Isahluko 90

Bonke labo abayizimpumputhe kufanele basuke Kimi futhi bangahlali ngisho umzuzu, ngoba labo engibafunayo yilabo abangaziyo, abangibonayo nabazuza zonke izinto ngempela Kimi. Futhi ngubani ngempela ongazuza zonke izinto Kimi? Ngempela bakhona abambalwa abayilolu hlobo lwabantu futhi nakanjani bazothola izibusiso Zami. Ngiyabathanda laba bantu futhi ngizobakhetha ngamunye ngokulandelana ukuthi babe ngabasizi Bami, babe yizibonakaliso Zami, futhi ngiyokwenza ukuthi zonke izizwe nabo bonke abantu bangidumise bangaphezi, behalalisa njalo ngenxa yalaba bantu. O, Ntaba iSiyoni! Phakamisa ibhanela lokunqoba futhi ungihalalisele! Ngoba ngiya kuwo wonke umhlaba nasemaphethelweni omhlaba, ngifinyelela kuwo wonke amagumbi ezintaba, imifula nazo zonke izinto, bese ngibuyela lapha futhi. Ngibuya ngokunqoba nokulunga, ukwahlulela, ulaka nokushisa, futhi nangaphezu kwalokho nangamadodana Ami angamazibulo. Zonke izinto engizenyanyayo nabo bonke abantu, izindaba, nezimpahla engizenyanyayo ngizilahla kude. Nginqobile futhi ngiqede konke engifuna ukukwenza. Ngubani olokotha athi angiwuqedile umsebenzi Wami? Ngubani olokotha athi angiwazuzile amadodana Ami angamazibulo? Ngubani olokotha athi angibuyile ngokunqoba? Ngokuqinisekile bawuhlobo lukaSathane, futhi bayilabo abakuthola kunzima ukuthola intethelelo. Bayizimpumputhe, bangamadimoni angcolile futhi ngibenyanya kakhulu. Kulezi zinto ngiyoqala ukwambula ulaka Lwami nokuphelela kokwahlulela Kwami, futhi, ngomlilo Wami ovuthayo, ngishise izulu nomhlaba kufike emaphethelweni onke, ngikhanyise onke amagumbi—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha.

Lapho usuqonde amazwi Ami, kufanele uthole induduzo kuwo; akufanele uwavumele edlule enganakiwe. Amazwi okwahlulela ehla nsuku zonke, ngakho kungani niyiziwula futhi nindikindiki? Kungani ningabambisani Nami? Nizimisele kangako ukuya esihogweni? Ngithi nginguNkulunkulu wesihawu kumadodana Ami angamazibulo, amadodana nabantu Bami, ngakho nikuqonda kanjani lokhu? Lokhu akuyona inkulumo elula. Futhi kufanele iqondwe ngokubukwa ngasohlangothini oluhle. O, sintu esiyizimpumputhe! Nginisindise izikhathi eziningi, nganikhipha ekubanjweni nguSathane nasekusolweni ukuze nithole isethembiso Sami, ngakho kungani ningakhombisi kucabangela inhliziyo Yami? Kungenzeka ukuba noma yimuphi kini asindiswe ngale ndlela? Ukulunga, ubukhosi nokwahlulela Kwami akukhombisi sihe kuSathane. Kodwa kini, kungokokunisindisa, nokho anikwazi nje ukuqonda isimo Sami, noma ukwazi izimiso ezingemuva kwezenzo Zami. Benicabanga ukuthi ngenza ngokunganaki isihluku sezenzo Zami, noma abantu abaqondwe yikho—naze naba nokungazi! Ngiyakwazi ukubona ngokucacile bonke abantu, izigameko nezinto. Ngiqonda ngokucacelwa okuphelele ingqikithi yawo wonke umuntu, okusho ukuthi, ngibona ngokuphelele ngaphakathi kwezinto umuntu azigodle ngaphakathi kwakhe. Ngingabona ngokucacile uma umuntu engujezebeli noma isifebe, futhi ngiyazi ukuthi ubani wenzani ngasese. Ungabukisi ngokuhle kwakho phambi Kwami—sonakali! Suka lapha manje! Ukuze ugweme ukuhlaza igama Lami, anginawo umsebenzi walolo hlobo lomuntu! Abakwazi ukufakazela igama Lami, kodwa kunalokho benza okuphambanayo futhi baletha ihlazo emndenini Wami! Bayoxoshwa endlini yami ngokushesha. Angibafuni. Ngeke ngikubekezelele ukulibala ngisho okomzuzwana! Kulabo bantu akunalusizo kungakhathaleki ukuthi bafuna kanjani, ngoba embusweni Wami bonke bangcwele futhi abanakungcola. Kuhlanganisa abantu Bami, uma ngithi angifuni umuntu othile ngiqonde khona; ungalindi ukuthi ngiguqule umqondo Wami. Anginandaba nokuthi ubulunge kanjani Kimi ngaphambili!

Ngambula izimfihlakalo kini nsuku zonke. Niyayazi indlela Yami yokukhuluma? Ingabe ngizambula ngokuhambisana nani izimfihlakalo Zami? Niyazi? Nihlala nithi nginguNkulunkulu onihlinzekayo ngesikhathi esifanele, ngakho niziqonda kanjani lezi zingxenye? Ngambula izimfihlakalo Zami kini ngazinye ngokulandelana ngokuhambisana nezinyathelo zomsebenzi Wami, futhi nginihlinzeka ngokuhambisana nohlelo Lwami, futhi nangaphezu kwalokho ngokuhambisana neziqu zokungokomoya zenu zangempela (ukuhlinzeka kukhulunywa ngakho kubhekiswe kuwo wonke umuntu embusweni). Indlela Yami yokukhuluma inje: Kubantu abasendlini Yami ngiyaduduza, ngiyabahlinzeka futhi ngiyabahlulela; kuSathane angikhombisi sihe, futhi konke kuwulaka nokusha. Ngiyosebenzisa izinqumo Zami zokuphatha ukuxosha endlini Yami ngamunye labo engingabanqumele ngaphambili noma engingabakhethanga. Akukho sidingo sokuzizwa nikhathazekile. Emva kokubenza bambule izimo zabo zokuqala (emva kokwenzela amadodana Ami umsebenzi ekugcineni), bayobuyela emgodini ongenamkhawulo, noma kungenjalo ngeke baluyeke lolu daba futhi ngeke ngiyeke. Abantu bahlala bekhuluma ngesihogo neHayidesi. Kodwa ingabe la mazwi amabili abhekisephi, futhi uyini umehluko phakathi kwawo? Ingabe ngempela abhekise egunjini elithile elibandayo, elimnyama? Umqondo womuntu uhlala uphazamisa ukuphatha Kwami. becabanga ukuthi imicabango yabo engatheni mihle impela. Kodwa iyimicabango yabo nje. IHayidesi nesihogo kokubili kubhekise ethempelini lokungcola obekuhlala kulo uSathane noma imimoya emibi. Lokhu kusho ukuthi, lowo ngaphambili obengenwe nguSathane noma imimoya emibi, nguye oyiHayidesi futhi nguye oyisihogo—akukho phutha! Lokhu kungakho bengilokhu ngigcizelela ngokuphindaphinda esikhathini esedlule ukuthi angihlali ethempelini lokungcola. Ingabe Mina (uNkulunkulu uqobo Lwakhe) ngingaphila eHayidesi, noma esihogweni? Ngeke lokho kube ngumbhedo ongenamqondo? Ngikushilo lokhu izikhathi eziningi kodwa anikakuqondi engikushoyo. Kuqhathaniswa nesihogo, iHayidesi likhohlakaliswe kanzima ngokwengeziwe nguSathane. Labo abangabeHayidesi yilabo isimo sabo esibucayi kakhulu, futhi angibanqumele nhlobo ngaphambili laba bantu; labo abangabesihogo yilabo engibanqumele ngaphambili, kodwa base besuswa. Ngokukubeka kalula, angikhethile ngisho oyedwa kulaba bantu.

Abantu bavame ukuzikhombisa ukuthi bangongcweti ekuqondeni amazwi Ami ngokungalungile. Ukuba angikhombanga futhi ngacacisa ngokusobala izinto kancane kancane, ngubani phakathi kwenu obengaqonda? Nikholwa kuphela ngokuyingxenye ngisho amazwi engiwakhulumayo, ingasaphathwa eyezinto ezingakaze zikhulunywe ngaphambili. Manje, imibango yangaphakathi iqalile ngaphakathi kwazo zonke izizwe: Izisebenzi zibanga nabaholi, abafundi nothisha, izakhamuzi neziphathimandla zikahulumeni, nazo zonke izigameko ezinjengalezi ezenza udlame ziqala ukuvela kuzo zonke izizwe, futhi kuyingxenye eyodwa nje engisebenzelayo. Futhi kungani ngithi ingenzela umsebenzi? Ingabe ngithokozela ishwa labantu? Ngiyahlala nginganaki? Nakanjani cha! Ngoba lo nguSathane ekhahlela ngezinhlungu zokugcina zokufa, futhi ngasohlangothini oluphambene, lokhu kusebenza njengesiqhathaniso semisebenzi Yami emangalisayo. Konke kuwubufakazi obunamandla obungifakazelayo, futhi yisikhali sokuhlasela uSathane. Lapho nje zonke izizwe zomhlaba zilwela izwe nethonya, amadodana Ami angamazibulo Nami sibusa njengamakhosi ndawonye futhi siyabaqondisa, futhi ngokungephikwe kungaphezulu kokucabanga kwabo ukuthi ngaphansi kwalezi zimo zemvelo ezenyanyekayo, umbuso wami ufezwa ngokuphelele phakathi kwabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho bebanga amandla futhi befisa ukwahlulela abanye, abanye bahlulela bona futhi bashiswa wulaka Lwami—kwaze kwadabukisa! Umbuso Wami uyafezeka phakathi kwabantu—kwaze kwaba yisigameko esikhazimulayo!

Ukuba ngumuntu (noma abantu bombuso Wami noma inzalo kaSathane), kufanele nonke nibone izenzo Zami ezimangalisayo, kungenjalo ngeke ngiyiyeke le ndaba. Ngisho nizimisele ukwamukela ukwahlulela Kwami, ngeke kwanele uma ningazibonile izenzo Zami ezimangalisayo. Bonke abantu kufanele bakholwe ngenhliziyo, ngezwi nangokubona, futhi akekho ongavunyelwa edlule. Bonke abantu kufanele banginikeze inkazimulo. Ekugcineni, ngiyokwenza ngisho udrako omkhulu obomvu asukume angidumise ngenxa yokunqoba Kwami. Lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha—uyosikhumbula? Bonke abantu kufanele badumise Mina ngokungapheliyo futhi banginike inkazimulo!

Okwedlule: Isahluko 89

Okulandelayo: Isahluko 91

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp