Isahluko 88

Abantu abakwazi nhlobo ukucabanga izinga isivinini Sami esisheshe ngalo: Kuyisimangaliso esenzekile esingaqondakali kumuntu. Kusuka ekudalweni komhlaba, isivinini Sami silokhu siqhubekele phambili, futhi umsebenzi Wami awukaze ume. Umhlaba wonke uyaguquka usuku ngosuku, ngokunjalo nabantu balokhu beguquka. Konke lokhu kuwumsebenzi Wami, konke kuwuhlelo Lwami, futhi ngaphezu kwalokho, ukuphatha Kwami, futhi akukho muntu owazi noma oqonda lezi zinto. Kulapho kuphela nginitshela Ngokwami, kuphela kulapho ngixoxa nani ubuso nobuso, lapho nazi khona okuncane; kungenjalo, akukho muntu nhlobo onombono wepulani yohlelo Lwami lokuphatha. Anjalo amandla Ami amakhulu, futhi nangaphezu kwalokho, zinjalo izenzo Zami ezimangalisayo. Lezi yizinto okungekho muntu ongaziguqula. Ngakho, engikushoyo kuyenzeka, futhi lokhu ngeke kuguquke nhlobo. Emibonweni yomuntu alukho noluncane ulwazi Ngami—konke kuyinkulumo engenamqondo! Ungacabangi ukuthi usuthole okwanele noma usuthi! Ngiyakutshela lokhu: iseyinde indlela okufanele uyihambe usazokuya kude! Kulo lonke uhlelo Lwami lokuphatha, nazi okuncane kuphela, ngakho kufanele nilalele lokho engikushoyo futhi nenze noma yikuphi enginitshela ukuthi nikwenze. Yenzani ngokwezifiso Zami kuzo zonke izinto, futhi nakanjani niyoba nezibusiso Zami; lowo okholwayo angemukela, kanti lowo ongakholwa uyothola “ize” abelicabanga ligcwaliswe kuye. Lokhu kungukulunga Kwami, futhi, nangaphezu kwalokho, kuwubukhosi, ulaka, nokusola Kwami. Ngeke ngiyeke noma ubani ukuthi aphunyule nanganoma yimuphi umqondo noma isenzo esisodwa.

Lapho bezwa amazwi Ami abantu abaningi bayesaba futhi baqhaqhazele, ubuso babo bube nokuhwaqabala kokukhathazeka. Ingabe ngikonile? Kungenzeka ukuthi awuyena omunye wezingane zikadrako omkhulu obomvu? Wenza sengathi ulungile! Futhi wenza sengathi uyindodana Yami eyizibulo! Ingabe ucabanga ukuthi ngiyimpumputhe? Ingabe ucabanga ukuthi angikwazi ukwahlukanisa phakathi kwabantu? NginguNkulunkulu ohlola ekujuleni kwezinhliziyo zabantu: Yilokhu engikutshela amadodana Ami, futhi yilokhu engikutshela nina, zingane zikadrako omkhulu obomvu. Ngibona konke ngokucacile, ngingenzi nephutha elincane. Kungenzeka kanjani ngingakwazi engikwenzayo? Ngicacelwe ngokuphelele ngakho! Kungani ngithi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe, uMdali wazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Kungani ngithi nginguNkulunkulu ohlola ekujuleni kwezinhliziyo zabantu? Ngazi kahle isimo sawo wonke umuntu. Nicabanga ukuthi angikwazi okufanele ngikwenze noma okufanele ngikusho? Lokhu akuyona inkinga yenu. Qaphelani ukuba ningabulawa yisandla Sami; ngaleyo ndlela niyolahlekelwa. Izinqumo Zami zokuphatha azithetheleli. Niyaqonda? Konke okungenhla kuyingxenye yezinqumo Zami zokuphatha. Kusuka ngosuku enginitshela ngalo, uma kukhona okunye ukona, kuyoba khona impindiselo, ngoba ngaphambili beningaqondi.

Manje ngimemezela kini izinqumo Zami zokuphatha (ezisebenza kusuka ngosuku lokumenyezelwa kwazo, nginikeza ukusola okwehlukene kubantu abahlukene):

Ngiyazigcina izethembiso Zami, futhi konke kusezandleni Zami: Lowo ongabazayo nakanjani uyobulawa. Akukho sikhala sokucabanga; bayobhujiswa ngokushesha, ngalokho basuse inzondo enhliziyweni Yami. (Kusukela manje kuqhubeke kuyaqiniswa ukuthi lowo obulewe akufanele abe ngelinye lamalungu ombuso Wami, futhi kufanele abe yinzalo kaSathane.)

Njengamadodana Ami angamazibulo kufanele nigcine izikhundla zenu futhi nenze imisebenzi yenu kahle, futhi ningabi abantu abathanda izindaba. Kufanele nizinikele ngenxa yohlelo Lwami lokuphatha, konke lapho nihamba khona, kufanele ningifakazele futhi nikhazimulise igama Lami. Ningenzi izinto ezinehlazo; yibani yizibonelo kuwo wonke amadodana Ami nabantu Bami. Ningabi nokungazithibi ngisho umzuzu: Kufanele nihlale nibonakala kuwo wonke umuntu ngomfanekiso wamadodana angamazibulo, futhi hhayi ngokuba njengezisebenzi; kodwa kufanele ninyathela niphakamisele amakhanda phezulu. Nginicela ukuba nikhazimulise igama Lami, ningahlazi igama Lami. Labo abangamadodana angamazibulo ngamunye ngamunye banomsebenzi wabo, futhi abakwazi ukwenza konke. Lokhu kungumthwalo engiwunike nina, okungafanele ulahlwe. Kufanele nizinikele ngayo yonke inhliziyo yenu, ngayo yonke ingqondo yenu nangawo wonke amandla enu, ukuze nifeze lokho enginiphathise khona.

Kusukela manje kuqhubeke, kuwo wonke umhlaba, umsebenzi wokwelusa amadodana Ami nabo bonke abantu Bami unikezwe amadodana Ami angamazibulo ukuze awugcwalise, futhi lowo ongakwazi ukuwufeza ngayo yonke inhliziyo yakhe nayo yonke ingqondo yakhe, ngiyomsola. Lokhu kungukulunga Kwami. Ngeke ngiyeke noma ngithambisele ngisho namadodana Ami angamazibulo.

Uma kukhona noma ngubani phakathi kwamadodana Ami noma abantu Bami ohlekisa futhi athuke oyedwa wamadodana Ami angamazibulo, ngiyomjezisa ngesihluku ngoba amadodana Ami amele Mina uqobo Lwami; lokho umuntu akwenza kuwo, ukwenza naKimi futhi. Lesi yisinqumo Sami sokuphatha esinzima kakhulu. Ngizovumela amadodana Ami angamazibulo, ukuba enze ukulunga Kwami ngokuhambisana nezifiso zawo kunoma ngubani phakathi kwamadodana Ami nabantu Bami owephula lesi sinqumo.

Ngizoshiya kancane kancane noma ngubani ongithatha ngokunganaki nogxila kuphela ekudleni, ekugqokeni nasekulaleni Kwami, enaka kuphela izindaba Zami zangaphandle futhi enganaki ukucabangela umthwalo Wami, futhi enganaki ukufeza umsebenzi wakhe ngokufanele. Lokhu kuqondiswe kubo bonke abanezindlebe.

Lowo oqeda ukungenzela umsebenzi kufanele ngokulalela aqhele futhi angabi nomsindo. Qaphela, uma kungenjalo ngiyobhekana nawe. (Lokhu ngokwenezelwe.)

Amadodana Ami angamazibulo ayothatha induku yensimbi kusuka manje kuya phambili bese eqala ukusebenzisa igunya Lami ukubusa zonke izizwe nabantu, ukuhamba phakathi kwazo zonke izizwe nabantu, kanye nokwenza ukwahlulela, ukulunga, nobukhosi Bami phakathi kwazo zonke izizwe nabantu. Amadodana Ami nabantu Bami bayongesaba, bangidumise, bangihalalisele, futhi bangikhazimulise ngokungaphezi, ngoba uhlelo Lwami lokuphatha lufeziwe futhi amadodana Ami angamazibulo asangabusa Nami.

Lokhu kuyingxenye yezinqumo Zami zokuphatha; ngemva kwalokhu, ngiyobatshela ngokuhambisana nezinga lokuqhubeka komsebenzi. Ezinqumweni zokuphatha ezingenhla niyobona isivinini engenza ngaso umsebenzi Wami, futhi nibone isinyathelo umsebenzi Wami osufike kuso. Lokhu kuzoba ubufakazi.

Sengimahlulele uSathane. Ngoba intando Yami ayiphazanyisiwe futhi ngoba amadodana Ami angamazibulo akhazimuliswe kanye Nami, sengisebenzise ukulunga nobukhosi Bami emhlabeni nakuzo zonke izinto zikaSathane. Angiphakamisi nomunwe noma ngimnake nhlobo uSathane (ngoba akakufanele ukukhuluma Nami). Ngihlala nje ngenza lokho engifuna ukukwenza. Umsebenzi Wami uqhubeka kahle, isinyathelo emva kwesinye futhi intando Yami ayiphazanyiswa emhlabeni wonke. Lokhu kuhlaze uSathane ngokusezingeni elithile, futhi ubhujiswe ngokuphelele, kodwa akuyikafezwa intando Yami. Ngivumela futhi amadodana Ami angamazibulo ukuthi asebenzise izinqumo Zami phezu kwawo. Ngakolunye uhlangothi, engenza uSathane akubone wulaka Lwami olubhekiswe kuye; ngakolunye uhlangothi ngimenza abone inkazimulo Yami (abone ukuthi amadodana Ami angamazibulo awubufakazi obuqanda ikhanda bokuthotshiswa kukaSathane). Angimjezisi mathupha; kunalokho, ngenza amadodana Ami angamazibulo enze ukulunga nobukhosi Bami. Ngoba uSathane ubehlala ehlukumeza amadodana Ami, eshushisa amadodana Ami, futhi ecindezela amadodana Ami, namuhla, emva kokuphela komsebenzi wakhe, ngizovumela amadodana Ami angamazibulo avuthiwe ukuba abhekane naye. USathane akasenamandla emva kokuwa. Ukukhubazeka kwezizwe zonke emhlabeni kuwubufakazi obuhle kakhulu; abantu bayalwa namazwe asempini okuyizibonakaliso ezisobala zokubhidlika kombuso kaSathane. Ukuthi angizange ngikhombise zimpawu nezimangaliso ngaphambili kwakungenxa yokuthobisa uSathane nokukhazimulisa igama Lami, ngezinyathelo ezilandelanayo. Lapho uSathane eseqedwe ngokuphelele, ngiqala ukukhombisa amandla Ami: Lokho engikushoyo kuyenzeka, futhi izinto ezingaphezulu kwemvelo ezingavumelani nemiqondo yomuntu iyofezeka (lokhu kubhekise ezibusisweni ezizofika maduze). Ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ophilayo futhi anginamithetho, futhi ngikhuluma ngokuhambisana nezinguquko ohlelweni Lwami lokuphatha, ngakho-ke engikushilo esikhathini esedlule akuphoqekile ukuthi kusebenze namuhla. Ningabambeleli emibonweni yenu! Angiyena uNkulunkulu othobela imithetho; Kimi konke kukhululekile, kwedlula imvelo, futhi kudedelwe ngokuphelele. Mhlawumbe lokho okushiwo izolo sekwedlulelwe yisikhathi namuhla, noma sekubekelwe eceleni namuhla (nokho, izinqumo Zami zokuphatha, kusuka zimenyezelwa, azisoze zaguquka). Lezi yizinyathelo ohlelweni Lwami lokuphatha. Ungabambeleli emithethweni. Nsuku zonke kukhona ukukhanya okusha, izambulo ezintsha, futhi lokho kuwuhlelo Lwami. Nsuku zonke ukukhanya Kwami kuyokwambulwa kuwe futhi iphimbo Lami liyodedelwa emhlabeni. Uyaqonda? Lo ngumsebenzi wakho, isibopho engisinike wena. Akufanele usidebesele nangesikhathi esincane. Abantu engibavumayo, ngiyobasebenzisa kuze kube sekugcineni, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Ngoba nginguNkulunkulu onamandla onke, ngazi ukuthi luhlobo luni lomuntu okufanele lwenze yiphi into, nokuthi yiluphi uhlobo lomuntu olukwazi ukwenza yiphi into. Yilokhu ukuba Kwami namandla onke.

Okwedlule: Isahluko 87

Okulandelayo: Isahluko 89

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp