Isahluko 99

Ngenxa yokuthi isivinini somsebenzi Wami siyakhula, akekho ongahambisana nezinyathelo Zami, futhi akekho ongangena emqondweni Wami, kodwa le ukuphela kwendlela okufanele ihanjwe. Lokhu “ngokufile” (kubhekise ekungakwazini ukuqonda intando Yami, ekungakwazini ukuqonda engikushoyo emazwini Ami; lokhu kungenye incazelo “yokufile,” futhi akusho “ukushiywa nguMoya Wami”) emshweni othi “ukuvuka kwabafileyo,” osekukhunyiwe ngakho. Lapho nina Nami sesiguqukile kulesi sigaba saya emzimbeni, khona-ke umqondo wokuqala wokuvuka kwabafileyo uyogcwaliswa (okungukuthi, lokhu kungumqondo wokuqala wokuvuka kwabafileyo). Manje, yilesi isimo senu: anikwazi ukuqonda intando Yami futhi anikwazi ukuthola izinyathelo Zami. Ngaphezu kwalokho, anikwazi ukuthula emimoyeni yenu, ngakho nizwa ningakhululekile emqondweni. Lolu hlobo lwesimo luyikho kanye “ukuhlupheka” engikushilo, futhi abantu abakwazi ukubekezelela lobu bubi bezinhliziyo. Kolunye uhlangothi nicabanga ngekusasa lenu, ngakolunye namukela ukushisa nokwahlulela Kwami, kuqhamuka kunihlasela nxazonke. Ukwenezela, ephinjeni nangendlela engikhuluma ngayo, ayikho imithetho enikwazi ukuyiqonda, futhi osukwini olulodwa lokukhuluma kukhona izinhlobo eziningi zephimbo, ukuze nihlupheke kakhulu. Lezi yizinyathelo emzebenzini Wami. Lokhu kuwukuhlakanipha Kwami. Esikhathini esizayo niyozwa ukuhlupheka okukhulu ngokwengeziwe kulokhu, konke okwenzelwe ukuba kwambule bonke abantu abazenzisayo—lokhu kufanele kucace manje! Le yindlela engisebenza ngayo. Ngokugqugquzelwa yilolu hlobo lokuhlupheka, futhi emuva kokuzwa lobu buhlungu obulingana nokufa, niyongena kwenye indawo. Niyongena emzimbeni futhi nibuse Nami phezu kwezizwe zonke nakubo bonke abantu.

Kungani bengilokhu ngikhuluma ngephimbo elinesihluku ngokwengeziwe kamuva nje? Kungani iphimbo Lami liguquke kaningi kangaka futhi kungani indlela Yami yokusebenza nayo iguquke kaningi kangaka? Ukuhlakanipha Kwami bekulokhu kukulezi zinto. Amazwi Ami akhulunyelwe wonke umuntu owamukele leli gama (noma bayakholwa noma cha ukuthi amazwi Ami angafezeka), ngakho amazwi Ami kufanele azwakale futhi abonwe yibo bonke abantu, futhi kufanele angacindezelwa ngoba nginendlela Yami yokusebenza futhi nginokuhlakanipha Kwami. Ngisebenzisa amazwi Ami ukwahlulela abantu, ukwambula abantu, nokudalula imvelo yomuntu. Ngalokho, ngikhetha labo engabakhetha, futhi ngisusa labo engingabanqumelanga ngaphambili noma engingabakhethanga. Konke lokhu kuwukuhlakanipha Kwami nokumangalisa komsebenzi Wami. Lena yiyona kanye indlela Yami kulesi sigaba somsebenzi Wami. Phakathi kwabantu, ukhona ongaqonda intando Yami? Phakathi kwabantu, ukhona ongacabangela umthwalo Wami? Lowo owenza umsebenzi Yimi, uNkulunkulu Ngokwakhe. Kuyoba khona usuku lapho niyoqonda ngokuphelele ukubaluleka kwala mazwi Ami, futhi niyocacelwa ngokuphelele ngokuthi kungani ngifuna ukukhuluma la mazwi. Ukuhlakanipha Kwami akunasiphetho, akunamkhawulo, futhi akulinganiseki, futhi ngabantu abakwazi nhlobo ukukufimyelela. Bangabona kuphela ingxenye yako ezintweni engizenzayo, kodwa abakubonayo kusebuthakathaka futhi akuphelele. Lapho seniguquke ngokuphelele ukusuka kulesi sigaba kuya kwesilandelayo, khona-ke niyokwazi ukukubona ngokucacile. Khumbulani! Manje yinkathi eyigugu—yisigaba sokugcina lapho nisenyameni khona. Ukuphila kwenu njengamanje kungukuphila kwenu kokugcina kwenyama. Lapho ningena endaweni yomoya nisuka enyameni, ngaleso sikhathi bonke ubuhlungu buyonishiya. Niyojabula futhi nithokoze kakhulu, futhi niyogxuma ngenjabulo ningaphezi. Kodwa kufanele kunicacele ukuthi la mazwi engiwakhulumayo ngawamadodana angamazibulo kuphela, ngoba ngamadodana angamazibulo kuphela afanele lesi sibusiso. Ukungena endaweni yomoya kuyisibusiso esikhulu kakhulu, isibusiso esiphezulu kakhulu, futhi kuwukuthokoza okubaluleke kakhulu. Manje lokho enikudlayo nalokho enikugqokayo akulutho ngaphandle kwezinjabulo zenyama, futhi kuwumusa, engingenandaba nakho neze. Ukugxila komsebenzi Wami kusesigabeni esilandelayo (ukungena endaweni yomoya futhi nokubhekana nomhlaba).

Ngishilo ukuthi udrako omkhulu obomvu usephonswe phansi Yimi futhi wagxotshwa. Kungenzeka kanjani ukuthi ningawakholwa amazwi Ami? Kungani nisafisa ukubekezelela ukushushiswa nobunzima ngenxa Yami? Ngabe lokhu akulona inani ongadinge kulikhokha? Nginikhumbuzile kaningi ukuthi nidinga kuphela ukuthokoza, ngenkathi Mina ngenza umsebenzi mathupha: Kungani nilangazelela kangaka ukwenza? Ngempela anazi ukuthi kuthokozwa kanjani! Nginilungiselele konke: kungani kungezi muntu Kimi ukuzokuthatha? Anikaqiniseki ngalokhu engikushilo! Aningiqondi! Nicabanga ukuthi ngikhuluma amazwi amnandi angenalutho futhi nididekile ngempela! (Amalungiselelo aphelele engikhuluma ngawo asho ukuthi kufanele nibheke Kimi ngokwengeziwe futhi nithandaze ngokwengeziwe phambi Kwami, lapho Mina ngizosebenza mathupha ukuqalekisa bonke abamelana Nami, nokujezisa bonke abanishushisayo.) Kodwa nalapho anazi lutho ngamazwi Ami! Ngambula zonke izimfihlakalo kini, futhi bangaki kini abawaqonda ngempela? Bangaki kini abawaqonda ngokujulile? Siyini isihlalo Sami sobukhosi? Iyini induku Yami yensimbi? Ngubani owaziyo phakathi kwenu? Lapho kukhulunywa ngesihlalo sobukhosi, abantu abaningi bacabanga ukuthi yilapho engihlala khona, noma ukuthi kubhekise endaweni engihlala kuyo, noma ukuthi kubhekise Kimi, kumuntu engiwuye. Konke lokhu ngukuqonda okunephutha—ngokusobala nje kuyingxoviya edidekile! Akukho kukhona okulungile, kukhona? Lena yindlela nonke enikuqonda nenikubamba ngayo—lokhu kuwukuqonda okuphambuke ngokwedlulele! Liyini igunya? Yini ubudlelwane phakathi kwegunya nesihlalo sobukhosi? Isihlalo sobukhosi siyigunya Lami. Lapho amadodana Ami ephakamisela phezulu isihlalo Sami sobukhosi, leso yisikhathi amadodana Ami angamazibulo ayokwamukela ngaso igunya Kimi. Yimi kuphela enginegunya, ngakho Yimi kuphela enginesihlalo sobukhosi. Ngamanye amazwi, emva kokuthi amadodana Ami angamazibulo ehlupheke ngendlela efanayo neyokuhlupheka Kwami, ayokwamukela lokho engiyikho nenginakho, futhi ayokwamukela konke Kimi, futhi lokhu kuyinqubo abayothola ngayo isikhundla samadodana angamazibulo. Kuyoba yisikhathi lapho amadodana Ami angamazibulo eyophakamisela phezulu isihlalo Sami sobukhosi, futhi kuyoba yisikhathi abayokwamukela ngaso igunya Kimi. Manje kufanele nikuqonde lokhu! Konke engikushoyo kucacile futhi akunamiqondo emibili ukuze wonke umuntu aqonde. Bekani eceleni imiqondo yenu, bese nilindela ukwamukela izimfihlakalo enginambulela zona! Ngakho iyini induku yensimbi? Esigabeni esedlule kwakusho amazwi Ami anesihluku, kodwa manje kwehlukile kokwesikhathi esedlule: Manje induku yensimbi ibhekise ezenzweni Zami, eziyizinhlekelele ezinkulu eziphethe igunya. Ngakho uma nje kukhulunya ngenduku yensimbi, kumayelana negunya. Umqondo wokuqala wenduku yensimbi ubhekise ezinhlekeleleni ezinkulu—iyingxenye yegunya. Wonke umuntu kufanele akubone ngokucacile lokhu futhi kungale ndlela kuphela lapho beyoqonda khona intando Yami futhi bathole ukwambulwa emazwini Ami. Noma ngubani onomsebenzi kaMoya oNgcwele uphethe induku yensimbi esandleni Sakhe, futhi nguye ophethe igunya nonelungelo lokukhipha noma yiphi ezinhlekeleleni ezinkulu. Lesi yisigatshana esisodwa sezinqumo Zami zokuphatha.

Konke kuvulekile kini (kubhekise engxenyeni ekhonjiswe ngokucacile), futhi konke kufihlakele kini (kubhekise engxenyeni eyimfihlo yamazwi Ami). Ngikhuluma ngokuhlakanipha: Ngikwenza uqonde kuphela umqondo osobala wamazwi Ami athile, lapho ngikwenza uqonde umqondo wamanye (kodwa abantu abaningi abakwazi ukuqonda), ngoba lokhu kuwukulandelana komsebenzi Wami. Nginganitshela kuphela umqondo wangempela wamazwi Ami lapho nifika esiqwini esithile esingokomoya. Lokhu kuwukuhlakanipha Kwami futhi lezi yizenzo Zami ezimangalisayo (ukuze nipheleliswe futhi ukuze ninqobe uSathane ngokugcwele futhi nidumaze odeveli). Ngeke niqonde ngokugcwele kuze kube ningena kwenye indawo. Kufanele ngikwenze ngale ndlela ngoba emiqondweni yomuntu kukhona izinto eziningi abantu abangakwazi nhlobo ukuziqonda, futhi ngisho ngikhuluma ngokucacile ngeke niqonde. Imiqondo yabantu, empeleni, inomkhawulo, futhi ziningi izinto enginganitshela zona kuphela emva kokuba seningene endaweni yomoya; kungenjalo inyama yomuntu ayinakwazi futhi lokhu kungaphazamisa nje kuphela ukuphatha Kwami. Lokhu kungumqondo wangempela “wokulandelana komsebenzi Wami” engikhuluma ngakho. Emiqondweni yenu ningiqonda kangakanani? Ngabe ukuqonda kwenu akunaphutha? Ngabe kuwulwazi eninalo emoyeni? Ngakho, kufanele nginenze niguqukele kwenye indawo ukuze niphethe umsebenzi Wami futhi nenze intando Yami. Ngakho ngempela iyiphi le enye indawo? Ngabe ngempela, njengoba abantu becabanga, iwuhlobo lombono oguqukayo? Ngabe ngempela yinto enjengomoya ongabonakali noma ongathinteki, kodwa okhona? Njengoba ngishilo, isimo sokuba semzimbeni ngesokuba nenyama nethambo, sokuba nesakhiwo nomumo. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe futhi akungabazeki, futhi wonke umuntu kufanele akukholwe. Lokhu kuyisimo sangokoqobo emzimbeni. Ngaphezu kwalokho, emzimbeni akukho zindaba abantu abazizondayo. Kodwa empeleni yisiphi lesi simo? Lapho abantu besuka enyameni beya emzimbeni, kufanele kubonakale iqembu elikhulu. Lokho kusho ukuthi, bazosuka ekhaya labo lenyama, futhi kungashiwo ukuthi lowo nalowo uyolandela uhlobo lwakhe: Inyama iqoqanela enyameni futhi umzimba uqoqanela emzimbeni. Manje labo abashiya amakhaya abo, abazali babo, amakhosikazi, abayeni, amadodana, namadodakazi, baqala ukungena endaweni yomoya. Ekugcineni, kuyile ndlela: Isimo endaweni yomoya siwukuthi amadodana angamazibulo abuthana ndawonye, ehlabelela futhi edansa, edumisa futhi ehalalisa igama Lami elingcwele. Futhi lokhu kuyinkundla enhle futhi ehlala iyintsha. Bonke bangamadodana Ami athandekayo, adumisa Mina phakade ngaphandle kokupheza, ephakamisa igama Lami elingcwele phakade. Yilesi isimo emva kokungena endaweni yomoya, lokhu futhi kungumsebenzi emva kokungena endaweni yomoya, futhi lokhu kuyisimo engikhulume ngaso, sokwelusa ibandla endaweni engcwele. Ngaphezu kwalokho, kungukuthi isiqu Sami sibonakala kuzo zonke izizwe zomhlaba naphakathi kwazo zonke izizwe nakubo bonke abantu, siphethe igunya Lami, ulaka Lwami nokwahlulela Kwami, futhi ngaphezu kwalokho, siphethe induku Yami yensimbi ukuze sibuse zonke izizwe nabo bonke abantu. Lokhu, phakathi kwabo bonke abantu nawo wonke umhlaba, kunika Mina ubufakazi obuzamazamisa izulu nomhlaba, benze bonke abantu nazo zonke izinto ezintabeni, emifuleni, emachibini nasemaphethelweni omhlaba zidumise Mina futhi zikhazimulise Mina, futhi zazi Mina, uNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe, onguMdali wezinto zonke, futhi oqondisa konke, ophatha konke, owahlulela konke, ofeza konke, ojezisa konke, futhi obhubhisa konke. Lokhu, khona-ke, kungukubonakala kwesiqu Sami.

Okwedlule: Isahluko 98

Okulandelayo: Isahluko 100

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp