Isahluko 119

Kufanele nonke niqonde izinhloso Zami, futhi nonke kufanele niqonde ukuma kwenhliziyo Yami. Manje yisikhathi sokulungiselela ukubuyela eSiyoni. Anginamcabango wokunye ngaphandle kwalokhu. Ngethemba kuphela ukuthi ngingahlangana nani ngosuku oluthile maduze, futhi ngihlale nani yonke imizuzu nayo yonke imizuzwana eSiyoni. Ngiyawenyanya umhlaba, ngiyayenyanya inyama, futhi ikakhulu ngenyanya wonke umuntu emhlabeni. Angizimisele ukubabona, ngoba bonke banjengamadimoni, angenayo ngisho encane inswebu yemvelo yobuntu. Angizimisele ukuhlala emhlabeni; ngenyanya zonke izidalwa, ngenyanya konke okungokwenyama negazi. Wonke umhlaba unuka izidumbu; ngifuna ukuphindela eSiyoni ngokushesha, ukuze ngisuse lonke iphunga lezidumbu emhlabeni bese ngenza wonke umhlaba ugcwale ukungidumisa. Ngiyobuyela eSiyoni, ngiyosuka enyameni nasemhlabeni, futhi akekho okufanele ame endleleni Yami. Isandla Sami esibulala umuntu asinaluzwelo! Kusukela manje kuya phambili, akekho okufanele akhulume ngokwakhiwa kwebandla. Uma kukhona abenza kanjalo, ngeke ngibaxolele. (Lokhu kungenxa yokuthi manje yisikhathi sokufakazela amadodana Ami angamazibulo, nesikhathi sokwakha umbuso; noma ngubani okhuluma ngokwakhiwa kwebandla ubhidliza ukwakhiwa kombuso futhi uphazamisa ukuphatha Kwami.) Konke kulungile, konke kulungiselelwe; ukuphela kwento esele ukuba amadodana angamazibulo aphakanyiswe futhi afakazelwe. Lapho lokho kwenzeka, ngaphandle kokupholisa amaseko ngeke ngilibale nangaphandle kokucabangala isimo, ngiyobuyela ngokushesha eSiyoni—indawo egcwele emiqondweni yenu ubusuku nemini. Ningamane nibuke kuphela indlela umhlaba omuhle noqine ngayo manje. Wonke lo msebenzi ungumsebenzi wokubuyela eSiyoni, ngakho ninganaki lezo zinto manje; lapho lolo suku lokubuyela eSiyoni lufika, konke kuyophethwa. Ngubani ongafisi ukubuyela eSiyoni ngokushesha? Ngubani ongafisi ukuba uBaba namadodana babuye bahlangane ngokushesha? Kungakhathaleki ukuthi zithokozeleka kangakanani izinjabulo zezwe, azikwazi ukubamba inyama yethu; siyophuma enyameni yethu bese siphindela ndawonye eSiyoni. Ngubani ongalokotha aphazamise? Ngubani ongalokotha abeke izithiyo? Nakanjani ngeke ngibaxolele! Ngiyoshanela zonke izithiyo. (Isizathu sokuba ngithi angikwazi ukubuyela khona manje eSiyoni yingenxa yalokhu. Ngenza lo msebenzi wokuhlanza, futhi ngesikhathi esifanayo nengifakazela ngaso amadodana Ami angamazibulo; le misebenzi emibili iqhubeka ngesikhathi esifanayo. Lapho umsebenzi wokuhlanza usuphethiwe, kuyoba yisikhathi Sami sokwambula amadodana angamazibulo. “Izithiyo” ziyisibalo esikhulu sabenzi bomsebenzi, kungakho ngithi le misebenzi emibili yenzeka kanyekanye.) Ngiyokwenza amadodana Ami angamazibulo ahambe Nami siye emaphethelweni ezulu nomhlaba, ezintabeni nemifula nazo zonke izinto; ngubani ongalokotha avimbe lokhu? Ngubani ongalokotha aphazamise lokhu? Isandla Sami asidedeli muntu kalula; ngaphandle kwamadodana Ami angamazibulo, ngiyabathukuthelela futhi ngibaqalekise bonke. Kuwo wonke umhlaba akukho noyedwa umuntu othola izibusiso Zami; bonke bahlangana nesiqalekiso Sami. Kusukela ekudalweni komhlaba, akekho engibusisile; ngisho nalapho nginikeze izibusiso kube ngamazwi nje, akukaze kube ngokoqobo, ngoba ngimzonda ngokwedlulele uSathane; angisoze ngambusisa, ngiyomjezisa kuphela. Kusekugcineni kuphela, emuva kokuba sengimnqobe ngokuphelele uSathane nokunqoba okuphelele kube Ngokwami, lapho ngiyonika khona bonke abenzi bomsebenzi izibusiso ezibonakalayo, futhi ngibenze babe nenjabulo ekudumiseni Mina, ngoba wonke umsebenzi Wami uzobe usufeziwe.

Empeleni isikhathi Sami ngeke sisaba side. Uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha sezolufika esiphethweni phambi kwamehlo enu. (Impela kuphambi kwamehlo enu. Akuyona eyokwenzeka esikhathini esizayo; ungakubona lokhu ngesimo senhliziyo Yami.) Ngiyohambisa amadodana Ami angamazibulo ekhaya eSiyoni. Abanye abantu bayothi, “Ngoba ngokwamadodana Ami angamazibulo kuphela, kungani uchitha isikhathi esiyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Futhi kungani udale abantu abaningi kangaka?” Ngithe ngaphambili konke oKwami kuyigugu. Kungenzeka kanjani ukuthi amadodana Ami angamazibulo angabi ngaphezulu kwalokho? Ngiyobagqugquzela bonke ukuze bangisebenzele, futhi ngaphezu kwalokho, ngiyokwambula amandla Ami, ukuze wonke umuntu abone ukuthi kuwo wonke umhlaba akukho neyodwa into engekho ezandleni zethu, akukho noyedwa umuntu ongasisebenzeli, futhi akukho nokukodwa ukufezwa okungenzelwa thina. Ngiyofeza konke. Kimi akukho mqondo wesikhathi; nakuba ngiqonde ukuphetha uhlelo futhi ngiphethe umsebenzi Wami eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha, Kimi konke kukhululekile futhi kumahhala. Ngisho noma kungaphansi kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, kuphela nje, ngokubona Kwami, uma isikhathi sesifikile, ngubani ongalokotha akhiphe izwi eliphikisayo? Ngubani ongalokotha ame futhi angehlulele ngokuthanda? Umsebenzi Wami, ngiwenza Ngokwami; isikhathi Sami ngisilungiselela ngoKwami. Akukho muntu, akukho ludaba, akukho nto engalokotha yenze ngenkani; ngiyokwenza konke kungilandele. Kimi akukho okulungile nokungalungile; uma ngithi kulungile, nakanjani kulungile; uma ngithi akulungile, nakho lokho kunjalo. Akufanele uhlale usebenzisa imiqondo yomuntu ukulinganisa Mina! Ngithi amadodana Ami angamazibulo Nami ndawonye sibusisiwe—ngubani ongalokotha enqabe ukuthoba? Ngiyokubhubhisa khona lapho! Wenqaba ukuthoba! Uyahlubuka! Anginasihe nhlobo kuso sonke isintu, ngibazonde kwaze kwafika kuleli phuzu; angikwazi nhlobo ukubekezela ngokwengeziwe. Ngokwami, wonke umhlaba kufanele ubhujiswe ngokushesha—kungaleso sikhathi kuphela okuyofezwa ngaso umsebenzi Wami omkhulu; kungaleso sikhathi kuphela okuyophethwa ngaso uhlelo Lwami lokuphatha; futhi kungaleso sikhathi kuphela okuyoxoshwa ngaso inzondo enhliziyweni Yami. Manje, ngikhathazeka kuphela ngokufakazela amadodana Ami angamazibulo. Zonke ezinye izindaba ngiyozibeka eceleni; ngizokwenza kuqala izinto ezibalulekile, bese ngenza izinto ezilandelayo. Lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami, akekho okufanele aphikise nazo; bonke kufanele balandele engikushoyo, kungenjalo bazoba ngabaqondwe yisiqalekiso Sami.

Manje ngoba umsebenzi Wami ufezekile, ngingaphumula. Kusuka manje kuya phambili, ngeke ngisasebenza, ngiyokwenza amadodana Ami angamazibulo ukuba enze konke engifuna ukukwenzelwa, ngoba amadodana Ami angamazibulo aYimi; amadodana Ami angamazibulo ayisiqu Sami. Lokhu akuyikho okungalungile nakancane; ningalandeli imiqondo bese nahlulela. Ukubona amadodana angamazibulo ngukubona Mina, ngoba siyinto eyodwa futhi efanayo. Noma ngubani osehlukanisayo ngalokho umelana Nami, futhi ngeke ngibaxolele. Emazwini Ami, kukhona izimfihlakalo ezingaqondakali kumuntu. Yilabo kuphela engibathandayo abangangiveza, futhi abekho abanye; lokhu kunqunywa Yimi, futhi akekho ongakuguqula. Amazwi Ami anothile, aphethe konke, futhi awaqondakali. Bonke kufanele bafake amandla amakhulu emazwini Ami, bazame ukuzindla kaningi ngamazwi Ami, bangeqi negama noma umusho owodwa—kungenjalo, abantu bayothola umqondo oyiphutha, futhi bangawaqondi amazwi Ami. Ngithe isimo Sami asibekezeleli kucasulwa, ngiqonde ukuthi amadodana Ami angamazibulo afakazelwe awakwazi ukuphikiswa. Amadodana Ami angamazibulo amelela yonke ingxenye yesimo Sami, ngakho lapho icilongo elingcwele likhala kulapho ngiqala khona ukufakazela amadodana angamazibulo, futhi ngalokho, emuva kwalokhu icilongo elingcwele, eliyisimo Sami, liyoya ngokuya limemezela isimo Sami ezixukwini. Ngamanye amazwi, lapho amadodana angamazibulo ambulwa yisikhathi sokuthi isimo Sami sambulwe. Ngubani ongakuqonda lokhu? Ngithi ngisho nasezimfihlakalweni engizambulile, kusekhona izimfihlaklo abantu abangakwazi ukuzixazulula. Ngobani phakathi kwenu abazame ngempela ukuqonda umqondo wangempela wala mazwi? Ingabe isimo Sami siwubuntu bomuntu njengoba nicabangile? Yeka iphutha! Namuhla, lowo obona amadodana Ami angamazibulo uqondwe yisibusiso futhi ubona isimo Sami—lokhu kuyiqiniso elingephikwe. Amadodana Ami angamazibulo amelela konke okuYimi, ngaphandle kokungabaza nokukodwa ayisiqu Sami. Akekho okufanele akungabaze lokhu! Abalalelayo babusiswe ngomusa, futhi abahlubukayo bayaqalekiswa. Yilokhu engikuyalelayo, futhi akukho muntu ongakuguqula!

Okwedlule: Isahluko 118

Okulandelayo: Isahluko 120

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp