Isahluko 118

Lowo osukuma afakazele iNdodana Yami, ngiyomnika umusa; lowo ongasukumi afakazele iNdodana Yami, kodwa kunalokho omelana futhi osebenzisa imiqondo yomuntu ukuze enze ukulinganisa kwakhe, ngiyombhubhisa. Bonke kufanele babone ngokucacile! Ukufakazela iNdodana Yami kuyisenzo sokuhlonipha Mina futhi kwanelisa intando Yami. Ungahloniphi uBaba kuphela kodwa uqinele futhi ucindezele indodana. Labo abenza lokho bayinzalo kadrako omkhulu obomvu futhi angiyidingi inkucuza efana nale ukufakazela iNdodana yami; ngiyobabhubhisa emgodini ongenamkhawulo. Ngifuna abenzi bomsebenzi abethembekile nabaqotho ukusebenzela iNdodana yami, futhi angidingi muntu kulaba abanye. Lokhu kuyisimo Sami sokulunga futhi kusebenza ukukhombisa ukuthi nginguNkulunkulu ongcwele futhi ongangcolile uqobo Lwakhe. Ngeke ngixolele muntu ocasula izinqumo Zami zokuphatha. Noma ngobani abakudelelile noma abakushushisile esikhathini esedlule, noma emndenini noma emhlabeni, ngiyobasola ngabanye ngabanye futhi akukho muntu oyodedelwa, ngoba akukho ngxenye Yami engeyenyama negazi. Ukukufakazela namuhla kukhombisa ukuthi abenzi bomsebenzi baqedile ukungenzela umsebenzi, ngakho ningabi nezinkinga nhlobo futhi ningakhathazeki. Bangabenzi bomsebenzi Bakho vele futhi ekugcineni Wena ungowezulu, futhi uyobuyela emzimbeni Wami ekugcineni, ngoba umzimba Wami awukwazi ukungabi Nawe. Labo abakudelela nababengahambisani Nawe esikhathini esedlule (lokhu yinto abanye abangakwazi ukuyibona, kodwa Nguwe kuphela oyaziyo enhliziyweni Yakho) manje sebambule izimo zabo zokuqala futhi bawile, ngoba Wena unguNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ngeke ubekezelele noma ngubani ukuba akudelele noma akucasule. Nakuba ungeke ubonakale nhlobo ngaphandle, umoya Wami uphakathi Kuwe futhi lokhu akunakungatshazwa. Bonke abantu kufanele bakukholwe, kungenjalo induku Yami yensimbi izoshaya bonke labo abangedelelayo! Ngoba ngiyakufakazela, ngempela uphethe igunya, futhi konke okushoyo kuwukuvezwa Kwami, konke okwenzayo kuwukubonakaliswa Kwami, ngoba uyisithandwa Sami futhi uyingxenye isiqu Sami esingeke singabi nayo. Ngakho sonke isenzo sakho, lokho okugqokayo, okusebenzisayo, nalapho uhlala khona—konke nakanjani nakho kuyizenzo Zami. Akekho okufanele azame ukuthola into engalungile Ngawe, futhi akekho okufanele athole amaphutha Kuwe. Uma kukhona owenza lokhu, ngeke ngimxolele!

Ngiyoxosha zonke izisebenzi ezimbi endlini Yami, futhi ngaphakathi endlini Yami ngiyokwenza zonke izisebenzi ezithembekile zifakazele amadodana Ami angamazibulo; lolu wuhlelo Lwami futhi yindlela engisebenza ngayo. Lapho izisebenzi ezimbi zifakazela amadodana Ami kunuka njengabafile futhi ngiyakwenyanya. Lapho izisebenzi ezithembekile zifakazela amadodana Ami kunokuzimisela futhi kuqotho, futhi kwamukelekile Kimi. Ngakho, noma ngubani ongazimisele ukufakazela amadodana Ami, makasuke lapha khona manje! Ngeke ngimphoqe. Uma ngikucela ukuba uhambe khona-ke kufanele uhambe! Bheka ukuthi imiphumela injani kuwe nokuthi yini ekulindele, futhi labo abenza umsebenzi baqonda ukwedlula wonke omunye umuntu. Ukwahlulela Kwami, ulaka Lwami, iziqalekiso Zami, ukushisa Kwami nentukuthelo Yami ehangulayo noma nini izokwehlela noma ngubani ongedelelayo. Isandla Sami asikhombisi sihe kumuntu; kungakhathaleki ukuthi ubethembeke kanjani ngaphambili lowo owenza umsebenzi, uma edelela amadodana Ami namuhla khona-ke ngizombhubhisa ngokushesha futhi ngeke ngimgcine phambi Kwami. Kulokhu umuntu uyasibona isandla Sami esingenasihe. Ngoba abantu abangazi futhi izimvelo zabo ziyangedelela, ngisho labo abethembekile bakwenzela injabulo yabo. Uma kwenzeka okuthile okubathinta kabi, izinhliziyo zabo ziyaguquka ngokushesha bese befuna ukuqhela eceleni Kwami. Le yimvelo kaSathane. Akufanele nibe nemibono, nikholwe ukuthi nethembekile! Uma kungekho lutho ozoluzuza, lo mhlambi wezilwane awukwazi nhlobo ukwethembeka Kimi. Ukuba angimemezelanga izinqumo Zami zokuphatha, ngabe kade naqhela. Manje nididekile, anizimisele ukungenzela umsebenzi kodwa anizimisele ukushaywa niwiswe yisandla Sami. Ukuba angimemezelanga ukuthi izinhlekelele ezinkulu ziyokwehlela noma ngubani ongidelelayo noma nini, ngabe kade naqhela. Ngabe angiwazi amaqhinga abantu abangaphendukela kuwo? Abantu abaningi manje baphethe ithemba elincane, kodwa lapho lelo themba liphenduka liba yindumalo abazimiseli ukuqhubekela phambili futhi bafuna ukuphindela emuva. Ngishilo ngaphambili ukuthi angigcini muntu ngokumphoqa lapha, ngiyacophelela ukucabanga imiphumela iyoba njani kuwe, futhi lokhu kuyiqiniso, angikwesabisi. Akekho ongaqonda imvelo yomuntu ngaphandle Kwami, futhi bonke bacabanga ukuthi bethembekile Kimi, bengazi ukuthi ukwethembeka kwabo akumsulwa. Lokhu kungcola kuyochithakalisa abantu ngoba bayicebo likadrako omkhulu obomvu. Wabekwa obala Yimi kudala; nginguNkulunkulu onamandla onke, bengingahlulwa ukuqonda into esobala kangaka? Ngikwazi ukungena egazini lakho nasenyameni yakho ukuze ngibone izinhloso zakho. Akulukhuni Kimi ukuqonda imvelo yomuntu, kodwa abantu bayazama ukuba yizihlakaniphi, becabanga ukuthi akukho muntu ngaphandle kwabo owazi izinhloso zabo. Ingabe abazi ukuthi uNkulunkulu onamandla onke ukhona ngaphakathi kwezulu nomhlaba nakuzo zonke izinto?

Ngiyothanda amadodana Ami kuze kube sekugcineni futhi ngiyozonda udrako omkhulu obomvu kuze kube phakade naphakade. Ukusola Kwami kuyokwehlela bonke labo abangedelelayo futhi akukho nesisodwa isitha esiyoyekwa. Ngithe ngaphambili, “ngibeka eSiyoni itshe elikhulu. Emakholweni, leli tshe liyisisekelo sokwakhiwa kwawo. Kulabo abangakholwa, leli yitshe elibaqhuzulayo. Emadodaneni kadeveli, leli yitshe elibagxoba bafe.” Akukhona nje ukuthi ngikhulume la mazwi ngaphambili, kodwa aphrofethwe ngabantu abaningi futhi abantu abaningi bawafundile kule nkathi. Ngaphezu kwalokho, abanye abantu bazamile ukuwachaza la mazwi, kodwa akekho oke waxazulula le mfihlakalo ngaphambili, ngoba lo msebenzi wenziwa kuphela ngesikhathi samanje sezinsuku zokugcina. Ngakho, ngisho abanye abantu bezamile ukuchaza la mazwi, izincazelo zabo zonke zingamanga. Namuhla, ngambula wonke umqondo kini ukuze nazi ukubaluleka kokufakazela Kwami amadodana Ami angamazibulo, nenhloso Yami yokwenza lokho. Ngibeka itshe elikhulu eSiyoni futhi leli tshe libhekise kumadodana Ami angamazibulo efakazelwa. Igama “elikhulu” aliqondile ukuthi lokhu kufakaza kwenziwa ngendlela enkulu, kodwa kunalokho liqonde ukuthi ekufakazeleni amadodana Ami angamazibulo, baningi kakhulu abenzi bomsebenzi abayoqhela. Lapha, ukuthi “labo abangakholwa” kubhekise kulabo abaqhelayo ngoba amadodana Ami efakazelwa, ngakho itshe liyidwala eliqhuzulayo kulolu hlobo lomuntu. Ngithi yidwala ngoba lolu hlobo lomuntu luyoshaywa luwiswe yisandla Sami, ngakho idwala elenza abantu baqhuzuke alishiwo mayelana nokuwa noma ukuba buthakathaka, kodwa kushiwo mayelana nokushaywa uwiswe yisandla Sami. “Abakholwayo” kokuthi “Kwabakholwayo, leli tshe liyisisekelo sokwakha kwabo” kubhekise kulabo benzi bomsebenzi abethembekile, futhi “isisekelo sokwakha kwabo” sibhekise emseni nezibusiso abayozemukela emuva kokungenzela umsebenzi ngokwethembeka. Ukuthi amadodana angamazibulo afakazelwe kukhombisa ukuthi yonke le nkathi endala isizokwedlula, futhi kuwuphawu lokubhidlizwa kombuso kaSathane; ngakho, kwabeZizwe yidwala elibagxoba bafe. Ngakho ukuphihlisa zonke izizwe zibe yizicucu kubhekise ekwenzeni kusha umhlaba wonke; okudala kuyodlula bese kumiswa okusha—lo ngumqondo wangempela “wokuphihliza.” Niyaqonda? Umsebenzi engiwenzayo kulesi sigaba ungaqoqwa nje ngala mazwi ambalwa. Lokhu kuyisenzo Sami esimangalisayo futhi kufanele uqonde intando Yami ngaphakathi kwamazwi Ami.

Okwedlule: Isahluko 117

Okulandelayo: Isahluko 119

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp