Isahluko 89

Akulula ukuhambisana nezinhloso Zami kukho konke okwenzayo; akulona udaba lokuziphoqa ukuthi uzenzise, kodwa kuncike ekuthini ngikunikile yini izinga Lami ngaphambi kokudalwa komhlaba, okwakuncike Kimi. Lokhu akuyona into engenziwa ngabantu. Ngithanda engifisa ukumthanda, futhi lowo engithi uyindodana Yami eyizibulo nakanjani uyindodana eyizibulo, lokhu kulunge ngokuphelele. Ungafuna ukuzenzisa, kodwa lokhu kuyoba yize! Ucabanga ukuthi angikuboni? Ingabe ukuziphatha phambi Kwami kulunge ngokwanele? Ingabe kulula kangako? Phinde! Kufanele ube nesethembiso Sami, ukunqumela ngaphambili Kwami. Ucabanga ukuthi angazi ukuthi wenzani ngemuva Kwami? Wonakele! Phuthuma emuva echibini lomlilo nesibabuli lapho umsebenzi wakho Kimi usuphelile! Ngicasukile, ngigcwala ukwenyanya uma ngikubona. Bonke abangisebenzelayo abangazikhandleli Mina ngokwethembeka, abaqotho futhi abazithibi futhi abaziqondi izinhloso Zami, emva kokuphela komsebenzi wakho, suka phambi Kwami! Kungenjalo, ngizokuxosha! Laba bantu abakwazi ukuhlala endlini Yami (okungukuthi, ibandla) omunye umzuzu. Kufanele baphume lapha ukuze bagweme ukuletha ihlazo egameni Lami, babhidlize idumela lami. Laba bantu bonke bayinzalo kadrako omkhulu obomvu, bathunywe ngudrako omkhulu obomvu ukuphazamisa ukuphatha Kwami. Basebenzisa ikhono lokukhohlisa ukuze baphazamise umsebenzi Wami. Madodana Ami! kufanele nikwazi ukubona ngale kwalokhu! Ningazihlanganisi nalaba bantu. Lapho nibona lezi zinhlobo zabantu sheshani niqhele kakhulu kubo ukuze nigweme ukubanjwa yibo bese niletha ukulimala empilweni yenu! Ngibenyanya kakhulu labo bantu abakhuluma ngokunganakekeli, abenza ngaphandle kokucabanga, abancokolayo nje futhi bahleke, abakhuluma okungenamsebenzi. Angifuni muntu kulaba bantu, bonke bawuhlobo lukaSathane! Bechukuluza ngaphandle kwesizathu nhlobo, bayini? Bekhuluma futhi benza umbhedo, ingabe abanahlazo ngalokhu? Empeleni, lolu hlobo lomuntu lubaluleke kancane kakhulu, kade ngabona ngale kwabo, kade ngabashiya. Kungenjalo, kungani bekhuluma umbhedo kaninginingi ngaphandle kokuqondiswa Yimi? Ngempela bayinzalo kadrako omkhulu obomvu! Manje, sengiqale ukususa lezi zinto ngazinye. Ngingasebenzisa inzalo kaSathane njengamadodana Ami angamazibulo, njengamadodana Ami nabantu Bami? Ngeke neze ngenze lokho. Niyakuqonda ngokucacile lokhu?

Konke enihlangana nakho namuhla, noma kuhle noma kubi, konke kulungiselelwe yizandla Zami ezihlakaniphile; konke kuhlelwe, kwalawulwa Yimi. Lokhu nakanjani akuyona into isintu esingayenza kalula. Abanye abantu basajuluka izintende zezandla zabo, bekhathazeka Ngami; ngempela abadingi kukhathazeka! Abanaki umsebenzi wabo ophambili, bengangeni emoyeni kodwa besafuna ukukhula empilweni; bathemba ize! Abakhathazekile nhlobo, kodwa basafuna ukwanelisa izinhloso zabo! Nikhathazeka egameni Lami, kodwa Mina angikhathazeki. Ukhathazekelani? Ekungisebenzeleni kwakho wenza ngokunganaki, ngenkathi uqamba amanga aluhlaza. Ngiyakutshela! Ngizoluxosha lolu hlobo lomuntu endlini Yami kusuka kulo mzuzu kuya phambili. Akufanele ukungisebenzela endlini Yami. Ngiyaluzonda lolu hlobo lomuntu ngoba luyangihlambalaza ngezenzo zalo. Lapho kuthiwa “ukungihlambalaza kuyisono esingathetheleleki,” lokhu kwakubhekiswe kubani? Ingabe niyacacelwa ngalokhu? Lolu hlobo lomuntu lukholwa ukuthi inkinga ayikabi bucayi kangaka ngisho noma enze lesi sono. Ngempela lo muntu odidekile uyimpumputhe, akazi, futhi umoya wakhe uvimbelekile! Ngizokuxosha! (Ngoba lesi yisilingo sikaSathane Kimi, ngisizonda kakhulu kangaka futhi lesi sihloko sekukhulunywe kaningi ngaso, siyangithukuthelisa ngasikhathi sinye lapho kukhulunywa ngaso. Angikwazi ukusibamba, akekho ongasimisa. Ukube bekungekhona ukuthi isikhathi asikafiki, ngabe kade ngibhekane naye.) (lokhu kumayelana neqiniso lokuthi okwamanje kukhona abantu abaningi abangakakholwa ukuthi abakwamanye amazwe bazofuna ukunqwabelana eChina; ngisho namanje abakakholwa, benza ulaka Lwami lugubhe futhi lubile.)

Luhlobo luni lomuntu olufuna inhliziyo Yami endlini Yami? Lokho kusho ukuthi, ngaphambi kokudalwa, luhlobo luni lwabantu engalunqumela ukuba luphile phakade endlini Yami? Niyazi? Nike nacabanga ukuthi luhlobo luni lwabantu engiluthandayo nokuthi luhlobo luni lwabantu engiluzondayo? Indlu Yami ngeyabantu abanomqondo ofanayo Nami, ababelana Nami izikhathi ezimnandi nobunzima, okungukuthi, abantu ababelana kokubili izibusiso nobunzima. Laba bantu bonke bathanda engikuthandayo futhi bazonde engikuzondayo. Balahla engikwenyanyayo. Uma ngithi bangadli, bayazimisela ukuthi balambe ukwanelisa izinhloso Zami. Lolu hlobo lomuntu luzimisele ukuhlala luthembekile Kimi nokuzikhandlela Mina, bakhombisa ukucabangela imizamo Yami enesineke, behlala bengisebenzela kanzima. Ngakho, kulolu hlobo lomuntu nginikeza isikhundla samadodana angamazibulo, ngibanika konke enginakho: Nginekhono lokuhola wonke amabandla, lokhu ngikunika bona; nginokuhlakanipha, lokhu nakho ngikunika bona; ngingahlupheka ngenxa yokwenza iqiniso, futhi ngizonikeza laba bantu ukuzimisela, ngibenze bakwazi ukubekezelela konke ngenxa Yami; nginezinga elihle futhi ngizobanika lona, ngibenze bafane Nami uqobo, kungabi khona nomncane umehluko, ukuze abanye babone Mina lapho bebona laba bantu. Manje, ngibeka ubunkulunkulu Bami obuphelele phakathi kulaba bantu ukubenza baphile ngokwengxenye yobunkulunkulu Bami obuphelele, ukuba ukubonakaliswa Kwami; yile inhloso Yami. Ningafuni ukufana Nami ezintweni ezingaphandle (ukudla Njengami, ukugqoka izingubo ezifanayo Nami), konke lokhu akunamsebenzi, futhi kuphela niyolahlekelwa ubunina lapho nifuna lezi zinto. Lokhu kungenxa yokuthi labo abafuna ukulingisa Mina ngaphandle bayizinceku zikaSathane, futhi lo mzamo uyicebo likaSathane, ukulangazelela kukaSathane. Ufuna ukufana Nami, kodwa ufanele na? Ngizokugxoba ufe! Umsebenzi Wami uhlala wenzeka, usabalalela kuzo zonke izizwe emhlabeni. Landela izinyathelo Zami ngokushesha!

Okwedlule: Isahluko 88

Okulandelayo: Isahluko 90

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp