Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?

Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi baba yizibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina ngemva kokupheleliswa kuphela. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso zomsebenzi Wakhe wokuphatha kanye nezibonelo nezifanekiso. La magama engiwasebenzisile ukuchaza abantu abanjalo angase abonakale engabalulekile, kodwa aveza izindaba eziningi ezinakekayo. Nina eninokholo oluncane niyohlala niphikisana ngegama elingabalulekile nize nibe bomvu ebusweni, futhi ngezinye izikhathi kuze konakale ubudlelwane ngenxa yalokho. Yize lokhu kuyigama elincane nje, ekucabangeni kwenu nasekukholweni kwenu, lokhu akusilo igama elingasho lutho nje, kodwa wudaba olubalulekile oluphathelene nesimiselo senu. Ngakho labo abangenamqondo bazovama ukulahlekelwa kakhulu ngento encane njengale—lokhu kuwukonga kancane bese ulahlekelwa kakhulu. Ngenxa nje yegama elithile elingabalulekile, niyobaleka ningaphinde nibuye. Lokhu kungenxa yokuthi nibona impilo ingabalulekile futhi nibona amagama enibizwa ngawo ebaluleke kakhulu. Ngakho ezimpilweni zenu zokomoya, ngisho nasezimpilweni zenu zokoqobo, nizovama ukwakha izindaba eziningi ezisontekile nezingajwayelekile ngenxa yemibono yenu mayelana nesikhundla. Mhlawumbe anizukukuvuma lokhu, kodwa ngizonitshela ukuthi abantu abanjalo bakhona ngempela empilweni yangempela, nakuba ningakadalulwa ngamunye ngamunye. Lezi zinhlobo zezinto sezenzekile ezimpilweni zenu ngamunye. Uma ningakukholwa, ake nibheke isithombe esingezansi sempilo kadadwethu (noma umfowethu). Kungenzeka ukuthi lowo muntu unguwe empeleni, noma mhlawumbe umuntu omaziyo empilweni yakho. Uma ngingenzi iphutha, lesi sithombe sichaza isimo oke wabhekana naso. Akukho okungekho encazelweni, awukho nowodwa umcabango oshiyiwe, kodwa konke kubhalwe ngokuphelele kule ndaba. Uma ungakukholwa, ake ukufunde nje kuqala.

Lokhu ngokukodwa okuncane “umuntu onomoya” abhekane nakho.

Wazizwa ekhathazeka ngenkathi ebona ukuthi izinto eziningi ezazenziwa ngabafowabo nodadewabo ebandleni zazingahambisani nentando kaNkuunkulu, ngakho waqala wabathethisa, ethi: “Nina zinto ezonakele! Aninawo nhlobo unembeza? Kungani ngempela nenza izinto ngokungabi nanembeza? Kungani ningafuni iqiniso kunokwenza ngokuthanda kwenu? … Futhi ngizisho kini lezi zinto, kodwa khona lapho ngizizonda mina futhi. Ngibona ukuthi uNkulunkulu uyavutha ngokuphelelwa yisineke futhi ngizwa umlilo ngaphakathi kimi. Ngizimisele impela ukwenza ngokugcwele umsebenzi uNkulunkulu anginike wona futhi ngifuna ngempela ukuba wusizo kini. Ukuthi njengamanje amandla ami mancane. UNkulunkulu uchithe isikhathi esiningi kithi futhi usho amazwi amaningi, kodwa asikaguquki. Enhliziyweni yami, ngihlala ngizwa ukuthi ngimkweleta lukhulu uNkulunkulu …” (Waqala ukukhala, ehluleka ukuqhubeka nokukhuluma.) Wayeseqala ukuthandaza: “O Nkulunkulu! Ngiyakuncenga ukuthi ungiphe amandla futhi unginyakazise ngendlela ongakaze unginyakazise ngayo ngaphambili, futhi sengathi uMoya Wakho ungasebenza kimi. Ngizimisele ngokusebenzisana Nawe. Inqobo nje uma uthola inkazimulo ekugcineni, ngizimisele kwamanje ukuzinikela ngokuphelele Kuwe, noma kungasho ukuthi kumele ngife. Sifisa ukunika ukudumisa okokhulu ukuze abafowethu nodadewethu bacule futhi badanse ngentokozo bedumisa igama Lakho elingcwele, bakukhazimulise, bakubonakalise, ukuze baqiniseke ngokuthi umsebenzi Wakho uyiqiniso futhi bakunike uzwelo ngemithwalo oyithwele….” Wathandaza ngokuzimisela ngale ndlela, futhi uMoya oNgcwele wamnika ngempela umthwalo. Ngalesi sikhathi wayesindwa ngokwedlulele, futhi wayechitha usuku lonke efunda, ebhala futhi elalele. Wayematasatasa ngayo yonke indlela. Isimo sakhe sikamoya sasisihle kakhulu futhi enhliziyweni yakhe wayehlala enomdlandla futhi ethwele. Ngezikhathi ezithile wayeba buthaka, afinyelele kwangqingetshe, kodwa kungakadluli sikhathi esitheni wayebuyela esimweni sakhe esijwayelekile. Emuva kwesikhathi esinjengalesi, inqubekela phambili yakhe yashesha, wakwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu amaningi, futhi wafunda amaculo ngokushesha—kukho konke, isimo somoya wakhe sasisihle kakhulu. Lapho ebona ukuthi izinto eziningi ebandleni zazingahambisani nentando kaNkulunkulu, wakhathazeka wabasola abafowabo nodadewabo, ethi: “Ingabe lokhu kuwukuzinikela emsebenzini wenu na? Kungani ningakwazi nokukhokha inani elincane kangaka? Uma ningafuni ukukwenza, ngizokweza….”

Ngenkathi enomthwalo, wayezizwa eqine ngokwengeziwe okholweni lwakhe lapho uMoya oNgcwele esebenza ngokwengeziwe. Wayeke abhekane nobunzima obuthile bese eba nombono ongemuhle, kodwa wayekwazi ukubunqoba. Okusho ukuthi, ngenkathi ehlangana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, nalapho isimo sakhe simangalisa, wayesahluleka ukugwema ukuhlangana nobunzima obuthile noma ukuba buthaka ngandlela thize. Izinto ezinjalo zenzeka ngokungagwemeki, kodwa ngaphambi kwesikhathi eside wayekwazi ukuphuma kulezo zimo. Lapho eba buthaka, wayethandaza ezwe sengathi isiqu sakhe sasinganele ngempela, kodwa wayezimisele ngokusebenzisana noNkulunkulu. Noma ngabe wayenzani uNkulunkulu, yena wayezimisele ngokwanelisa intando Yakhe nokulalela onke amalungiselelo kaNkulunkulu. Kwakunabanye abantu ababenemibono ethile futhi benemibono engemihle ngaye, kodwa wakwazi ukubeka ubuyena eceleni, wathatha isinyathelo sokuhlanganyela nabo. Zinjena izimo zabantu lapho uMoya oNgcwele enza umsebenzi Wakhe ojwayelekile. Emuva kwesikhathi esithile umsebenzi kaNkulunkulu waqala ukuguquka, futhi bonke abantu bangena kwesinye isinyathelo somsebenzi, lapho uNkulunkulu wayefuna khona okwehlukile kubona. Ngakho kwakunamazwi amasha ayedinga okuthile ebantwini: “… Nginenzondo kuphela kinina, azikho nhlobo izibusiso. Angikaze ngibe nemicabango yokunibusisa, noma yokuniphelelisa, ngoba nihlubuka ngokwedlulele. Ngoba nigwegwile futhi ninenkohliso, ngoba futhi aninawo umqondo omkhulu futhi niphansi ngokwesikhundla, anikaze nibe semehlweni Ami noma enhliziyweni Yami. Umsebenzi Wami wenziwa ngenhloso yokunilahla kuphela; isandla Sami asikaze sibe kude nani, ngisho nokusola Kwami kanjalo. Ngiqhubekile nokunahlulela nokuniqalekisa. Ngoba aninakho ukuqonda Ngami, ulaka Lwami beluhlala luphezu kwenu. Yize ngihlala ngisebenza phakathi kwenu, kumele nazi isimo somqondo Wami ngani. Asilutho olunye ngaphandle kokwenyanya—asikho esinye isimo somqondo noma umbono. Ngifuna nje nenze njengeziqhathaniso zokuhlakanippha Kwami namandla Ami amakhulu. Akukho okunye eniyikho ngaphandle kokuba yiziqhathaniso Zami ngoba ukulunga Kwami kwembulwa ngokuhlubuka kwenu. Ngifuna niziphathise okweziqhathaniso zomsebenzi Wami, nibe yizijobelelo zomsebenzi wami…” Kwathi uma ebona amagama athi “izijobelelo” kanye “neziqhathaniso,” waqala ukucabanga: “Kufanele ngilandele kanjani ngokwala mazwi? Phezu kokuba sengikhokhe inani elingaka, ngiseyisiqhathaniso. Ngabe isiqhathaniso asiwuye umenzi womsebenzi nje? Esikhathini esedlule kwakuthiwe ngeke sibe abenzi bomsebenzi, kwathiwa sizoba abantu bakaNkulunkulu, kepha nanamuhla asikho endaweni yabenzi bomsebenzi? Ingabe abenzi bomsebenzi abantuli ukuphila? Noma ngingezwa ukuhlupheka okungakanani, uNkulunkulu ngeke angincome ngenxa yakho! Uma sengiqedile ukuba yisiqhathaniso, ngeke kube wukuthi sekuphelile? …” Lapho elokhu ecabanga kakhulu ngalokho waya ngokuya edangala kakhulu. Wazizwa ephatheka kabi ngokwengeziwe lapho eya ebandleni ebona izimo zabafowabo nodadewabo: “Akuhambi kahle kini! Akuhambi kahle kimi! Senginombono ongemuhle. Awu! Kungenziwani? Namanje uNkulunkulu akasifuni. Ngokwenza lolu hlobo lomsebenzi, ayikho indlela yokuthi angasenzi sibe nemibono engemihle. Angazi ukuthi yini engalungile kimi. Angifuni ngisho nokuthandaza. Noma kunjalo, angikho esimweni esihle njengamanje futhi angikwazi ukuzinika umdlandla. Ngithandaze kaningi kodwa namanje angikwazi, futhi angizimisele ngokuqhubekela phambili. Le yindlela engibona ngayo. UNkulunkulu uthi siyiziqhathaniso, ngakho ngabe iziqhathaniso aziyibo abenzi bomsebenzi nje? UNkulunkulu uthi siyiziqhathaniso, hhayi amadodana Akhe, futhi asiyibo abantu Bakhe. Asiwona amadodana Akhe, ingasaphathwa eyokuba amadodana Akhe angamazibulo. Asiyilutho, siyiziqhathaniso nje. Uma siyilokho, singakwazi ukuthola umphumela omuhle? Iziqhathaniso azinathemba ngoba azinakho ukuphila. Ukuba besingamadodana Akhe, abantu Bakhe, bekuzoba nethemba kulokho—besingaphelela kakhudlwana. Iziqhathaniso zingakwazi yini ukuthwala ukuphila kukaNkulunkulu? UNkulunkulu angakwazi yini ukufaka ukuphila kulabo abamenzela umsebenzi? Labo abathandayo yilabo abanokuphila Kwakhe, futhi yilabo abanokuphila Kwakhe kuphela abangamadodana Akhe, abantu Bakhe. Yize nginemibono engemihle futhi ngibuthaka, ngethemba ukuthi nonke aninayo imicabango emibi. Ngiyazi ukuthi ukuhlehla nokuba nemicabango emibi kanje ngeke kuyanelise intando kaNkulunkulu, kodwa angizimisele ukuba yisiqhathaniso. Ngiyesaba ukuba yisiqhathaniso. Noma kunjalo, nginamandla angatheni, futhi ngeke ngikwazi ukuqhubeka manje. Ngethemba ukuthi akekho kini ozokwenza njengoba ngenzile, kodwa nizokwazi ukuthola ukugqugquzeleka okuthile kimi. Ngizwa sengathi kungangcono ukumane ngife! Ngizonishiyela amazwi okugcina ngaphambi kokuba ngife—ngethemba ukuthi nizosebenza njengeziqhathaniso kuze kube sekugcineni; mhlawumbe ekugcineni uNkulunkulu uzozincoma iziqhathaniso….” Lapho abafowabo nodadewabo bekubona lokhu, bacabanga: “Kungenzeka kanjani ukuthi abe nemibono engemihle kangaka? Ubengekho yini esimweni esihle ngokuphelele kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule? Yingani esevele wazibandela nje? Kungani engabi njengokujwayelekile?” Wathi: “Ningasho ukuthi angiziphethe ngokujwayelekile. Empeleni, ngicacelwe yikho konke okusenhliziyweni yami. Ngiyazi ukuthi angiyanelisanga intando kaNkulunkulu, kodwa akukhona yini ukuthi angizimisele ukusebenza njengesiqhathaniso Sakhe? Akukho okubi engikwenzile. Mhlawumbe ngelinye ilanga uNkulunkulu uzoguqula igama elithi “iziqhathaniso” kube “yizidalwa”, futhi hhayi lokhu kuphela, kodwa izidalwa ezisetshenziswa Nguye ngezindlela ezibalulekile. Alikho ithemba elincane kulokhu? Ngethemba ukuthi ngeke nibe nombono ongemuhle noma niphelelwe umdlandla, nokuthi nizoqhubeka nilandele uNkulunkulu futhi nenze ngakho konke eninakho ukusebenza njengeziqhathaniso. Noma kunjalo, angeke ngikwazi ukuqhubeka. Ningavumeli ukuthi izenzo zami zinivimbe.” Abanye abantu bezwa lokho, base bethi: “Noma ngabe uyayeka ukumlandela, sizoqhubeka nokulandela, ngoba uNkulunkulu akaze asiphathe ngokungalungile. Ngeke sivinjwe ngumbono wakho omubi.”

Emuva kokwedlula kulesi simo isikhashana, wayesekuso isimo sombono ongemuhle mayelana nokuba yisiqhathaniso, ngakho ngathi kuye: “Awuwuqondi umsebenzi Wami. Awuliqondi iqiniso langaphakathi, ingqikithi, noma imiphumela elindelekile yamazwi Ami. Awuyazi imigomo yomsebenzi Wami, noma ubuhlakani bawo. Awuyiqondi intando Yami. Okwaziyo nje ukuhlehla ngoba uyisiqhathaniso—uzikhathaza ngokwedlulele ngesikhundla! Uyisiwula! Sengisho okuningi kakhulu kuwena ngaphambilini. Ngithe ngizokuphelelisa; sewukhohliwe? Angikhulumanga yini ngokupheleliswa ngaphambi kokukhuluma ngeziqhathaniso?” “Yima kancane, ake ngicabange ngakho! Yebo, kunjalo! wake wazisho lezo zinto ngaphambi kokukhuluma ngeziqhathaniso!” “Ngenkathi ngikhuluma ngokupheleliswa, Angishongo ukuthi emuva kokuba abantu sebenqotshiwe bazopheleliswa?” “Yebo!” “Amazwi Ami ayengesilo iqiniso? Awashiwongo yini ngomoya wokwethembeka?” “Yebo! UnguNkulunkulu ongakaze asho into engenakuthembeka—akekho noyedwa ongalokotha akuphikise lokhu. Kodwa izindlela okhuluma ngazo ziningi kakhulu.” “Ngabe izindlela Zami zokukhuluma aziguquki ngokwezinyathelo zomsebenzi? Izinto engizishoyo azenziwa futhi zishiwo ngokwezidingo zakho?” “Usebenza ngokwezidingo zabantu futhi uhlinzeka ngokwabakudingayo. Lokhu kuyiqiniso!” “Uma kunjalo, ngabe izinto engizisho kuwe azibanga wusizo? Ukusola Kwami akwenzekanga yini ukuze kusizakale wena?” “Usho kanjani ukuthi kungokokusiza mina? Ungisole kwaze kwacishe kwafika eqophelweni lokufa—angisafuni ukuphila. Namuhla usho lokhu, kusasa usho lokhuya. Ngiyazi ukuthi ukungiphelelisa Kwakho ukwenzela ukuba kusizakale mina, kodwa awukangiphelelisi—ungenza isiqhathaniso futhi usangisola. Uyangizonda, akunjalo? Akekho noyedwa ongalokotha akholwe amazwi Akho, futhi sekuyimanje kuphela lapho ngibona ngokucacile ukuthi ukusola Kwakho okokususa inzondo esenhliziyweni Yakho, hhayi ukusindisa mina. Ungifihlele iqiniso ngaphambili; uthe uzongiphelelisa futhi ukusola okokungiphelelisa. Ngakho bengilokhu ngikulalela ukungisola Kwakho; angikaze ngicabange ukuthi namuhla ngingaba negama lokuthi ngiyisiqhathaniso. Nkulunkulu, bekungeke kube ngcono yini ukuba bewungivumela ukuthi ngibe ngenye into? Ingabe kufanele ungenze ngibe yisiqhathaniso? Bengingakwemukela ukuthi ngibe umgcinisango embusweni. Kade ngehla ngenyuka, kodwa ekugcineni, izandla zami azinalutho—anginamali. Kepha namanje usangitshela ukuthi ufuna ngisebenze njengesiqhathaniso Sakho. Ngingabuveza kanjani nje ubuso bami?” “Ukhuluma ngani? Ngenze umsebenzi wokwahlulela omningi ngaphambilini, futhi awuwuqondi na? Ingabe unakho ukuziqonda wena ngokwakho? Ngabe igama elithi ‘isiqhathaniso’ aliyikho ukwahlulela ngamazwi? Ucabanga ukuthi ukukhuluma Kwami ngeziqhathaniso nakho kuyindlela yokwenza, indlela yokukwahlulela? Uma kunjalo, ungangilandela kanjani?” “Angikahleli ukuthi ngizokulandela kanjani. Okokuqala, ngifuna ukwazi: Ingabe ngiyisiqhathaniso noma cha? Iziqhathaniso zingapheleliswa nazo? Ingabe igama elithi ‘isiqhathaniso’ lingaguqulwa? Ngingabethula ubufakazi obuqanda ikhanda ngokuba yisiqhathaniso, bese ngiba umuntu ophelelisiwe, oyisibonelo sokuthanda uNkulunkulu, futhi osondelene noNkulunkulu? Ngingapheleliswa? Ngitshele iqiniso!” “Awazi yini ukuthi izinto zihlala zikhula, zihlala ziguquka? Inqobo nje uma uzimisele njengamanje ukulalela emsebenzini wakho wokuba yisiqhathaniso, uzokwazi ukuguquka. Ukuthi uyisiqhathaniso noma qha akuhlangene nesiphetho sakho. Iphuzu elimqoka elokuthi ungaba yini umuntu onoguquko esimweni sakhe sokuphila noma cha.” “Ungangitshela ukuthi ungakwazi ukungiphelelisa noma cha?” “Inqobo nje uma ulandela futhi ulalela kuze kube sekugcineni, ngiyaqinisekisa ukuthi ngingakuphelelisa.” “Futhi ngizozwa luphi uhlobo lokuhlupheka?” “Uzodlula ebunzimeni kanye nokwahlulelwa nokusolwa ngamazwi, ikakhulu ukusolwa ngamazwi, okufanayo nokusolwa ngokuba yisiqhathaniso!” “Ukusolwa okufana nokuba yisiqhathaniso futhi? Kodwa uma ngingapheleliswa Nguwe ngokudlula ebunzimeni, uma kunethemba, kulungile. Noma ngabe yisicucu nje sethemba, kungcono kunokuba yisiqhathaniso. Lelo gama elithi 'isiqhathaniso,' lizwakala lilibi. Angizimisele ukuba yisiqhathaniso!” “Yini embi kangako ngeziqhathaniso? Ngabe iziqhathaniso nazo azilungile nje ngokwazo? Ingabe iziqhathaniso azifanelwe ukuthokozela izibusiso? Uma ngithi iziqhathaniso zingathokozela izibusiso, uzokwazi-ke ukuthokozela izibusiso? Akulona iqiniso yini ukuthi amagama abantu aguquka ngenxa yomsebenzi Wami? Kodwa wena ukhathazwa yigama nje kangaka? Kukufanele kakhulu ukuba yilolu hlobo lwesiqhathaniso. Uzimisele ukulandela noma cha?” “Manje, ungakwazi ukungiphelelisa noma cha? Ungangivumela ukuthi ngithokozele izibusiso Zakho?” “Ingabe uzimisele ukulandela kuze kube sekugcineni noma cha? Ingabe uzimisele ukuzinikela?” “Ake ngicabange ngakho. Isiqhathaniso naso singazithokozela izibusiso Zakho, futhi singapheleliswa. Emuva kokupheleliswa ngizokwazi ukusondelana Nawe futhi ngiqonde yonke intando Yakho, futhi ngizoba nalokhu onakho. Ngizokwazi ukuthokozela okuthokozelwa Nguwe, futhi ngizokwazi okwaziwa Nguwe. … Emuva kokubhekana nobunzima nasemuva kokupheleliswa, ngiyothokozela izibusiso. Yiziphi-ke izibusiso engiyozithokozela empeleni?” “Ungakhathazeki ngokuthi uzothokozela ziphi izibusiso. Noma ngingakutshela, zingaphezulu kokucabanga kwakho. Emva kokuba yisiqhathaniso esihle, uzonqotshwa, bese uba yisiqhathaniso esiphumelelayo. Lokhu kuyisibonelo nesifanekiso salowo onqotshiwe, kodwa nakanjani ungakwazi ukuba yilokho emuva kokunqotshwa kuphela.” “Siyini isibonelo nesifanekiso?” “Kuyisibonelo nesifanekiso sabo bonke abezizwe, okuwukuthi, labo abanganqotshiwe.” “Lokho kufaka abantu abangaki?” “Abantu abaningi kakhulu. Akuzona izinkulungwane ezine noma ezinhlanu zenu—bonke labo abemukela leli gama emhlabeni wonke kumele banqotshwe.” “Ngakho akusiwo nje amadolobhakazi amahlanu noma ayishumi!” “Ungakhathazeki ngakho njengamanje, futhi ungazikhathazi ngokwedlulele. Vele ugxile ekuthini kumele ungene kanjani njengamanje! Ngiyaqinisekisa ukuthi ungapheleliswa.” “Kangakanani? Futhi yiziphi izibusiso engingazithokozela?” “Yini okhathazeke ngayo kangaka? Ngiqinisekisile ukuthi ungapheleliswa. Usukhohliwe yini ukuthi ngethembekile?” “Kuyiqiniso ukuthi uthembekile, kodwa ezinye izindlela zakho zokukhuluma ziguquka njalo. Namuhla uthi uyaqinisekisa ukuthi ngingapheleliswa, kodwa kusasa ungase uthi akunasiqiniseko. Futhi kwabanye abantu uthi 'Nginesiqiniseko sokuthi umuntu onjengawe ngeke apheleliswe.' Angazi ukuthi kwenzekani ngamazwi Akho. Angikholwa nhlobo nje.” “Pho ungazinikela noma cha?” “Nginikeleni?” “Unikele ikusasa lakho, namathemba akho.” “Kulula ukudedela lezo zinto! Okubaluleke kakhulu igama elithi 'isiqhathaniso'—angikufuni nhlobo lokho. Uma ususa lelo gama kimi ngizovuleleka kunoma yini, ngizokwazi ukwenza noma yini. Akusizo izinto ezincane nje lezi? Ungakwazi ukususa leli gama?” “Kulula lokho, akunjalo? Uma ngingakunika lelo gama ngingakwazi nokulisusa. Kodwa manje akuyiso isikhathi salokho. Kusamele uphelelise ulwazi lwakho kulesi sinyathelo somsebenzi, futhi ilapho kuphela oyokwazi khona ukuthola igama elisha. Lapho umuntu efana nawe ngokwengeziwe, ukudinga ngokwengeziwe ukuba yisiqhathaniso. Uma wesaba kakhulu ukuba isiqhathaniso, yilapho ngizokubiza kakhulu ngaso. Umuntu onjengawe kumele abe umuntu oqondiswe ngokuqinile futhi okubhekenwe naye. Uma umuntu ehlubuka ngokwengeziwe, uba umenzi womsebenzi ngokwengeziwe, futhi ekugcineni akazukuthola lutho.” “Njengoba ngifuna ngenkuthalo engaka, kungani ngingeke ngikwazi ukususa igama elithi 'isiqhathaniso'? Sikulandele yonke le minyaka futhi asihluphekanga kancane. Sikwenzele izinto eziningi. Sihambe emoyeni nasemvuleni; sesisekupheleni kobusha bethu. Asikashadi noma asikayiqali imindeni, nalabo phakathi kwethu asebekwenzile lokho bayaphuma. Ngihlale esikoleni ngaze ngafika emabangeni aphezulu, kodwa kuthe lapho ngizwa ukuthi usufikile, ngayeka ithuba lami lokuya enyuvesi. Bese uthi siyiziqhathaniso! Silahlekelwe kakhulu! Senza zonke lezi zinto kodwa kuvela ukuthi siyiziqhathaniso zakho nje. Ingabe lokhu kubenza bacabangeni ngami labo engangifunda nabo nontangayethu? Uma bengibona futhi bebuza ngendawo nesikhundla sami, kungenzeka kanjani ukuthi ngingabi namahloni okubatshela? Ekuqaleni, ngangikhokha noma yiliphi inani ngenxa yokukholwa kwami Kuwe futhi bonke abanye babengigcona ngokuthi ngiyisiwula. Kodwa ngaqhubeka ngalandela, futhi ngalangazelela isikhathi sokufika kosuku lwami, lapho ngangizobakhombisa bonke labo abangakholwanga. Kodwa kunalokho, namuhla Wena ungitshela ukuthi ngiyisiqhathaniso. Ukuba unginike isikhundla esiphansi kakhulu, ukuba ungivumele ukuthi ngibe ngomunye umuntu wombuso, lokho bekuzobe kulungile! Noma bengingeke ngikwazi ukuba umfundi Wakho, noma lowo omxoxela isifuba Sakho, bengingeke ngibe nenkinga nokuba umlandeli Wakho! Sikulandele yonke le minyaka, sashiya imindeni yethu, futhi kube nzima kakhulu ukuqhubeka nokufuna kuze kube manje, kodwa konke esingakukhomba ngalokho yigama elithi 'isiqhathaniso' kuphela! Ngilahle konke ngenxa Yakho; ngishiye yonke ingcebo yasemhlabeni. Ngaphambili, kukhona umuntu owangethula kumuntu engangingase ngimgane. Wayemuhle impela futhi egqoka kahle; wayeyindodana yesikhulu sikahulumeni esisezingeni eliphezulu. Ngaleso sikhathi ngangimthanda. Kodwa kwathi uma ngizwa ukuthi uNkulunkulu usebonakele futhi wenza umsebenzi Wakhe, ukuthi uzosiholela embusweni bese usiphelelisa, futhi wasicela ukuthi sibe nempokophelo futhi sishiye konke emuva masinyane, kuthe uma ngizwa lokho, ngabona ukuthi ngangingenakho nhlobo ukuzimisela. Ngase ngiziqinisa ngaliyeka lelo thuba. Emva kwalokho, lowo muntu wathumela izipho emndenini wami kaningana, kodwa angizange ngizibheke nakuzibheka. Ucabanga ukuthi ngangiphatheke kabi ngaleso sikhathi? Kwakuyinto eyayiyinhle kakhulu, kodwa yaphelela obala. Kwakungenzeka kanjani ukuthi ngingaphatheki kabi? Ngaphatheka kabi izinsuku eziningi kangangoba ngangehluleka ukulala ebusuku, kodwa, ekugcineni, ngakudedela. Kwakuthi njalo uma ngithandaza nginyakaziswe uMoya oNgcwele, owawuthi: 'Ingabe uzimisele ngokunikela konke Ngami? Ingabe uzimisele ukuzikhandlela Mina?' Noma nini lapho ngicabanga ngalawo mazwi Akho, ngangisikhihla isililo. Nganginyakaziseka bese ngikhala ngosizi kaningi kakhulu. Emuva konyaka, ngezwa ukuthi leyo ndoda yayisishadile. Akudingi ukuthi ngize ngisho ukuthi ngaba lusizi, kodwa ngaqhubeka ngayidedela leyo nto ngenxa Yakho. Futhi ngakwenza konke lokhu ngaphandle kokukhuluma ngokuthi ukudla kwami nezingubo zokugqoka akukuhle—ngaziphuthisela ngalowo mshado, ngakushiya konke lokhu, ngakho akufanele ungenze ngibe yisiqhathaniso! Ngaziphuthisela ngomshado wami, isigameko esibaluleke kakhulu empilweni yami, futhi ngakulahla konke ngenxa yokuzinikela Kuwe. Impilo yomuntu iyonke ayilutho olunye ngaphande kokuthola umuntu ozoshada naye olungile kanye nokuba nomndeni ojabulile. Ngakudedela lokhu, le nto enhle kunazo zonke, manje anginalutho futhi ngingedwa. Ufuna ngiye kuphi? Ngihluphekile selokhu ngaqala ukukulandela. Angiphilanga kamnandi. Ngidele umndeni wami kanye nomsebenzi wami kanye nakho konke okujabulisa inyama, futhi konke lokhu kuzinikela esikwenzile sonke namanje ngabe akukeneli ukuthi sithokozele izibusiso Zakho? Manje-ke kukhona le nto 'yesiqhathaniso'. Nkulunkulu, impela weqisile! Sibheke—asinalutho esingathembela kukho kulo mhlaba. Abanye bethu sishiye izingane zethu, imisebenzi yethu, esiganene nabo,[a] njalo njalo; sishiye konke okujabulisa inyama. Liphi elinye ithemba esinalo? Singaqhubeka kanjani nokuphila emhlabeni? Iminikelo yethu ayilingani ngisho isenti nje? Awukuboni nhlobo lokho? Isimo sethu siphansi futhi nezinga lethu lisilele—siyakwamukela lokho, kodwa yinini lapho singakwenzanga lokho obufuna sikwenze? Manje usilaxaza ngaphandle kokudabuka 'ngenkokhelo' yokuba ‘iziqhathaniso’? yilokho kuphela okulethwe umnikelo wethu? Ekugcineni, uma abantu bengibuza ukuthi ngitholeni ngokukholwa kuNkulunkulu, ngingakwazi ukubakhombisa igama elithi ‘isiqhathaniso’? Ngingakwazi kanjani ukuvula umlomo wami ngithi ngiyisiqhathaniso? Angikwazi ukuchaza lokho kubazali bami, futhi angikwazi ukuchaza lokhu kulowo owayengase abe umyeni wami. Ngikhokhe inani elikhulu, futhi engikutholayo nje ukuba yisiqhathaniso? Awu! Ngizizwa ngilusizi!” (Waqala ukushaya amathanga akhe futhi wakhala.) “Uma ngingathi manje ngeke ngikunike igama lesiqhathaniso kodwa ngizokwenza omunye wabantu Bami bese ngikuthuma ukuthi uhambe usabalalise ivangeli, uma ngikunike isikhundla sokuthi wenze umsebenzi, ungakwazi ukukwenza lokho? Empeleni uzuzeni esinyathelweni ngesinyathelo salo msebenzi? Futhi nangu wena, ungixoxela indaba yakho—awunamahloni! Uthi ukhokhe inani kodwa awuzuzanga lutho. Kungenzeka ukuthi angikutshelanga ukuthi iyini imibandela Yami yokuthola umuntu? Umsebenzi Wami okabani? Ingabe uyazi? Nakhu manje uvusa ukukhononda okudala! Ingabe usabalwa njengomuntu? Akukho ukuhlupheka okukuvelele ngenxa yakho? Futhi awungenanga ekuhluphekeni ngenxa yokufuna ukuthola izibusiso? Ingabe ukufezile konke okudingwa Yimi? Okufunayo nje ukuthola izibusiso. Awunamahloni! Okudingwa Yimi kuwe kwake kwaba yimpoqo nini? Uma uzimisele ngokungilandela kumele ungilalele kuzo zonke izinto. Ungazami ukukhuluma ngemibandela. Kakade, ngikutshele ngaphambilini ukuthi le ndlela yindlela yokuhlupheka. Igcwele amathuba ezinto ezimbi, kube kukuncane okujabulisayo. Sewukhohliwe? Sengikusho kaningi lokhu. Uma uzimisele ukuhlupheka, ngilandele-ke. Uma ungazimisele ukuhlupheka, yima-ke. Angikuphoqi—ukhululekile ukuthi uze noma uhambe! Nokho, le yindlela umsebenzi Wami owenziwa ngayo, futhi ngeke ngibambezele umsebenzi Wami wonke ngenxa yokuhlubuka kwakho wedwa. Kungenzeka ukuthi awuzimisele ukulalela, kodwa kukhona abanye abazimisele. Nonke ningabantu abaxakeke kakhulu! Awesabi lutho! Uxoxisana Nami ngemibandela yakho—ingabe ufuna ukuqhubeka nokuphila noma cha! Uyazihlelela futhi ulwela udumo nenzuzo yakho. Umsebenzi Wami awuwona yini owenu wonke na? Uyimpumputhe? Ngaphambi kokuba ngibe yinyama bewungangiboni, futhi la mazwi abezoxolelwa, kodwa manje ngisenyameni futhi ngisebenza phakathi kwenu, kepha namanje awukaboni? Yini ongayiqondi? Uthi ulahlekelwe; ngakho ngiphenduke inyama ukuze nginisindise, bantu abaxakekile, futhi ngenze umsebenzi omkhulu, futhi namanje nisakhononda—ngeke nisho ukuthi ngilahlekelwe? Engikwenzile angikwenzelanga nina na? Ngisebenzisa leli gama kubantu ngokususela esiqwini sabo samanje. Uma ngikubiza ‘ngesiqhathaniso,' uba yisiqhathaniso zibekwa nje. Kanjalo, uma ngikubiza 'ngomunye wabantu bakaNkulunkulu,' uba yilokho zibekwa nje. Noma yini engikubiza ngayo, uyiyo. Lokhu akufezeki ngamazwi ambalwa aphuma ezindebeni zomlomo Wami? Futhi la mazwi Ami ambalwa akuthukuthelisa kakhulu? Uma kunjalo-ke, ngicela uxolo! Uma ungalaleli manje, ekugcineni uzoqalekiswa—uzobe usujabula-ke? Awuyinaki indlela yokuphila kodwa ugxila esikhundleni nasegameni lakho; impilo yakho injani? Angiphiki ukuthi ukhokhe inani elikhulu, kodwa bheka isiqu sakho kanye nokwenzayo—futhi namanje usaxoxa ngemibandela. Ingabe yilesi siqu osithole ngokuzimisela kwakho? Ingabe usenabo ubuqotho? Ingabe unawo unembeza? Ingabe Yimi owenze okungalungile? Ingabe obekudingwa Yimi kuwe kuyiphutha? Kuyini? Ngingakwenza ukuthi usebenze njengesiqhathaniso izinsuku ezimbalwa kodwa awuzimisele ukwenza njalo. Ukuzimisela okunjani lokho? Unentshisekelo ebuthakathaka, uyigwala! Ukujezisa abantu abanjengawe kumele kwenzeke nakanjani!” Kuthe uma sengisho lokhu, akabe esasho lutho.

Njengoba nizwa lolu hlobo lomsebenzi manje, kumele ukube kukhona esnikuqonda mayelana nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu kanye nezindlela Zakhe zokuguqula abantu. Ukuba nalokhu yiyona kuphela indlela yokuthola imiphumela oguqukweni. Ekufuneni kwenu, ninemibono, amathemba, nekusasa okuningi. Umsebenzi wamanje uqondene nokubhekana nokulangazelela kwakho isikhundla kanye nezifiso ezedlulele. Amathemba, isikhundla nemibono, konke kuwukubonakaliswa okuvelele kwesimo sobusathane. Isizathu sokuthi kube khona zonke lezi zinto ezinhliziyweni zabantu ukuthi ubuthi bukaSathane buhlala budlavuza imicabango yabantu, futhi abantu bahlala bengakwazi ukuchiliza lezi zilingo zikaSathane. Baphila phakathi kwezono kepha abakholwa ukuthi yisono, futhi basacabanga ukuthi: “Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kumele asinikeze izibusiso futhi asilungiselele yonke into ngokufanele. Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kufanele sibe ngaphezulu kwabanye, futhi kumele sibe nesikhundla esingcono kanye nekusasa elingcono kunabo bonke abanye abantu. Njengoba sikholwa kuNkulunkulu, kumele asinike izibusiso ezingenamkhawulo. Kungenjalo, bekungeke kubizwe ngokuthi ukukholwa kuNkulunkulu.” Iminyaka eminingi, imicabango abantu ababethembele kuyo ukuze baphile beyilokhu idlavuza izinhliziyo zabo kangangoba baze baba nenkohliso, nobugwala, nokwenyanyeka. Abagcini nje ngokuntula amandla okwenza nokuzimisela kodwa futhi sebenomhawu, bazithwele, futhi bagcwele inkani. Bantula ngokugcwele ukuzimisela okwedlula nobubona uqobo, nangaphezulu kwalokho, abanaso nesincane isibindi sokuchitha lezi zithiyo zala mathonya amnyama. Imicabango kanye nezimpilo zabantu zibole ngendlela yokuthi imibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu isemibi ngendlela engabekezeleki, futhi nalapho abantu bekhuluma ngemibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu, ukukuzwa akubekezeleki nhlobo. Bonke abantu bangamagwala, bayehluleka ukwenza umsebenzi, bayenyayisa, futhi bantekenteke. Abawenyanyi amandla obumnyama, futhi abaluzwa uthando lokukhanya kanye neqiniso; kunalokho, benza konke okusemandleni ukukuxosha. Imicabango kanye nemibono yenu yamanje ayinjena? “Njengoba ngikholwa kuNkulunkulu kumele ngithelwe ngezibusiso, futhi kufanele kuqinisekiswe ukuthi isikhundla sami asehli nokuthi sihlala siphakeme kunesabantu abangakholwa.” Anizange niwugcine umbono onjengalona ngaphakathi kwenu unyaka owodwa noma emibili kuphela, kodwa kube yiminyaka eminingi. Indlela yenu yokucabanga enokuhwebelana ikhule ngokweqile. Yize senifike kulesi sinyathelo namuhla, anikasidedeli isikhundla, kodwa nihlala nilwela ukubuza mayelana naso, futhi nisibhekile nsukuzonke, ngokwesaba okujulile ukuthi ngelinye ilanga isikhundla senu siyolahleka futhi igama lenu lonakale. Abantu abakaze babeke eceleni ukulangazelela kwabo ukuphila kalula. Ngakho, njengoba nginahlulela ngale ndlela namuhla, ekugcineni nizoba nokuqonda okungakanani? Nizothi, nakuba isikhundla senu singaphakeme, nokho nikuthokozele ukuphakanyiswa nguNkulunkulu. Ngenxa yokuzalelwa ezingeni eliphansi, aninasikhundla, kodwa nizuza isikhundla ngenxa yokuphakanyiswa uNkulunkulu—yilokhu akubeke phezu kwenu. Namuhla nikwazi ukuthola ukuqeqeshwa nguNkulunkulu, ukusola Kwakhe kanye nokwahlulela Kwakhe. Lokhu, nangaphezulu, kuwukuphakanyiswa Nguye. Nikwazi ukuthola mathupha ukuhlanzwa nokushiswa Nguye. Lolu uthando lukaNkulunkulu olukhulu. Eminyakeni edlule akukaze kube khona noyedwa umuntu owathola ukuhlanza nokushisa Kwakhe, futhi akekho noyedwa owakwazi ukupheleliswa ngamazwi Akhe. Manje uNkulunkulu ukhuluma nani ubuso nobuso, anihlanze, ambule ukuhlubuka kwenu kwangaphakathi—lokhu kungukuphakanyiswa Nguye ngempela. Abantu banamaphi amakhono? Noma ngabe bangamadodana kaDavide noma inzalo kaMowabi, sebebonke, abantu bayizidalwa ezidaliwe ezingenanto ezingazigqaja ngayo. Njengoba niyizidalwa zikaNkulunkulu, kumele nenze umsebenzi wesidalwa. Akukho okunye okudingeka kini. Kufanele nithandaze kanje: “O Nkulunkulu! Noma nginesikhundla noma cha, manje sengiyaziqonda. Uma isikhundla sami siphakeme kungenxa yokuphakanyiswa Nguwe, futhi uma siphansi kungenxa yokunquma kwakho. Konke kusezandleni Zakho. Akukho engingakukhetha noma engingakhononda ngakho. Umise ukuthi ngizalelwe kuleli lizwe naphakathi kwalaba bantu, futhi kumele ngilalele ngokuphelele ngaphansi kokubusa Kwakho ngoba yonke into ingaphakathi kwalokho okumiswe Nguwe. Angicabangi ngesikhundla; vele, ngiyisidalwa nje. Uma ungibeka emgodini ongenamkhawulo, echibini lomlilo nesibabuli, angilutho ngaphandle kokuba yisidalwa. Uma ungisebenzisa, ngiyisidalwa. Uma ungiphelelisa, ngiyisidalwa nje. Uma ungangiphelelisi, ngisazokuthanda ngoba angilutho olunye ngaphandle kokuba yisidalwa. Angilutho olunye ngaphandle kwesidalwa esincinyane esidalwe iNkosi yendalo, oyedwa nje phakathi kwabo bonke abantu abadaliwe. Nguwe owangidala, futhi manje uphindile wangibeka ezandleni Zakho ukuze wenze okufisayo ngami. Ngizimisele ukuba yithuluzi Lakho kanye nesiqhathaniso Sakho ngoba yonke into iyilokhu okumiswe Nguwe. Akekho ongakuguqula. Zonke izinto nezigameko zisezandleni Zakho.” Uma kufika isikhathi sokuthi ungabe usacabanga ngesikhundla, uyophunyuka kukho. Yilapho kuphela oyokwazi khona ukufuna ngokuzethemba nangesibindi, futhi yilapho kuphela inhliziyo yakho eyokwazi khona ukukhululeka emigoqweni. Uma abantu sebekhishiwe kulezi zinto, ngeke besaba nokukhathazeka. Iningi lenu likhathazeke ngani njengamanje? Nihlala nithiywe yisikhundla futhi nihlala nikhathazeke ngekusasa lenu. Nihlala nipheqa amakhasi amazwi kaNkulunkulu, nifisa ukufunda izisho ezimayelana nesiphetho sesintu futhi nifuna ukwazi ukuthi ikusasa liniphatheleni nokuthi niyophetha kanjani. Niyazibuza: “Nginawo ngempela amathemba ekusasa? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu uwathathile lawo mathemba? UNkulunkulu uthi ngiyisiqhathaniso kuphela; ayini-ke amathemba ekusasa lami?” Kulukhuni kini ukushiya amathemba ekusasa nesiphetho senu. Manje seningabalandeli, futhi seniyasiqonda kancane lesi sigaba somsebenzi. Nokho, anikakuyeki ukulangazelela kwenu izikhundla. Uma isikhundla senu siphezulu nifuna kahle, kodwa uma isimo senu siphansi niyayeka ukufuna. Izibusiso zesikhundla zihlala zisemiqondweni yenu. Kungani iningi labantu lehluleka ukuphuma emicabangweni emibi? Akubangelwa amathemba afiphele? Lapho kukhulunywa amazwi kaNkulunkulu, niphuthuma ukubona ukuthi isikhundla nesiqu senu kuyini ngempela. Nibeka phambili isikhundla nesiqu, bese umbono uba sendaweni yesibili. Endaweni yesithathu yilokho okumele ningene kukho, kanti kweyesine yintando kaNkulunkulu yamanje. Niqala ngokubheka ukuthi igama uNkulunkulu alibhekise kini lokuba “yisiqhathaniso” seliguqukile noma cha. Nifunda nifunde, kuthi uma nibona ukuthi igama elithi “isiqhathaniso” selisusiwe nijabule futhi nibonge uNkulunkulu kakhulu, nidumise amandla Akhe amakhulu. Kodwa uma nibona ukuthi niseyiziqhathaniso, niphatheka kabi futhi intshisekelo enhliziyweni yenu inciphe ngokushesha. Uma ufuna ngokwengeziwe ngale ndlela, uzovuna kancane ngokwengeziwe. Uma umuntu elangazelela isikhundla ngokwengeziwe, kuzobhekanwa naye futhi acwengisiswe ngokwengeziwe. Abantu abanjalo abanamsebenzi walutho! Kumele kubhekanwe nabo futhi bahlulelwe ngokufanele ukuze bakwazi ukudedela lezi zinto ngokuphelele. Uma ufuna ngale ndlela kuze kube sekugcineni, awuzukuvuna lutho. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni? Uma inhloso yokufuna kwakho kungeyona eyokufuna iqiniso, ungasebenzisa leli thuba ubuyele emhlabeni ukuze ulifune. Ukuchitha isikhathi sakho ngale ndlela ngempela akunasidingo—uzihlukumezelani? Akulona yini iqiniso ukuthi ungathokozela zonke izinhlobo zezinto emhlabeni omuhle? Imali, abantu besifazane abahle, isikhundla, ukuthanda izinto, umndeni, izingane, nokunye—ngabe yonke le mikhiqizo yomhlaba ayizona izinto ezinhle kakhulu ongazithokozela? Kusiza ngani ukuzulazula lapha ubheka indawo ongajabula kuyo? INdodana yomuntu ayinayo indawo yokubeka ikhanda Layo, pho ungakwazi kanjani ukuba nendawo enezimo ezilula? Ubengakwazi kanjani ukukudalela indawo enhle yokuphila kalula? Kungenzeka lokho? Ngaphandle kokwahlulela Kwami, namuhla ungakwazi ukuthola izimfundiso zeqiniso kuphela. Ngeke ukwazi ukuthola ukuthokomala Kimi noma uthole indawo yenjabulo ocabanga ngayo ubusuku nemini. Ngeke ngikunike ingcebo yomhlaba. Uma ufuna ngokweqiniso, ngizimisele ukukunikeza indlela yokuphila ngokugcwele, ukuthi ube njengenhlanzi ebuyele emanzini. Uma ungafuni ngokweqiniso, ngizokwephuca konke. Angizimisele ukunika amazwi avela emlonyeni Wami labo bantu abahahela intokomalo, abanjengezingulube nezinja nje!

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala uthi “amakhosikazi.”

Okwedlule: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)

Okulandelayo: Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp