Isahluko 116

Phakathi kwamazwi Ami, kunamaningi enza abantu babe nokwesaba. Amazwi Ami amaningi enza abantu baqhaqhazele ngovalo, futhi amaningi amazwi Ami enza abantu bahlupheke futhi baphelelwe yithemba, nangaphezu kwalokho enze ukubhubha kwabantu. Akekho ongabamba noma aqonde ngokucacile ukunotha kwamazwi Ami. Kulapho kuphela nginitshela amazwi Ami futhi ngiwambula kini umusho ngomusho lapho ningazi khona isimo ngokubanzi, ngesikhathi amaqiniso ezinto zangempela nilokhu ningawaqondi. Ngakho, ngizosebenzisa amaqiniso ukwambula wonke amazwi Ami, ngaleyo ndlela nginivumele ukuqonda okukhulu ngokwengeziwe. Okubonakele endleleni Yami yokukhuluma, angikhulumi kuphela ngamazwi Ami, kodwa nangaphezulu ngenza ngamazwi Ami; yilokhu kuphela okuwumqondo wangempela “wamazwi nezenzo kwenzeka kanyekanye.” Ngoba Kimi konke kukhululekile, futhi konke kudedelwe, futhi kulesi sisekelo, konke engikwenzayo kugcwele inhlakanipho. Angikhulumi ngokunganaki, futhi angenzi ngokunganaki. (Kungakhathaleki ukuthi kusebuntwini noma ebunkulunkulwini, ngikhuluma futhi ngenze ngokuhlakanipha, ngoba ubuntu Bami buyingxenye Yami engahlukaniseki.) Nokho lapho ngikhuluma, akekho onaka iphimbo lenkulumo Yami; lapho ngenza, akekho onaka indlela yomsebenzi Wami. Lokhu kungukusilela komuntu. Ngiyokwambula amandla Ami phezu kwabo bonke abantu, hhayi kuphela kumadodana Ami angamazibulo, kodwa okungaphezulu ngiyokwembula amandla Ami phakathi kwazo zonke izizwe naphakathi kwabo bonke abantu; ukwenza lokho kuphela okuwubufakazi obunamamdla okuhlaza uSathane. Angenzi ngobuwula. Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukufakaza Kwami ngamadodana angamazibulo kuyiphutha; bathi kukhona abanye oNkulunkulu ngaphandle Kwami, ukuthi ngenza ngokungenamqondo, ukuthi ngiyazehlisa; nokuthi kulokhu, ukukhohlakala komuntu kudalulwa ngokwengeziwe. Kungenzeka ukuthi ukufakazela amadodana angamazibulo kuyiphutha Lami? Nithi angilungile, ningafakaza? Ukuba bekungekhona ukuphakamisa Kwami, ubufakazi Bami, ngabe nisagxoba amadodana Ami ngaphansi kwenu, nisabaphatha ngokungabashayi mkhuba, nisabaphatha njengezisebenzi zenu. Nina mhlambi wezingulube! Ngiyonilahla ngamunye ngamunye! Akekho oyodedelwa! Ngitsheleni, yiziphi lezi zinto ezingahambisani nomuntu onobuntu obejwayelekile? Ngaphandle kokungabaza bayizingulube! Angikwazi nhlobo ukubabekezelela. Ukuba ngilinde ubufakazi benu, umsebenzi Wami ubuzobe usubambezelekile! Nina mhlambi wezingulube! Aninabuntu nhlobo! Anginidingi ukuba ningisebenzele! Sukani lapha khona manje! Seniwaqinele futhi nawacindezela isikhathi eside kakhulu amadodana Ami; ngizonigxoba nginenze idokwe! Bhekani ukuthi kwenzekani uma ningalokotha nibe yimidlwembe futhi; bhekani ukuthi kwenzekani uma ningalokotha ningihlaze futhi! Sengiwufezile umsebenzi Wami omkhulu; kufanele ngiphenduke bese ngisusa lo mhlambi wezilwane!

Konke kuyafezwa ezandleni Zami (kulabo engibathandayo), futhi konke nakho kuyabhujiswa ezandleni Zami (kulezo zilwane engizizondayo, labo bantu, izindaba nezinto engizenyanyayo). Ngenza amadodana Ami angamazibulo abone konke engifuna ukukwenza, ngiwenze aqonde ngokuphelele futhi abone kulokho konke engikwenzile kusukela ngiphuma eSiyoni. Emva kwalokho, siyongena ndawonye eNtabeni iSiyoni, singene endaweni yethu yokuphila ngaphambi kwezinkathi, futhi siphile izimpilo zethu kabusha. Kusukela lapho kuya phambili, ngeke kusaba nokuthintana nomhlaba nalo mhlambi wezingulube, kodwa kunalokho kuyoba nenkululeko ephelele; konke ngeke kuvinjwe futhi kuyobe kungenasiphazamiso. Ngubani ongalokotha amelane nanoma iyiphi yamadodana Ami angamazibulo? Ngubani ongalokotha aqhubeke nokuphikisana namadodana Ami angamazibulo? Ngeke ngimyeke kalula! Indlela eningihloniphe ngayo esikhathini esedlule, yileyo ndlela namuhla okufanele nihloniphe ngayo amadodana Ami angamazibulo. Ningabi yinto ethile phambi Kwami, bese niba ngenye into ngemuva Kwami; ngibona lokho bonke abantu abayikho ngokucace ngokusobala. Ukungethembeki kumadodana Ami angamazibulo kuwukungabi njengomntwana Kimi, okuyiqiniso elisobala, ngoba singabomzimba owodwa. Uma umuntu elungile Kimi kodwa ephethe isimo somqondo esehlukile ngamadodana Ami angamazibulo, khona-ke, ngokungangabazeki, uyinzalo ewuhlobo lukadrako omkhulu obomvu, ngoba uhlephula umzimba kaKristu; lesi sono asikwazi ukuxolelwa! Wonke umuntu kini kufanele akubone lokhu. Kuwumsebenzi wenu ukungifakazela, futhi nangaphezu kwalokho kuwumthwalo wenu ukufakazela amadodana angamazibulo. Akekho kini oyolahla isibopho sakhe; ngiyolahla ngokushesha noma ubani ophazamisayo! Ungacabangi ukuthi ukhethekile. Ngiyakutshela manje! Noma ubani onjalo kakhulu, uyoba ngokuqondwe wukujezisa Kwami okuqinile ngokwengeziwe! Noma ubani onjalo kakhulu uphelelwa yithemba ngokwengeziwe futhi uba yindodana yokufa okuphakade ngokwengeziwe. Ngiyokusola kuze kube phakade!

Wonke umsebenzi Wami wenziwa wuMoya Wami siqu, futhi angivumeli noma yimuphi owuhlobo lukaSathane ukuba agxambukele, ukuze ngigweme ukuphazamisa izinhlelo Zami. Ekugcineni, ngiyokwenza bobabili abadala nabantwana basukume futhi badumise Mina namadodana Ami angamazibulo, badumise izenzo Zami ezimangalisayo, futhi badumise ukubonakala kwesiqu Sami. Ngiyokwenza umsindo wezindumiso unkeneneze uze ufike emaphethelweni ezulu nomhlaba, uzamazamise izintaba, imifula nazo zonke izinto, futhi ngiyothobisa uSathane ngokuphelele. Ngiyosebenzisa ubufakazi Bami ukubhubhisa wonke umhlaba omdala ongcolile nomubi, bese ngakha umhlaba omusha ongcwele futhi ongangcolisiwe. (Ngokuthi ilanga, inyanga, izinkanyezi nezinto ezisemkhathini ngeke kuguquke esikhathini esizayo, angiqondile ukuthi umhlaba omdala usekhona, kodwa kunalokho ukuthi wonke umhlaba uyobhujiswa futhi umhlaba omdala uyothathelwa indawo ngomunye. Angisho ukuthi ngizoshintshanisa umkhathi.) Kulapho kuphela umhlaba uyohambelana khona nentando Yami; phakathi kwawo ngeke lube khona uhlobo lokucindezelwa kwanamuhla, futhi ngeke kube khona isehlakalo sokuxhaphazana kwabantu. Kunalokho, kuyoba khona ukulunga nomqondo okuphelele, okuyoba ngaphakathi kwenyama. (Nakuba ngithi kuyoba nokulunga nomqondo, kuyobe kungaphakathi kwenyama; kuyokwehluka kakhulu embusweni Wami—kwehluke njengezulu nomhlaba; akukho ndlela nhlobo yokuqhathanisa—vele, umhlaba womuntu ngumhlaba womuntu, nomhlaba wokomoya ngumhlaba wokomoya.) Ngaleso sikhathi, amadodana Ami angamazibulo Nami siyophatha lo mhlaba (kulo mhlaba, ngeke kube khona ukuphazamisa okuvela kuSathane, ngoba uSathane uyobe esesuswe ngokuphelele Yimi), kodwa izimpilo zethu ziyobe ziseyizimpilo zombuso, okugekho muntu ongakuphika. Emlandweni wonke, umuntu (kungakhathaleki ukuthi wethembeke kanjani) akazange ezwe uhlobo olunje lwempilo, ngoba emlandweni wonke akekho oke waba khona owayezokwenza njengendodana Yami eyizibulo, futhi basayongisebenzela kamuva. Nakuba laba benzi bomsebenzi bethembekile, ekugcineni bayinzalo kaSathane enqotshwe Yimi, ngakho emva kokufa kwenyama basazalelwa emhlabeni womuntu ukuze bangenzela umsebenzi; lokhu okushiwo ukuthi “amadodana ekugcineni angamadodana, nabenzi bomsebenzi vele bayinzalo kaSathane.” Emlandweni wonke, kuyaziwa ukuthi bangaki abantu abakhona ukwenzela amadodana Ami angamazibulo umsebenzi namuhla; kubo bonke abenzi bomsebenzi, akekho ongabaleka, futhi ngiyobenza bangenzele umsebenzi kuze kube phakade. Ngokucabangela izimvelo zabo, bonke bangabantwana bakaSathane, bonke bamelana Nami, futhi nakuba bengenzela umsebenzi, bonke baphoqiwe, akukho abangakwenza. Lokhu kungenxa yokuthi konke kulawulwa yisandla Sami, futhi abenzi bomsebenzi engibasebenzisayo kufanele bangenzele umsebenzi kuze kube sekugcineni. Ngalokhu, kusekhona abantu abaningi namuhla abanemvelo efanayo nabaphrofethi nabaphostoli bezinkathi ezedlule, ngoba ngabomoya owodwa. Ngalokhu, kusekhona abenzi bomsebenzi abethembekile abangigijimelayo, kodwa ekugcineni (iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, bebelokhu bengenzela umsebenzi, ngakho laba bantu baphakathi kwabenzi bomsebenzi), akekho ongathola lokho bonke labo kuwo wonke umlando ababekulindele, ngoba lokho engikulungiselele akukhona okwabo.

Konke okungoKwami sekufeziwe phambi kwamehlo; ngizobuyisela amadodana Ami angamazibulo ekhaya Lami, abuyele eceleni Kwami, ukuze sihlangane. Ngoba ngibuye nginqobile futhi ngiphumelele futhi ngithole inkazimulo ngokuphelele, ngibuyela ukunibuyisa. Esikhathini esedlule, abanye abantu benze izibikezelo “zezintombi eziyisihlanu ezihlakaniphile, izintombi eziyisihlanu eziyiziwula.” Nakuba isibikezelo singanembi, asigeji ngokuphelele—ngakho, nginganinika incazelo ethile. “Izintombi eziyisihlanu ezihlakaniphile nezintombi eziyisihlanu eziyiziwula” zombili nakanjani azimele isibalo sabantu, kanti futhi azimele uhlobo olulodwa lwabantu ngokulandelana. “Izintombi eziyisihlanu ezihlakaniphile” zimele isibalo sabantu, izintombi eziyisihlanu eziyiziwula zimele uhlobo olulodwa lwabantu, kodwa akukho kulokhu kokubili okubhekisele kumadodana angamazibulo, futhi esikhundleni salokho kumelela ukudalwa. Lokhu yisizathu sokuthi kungani becelwe ukulungisa amafutha ezinsukwini zokugcina. (Indalo ayinayo imfanelo Yami; uma befuna ukwenza njengabahlakaniphile kufanele balungise amafutha, futhi ngalokho badinga ukuhloma ngamazwi Ami.) “Izintombi eziyisihlanu ezihlakaniphileyo” zimelela amadodana Ami nabantu Bami phakathi kwabantu engibadalile. Ukubabiza “ngezintombi” ngenxa yokuthi nakuba bezelwe emhlabeni, basazuzwe Yimi; umuntu angathi babe ngcwele, ngakho babizwa “ngezintombi.” “Okuyisihlanu” okuthintwe ngaphezulu kumele isibalo samadodana Ami nabantu Bami engibanqumele kusengaphambili. “Izintombi eziyisihlanu ezihlakaniphileyo” zibhekise kubenzi bomsebenzi, ngoba bayangisebenzela ngaphandle kokubeka ngisho nelincane izinga lokubaluleka ekuphileni, belandela kuphela izinto ezingaphandle (ngoba abanayo imfanelo Yami, kungakhathaleki ukuthi benzani, kuyinto engaphandle), futhi abakwazi ukuba ngabasizi Bami abanekhono, ngakho babizwa ngokuthi “izintombi eziyiziwula.” “Okuyisihlanu” okuthintwe ngaphambili kumelela uSathane, futhi ukubizwa kwabo “ngezintombi” kuqonde ukuthi banqotshwe Yimi futhi bayakwazi ukungenzela umsebenzi—kodwa lolu hlobo lomuntu alungcwele, ngakho babizwa ngabenzi bomsebenzi.

Okwedlule: Isahluko 115

Okulandelayo: Isahluko 117

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp