Isahluko 92

Wonke umuntu uyakubona ukuba Kwami Kwami namandla onke nokuhlakanipha Kwami emazwini engiwakhulumayo nasezintweni engizenzayo. Noma kuphi lapho ngiya khona, umsebenzi Wami ukhona. Izinyathelo Zami azikho eChina kuphela kodwa, okubaluleke ngokwengeziwe, zikuzo zonke izizwe zomhlaba. Abokuqala ukwamukela leli gama, nokho, yizizwe eziyisikhombisa kuphela okukhulunywe ngazo ngaphambili, ngoba lezi yizinyathelo zomsebenzi Wami, futhi maduze nizocacelwa ngokuphelele ngawo futhi nizowuqonda ngokuphelele. Uma nginitshela manje, ngesaba ukuthi iningi liyowa, njengoba ngishilo ngaphambili ukuthi ngikhuluma kini futhi ngikhipha iphimbo Lami ngokuhambisana neziqu zenu ezingokomoya, futhi konke engikwenzayo phakathi kukho kukhona ukuhlakanipha Kwami okungapheli okungekho muntu ongakuqonda; nginganitshela nje kuphela kancane kancane. Yazini lokhu! Nihlala ningabantwana emehlweni Ami; kuso sonke isinyathelo enisithathayo kufanele niholwe Yimi futhi nilawulwe Yimi. Bantu, ningaphila izimpilo zenu zonke ngaphansi kokuqondiswa Yimi kuphela, kungenjalo akukho muntu ongakwazi ukuqhubeka nokuphila. Umhlaba wonke kanye nezulu kusezandleni Zami, kodwa awungiboni ngiyaluza. Kunalokho, ngikhululekile futhi ngijabule. Abantu abakwazi ukuba Kwami namandla onke futhi bonke balangazelela ukuzizwa bekhathazekile Ngami—naze nazazi kancane! Nisabukisa ngodoti wenu phambi Kwami, nizincoma nina! Kudala ngabona ngale kwalokhu. Futhi nenza ubuqili phambi Kwami, zonakalo ezenyanyekayo! Phumani endlini Yami njengamanje! Angizifuni izinto ezinjengani. Ngingamane ngingabi namuntu nhlobo embusweni Wami, kunokufuna uhlobo lwenu lwezonakali ezenyanyekayo! Bewazi ukuthi vele angisasebenzi kuwena? Ngaphandle kokuthi usadla futhi usagqoka njengokujwayelekile! Kodwa bewazi yini ukuthi uphilela uSathane? Ukuthi usebenzela uSathane? Nokho usenesibindi sokuma phambi Kwami! Awunamahloni!

Ngaphambili, ngangihlala ngithi, “Izinhlekelele ezinkulu zizokwehla maduze; izinhlekelele ezinkulu sezehlile zisuka ezandleni Zami.” Zibhekise kuphi “izinhlekelele ezinkulu”, futhi kufanele kuchazwe kanjani lokhu kuthi “sezehlile”? Nicabanga ukuthi lezi zinhlekelele zibhekise ezinhlekeleleni ezingabalekeleki ezilimaza umoya, umphefumulo nomzimba womuntu, futhi nicabanga ukuthi “ukuzamazama komhlaba, indlala nezinhlupho” engikhuluma ngakho yilezi zinhlekelele ezinkulu. Kodwa eningakwazi ukuthi niwahumushe ngokuneyikho amazwi Ami. Futhi nicabanga ukuthi lo “sezehlile” usho ukuthi izinhlekelele ezinkulu seziqalile; lokhu kuyahlekisa! Empeleni nikuqonda ngale ndlela, futhi emva kokuzwa incazelo yenu ngithukuthela ngempela. Imfihlakalo abantu ebebengakwazi ukuyixazulula (imfihlakalo efihlakele kakhulu) yimfihlakalo futhi ehunyushwe kabi ngokwedlulele kuzo zonke izinkathi. Ngaphezu kwalokho, le mfihlakalo iyinto okungekho muntu oseke wahlangana nayo ngaphambili (njengoba le mfihlakalo ibonakala kuphela ezinsukwini zokugcina, futhi kusenkathini yokugcina kuphela lapho umuntu eyokwazi ukuyibona khona kodwa akazi) ngoba ngiyayivalisisa futhi umuntu akakwazi nhlobo ukungena kuyo (akakwazi nokubona ngisho ingxenyana yayo). Manje ngoba umsebenzi Wami uqhubeke wafika kulesi sigaba, ngininika amandla ngokuhambisana nezidingo zomsebenzi Wami, kungenjalo beningeke nibe nandlela yokuqonda. Manje ngiqala ukuhlanganyela futhi wonke umuntu kufanele aqaphele, kungenjalo lowo ongaqikeleli, kuhlanganisa amadodana Ami angamazibulo, uyokwehlelwa ukwahlulela Kwami, futhi ezimweni ezibucayi kakhulu bayoshaywa bawiswe yisandla Sami (okusho ukuthi umoya wabo, umphefumulo nomzimba kuyothathwa). Izinhlekelele ezinkulu zikhulunywa mayelana nazo zonke izinqumo zokuphatha zombuso Wami, futhi sonke isinqumo Sami sokuphatha siyingxenye yezinhlekele ezinkulu. (Izinqumo Zami zokuphatha azambuliwe ngokuphelele kini, kodwa ningakhathazeki noma nihlupheke ngalokhu; kukhona izinto ezithile ezizonilethela umhlomulo omncane uma ningazazi ngaphambi kwesikhathi kakhulu. Khumbulani lokhu! NginguNkulunkulu ohlakaniphile.) Pho iyiphi enye ingxenye? Izinhlekelele ezinkulu ziqukethe izingxenye ezimbili: izinqumo Zami zokuphatha ziwulaka Lwami. Isikhathi sokwehla kwezinhlekelele ezinkulu kuyoba futhi yisikhathi engiyoqala ngaso ukuvutha wulaka bese ngisebenzisa izinqumo Zami zokuphatha. Lapha ngitshela amadodana Ami angamazibulo: Kufanele niqiniseke ukungonakali ngenxa yalokhu. Ngabe sewukhohliwe ukuthi zonke izinto nazo zonke izindaba zimiswe ngaphambili Yimi? Madodana Ami, ningesabi! Ngiyokuvikela nakanjani, uyothokozela izibusiso ezinhle Nami kuze kube phakade, futhi uyoba ndawonye Nami kuze kube phakade. Ngoba uyisithandwa Sami, ngeke ngikushiye; ngoba angizenzi izinto ezinobuwula, uma ngibhidliza into ephothulwe ngobunzima, bekungeke kube ngizigwaza ngowami? Ngiyakwazi okucabangayo enhliziyweni yakho. Usukhumbulile? Yini enye ofuna ngiyisho? Ngizokhuluma ngokwengeziwe ngezinhlekelele ezinkulu. Isikhathi okuyokwehla ngaso izinhlekelele ezinkulu siyoba ngesesabeka kakhulu futhi ziyokwambula ikakhulu ububi bomuntu. Lonke uhlobo lobuso bobudimoni luyodalulwa ekukhanyeni kobuso Bami futhi ngeke abe nendawo yokucasha, indawo yokukhosela; ayodalulwa ngokuphelele. Umphumela wezinhlekelele ezinkulu uyoba ukwenza bonke labo abangeyibo abakhethiwe nabanqunyelwe ngaphambili baguqe phambi Kwami futhi bacele ukuthethelelwa, ngokukhala nokugedla kwamazinyo. Lokhu ngukwahlulela Kwami uSathane, ukwahlulela Kwami okunolaka. Njengamanje ngenza lo msebenzi futhi mhlawumbe kukhona abantu abathile abafisa ukwenza sengathi banezimfanelo bese bengena ngokungethembeki, kodwa lapho benje ngokwengeziwe uSathane usebenza ngokwengeziwe kubona, baze bafike eqophelweni lapho izimo zabo zokuqala zambulwa.

Angijahile ukwenza umsebenzi Wami, futhi ngihlela wonke umuntu Ngokwami (lokhu kubenza ihlaya futhi kufakazela ukuthi bayinzalo kadrako omkhulu obomvu futhi angibanaki, ngakho akulona ihaba ukusebenzisa “ukuhlela”), futhi ngenza isenzo ngasinye Ngokwami. Konke kuyaphumelela Kimi, futhi kuyimpumelelo ephephile neqinisekisiwe; konke engikwenzayo, isinyathelo ngesinyathelo, sekulungiselelwe. Nginitshela ngentando Yami nangomthwalo Wami kancane kancane. Kusuka kuleli qophelo kuya phambili, amazwi Ami aqala ukubonakala kuzo zonke izizwe nakubo bonke abantu. Ngoba amadodana Ami angamazibulo asephelelisiwe (ukugxila kwamazwi Ami kusemadodaneni Ami nakubantu Bami), indlela engisebenza ngayo isiqalile ukuguquka futhi. Nikubona ngokucacile lokhu? Nilizwile iphimbo lamazwi Ami kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule? Ngiduduza amadodana Ami angamazibulo kuso sonke isinyathelo sendlela, kodwa kusuka manje kuya phambili (ngoba amadodana Ami angamazibulo asevele aphelelisiwe) ngiphatha ummese esandleni Sami (okungamazwi aqine kakhulu). Lowo engingambuki ngokumthanda (okusho labo abanganqunyelwe ngaphambili noma abangakhethiwe, ngalokho kungekho ukuphikisana), anginandaba noma bayangisebenzela, noma uma bengenye into, ngiyobasusa ngokushesha. NginguNkulunkulu onamandla onke futhi ngingabenza bonke abantu bangisebenzele. Angingabazi nhlobo ukwehlukana nalolo hlobo lomuntu; uma ngithi angibafuni khona-ke angibafuni. Manje ngoba lesi sikhathi sifikile, ngidinga nje kuphela ukubona umuntu ongangithokozisi futhi ngiyomlahla ngokushesha ngaphandle kokuphenya. Ngoba nginguNkulunkulu oligcinayo izwi Lakhe. Kulabo engibanqumele ukuba bangisebenzele, noma ngabe ulunge kangakanani futhi wenze noma yini engedelelayo noma cha, uma ungangijabulisi khona-ke ngiyokuxosha. Angesabi zinkinga zesikhathi esizayo. Nginezinqumo Zami zokuphatha, ngiyaligcina izwi Lami futhi izwi Lami liyofezeka. Bengingamgcina uSathane? Ngizweni, nina bantu! Anidingi ukwesaba; kufanele uphume lapho ngikucela ukuba uphume. Ungabeki izaba Kimi ngoba anginamazwi engingawasho kuwe! Ngoba sengibe nesineke esingaka, futhi isikhathi sokuphoqelela izinqumo Zami zokuphatha sifikile futhi usuku lwenu lokugcina nalo lulapha. Iminyaka eyizinkulungwane benonakele futhi nihlala nenza izinto ngendlela enokuphikelela, enenkani, kodwa bengihlala ngibekezela (ngoba ngimnene futhi ngivumela inkohlakalo yenu ukuba ifinyelele ezingeni elithile). Kodwa manje usuku lokugcina lozwelo Lwami lufikile futhi isikhathi sifikile sokuba nithathwe futhi niphonswe echibini lomlilo nesibabuli. Phuthumani nisuke endleleni. Ngiqala ukuphoqelela ngokusemthethweni ukwahlulela Kwami nokudedela ulaka Lwami.

Kuzo zonke izizwe nakuzo zonke izindawo zomhlaba, ukuzamazama komhlaba, indlala, izinhlupho, lonke uhlobo lwezinhlekelele kwenzeka kaningi. Njengoba ngenza umsebenzi Wami omkhulu kuzo zonke izizwe nakuzo zonke izindawo, lezi zinhlekelele ziyovela kanzima ngokwengeziwe kunakuso sonke esinye isikhathi kusuka ekudalweni komhlaba. Lokhu ngukuqala kokwahlulela Kwami bonke abantu; kodwa amadodana Ami angakhululeka, akukho nhlekelele eyonehlela, futhi ngiyonivikela (okusho ukuthi kamuva niyophila emzimbeni, kodwa hhayi enyameni, ngakho ngeke nizwe ubuhlungu banoma iyiphi inhlekelele). Niyoba ndawonye Nami nje nibusa njengamakhosi futhi nahlulela zonke izizwe nabo bonke abantu, nithokozela izibusiso ezinhle kanye Nami kuze kube phakade emhlabeni wonke nasemaphethelweni omhlaba. La mazwi onke azofezeka maduze phambi kwamehlo enu. Angilibali ngisho ngehora elilodwa noma usuku olulodwa, ngenza izinto ngokushesha okungakholakali. Ungakhathazeki noma uhlupheke, futhi isibusiso engikunika sona siyinto okungekho muntu angakwephuca yona—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Bonke abantu bayongilalela ngenxa yezenzo Zami; ngeke kuphela bahalalise futhi bahalalise, kodwa ngaphezu kwalokho bayogxuma futhi bagxume ngenjabulo.

Okwedlule: Isahluko 91

Okulandelayo: Isahluko 93

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp