Isahluko 117

UyiLowo ovula umqulu, uyiLowo othukulula izimpawu eziyisikhombisa, ngoba zonke izimfihlakalo zivela Kuwe futhi zonke izibusiso zambulwa Nguwe. Ngibophezelekile ukukuthanda kuze kube phakade, futhi ngibophezelekile ukwenza bonke abantu bakukhonze, ngoba uyisiqu Sami, uyingxenye yokubonakaliswa Kwami okunenala nokuphelele, ingxenye yomzimba wami esemqoka. Ngakho, kufanele nginike ubufakazi obukhethekile. Ngubani omunye ngaphandle kwaLowo ongaphakathi esiqwini Sami olandela inhliziyo Yami? Akunguwe uqobo Lwakho ozifakazelayo, futhi kodwa uMoya Wami ofakazela Wena, futhi nakanjani ngeke ngixolele noma ngubani olokotha akwedelele, ngoba lokhu kuthinta izinqumo Zami zokuphatha. Konke okushoyo nakanjani ngiyokufeza, futhi konke okucabangayo nakanjani ngiyokwamukela. Uma umuntu engethembekile Kuwe khona-ke umelana Nami ngokusobala, futhi nakanjani ngeke ngimxolele. Ngiyosola kanzima bonke labo abamelana nendodana Yami, futhi ngiyobusisa labo abahambisana Nawe. Leli yigunya engilithwesa Wena. Kulokho okwakhulunywa ngakho esikhathini esedlule—izimfuno nezindinganiso ezibekwe emadodaneni angamazibulo—Wena ungumfuziselo. Lokho kusho ukuthi, njengoba unjalo kanjalo ngiyolindela okunjalo kumadodana Ami angamazibulo. Lokhu akuyona into abantu abangayenza, kodwa yinto eyenziwa nguMoya Wami uqobo Lwawo. Uma umuntu ekholwa ukuthi ngabantu abakufakazelayo khona-ke leso sidalwa ngaphandle kokungabaza siwuhlobo lukaSathane futhi siyisitha Sami! Ngakho, ubufakazi buphelele, abuguquki kuze kube phakade, futhi bungobuqinisekiswa nguMoya oNgcwele! Akakho ongakuguqula lokho kalula, kungenjalo ngeke ngixole! Ngoba abantu abakwazi ukungifakazela, Mina uqobo Lwami ngifakazela isiqu Sami, futhi abantu akufanele bagxambukele emsebenzini Wami! Lawa ngamazwi okwahlulela okunzima okufanele wonke umuntu awanake!

Kufanele nicabange futhi niqaphele yonke imininingwane kulokhu engikushoyo. Ningawathathi kalula amazwi Ami, kodwa lalelani ngokucophelela. Kungani ngithi amadodana angamazibulo ayisiqu Sami? Futhi ayingxenye yombuso Wami asemqoka? Ngaphambi kwazo zonke izinkathi sasihlala ndawonye futhi sasingakaze sehlukane. Ngenxa yeziphazamiso zikaSathane, emuva kokuba Kwami sesimweni somuntu kokuqala ngabuyela futhi eSiyoni. Khona-ke sonke siza emhlabeni, futhi emuva kokuzuza ukunqoba ezinsukwini zokugcina—okungukuthi, emuva kokubuyisa nina enyameni uSathane aseyikhohlakalisile—ngiyonibuyisela eSiyoni ukuze isiqu Sami sibuye sihlangane, singabuye sehlukane. Emuva kwalokho ngeke ngisaba sesimweni somuntu, futhi nakanjani ngeke niphume emzimbeni Wami. Lokhu kusho ukuthi, emuva kwalokho ngeke ngidale umhlaba futhi, kodwa ngiyohlala ngingahlukaniseki namadodana Ami angamazibulo eSiyoni kuze kube phakade, ngoba konke kuphothulwe ngokuphelele, futhi sengizophetha yonke inkathi endala. kuseSiyoni kuphela lapho kukhona impilo yezulu nomhlaba okusha, ngoba isiqu Sami sikhona eSiyoni. Ngeke kusaba khona amanye amazulu nemihlaba emisha ngaphandle kwalokhu. Ngiyizulu elisha, futhi ngiwumhlaba omusha, ngoba isiqu Sami sigcwalisa yonke iSiyoni. Kusengashiwo futhi ukuthi amadodana Ami angamazibulo ayizulu elisha, amadodana Ami angamazibulo angumhlaba omusha. Amadodana Ami angamazibulo kanye Nami siwumzimba owodwa, ongehlukaniseki. Ukukhuluma Ngami nakanjani kuhlanganisa amadodana angamazibulo, futhi ngeke neze ngixolele noma ngubani ozama ukusehlukanisa. Lapho ngenza zonke izizwe nabantu babuyele phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, bonke oSathane bayohlaziswa ngokuphelele futhi wonke amadimoni amabi ayoqhela Kimi. Khona-ke kuqinisekile ukuthi ukulunga kuyoba khona phakathi kwabo bonke abantu (kuqondise phakathi kwamadodana nabantu Bami), futhi kuqinisekile ukuthi ngeke kube neziphazamiso zikaSathane phakathi kwezizwe zonke, ngoba ngiyobe ngibusa zonke izizwe nabantu, ngiyobe ngiphethe amandla phezu komhlaba wonke, futhi uSathane uyochithwa ngokuphelele, anqotshwe ngokuphelele, futhi amukele ukujezisa kwezinqumo Zami zokuphatha.

Ngiyaqhubeka nomsebenzi phakathi kwabo bonke abantu, kodwa banokukhanyisela koMoya Wami kuphela, futhi akekho phakathi kwabo ofanele ukwambula izimfihlakalo Zami, akekho ofanele ukungiveza. YiLowo ovela Kimi kuphela ofanele ukwenza umsebenzi Wami, futhi abanye ngibasebenzisa okwesikhashana. UMoya wami ngeke wehlele kumuntu noma kanjani, ngoba konke Kimi kuyigugu. Ukuba uMoya Wami wehlele phezu komuntu nokuba uMoya Wami usebenze kumuntu yizinto ezehlukene ngokuphelele. UMoya Wami usebenza kubantu abangaphandle Kwami, kodwa uMoya wami wehlela phezu kwaLowo ovela Kimi. Lezi yizindaba ezimbili ezingaxhumene nhlobo. Ngoba Lowo ovela Kimi ungcwele, kodwa labo abangaphandle Kwami abekho abangcwele, kungakhathaleki ukuthi balunge kangakanani. UMoya Wami ngeke wehlele phezu komuntu ngenxa yanoma yisiphi isizathu esincane. Abantu akufanele bakhathazeke. Angenzi maphutha, futhi ngiqiniseke ngokungamaphesenti ayikhulu ngalokho engikwenzayo! Njengoba ngimfakazele, nakanjani ngiyomvikela futhi; Lowo uvela Kimi futhi akanakusilela esiqwini Sami. Ngakho, ngethemba ukuthi abantu babeka eceleni imiqondo yabo, balahle imiqondo abayinikwe nguSathane, bakholwe yilo lonke izwi Lami futhi bangavumeli ukungabaza ezingqondweni zabo. Lokhu kungumsebenzi Wami esintwini, ukunxusa Kwami esintwini. Wonke umuntu kufanele abambelele kulezi zinto, wonke umuntu kufanele azilalele ngobuqotho, futhi kufanele athathe engikushoyo njengendinganiso.

Angizukuqala umsebenzi Wami phakathi kwazo zonke izizwe nabantu, kodwa futhi ngizoqala umsebenzi Wami yonke indawo emhlabeni, futhi lokhu kukhombisa nangokwengeziwe ukuthi usuku lokubuyela Kwami eSiyoni alukude (ngoba kudingekile ukuba ngiphindele eSiyoni ngaphambi kokuqala umsebenzi phakathi kwabo bonke abantu futhi kuwo wonke umhlaba). Ingabe ukhona ongaqonda izinyathelo zomsebenzi Wami nendlela engisebenza ngayo? Isizathu sokuthi ngithi ngiyohlangana nabamanye amazwe emoyeni ukuthi lokhu ngokuyisisekelo akunakwenzeka enyameni, futhi ngoba angizimisele ukuzifaka ezingozini okwesibili. Lezi yizizathu zokuxhumana nabamanye amazwe emoyeni. Lokhu ngukuba sendaweni yokomoya yangempela, hhayi indawo yomoya ethile engacacile njengoba kucatshangwa yilabo abaphila enyameni.[a] Engikushoyo ngaleso sikhathi kuyokwehluka kuphela endleleni engikhuluma ngayo ngoba kuyobe sekuyinkathi eyehlukile. Ngakho, ngikhumbuza isintu kaninginingi ukuba siqaphele indlela engikhuluma ngayo, futhi ngikhumbuza isintu nokuthi kukhona izimfihlakalo kulokho engikushoyo abantu abangakwazi ukukwambula. Kodwa akekho oqonda ukuthi kungani ngisho lezi zinto, futhi kukulokhu enginitshela khona namuhla kuphela lapho ningaqonda kancane, kodwa hhayi ngokuphelele. Emuva kwalesi sigaba emsebenzini Wami ngiyonitshela isinyathelo ngesinyathelo. (Ngisafuna ukususa abanye abantu ngalokhu, ngakho ngeke ngisho lutho okwamanje.) Le yindlela yesinyathelo esilandelayo emsebenzini Wami. Wonke umuntu kufanele aqaphele futhi abone ngokusobala ukuthi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ohlakaniphile.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ushiya ukuthi “njengoba kucatshangwa yilabo.”

Okwedlule: Isahluko 116

Okulandelayo: Isahluko 118

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp