Isahluko 93

Amaqiniso afezwa phambi kwamehlo omuntu futhi zonke izinto zifeziwe. Umsebenzi Wami uyashesha, uphakamela phezulu njengerokhethi edutshuliwe, obekungalindelwe muntu. Niyokwazi ukuqonda umqondo wamazwi Ami kuphela emva kokwenzeka kwezinto. Inzalo kadrako omkhulu obomvu ayehlukile futhi kufanele yenziwe ibone izenzo Zami ezimangalisayo ngamehlo ayo. Ungacabangi ukuthi ngeke ngikushiye, manje ngoba uqinisekile Ngami emva kokubona izenzo Zami—akulula kangako! Konke engikushilo nezinto engizinqumile nakanjani ngiyozigcwalisa, futhi ngeke zibuye Kimi zingenalutho. EChina, ngaphandle kwabambalwa abangamadodana Ami angamazibulo, kukhona abambalwa abangabantu Bami. Ngakho namuhla ngisho ngokucacile kini (inzalo kadrako omkhulu obomvu, ongishushise kabi kakhulu) ukuthi akufanele nibambelele emathembeni amakhulu, nokuthi ukugxila komsebenzi Wami (kusuka ekudalweni komhlaba) bekusemadodaneni Ami angamazibulo nasezizweni eziningi ngaphandle kwaseChina. Ngalesi sizathu, lapho amadodana Ami angamazibulo esekhulile, intando Yami iyokwenziwa, (Lapho amadodana Ami angamazibulo esekhulile, zonke izinto ziyokwenziwa, ngoba umsebenzi ongaphambili unikezwe wona.) Manje ngivumela laba bantu ukuba babone ingxenye yezenzo Zami ezimangalisayo ukuze kuphela udrako omkhulu obomvu ahlazwe. Laba bantu abakwazi nhlobo ukuthokozela lokho kodwa bangajabulela kuphela ukuthi bangenzela umsebenzi. Futhi akukho okunye abangakwenza, ngoba nginezinqumo Zami zokuphatha futhi akekho olokotha azicasule.

Manje ngizohlanganyela ngezimo ezithile ezibandakanya ukufika kwabamazwe angaphandle, ukuze nibe nolwazi lwangaphambili ngakho, nilungise konke ukuba kufakazele igama Lami, niyoma phezu kwabo futhi nibabuse. (Ngoba omkhulu kakhulu phakathi kwabo usengomncane kakhulu phakathi kwenu, ngisholo ukuthi nime phezu kwabo futhi nibabuse.) Laba bantu bonke bazuze isambulo sikaMoya oNgcwele futhi kamuva bonke bazoqoqanela ndawonye eChina, kube sengathi kulungiselelwe ngaphambili. Udrako omkhulu obomvu uthathwa engazelele bese ezama ukwenza konke okokuzabalaza, kodwa khumbulani into eyodwa! Uhlelo Lwami lokuphatha selufezeke ngokuphelele, futhi akukho nto namuntu olokotha avimbe izinyathelo Zami. Ngibanika isambulo Sami ngazo zonke izikhathi, futhi benza ngokulandela ukuqondisa kukaMoya oNgcwele. Nakanjani ngeke bezwe izibopho zikadrako omkhulu obomvu, ngoba Kimi konke kuwukudedela nenkululeko. Ngilungiselele zonke izinto ngokufanele, ngilinde ukuthi nilungise umsebenzi wokulungiselela ukubelusa. Bengihlala ngisho lokhu kini esikhathini esedlule, kodwa iningi lenu lisakholwa ngokuyingxenye. Siyini isimo Manje? Nididekile, akunjalo?

Lezi zinto zonke ziyalandela; into ephambili ukuba nilungise wonke umsebenzi wokulungiselela ngokushesha okungenzeka. Ningethuki. Lowo owenza umsebenzi Yimi futhi, lapho isikhathi sesifika, ngizokwenza umsebenzi Wami Ngokwami. Ngisakaze udrako omkhulu obomvu waba yizicucu. Lokho kusho ukuthi, uMoya Wami usukile kubo bonke abantu ngaphandle kwamadodana Ami angamazibulo (manje okwenza kube lula ukwambula labo abayinzalo kadrako omkhulu obomvu). Laba bantu baqedile ukungenzela umsebenzi futhi ngizobaphindisela emgodini ongenamkhawulo. (Kusho ukuthi ngeke ngisebenzise muntu kubo. Kusuka manje kuya phambili amadodana Ami angamazibulo ayokwambulwa ngokuphelele futhi labo abaseceleni Kwami nabafanele ukusetshenziswa Yimi bayoba ngamadodana Ami angamazibulo.) Madodana Ami angamazibulo, senithokozela ngokusemthethwenu izibusiso engininika zona (ngoba bonke engibenyanyayo bakhombise ubunjalo babo), futhi kusuka lapho akukho lutho olungedelelayo oluzokwenzeka futhi kini. Ngokwempela niqiniseke ngamaphesenti ayikhulu Ngami. (Lokhu kufezwe ngokuphelele namuhla kuphela, futhi ngangisinqume ngaphambili lesi sikhathi.) Konke enikucabangayo ezinhliziyweni nasemiqondweni yenu uthando Lwami olungapheli, ukungihlonipha, futhi niyangidumisa futhi ninginike inkazimulo ngazo zonke izikhathi. Ngempela niphila ngaphansi kokunakekela nokuvikela kothando Lwami, niphila ezulwini lesithathu. Yeka ukuthula nenjabulo okungenalutho olungalingana nakho! Kungenye indawo abantu abakuthola kunzima ukuyicabanga—indawo yokomoya ngempela!

Zonke izinhlekelele zivela zilandelana, enye inzima ngokwengeziwe kunengaphambi kwayo, futhi isimo siya ngokuya siba manzonzo usuku emva kolunye. Lokhu kungukuqala kuphela kwezinhlekelele, futhi ezengeziwe izinhlekelele ezizofika kamuva azicabangeki kumuntu. Amadodana Ami awaziqondise; lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha futhi yilokhu engakulungiselela kudala. Zonke izimpawu nezimangaliso umuntu angakaze azibone ngaphambili zivela Kimi, zibonakala ngokulandelana kubo bonke abantu (okusho bonke abantu bombuso Wami). Kodwa lokhu kuyinto ezokwenzeka esikhathini esiseduze. Ningakhathazeki. Abantu bonke bakhulumile ngaphambili ngokungena embusweni, pho yimiphi imibandela yokungena embusweni? Futhi uyini umbuso? Ngabe yidolobha eliphathekayo? Aniqondi kahle. Umbuso awukho emhlabeni, noma esibhakabhakeni esibonakalayo, kodwa kunalokho kuyindawo yokomoya engabonakali noma ithintwe ngumuntu. Yilabo kuphela abapheleliswe Yimi ngokugcwele futhi abathokozela izibusiso Zami emva kokwamukela igama Lami abazokwazi ukungena kuwo. Indawo yangokomoya obekuhlala kukhulunywa ngayo ngaphambili iyingaphandle lombuso. Ukungena embusweni ngempela, nokho, akulona udaba olulula. Labo abangena kuwo kufanele bathole isethembiso Sami futhi kufanele kube abantu engibanqumele ngaphambili futhi ngabakhetha Ngokwami. Ngakho-ke indawo yokomoya akuyona indawo lapho abantu bengafika futhi bahambe ngokuthanda kwabo. Ukuqonda kwabantu lokhu kwakukha phezulu futhi kwakuyimiqondo yomuntu kuphela. Yilabo kuphela abangena embusweni abangathokozela izibusiso, ngakho lezi zibusiso azikwazi ukuthokozelwa kuphela ngumuntu, kodwa nangaphezu kwalokho azibonakali, futhi lesi ngesokugcina sezinqumo Zami zokuphatha.

Okwedlule: Isahluko 92

Okulandelayo: Isahluko 94

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp