Isahluko 115

Ngenxa yakho, inhliziyo Yami iyojabula kakhulu; ngenxa yakho, isandla Sami siyodansa ngenjabulo, futhi ngiyokunika izibusiso ezingapheli, ngoba ngaphambi kokudala wavela Kimi, futhi namuhla kufanele ubuyele eceleni Kwami, ngoba awuyena owomhlaba noma owezwe kodwa, kunalokho, ungoWami. Ngiyokuthanda kuze kube phakade, ngiyokubusisa kuze kube phakade futhi ngiyokuvikela kuze kube phakade. Yilabo kuphela abavele Kimi abazi intando Yami, futhi yibo kuphela abazokhombisa ukucabangela umthwalo Wami bese benza lokho engifuna ukukwenza. Manje, konke sekufeziwe. Inhliziyo Yami injengembulunga yomlilo, ilangazelela ukuba amadodana Ami athandekayo abuye ahlangane Nami maduze, ilangazelela ukuba isiqu Sami sibuyele ngokuphelele eSiyoni maduze. Unakho ukuqonda okuthile ngalokhu. Nakuba singakwazi ukuhlala silandelana emoyeni, singahlala siphelezelana emoyeni futhi sihlangane enyameni. UBaba namadodana bahlala bengahlukaniseki, baxhumene ngokusondelene. Akekho ongakususa eceleni Kwami kuze kufike usuku lokubuyela eNtabeni eSiyoni. Ngithanda wonke amadodana angamazibulo avela Kimi futhi ngizonda zonke izitha ezingiphikisayo. Ngiyobuyisela bonke engibathandayo eSiyoni futhi ngiphonse labo engibazondayo eHayidesi, esihogweni. Lokhu kuyisimiso sazo zonke izinqumo Zami zokuphatha. Konke amadodana Ami angamazibulo akushoyo noma akwenzayo kuwukuvezwa koMoya Wami. Wonke umuntu kufanele afakazele amadodana Ami angamazibulo ngokuqonda okucacile kwalokhu. Lesi yisinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami, uma noma ngubani emelana Nami, ngiyocela amadodana Ami athandekayo ukuba amqondise. Kwehlukile manje. Uma labo engibathandayo bekhuluma izwi lokwahlulela, uSathane uyofa ngokushesha eHayidesi ngoba senginikeze igunya kumadodana Ami angamazibulo. Lokhu kusho ukuthi kusuka manje kuya phambili, yisikhathi sokuthi amadodana Ami angamazibulo Nami sibuse ngawonye. (Lokhu kusemkhakheni wenyama, okwehlukile kancane ekubuseni ndawonye emzimbeni.) Noma ngubani ongalaleli emcabangweni uyokwehlelwa yisiphetho esifanayo nesalabo abamelana Nami uqobo Lwami. Amadodana Ami angamazibulo kufanele aphathwe njengoba ngiphathwa ngoba siwumzimba owodwa futhi asinakwehlukaniswa. Namuhla amadodana Ami angamazibulo kafanele afakazelwe njengoba ngifakazelwe esikhathini esedlule. Lokhu kungesinye sezinqumo Zami zokuphatha; wonke umuntu kufanele asukume afakaze.

Umbuso Wami ufinyelela emaphethelweni omhlaba, amadodana Ami angamazibulo ahamba afike emaphethelweni omhlaba Nami. Ziningi izinto engizikhulumayo eningaziqondi ngenxa yeziphazamiso zenyama yenu, ngakho iningi lomsebenzi kufanele lenziwe emuva kokubuyela eSiyoni. Kuyabonakala emazwini Ami ukuthi lokhu akukude, sekuzokwenzeka. Ngakho ngihlala ngikhuluma ngeSiyoni nezindaba zaseSiyoni. Ingabe niyazi ukuthi iyini inhloso yamazwi Ami? Ingabe niyazi ukuthi yini ekhona enhliziyweni Yami? Inhliziyo Yami ilangazelela ukubuyela eSiyoni, ukuphetha yonke inkathi endala, ukuphetha ukuphila kwethu emhlabeni (ngoba ngiyabenyanya abantu basezweni, izindaba, izinto futhi ngizonda impilo yasenyameni nangokwengeziwe, futhi iziphazamiso zenyama zinkulu futhi konke kuyochuma kuphela lapho kubuyelwa eSiyoni), nokubuyisa ukuphila kwethu embusweni. Inhloso yokuba Kwami sesimweni somuntu kokuqala kwakuwukubeka isisekelo sokuba Kwami sesimweni somuntu kwesibili. Lokhu kwakuyindlela okwakufanele ihanjwe. Nganginganihlenga nginingenise emzimbeni Wami esigabeni sokugcina ngokuzinikela kuSathane kuphela. (Uma kwakungeve kungenxa yokuba Kwami sesimweni somuntu sokuqala, ngangingeke ngikwazi ukukhazimuliswa, ngangingeke ngikwazi ukuhoxisa umnikelo wesono, ngakho kwakufanele nifike emhlabeni njengezoni.) Ngenxa yokuthi nginokuhlakanipha okungapheli, ngenxa yokuthi nganihola nganikhipha eSiyoni, nakanjani ngiyonibuyisela eSiyoni. Imizamo kaSathane yokuvimba indlela ngeke iphumelele ngoba umsebenzi Wami omkhulu kade wafezwa. Amadodana Ami angamazibulo ayafana Nami, angcwele futhi acwebile ngakho ngisazobuyela eSiyoni namadodana Ami angamazibulo futhi ngeke sihlukane.

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha luya ngokuya lwambulwa kini. Ngiqalile ukwenza umsebenzi Wami kuzo zonke izizwe naphakathi kwabo bonke abantu. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi isikhathi lapho ngibuyela eSiyoni asikude kakhulu ngoba ukwenza umsebenzi Wami kuzo zonke izizwe naphakathi kwabo bonke abantu yinto eyokwenziwa emuva kokubuyela eSiyoni. Isivinini Sami siya ngokuya sishesha. (Ngoba usuku engiyobuyela ngalo eSiyoni luyasondela, ngifuna ukuqeda umsebenzi Wami emhlabeni ngaphambi kokubuyela.) Ngiya ngokuya ngiba matasatasa ngomsebenzi Wami futhi nokho uya ngokuya uncipha umsebenzi okufanele ngiwenze emhlabeni, kucishe kungabi nalutho nhlobo. (Ukuba matasatasa Kwami kuqondiswe emsebenzini oseMoyeni, ongakwazi ukubonwa ngumuntu ngehlo lenyama kodwa ongabonakala emazwini Ami kuphela; ukuba matasatasa Kwami akufani nokuba matasatasa enyameni, kodwa kubhekise ekuhleleni Kwami imisebenzi eminingi.) Lokhu kungenxa yokuthi, njengoba ngishilo, umsebenzi Wami emhlabeni sewuphethwe ngokuphelele futhi wonke omunye umsebenzi Wami kufanele ulinde ngize ngibuyele eSiyoni. (Isizathu sokuthi kufanele ngibuyele eSiyoni ngiyosebenza yingoba umsebenzi wesikhathi esizayo awukwazi ukufezwa enyameni, futhi ukuba lo msebenzi bewenziwa enyameni, ubuyoletha ihlazo egameni Lami.) lapho nginqoba izitha Zami bese ngibuyela eSiyoni, impilo iyoba yinhle futhi ibe nokuthula ngokwengeziwe kunempilo engaphambi kwezinkathi. (Lokhu kungenxa yokuthi ngiwunqobe ngokuphelele umhlaba, futhi ngenxa yokuba Kwami sesimweni somuntu kokuqala nokuba sesimweni somuntu kwesibili ngikhazinyuliswe ngokuphelele. Ekubeni Kwami sesimweni somuntu kokuqala, ngakhazimuliswa ingxenye kuphela kodwa, ekubeni Kwami sesimweni somuntu kwesibili, isiqu Sami sikhazimuliswa ngokuphelele, futhi awasekho amathuba okusetshenziswa kabi nguSathane. Ngakho, impilo yesikhathi esizayo eSiyoni iyoba yinhle futhi ibe nokuthula ngokwengenziwe.) Isiqu Sami siyobonakala ngokukhazimula okwengeziwe phambi komhlaba noSathane ukuze sehlise udrako omkhulu obomvu, lokhu kuwumongo wakho konke ukuhlakanipha. Lapho ngikhuluma ngokwengeziwe ngezinto zangaphandle, nikwazi ngokwengeziwe ukuqonda; lapho ngikhuluma ngokwengeziwe ngezinto zaseSiyoni abantu abangakwazi ukuzibona, niyocabanga ngokwengeziwe ukuthi lezi zinto azinalutho futhi kuyoba lukhuni ngokwengeziwe ukuba nizicabange, futhi niyocabanga ukuthi ngixoxa izinganekwane. Nokho, kufanele niqaphele; awekho amazwi angenalutho emlonyeni Wami, amazwi aphuma emlonyeni Wami athembekile. Nakuba kulukhuni ukuwaqonda ngendlela yenu yokucabanga, lokhu kuyiqiniso elingephikwe. (Ngenxa yemikhawulo yenyama, abantu abakwazi ukukuqonda ngokuphelele nangokugcwele lokho engikushoyo, futhi izinto eziningi engizishilo angizambulile ngokuphelele, kodwa lapho sibuyela eSiyoni, ngeke ngidinge ukuchaza, niyoqonda ngokwemvelo.) lokhu kufanele kuthathwe njengokubalulekile.

Nakuba abantu benemikhawulo yenyama nomqondo, ngisafuna ukwenza ngcono ukucabanga kwenu okunokufa bese ngilwa nemiqondo yenu ngezimfihlakalo ezambuliwe ngoba sengisho izikhathi eziningi ukuthi kuyisinyathelo somsebenzi Wami (lo msebenzi ngeke ume kuze kungenwe eSiyoni.) Kukhona iNtaba iSiyoni emqondweni wawo wonke umuntu futhi yehlukile kuwo wonke umuntu. Ngoba ngilokhu ngithinta iNtaba iSiyoni, ngizonitshela ulwazi olujwayelekile ngayo ukuze nazi okuncane ngayo. Ukuba seNtabeni iSiyoni kuwukubuyela endaweni yokomoya. Nakuba kubhekise endaweni yokomoya, akuyona indawo abantu abangenakuyibona futhi bayithinte; lokhu kumayelana nomzimba. Akukhona ukuthi ayibonakali noma ayithinteki nhlobo ngoba lapho umzimba ubonakala unesimo nesakhiwo kodwa lapho umzimba ungabonakali awunasimo noma isakhiwo. ENtabeni iSiyoni, ngeke kube nokukhathazeka ngokudla, izingubo, izidingo zansuku zonke nompheme, noma kube khona umshado noma umndeni futhi ngeke kube khona ukwahlukana ngobulili (bonke labo abaseNtabeni iSiyoni bayisiqu Sami, basemzimbeni owodwa, ngakho akukho mshado, umndeni nokwahlukaniswa ngobulili), futhi konke isiqu sami esikhuluma ngakho kuyofezeka. Lapho abantu bengazelele, isiqu Sami siyobonakala phakathi kwabo futhi lapho abantu benganakile, isiqu Sami siyonyamalala. (Abantu abayinyama negazi abakwazi ukufeza lokhu, ngakho kulukhuni kini ukukucabanga manje.) Esikhathini esizayo lisayoba khona ilanga, inyanga nezulu nomhlaba okubonakalayo, kodwa ngoba isiqu Sami siyoba seSiyoni ngeke kube khona ukuhangula kwelanga noma imini kanye nokuhlushwa yizinhlekelele zemvelo. Lapho ngithi ngeke sidinge isibani noma ukukhanya kwelanga ngoba uNkulunkulu uzosinika ukukhanya, ngangikhuluma ngokuba seSiyoni. Ngokokuqonda kwabantu, konke okusezulwini nasemhlabeni kufanele kususwe futhi bonke abantu baphile ekukhanyeni Kwami. Bacabanga ukuthi lokhu kuwumqondo wangempela wokuthi “ngeke sidinge isibani noma ukukhanya kwelanga ngoba uNkulunkulu uzosinika ukukhanya,” kodwa kuyisihumusho esingalungile. Lapho ngithi “nyanga zonke, umuthi uyothela izinhlobo zezithelo eziyishumi nambili,” ngangibhekise ezindabeni zaseSiyoni. Lo musho umele konke ngempilo yaseSiyoni, ESiyoni, isikhathi ngeke sibe nomkhawulo futhi ngeke kube khona umkhawulo wokwakheka komhlaba nendawo. Kungakho ngithe “nyanga zonke.” “Izinhlobo zezithelo eziyishumi nambili” azimele ukuziphatha eniphila ngakho namuhla, kubhekise empilweni yenkululeko eSiyoni. La mawi ayisithombe esejwayelekile sempilo yaseSiyoni. Kulokhu umuntu uyabona ukuthi impilo eSiyoni iyoceba futhi iyoba nokuningi okwehlukene (ngoba “ishumi nambili” limele ukugcwala lapha). Kuyoba yimpilo engenalusizi nezinyembezi, ngeke kube nokusetshenziswa kabi noma ukucindezelwa ngakho bonke bayokhululwa futhi bakhululeke. Lokhu kungenxa yokuthi konke kukhona ngaphakathi kwesiqu Sami, akekho ongakwahlukanisa, futhi konke kuyoba umbono wobuhle nobusha obuphakade. Kuyoba yisikhathi lapho konke kulungile, kuyoba ukuqala kwempilo yethu emuva kokubuyela eSiyoni.

Nakuba umsebenzi Wami emhlabeni uphothulwe ngokuphelele, ngisadinga ukuba amadodana Ami angamazibulo asebenze emhlabeni, ngakho angikakwazi ukubuyela eSiyoni, ngiyobuyela eSiyoni kanye namadodana Ami angamazibulo emuva kokuba eseqede umsebenzi wawo emhlabeni. Ngale ndlela, kungabizwa ngokuzuza inkazimulo ndawonye, lokhu kuyoba ngukubonakaliswa okuphelele kwesiqu Sami. (Ngithi umsebenzi wamadodana Ami angamazibulo emhlabeni awukapheli ngoba amadodana Ami angamazibulo awakabonakaliswa. Lo msebenzi kufanele wenziwe ngabenzi bomsebenzi abethembekile nabaqotho.)

Okwedlule: Isahluko 114

Okulandelayo: Isahluko 116

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp