Isahluko 91

UMoya Wami ukhuluma futhi uphimisa iphimbo Lami njalo—bangaki phakathi kwenu abangaziyo? Kungani kufanele ngibe yinyama bese ngiza phakathi kwenu? Lokhu kuyimfihlakalo enkulu. Nicabanga Ngami futhi nilangazelela Mina lonke usuku, futhi niyangidumisa, niyangithokozela futhi nidle niphinde niphuze Mina nsuku zonke, kodwa futhi nanamuhla anikangazi. Naze nangazi lutho futhi naba yizimpumputhe! Naze nangazi kancane! Bangaki phakathi kwenu abacabangalela intando Yami? Okungukuthi, bangaki phakathi kwenu abangaziyo? Nonke niyizinhlobo ezingamaqili, ezimbi, kodwa futhi nisafuna ukwanelisa intando Yami? Khohlwani! Ngithi kini, kungakhathaleki ukuthi izenzo zikaSathane zinhle kangakanani, konke kwenzelwa ukubhidliza isakhiwo Sami nokuphazamisa ukuphatha Kwami. Kungakhathaleki ukuthi wenza kahle kanjani, ingqikithi yakhe ayiguquki—iyangedelela. Ngakho, abantu abaningi bengazi bashaywa bawiswe yisandla Sami futhi bengazi bayaxoshwa emndenini Wami. Namuhla, akukho lutho (noma lukhulu noma luncane) oluhlelwa umuntu futhi lonke lusezandleni Zami. Uma noma ngubani ethi zonke izinto zingaphansi kokulawula komuntu khona-ke ngithi uyangedelela, futhi nakanjani ngiyokusola kanzima futhi ngingakushiyeli ndawo nhlobo yokuphumuza ikhandla lakho. Yini, kukho konke, engaphethwe ezandleni Zami? Yini engahlelwa Yimi noma inqunywe Yimi? Futhi usakhuluma ngokungazi! Kungamanga asobala. Ukhohlise abanye ngakho ucabanga ukuthi ungakhohlisa Nami futhi? Ucabanga ukuthi uma engekho okwaziyo okwenzile, ngeke kube namphumela? Ungacabangi ukuthi uyophunyuka kalula! Kufanele ngikwenze uguqe phambi Kwami bese ukukhuluma. Akwamukeleki ukungakhulumi; lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha!

Uyaqonda ngempela ukuthi uMoya Wami ungubani, nokuthi ungubani umuntu enginguye? Kuyini ukubaluleka kokuba ngibe senyameni? Ngubani phakathi kwenu ozindlile ngokucophelela udaba olubaluleke njengalolu futhi wamukela isambulo esithile Kimi? Niyazikhohlisa! Kungani ngithi uyinzalo kadrako omkhulu obomvu? Namuhla ngikwambulela imfihlakalo yokuba Kwami sesimweni somuntu, imfihlakalo umuntu ongakaze akwazi ukuyambula kusuka ekudakweni komhlaba, esilethele engibazondayo incithakalo. Futhi kunjalo namuhla. Ngenxa yenyama Yami, abaningi engibathandayo baphelelisiwe. Kungani ngempela kufanele ngibe yinyama? Futhi kungani nginomfanekiso Wami wamanje (zonke izinto ezinjengobude, ukubukeka nesiqu sokungokomoya njll.)? Ngubani ongasho okukodwa ngakho? Kunokubaluleka okukhulu ekubeni Kwami sesimweni somuntu okungakwazi nhlobo ukushiwo. Ngizokutshela nje manje ingxenye yakho (njengoba izinyathelo zomsebenzi Wami sezihambe zafika lapha, ngakho kufanele ngenze lokhu futhi ngisho lokhu): Ukuba Kwami sesimweni somuntu ikakhulu kuqondiswe emadodaneni Ami angamazibulo, ukuze ngiweluse futhi ukuze axoxe futhi akhulume Nami ubuso nobuso; kukhombisa ngaphezu kwalokho ukuthi Mina namadodana Ami sisondelene (okusho ukuthi sidla ndawonye, sihlala ndawonye, siphila ndawonye futhi senza ndawonye), ukuze ondliwe Yimi kokungokoqobo—lawa akuwona amazwi angenalutho kodwa kungokoqobo. Ngaphambili, abantu babekholwa Kimi kodwa bengakwazi ukuqonda okungokoqobo, futhi lokhu kwakungenxa yokuthi ngangingakabi sesimweni somuntu. Namuhla, ukuba Kwami sesimweni somuntu kunivumela nonke ukuba niqonde okungokoqobo futhi sivumela labo abangithanda ngobuqotho ukuba bangazi ngokukhuluma Kwami nokuziphatha nezimiso ezingemuva kwendlela engiphatha ngayo izindaba—uNkulunkulu ohlakaniphile uqobo Lwakhe. Kuvumela futhi labo abangangifuni ngobuqotho ukuba babone ingxenye Yami ewubuntu Bami ezenzweni Zami ezingabonakali bese ngalokho bengedelela, futhi bese befa “ngaphandle kwesizathu nhlobo,” beshaywa bawiswe Yimi. Ekujabhiseni uSathane, ukuba sesimweni somuntu kungethulela ubufakazi obuqanda ikhanda; angikwazi ukuphuma enyameni kuphela kodwa futhi ngingaphila ngaphakathi enyameni. Angivinjwa yindawo noma ukwakheka komhlaba, Kimi akukho zithiyo nhlobo futhi konke kugeleza kahle. USathane uhlazeke kakhulu ngaleli phuzu, futhi lapho ngiphuma enyameni, ngisasebenza ngenyama Yami, futhi angithintekile nhlobo. Ngisahamba ezintabeni, emifuleni, emachibini, nakuwo wonke amagumbi omhlaba nenqwaba yezinto ezikuwo. Ngibe sesimweni somuntu ukuze ngambule bonke labo abazalwa Yimi kodwa abaphakamele ukungedelela. Ukuba angibanga yinyama, kwakungeke kube nendlela yokubambula (okusho ukuthi labo abenza ngendlela enye phambi Kwami nangenye ngemuva Kwami). Ukuba ngangilokhu ngiwuMoya, abantu babeyongikhonza emiqondweni yabo, futhi babeyocabanga ukuthi nginguNkulunkulu ongenasimo futhi okungafinyeleleki Kuye. Ngisesimweni somuntu namhlanje njengokuphambene nemiqondo yabantu (ngikhuluma ngobude nokubukeka Kwami), ngibukeka njengomuntu ojwayelekile futhi ngingemude kakhulu. Yileli phuzu elijabhisa uSathane kakhulu futhi liwukuphikiswa okunamandla kakhulu kwemiqondo yabantu (ukuhlambalaza kukaSathane). Ukuba ukubukeka Kwami kwakwehlukile kokwabo bonke abanye abantu khona-ke lokho kwakuyoba nenkinga—wonke umuntu wayeyongikhonza futhi angiqonde ngokwemiqondo yakhe, futhi wayengeke akwazi ukwethula lobo bufakazi obuhle Ngami. Ngakho ngazithathela umfanekiso enginawo namuhla, futhi akulukhuni neze ukukuqonda. Wonke umuntu kufanele aphume emibonweni yomuntu futhi angakhohliswa ngamacebo kaSathane obuqili. Esikhathini esizayo ngiyonitshela okwengeziwe ngokulandelana, ngokuhambisana nezidingo zomsebenzi Wami.

Namuhla, umsebenzi Wami uyaphumelela futhi uhlelo Lwami luyafezeka. Ngizuze iqembu labantu ababambisana Nami ngomqondo owodwa, ohlangene. Lokhu kuyisikhathi Sami esikhazimula kakhulu. Amadodana Ami athandekayo (bonke labo abangithandayo) bayakwazi ukuba nenhliziyo nomqondo owodwa Nami ekuphetheni kanye Nami zonke izinto engidinga ukuzenza—okuyinto emangalisayo. Emva kwanamuhla, labo enginganelisekile ngabo ngeke babe nomsebenzi woMoya oNgcwele. Okungukuthi, ngizobasusa labo abangahambisani nalokho engikushilo esikhathini esedlule. Abantu kufanele bahambisane ngokuphelele nalokho engikushoyo. Khumbula lokhu! Kungukuhambisana ngokuphelele. Ungaqondi ngokungalungile; konke kuncike Kimi. Bantu, ningakhulumi ngemibandela Nami. Uma ngithi ufanelekile khona-ke kubhalwe etsheni, futhi uma ngithi awufanelekile, ungabonakali unobuhlungu bese ugxeka iZulu nomhlaba—konke kungamalungiselelo Ami. Ngubani owenza ukuba ungazihloniphi? Ngubani owenza ukuba wenze lobo buwula obuyihlazo? Ngisho noma ungasho lutho awukwazi ukufihla iqiniso Kimi. Ngibhekise kubani uma ngithi nginguNkuunkulu uqobo Lwakhe ohlola inhliziyo yomuntu engaphakathi kakhulu? Ngikusho kulabo abangathembekile. Nenza lolo hlobo lwento ngemuva kwami, aninamahloni kakhulu. Ngabe nifuna ukungikhohlisa? Akulula kanjalo! Sukani lapha ngokushesha! Madodana okuhlubuka! Awuzithandi, awuzihloniphi! Awunandaba nawe, kodwa usafuna ngikuthande? Khohlwa! Angifuni ngisho oyedwa walezi zonakali. Bonke bazosuka lapha! Lokhu kuletha ihlazo elibi kakhulu egameni Lami futhi ngeke kusize ningakuboni ngokucacile lokhu. Kufanele nizivikele ekungcolisweni yinoma yikuphi ukungcola kule nkathi endala enobubi nokonakala; kufanele nibe ngcwele ngokuphelele futhi ningangcoli. Namuhla, labo abafanele ngokwanele ukubusa njengamakhosi kanye Nami yilabo abangangcolisiwe nayikuphi ukungcola, ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi angifuni muntu ohlaza igama Lami. Mayelana nalaba, bathunywe nguSathane ukungivivinya futhi kulo lonke iqiniso bayizinceku zikaSathane okufanele zidudulelwe emuva (ziphonswe emgodini ongenamkhawulo).

Umndeni Wami ungcwele futhi awungcolile, futhi ithempeli Lami lihle kakhulu futhi linobukhosi (okusho labo abanalokho engiyikho nenginakho). Ngubani olokotha angene futhi ngokunganaki asuse umsindo? Ngokuqinisekile ngeke ngibaxolele. Bayobhujiswa ngokuphelele futhi kufanele bahlazwe kakhulu. Ngenza ngokuhlakanipha. Ngaphandle kommese, ngaphandle kwesibhamu futhi ngaphandle kokuphakamisa umunwe, ngiyonqoba ngokuphelele labo abangedelelayo nabahlaza igama Lami. Nginomusa omkhulu, futhi ngesivinini esiqinile ngiqhuba umsebenzi Wami ngisho lapho uSathane enza ukuphazamisa okunjalo; angikunaki futhi ngiyamnqoba ngokuphetha kohlelo Lwami lokuphatha. Lokhu kungamandla nokuhlakanipha Kwami, futhi ngaphezu kwalokhu kuyingxenye encane yenkazimulo Yami engapheli. Emehlweni Ami, labo abangidelelayo banjengezinambuzane ezihaqazela othulini engingazihlifiza ngaphansi konyawo ngokuhambisana nezinhloso Zami, noma nini. Nokho, ngenza izinto ngokuhlakanipha. Ngifuna amadodana Ami angamazibulo ukuba ayobaqondisa; angijahile. Ngenza ngendlela, ngendlela ehlelekile, futhi ngaphandle kwephutha ngempela. Lawo madodana angamazibulo azalwa Yimi kufanele abe nengiyikho, futhi akwazi ukubona ukuhlakanipha kwami okungapheli ezenzweni Zami!

Okwedlule: Isahluko 90

Okulandelayo: Isahluko 92

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp