaneleke. Ngaleso sikhathi, ngisho noma ufuna ukuzihlomisa, ithuba liyobe selidlulile. UNkulunkulu uzobe esehambile; uzokuya kuphi-ke ukuze uthole lolu hlobo lwethuba eliphambi kwakho manje, futhi uzoyaphi ukuze uyothola ukuqeqeshwa okunikezwa uNkulunkulu maphutha? Ngaleso sikhathi, ngeke kube uNkulunkulu mathupha okhulumayo noma ekhuluma izwi Lakhe. Uzokwazi ukufunda kuphela lokhu okushiwo namuhla; uzokwazi kanjani ukuthi ukuqonde kalula? Ukuphila okulandelayo kuzokwazi kanjani ukuthi kulingane nokwanamuhla? Ngaleso sikhathi, ingabe ngeke yini ukukhala nokugedla amazinyo kwakho kube ukuzwa ukuhlupheka kokufa uphila? Isibusiso sinikezwa wena manje kodwa awukwazi ukusijabulela; uphila ekubusisekeni, kodwa awukuboni lokho. Lokhu kuwubufakazi bokuthi nakanjani uyohlala uhlupheka! Okwamanje abanye abantu bayenqaba, abanye bayahlubuka, abanye benza lokhu noma lokhuya. Ngimane angikunaki; ungacabangi ukuthi angiyiboni leyo misebenzi yenu. Ingabe angisiqondi isimo senu? Kungani niqhubeka nimelana Nami? Anikholwa kuNkulunkulu ukuze niphishekele ukuphila nesibusiso zenu? Ingabe akuyona inzuzo yenu ukuba nibe nokholo? Njengamanje ngenza nje umsebenzi wokunqoba ngamazwi Ami. Lapho lo msebenzi wokunqoba usuqediwe, isiphetho senu sizoba sobala. Ingabe kudingeka ukuba ngizicacise ngokwengeziwe?

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, bangaphinde futhi babone ukukhanya kwelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina. Ukwehlukanisa abantu ngohlobo lwabo akukhona ukubuyisela abantu ezigabeni zabo zokuqala. Lokhu kungenxa yokuthi lapho kwenziwa umuntu ekudalweni komhlaba, kwakunohlobo olulodwa kuphela lwabantu, okuyindoda nomfazi. Kwakungekho izinhlobo ezahlukene eziningi. Kwaba kuphela ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka yokonakaliswa lapho izigaba ezahlukene zabantu zaqala khona ukuvela, abanye bavela ngaphansi kokubuswa odeveli abangcolile, abanye ngaphansi kokubuswa odeveli ababi, futhi abanye, abaphishekela indlela yokuphila, ngaphansi kokubuswa uSomandla. Kungale ndlela kuphela lapho izigaba zaqala khona ukuba khona kancane kancane phakathi kwabantu futhi abantu behlukana ngokwezigaba phakathi komndeni wesintu omkhulu. Bonke abantu baba “nobaba” abehlukene; akukhona ukuthi wonke umuntu ungaphansi kokubuswa uSomandla ngokuphelele, ngoba ukuhlubuka kwabantu kukhulu kakhulu. Isahlulelo esilungile sembula ubuntu bangempela bohlobo ngalunye lomuntu, singashiyi lutho olufihlakele. Wonke umuntu ubonisa isimo sakhe sangempela ekukhanyeni. Ngalesi sikhathi, umuntu akaseyona indlela abeyiyo ekuqaleni futhi umfanekiso wangempela wokhokho bakhe kade washabalala, ngoba izizukulwane ezingenakubalwa zika-Adamu no-Eva sekukade zathunjwa uSathane, ngeke zisaphinde zilazi ilanga lasezulwini, futhi ngenxa yokuthi abantu bagcwaliswe ngazo zonke izinhlobo zobuthi bukaSathane. Ngakho, abantu baneziphetho zabo ezibafanele. Ngaphezu kwalokho, bahlukaniswa ngokohlobo lobuthi babo obungafani, okusho ukuthi bahlukaniswa ngokwezinga abanqotshwa ngalo namuhla. Ukuphela komuntu akuyona into eyanqunywa phambilini kusukela ekudalweni kwezwe. Lokho kungenxa yokuthi ekuqaleni kwakunesigaba esisodwa kuphela, esasibizwa ngokuthi “isintu,” futhi umuntu akonakaliswanga uSathane ekuqaleni, futhi bonke babephila ekukhanyeni, kungekho bumnyama obabubehlela. Kodwa ngemva kokuba umuntu onakaliswe uSathane, zonke izinhlobo zabantu zasakazeka kuwo wonke umhlaba—zonke izinhlobo zabantu ezivela emndenini obizwa ngokuthi “isintu” owawakhiwa owesilisa nowesifazane. Zonke zaziholwa okhokho bazo ukuze ziphambuke kokhokho bazo abadala—isintu esasakhiwa abesilisa nabesifazane (okusho ukuthi, u-Adamu wokuqala no-Eva, okhokho bazo abadala). Ngaleso sikhathi, okwakuwukuphela kwabantu ababeholwa uJehova ukuze baphile emhlabeni kwakungama-Israyeli. Izinhlobo ezihlukahlukene zabantu ezaqembuka kuma-Israyeli (okusho ukuthi ozalweni lomndeni lwangempela) zalahlekelwa ubuholi bukaJehova. La bantu basendulo, babezishaya indiva izinto ezimayelana nezwe lesintu, bahamba bayophila nokhokho babo emazweni abawathandayo, kuze kube namuhla. Ngakho, basesebumnyameni mayelana nokuthi baphambuka kanjani kuJehova, nokuthi bonakaliswa kanjani kuze kube namuhla yizo zonke izinhlobo zokungcola kukadeveli nemimoya emibi. Labo okuyibo abonakaliswe kakhulu manje, okuwukuthi abangeke basindiswe ekugcineni, bayolandela okhokho babo—odeveli abangcolile ababonakalisa. Labo abayosindiswa ekugcineni bayoya endaweni efanele yesintu, okusho lokho ukuphela okukubekele abantu abasindisiwe nabanqotshiwe. Kuyokwenziwa yonke into ukuze kusindiswe bonke abangasindiswa, kodwa labo abangazweli, abangelapheki, okuwukuphela kwento abangayikhetha kuyoba ukulandela okhokho babo emgodini ongenamkhawulo wesijeziso. Ungacabangi ukuthi isiphetho sakho sanqunywa phambilini ekuqaleni nokuthi sembulwa manje. Uma ucabanga ngaleyo ndlela, ingabe usukhohliwe ukuthi ngesikhathi isintu siqala ukudalwa, sasingekho esinye isigaba sikaSathane esadalwa? Ingabe usukhohliwe ukuthi kwadalwa isintu esisodwa kuphela esakhiwa u-Adamu no-Eva (okusho ukuthi kwadalwa owesilisa nowesifazane kuphela)? Uma ubulokhu uyinzalo kaSathane kusukela ekuqaleni, ingabe lokho ngeke kusho ukuthi ngesikhathi uJehova edala umuntu wadala neqembu likaSathane? Ingabe wayengayenza into efana naleyo? Wadala umuntu ngenxa yobufakazi Bakhe; wadala umuntu ngenxa yenkazimulo Yakhe. Wayengasidalelani ngenhloso isigaba sikaSathane ukuze simphike ngamabomu? Ingabe uJehova wayengakwenza lokhu? Uma kunjalo, ubani obengakwazi ukuthi unguNkulunkulu olungile? Lapho ngithi abanye kini bayohamba noSathane ekugcineni, akusho ukuthi ekuqaleni wawunoSathane; kunalokho kusho ukuthi seningene najula ngezinga lokuthi ngisho noma uNkulunkulu ezama ukunisindisa, nehlulekile ukuthola leyo nsindiso. Ayikho enye indlela ngaphandle kokukubeka esigabeni sikaSathane. Lokhu kungenxa yokuthi awutakuleki, akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu akalungile kuwe, okusho ukuthi akukhona ukuthi uNkulunkulu unqume umphumela wakho phambilini ukuthi uyolingisa uSathane bese uba sesigabeni sikaSathane njengokungathi ubevele ehlose ukuthi uhlupheke. Lelo akulona iqiniso langaphakathi lomsebenzi wokunqoba. Uma ukholelwa kulokho, khona-ke uqonda uhlangothi olulodwa kuphela! Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe? Ngakho, nizoqhubeka isikhathi eside kangakanani nezenzo zenu zokungalaleli? Ingabe aniboni yini ukuthi izinsuku zenu zokugcina sezisondele? Kungenzeka kanjani ukuthi labo abahlonipha uNkulunkulu nabamlangazelelayo babonakale bengaluboni usuku lokubonakala kokulunga kukaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi bangatholi umvuzo wokugcina wokulunga? Ingabe ungulowo owenza okuhle, noma ungulowo owenza okubi? Ingabe ungulowo owamukela ukwahlulela ngokulunga bese elalela, noma bese eqalekiswa? Ingabe ubuphila ekukhanyeni ngaphambi kwesihlalo sokwahlulela, noma ebumnyameni obusezweni elingaphansi komhlaba? Ingabe wena uqobo awuyena yini owazi ngokucace kakhulu ukuthi isiphetho sakho sizoba ngesomvuzo noma esesijeziso? Ingabe awuyena yini owazi ngokucace kakhulu noqonda ngokujule kakhulu ukuthi uNkulunkulu ulungile? Ngakho, empeleni, kunjani ukuziphatha kwakho futhi unaluphi uhlobo lwenhliziyo? Njengoba ngiqhubeka nokukunqoba namuhla, ingabe ukudinga ngempela ukuba Mina ngikutshele ukuthi ukuziphatha kwakho kubi noma kuhle? Kungakanani osukudelile Ngami? Ungikhulekela ngokujule kangakanani? Wena uqobo wazi ngokucace kakhulu ukuthi unjani Kimi—ingabe lokho akulona iqiniso? Kufanele wazi kangcono ukwedlula noma ubani ukuthi isiphetho sakho sizoba njani! Empeleni ngiyakutshela, ngadala kuphela isintu, futhi ngadala wena, kodwa angizange ngininikele kuSathane; futhi angizange ngenhloso nginenze ukuba nidlubulunde noma nimelane Nami futhi ngalokho nginijezise. Anizange yini nithole lezi zinhlekelele ngenxa yezinhliziyo zenu ezilukhuni kakhulu nangokuziphatha kwenu okunengeka kakhulu? Ngakho ingabe akulona yini iqiniso ukuthi ninganquma isiphetho senu? Ingabe akulona yini iqiniso ukuthi niyazi ezinhliziyweni zenu, ukwedlula noma ubani omunye, ukuthi sizoba njani isiphetho senu? Isizathu esenza nginqobe abantu ukuba ngibadalule, kanye nokuba ngiqinisekise insindiso yakho. Akusikho ukukwenza ukuba wenze okubi noma ukukwenza ngamabomu uye esihogweni sokubhujiswa. Lapho isikhathi sifika, konke ukuhluphela kwakho okukhulu, ukukhala kwakho nokugedla amazinyo—ingabe konke lokho akungenxa yezono zakho? Ngakho, ingabe akusikho ukulunga kwakho noma ububi bakho okukwahlulela kangcono? Ingabe lokho akubona yini ubufakazi obuqand’ ikhanda balokho isiphetho sakho esiyoba yikho?

Namuhla, ngisebenza kubantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina ukuze ngembule zonke izimo zabo zokuhlubuka futhi ngembule bonke ububi babo, futhi lokhu kuhlinzeka ngesimo sokuthi ngisho konke engidinga ukukusho. Ngemva kwalokho ngizokwenza isigaba esilandelayo somsebenzi wokunqoba indawo yonke. Ngizosebenzisa ukunahlulela Kwami ukuze ngahlulele ukungalungi kwawo wonke umuntu endaweni yonke ngenxa yokuthi nina bantu nimelela ukuhlubuka kwesintu. Labo abangakwazi ukukhuphula amasokisi bayophenduka ize, kuyilapho labo abawakhuphulayo beyosetshenziswa. Kungani ngithi labo abangawakhuphuli bayophenduka ize? Ngenxa yokuthi amazwi nomsebenzi Wami wamanje kuyiqiniso enilifunayo nokuthi seniphenduke abameleli bezihlubuki eziphakathi kwaso sonke isintu. Kamuva la mazwi aninqobayo ngiyowahambisa kwamanye amazwe ngiwasebenzisele ukunqoba abantu khona, kodwa nina niyobe ningawazuzanga. Ingabe lokho ngeke kukwenze ungabi lutho? Izimo ezonakele zaso sonke isintu, ukuhlubuka komuntu, izithombe ezimbi nobuso babantu, konke kulotshiwe namuhla emazwini asetshenziselwe ukuninqoba. Ngiyobe sengisebenzisa la mazwi ukuze nginqobe abantu bazo zonke izizwe nayo yonke imibuso ngenxa yesibonelo senu. Kodwa angihlosile ukunishiya ngenhloso; uma nehluleka ukufuna izinto ezinhle futhi ningalufuni usizo, ngeke yini niphenduke ize? Ngake ngathi ukuhlakanipha Kwami kusetshenziswa ngokusekelwe kumaqhinga kaSathane. Kungani ngasho lokho? Ingabe lokho akulona iqiniso ngemva kwalokhu engikushoyo nengikwenzayo manje? Uma ungeke washeshisa, uma ungakapheleliswa kodwa kunalokho ujezisiwa, ubungeke yini ube yinto yokuqhathanisa? Mhlawumbe uhlupheke kakhulu esikhathini sakho, kodwa namanje usalokhu ungaqondi lutho; awazi lutho ngokuphila. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa, awukaguquki nhlobo futhi ekujuleni kwakho awukazuzi ukuphila. Lapho kufika isikhathi sokuvivinya umsebenzi wakho, uzobona isilingo sinonya njengomlilo futhi size sibe usizi olukhulu. Lo mlilo uzophendula bonke ubuwena bube umlotha. Njengomuntu ongenakho ukuphila, umuntu ongenalo nelincane igolide ngaphakathi, umuntu osalokhu enamathele esimweni sokonakala sakudala, futhi njengomuntu ongeke ngisho enze umsebenzi omuhle wokuba njengento yokuqhathanisa, kungenzeka kanjani ukuthi ungashabalaliswa? Umuntu onenani eliphansi kunopeni futhi ongenakho ukuphila, angabaluleka yini emsebenzini wokunqoba? Lapho leso sikhathi sifika, izinsuku zenu ziyoba nzima ukwedlula ezikaNowa nezaseSodoma! Imithandazo yenu ngeke inisize ngaleso sikhathi. Lapho umsebenzi wensindiso usuphelile, kungenzeka kanjani ukuba niphinde niqale phansi niphenduke? Lapho wonke umsebenzi wensindiso sewenziwe, ngeke kusaba khona umsebenzi wensindiso. Into eyoba khona ukuqala komsebenzi wokujezisa omubi. Uyamelana, uyahlubuka futhi wenza izinto owaziyo ukuthi zimbi. Ingabe awufanelwa yini isijeziso esinzima? Ngikutshela lokhu namuhla. Uma ukhetha ukungalaleli, lapho leyo nhlekelele ikwehlela kamuva, akuyobe sekwephuze kakhulu yini uma uqala ngaleso sikhathi ukuzisola bese uqala ukukholwa? Ngikunika ithuba lokuba uphenduke namuhla, kodwa awufuni. Ufuna ukulinda isikhathi eside kangakanani? Kuze kube usuku lolusolwa? Angizikhumbuli iziphambeko zakho ezedlule namuhla; ngikuthethelela ngokuphindaphindiwe, angibheki uhlangothi olubi lwakho ukuze ngibheke kuphela uhlangothi oluhle, ngoba onke amazwi Ami amanje kanye nomsebenzi wenzelwe ukusindisa wena futhi anginayo inhloso embi ngawe. Kodwa awufuni ukungena; awukwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi futhi awukwazi ukuthi ungawazisa kanjani umusa. Ingabe lolu hlobo lomuntu alumane yini lulindele leso sijeziso kanye naleyo mbuyiselo elungile?

Ngenkathi uMose eshaya idwala, futhi amanzi anikezwe nguJehova ephuma, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uDavide edlala ugubhu lokudumisa Mina, Jehova—ngenhliziyo yakhe egcwele injabulo kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJobe elahlekelwa yimfuyo yakhe eyayigcwele ezintabeni, nomcebo omkhulu ngokungenakuchazwa, nomzimba wakhe wagcwala amathumba abuhlungu, bekungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ezwa izwi Lami, Jehova, wabona inkazimulo Yami, Jehova, bekungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi uPetru wayengalandela uJesu Kristu, kwakungokholo lwakhe. Ukuthi wayengabethelwa ngenxa yami esiphambanweni anikeze ubufakazi obukhazimulayo, nalapho kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJohane ebona umfanekiso okhazimulayo weNdodana yomuntu, kwakungokholo lwakhe. Ngenkathi ebona umbono wezinsuku zokugcina, kwakuseyilona belu ukholo lwakhe. Isizathu sokuba lokhu okubizwa ngezihlwele zabantu bezizwe bethola isambulo Sami, bese bazi ukuthi ngibuye ngenyama ukuzokwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu, nalokho kungenxa yokholo lwabo. Ingabe Bonke labo abashaywe yngamazwi Ami anzima kodwa futhi baduduzwa yiwo, nabasindisiwe—abenziwe njalo ngenxa yokholo lwabo? Abantu bathole izinto eziningi ngokholo. Abakutholayo akusona isibusiso ngaso sonke isikhathi—ukuze uzwe uhlobo lwenjabulo nentokozo ayizwa uDavide, noma ukuze uthole amanzi anikezwa uJehova njengoba kwenza uMose. Ngokwesibonelo, uJobe wabusiswa nguJehova ngenxa yokholo lwakhe, kodwa futhi wehlelwa yinhlekelele. Kungakhathaleki ukuthi uthola isibusiso noma ubhekana nokuhlupheka, kokubili kuyizehlakalo ezibusisekile. Ngaphandle kokholo, ngeke ukwazi ukuthola lo msebenzi wokunqoba, futhi ngeke ubone izenzo zikaJehova zibonakaliswa ngaphambi kwamehlo akho namuhla. Ngeke ukwazi ukubona, futhi ngeke ukwazi ukwamukela. Lezi zinhlupheko, lezi zinhlekelele, kanye nakho konke ukwahlulelwa—uma lokhu kungakwehlelanga, ingabe ubungakwazi ukubona izenzo zikaJehova namuhla? Namuhla ukholo olukwenza unqotshwe, futhi ukunqotshwa okukwenza ukholelwe kuzo zonke izenzo zikaJehova. Ukholo kuphela olunenza nithole lolu hlobo lokusolwa nesahlulelo. Ngenxa yalokhu kusolwa nezahlulelo, ninqotshiwe futhi napheleliswa. Ngaphandle kwalolu hlobo lokusolwa nesahlulelo enisithola namuhla, ukholo lwenu beluba yize, ngenxa yokuthi animazi uNkulunkulu, akukhathaliseki ukuthi ukholelwa kangakanani Kuye, ukholo lwakho luyoba amazwi angasho lutho futhi angenasisekelo. Kulapho uthola lolu hlobo lomsebenzi wokunqoba kuphela, okuyilona oluyokwenza uqiniseke ngokugcwele ukuthi ukholo lwakho olweqiniso futhi lunokwethenjelwa, nenhliziyo yakho iphendukela kuNkulunkulu. Ngisho noma wahlulelwa noma uqalekiswa kakhulu ngenxa yaleli gama elithi “ukholo,” unokholo lweqiniso, futhi wamukela iqiniso langempela, elingokoqobo, nento eyigugu kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kungale nkambo yokwahlulela kuphela lapho nibona khona isiphetho sendalo kaNkulunkulu; yilokhu kwahlulela okunenza nibone ukuthi uMdali kufanele athandwe; ingalo kaNkulunkulu uyibona emsebenzini wokunqoba onjalo; ukunqoba okunjalo okunenze nakuqonda ngokugcwele ukuphila komuntu; yilokhu kunqoba okunenze nathola umgudu ofanele wokuphila komuntu futhi nathola incazelo yangempela yegama elithi “umuntu”; yilo msebenzi wokunqoba kuphela onenza nibone isimo sokulunga sikaSomandla nobuso Bakhe obuhle nobukhazimulayo; nifunda kulo msebenzi wokunqoba ngomsuka womuntu futhi niqonde wonke “umlando wesikhathi eside” ngesintu; yilokhu kunqoba okunenze naqonda okhokho besintu nomsuka wokukhohlakala kwesintu; yilokhu kunqoba okunenza nijabule futhi niduduzeke niphinde nithole nokusolwa okungapheli, isiyalo, namazwi okusola avela kuMdali owadala isintu; kulo msebenzi wokunqoba nithola izibusiso, nezinhlekelele umuntu okufanele azithole…. Ingabe konke lokhu akwenzeki ngenxa yokholo oluncane lwenu? Ngemva kokuthola zonke lezi zinto, alukhulanga yini ukholo lwenu? Ingabe anitholanga inala? Awukezwa nje kuphela izwi likaNkulunkulu futhi wabona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kodwa futhi uzibonele mathupha isinyathelo ngasinye somsebenzi. Mhlawumbe uzothi ukube awuzange ube nokholo, ubungeke usolwe ngale ndlela noma wahlulelwe ngale ndlela. Kodwa kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokholo, ngeke ugcine nje ngokuthola lolu hlobo lokusolwa noma lolu hlobo lokunakekelwa uSomandla, kodwa uyohlale ulahlekelwa ithuba lokubona uMdali. Awusobe wawazi umsuka wesintu futhi ngeke ukuqonde ukubaluleka kokuphila komuntu. Ngisho noma umzimba wakho ungafa umphefumulo wakho uhambe, ngeke uziqonde zonke izenzo zikaNkulunkulu. Okubi nakakhulu ukuthi ngeke wazi ukuthi uMdali owenza lowo msebenzi omkhulu emhlabeni ngemva kokudala isintu. Njengelungu lalesi sintu esidala, ingabe uzimisele ukuwela ebumnyameni nokuthola isijeziso saphakade ube untula ukuqonda? Uma nizihlukanisa ekusolweni nasesahlulelweni sanamuhla, niyohlangabezana nani? Ingabe nicabanga ukuthi uma senehlukene nesahlulelo samanje, niyokwazi ukuphunyuka kule mpilo enzima? Ingabe akulona iqiniso ukuthi uma nishiya “le ndawo,” niyohlangabezana nobuhlungu noma nilinyazwe udeveli ngesihluku? Ingabe ungaba nemini kanye nobusuku okungabekezeleleki? Ingabe ucabanga ukuthi ngenxa nje yokuthi uphunyuke kulokhu kwahlulela namuhla, ungaligwema ikusasa elibuhlungu? Yini eyoma endleleni yakho? Ingabe ngempela kungaba iShangri-La enilethembile? Ingabe nicabanga ukuthi ningaphunyuka ekusolweni kwaphakade okuzayo ngokumane nje nibalekele okungokoqobo njengoba nenza? Ngemva kwanamuhla, ingabe niyophinde nikwazi ukuthola lolu hlobo lwethuba nalolu hlobo lwezibusiso? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho nehlelwa izinhlekelele? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho sonke isintu singena ekuphumuleni? Ukuphila kwenu okujabulisayo kwamanje nemindeni yenu emincane enokuzwana—ingabe kungathatha isikhundla sekusasa laphakade? Uma ninokholo lweqiniso, futhi uma nizuza okuhle ngenxa yokholo lwenu, khona-ke konke lokho kuyizinto—isidalwa esidaliwe—okufanele sibe nazo. Lolu hlobo lokunqoba luzuzisa kakhulu okholweni lwenu nasempilweni yenu.

Okwamanje udinga ukuqonda lokho uNkulunkulu akucela kulabo abanqotshwayo, ukuthi siyini isimo Sakhe sengqondo ngakulabo abapheleliswayo, nokuthi kuyini okufanele ungene kukho masinyane. Kwezinye izinto udinga kuphela ukuqonda okuncane. Ezinye izinkulumo ngezimfihlakalo akudingeki uzikhathaze ngokuziqonda. Azilona usizo olukhulu ekuphileni, futhi kwanele ukuba uzibheke. Ngokwesibonelo, udinga ukuthi uzibheke izimfihlakalo ezinjengalezo ezimayelana no-Adamu no-Eva. Konke lokho okwakumayelana no-Adamu no-Eva ngaleso sikhathi nomsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza namuhla. Udinga ukuqonda ukuthi ekunqobeni nasekupheleliseni umuntu, uNkulunkulu ufuna ukubuyisela umuntu endleleni u-Adamu no-Eva ababeyiyo. Umuntu kufanele apheleliswe kanjani ukuze ahlangabezane nendinganiso kaNkulunkulu—kufanele ube nomqondo omuhle walokho bese usebenze kanzima ukufinyelela kukho. Lokho kumayelana nendlela yakho yokwenza futhi kuyinto okufanele uyiqonde. Udinga nje ukufuna ukungena ngokuvumelana namazwi amayelana nalezi zindaba. Lapho ufunda ukuthi “umlando wentuthuko yesintu usuka emashumini ezinkulungwane zeminyaka,” uthola isifiso sokufuna ukwazi, futhi ngalokho uzama ukukuqonda nabafowenu kanye nodadewenu. “UNkulunkulu uthi intuthuko yesintu isuka eminyakeni eyizinkulungwane eziyithupha, akunjalo? Kuyini lokhu mayelana neminyaka engamashumi ezinkulungwane?” Kusiza ngani ukuzama ukuqonda lokhu? Ukuthi uNkulunkulu uqobo ubesebenza amashumi ezinkulungwane eminyaka noma amakhulu ezigidi eminyaka—ingabe uyadinga ukuba ukuqonde lokhu? Lokhu akusiyo into wena njengomuntu odaliwe odinga ukwazi ngayo. Ungamane ubheke lolu hlobo lwenkulumo; ungazami ukuluqonda njengombono. Into odinga ukwazi ngayo yilokho okufanele ungene kukho futhi uthole incazelo ngakho manje. Zindla futhi ucacelwe yilokhu. Kungemva kwalokhu kuphela lapho uzothola khona ukunqotshwa. Ngemva kokufunda okungenhla, kufanele kube nokusabela okuvamile kuwe: UNkulunkulu ukhathazeke kakhulu. Ufuna ukusinqoba futhi azuze udumo kanye nobufakazi. Kufanele sibambisane kanjani Naye? Yini okufanele siyenze ukuze sinqotshwe ngokuphelele Nguye futhi sibe ofakazi Bakhe? Yini okufanele siyenze ukuze senze uNkulunkulu azuze udumo? Yini okufanele siyenze ukuze siphile ngaphansi kokubuswa uNkulunkulu futhi singabi ngaphansi kokubuswa uSathane? Yilokhu okufanele abantu bacabange ngakho. Nonke kufanele nicacelwe ukubaluleka kokunqoba. Yileso isibopho senu. Kungemva kokuthola lokhu kucaca nizoba nokungena, nizokwazi lesi sigaba somsebenzi, futhi nilalele ngokuphelele. Ngaphandle kwalokho, ngeke nithole ukulalela kwangempela.

Okwedlule: Ukwenza (5)

Okulandelayo: Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp