Isahluko 100

Ngiyabenyanya bonke labo abanganqunyelwe ngaphambili futhi abangakhethiwe Yimi. Ngakho-ke kufanele ngikhiphe laba bantu endlini Yami ngabanye ngabanye, ngale ndlela ithempeli Lami liyoba ngcwele futhi lingangcoli, indlu Yami iyohlala iyintsha njalo futhi ingagugi nhlobo, igama Lami elingcwele liyosatshalaliswa kuze kube phakade futhi abantu Bami abangcwele bayoba yizithandwa Zami. Lolu hlobo lombono, lolu hlobo lwendlu, lolu hlobo lombuso luwumgomo Wami, indawo Yami yokuhlala futhi luyisizinda sokudala Kwami zonke izinto. Akekho ongakunyakazisa noma akuguqule. Kuyoba Yimi namadodana Ami athandekayo kuphela siphila ndawonye ngaphakathi kuyo futhi akekho oyovunyelwa ukuba ayinyathele ngaphansi kwezinyawo, akukho okuyovunyelwa ukuba kuhlale kuyo futhi ngaphezu kwalokho akukho okungemnandi okuyovunyelwa ukuthi kwenzeke nhlobo. Konke kuyoba ukudumisa nokuhalalisa, konke kuyoba umbono ongacabangeki kumuntu. Ngilangazelela kuphela ukuthi ninikele wonke Amandla enu Kimi ngayo yonke inhliziyo nomqondo wenu nangakho konke eningakwenza. Noma Ingabe kunamuhla noma kusasa, ukuthi ungumuntu ongenzela umsebenzi noma umuntu ozuza izibusiso, kufanele nonke nifake eyenu ingxenye yamandla ngenxa yombuso Wami. Lokhu kungumthwalo bonke abantu abadaliwe okufanele bawuthathe, futhi kufanele kwenzeke futhi kwenziwe ngale ndlela. Ngizonyakazisa zonke izinto ukuba zenze umsebenzi ukuze ubuhle bombuso Wami benziwe busha njalo, futhi ukuze indlu Yami yenziwe izwane futhi ihlangane. Akekho ovunyelwe ukungedelela, futhi kufanele behlelwe ukwahlulelwa futhi baqalekiswe. Manje iziqalekiso Zami ziqala ukwehlela phezu kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu futhi iziqalekiso Zami zinzima kakhulu kunokwahlulela. Manje sekuyisikhathi sokuqala ukulahla bonke abantu, ngakho kuthiwa yiziqalekiso. Lokhu kungoba manje yinkathi yokugcina futhi akusona isikhathi sokudala. Njengoba izinkathi seziqhubekile, isivinini somsebenzi Wami manje sesehluke kakhulu. Ngenxa yezidingo zomsebenzi Wami, abantu engibadingayo nabo behlukile; labo okufanele balahlwe bayolahlwa; labo okufanele basuswe bayosuswa; labo okufanele babulawe bayobulawa futhi labo okufanele bashiywe bayoshiywa. Lokhu kuwumgudu ongagwemeki ongahlangene nentando yomuntu futhi akukho umuntu ongakuguqula. Kufanele kwenziwe ngokwentando Yami! Ngishiya labo engizobashiya futhi ngisusa labo engizobasusa; lokhu akukwazi ukwenziwa noma kanjani. Ngishiya labo engifisa ukubashiya futhi ngithanda labo engifisa ukubathanda; lokhu kufanele kwenziwe ngokuhambisana nentando Yami! Angenzi ngokwemizwa; Kimi kukhona kuphela ukulunga, ukwahlulela nolaka—akukho mizwa nhlobo. Akukho sandla somuntu Kimi, ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe, isiqu sikaNkulunkulu. Ngoba abantu bonke babona ingxenye Yami ewubuntu Bami futhi abayibonanga ingxenye ewubunkulunkulu Bami. Ngempela bayizimpumputhe futhi badideke kakhulu!

Kufanele nigcine lokho enginitshela khona ezinhliziyweni zenu, kufanele niqonde inhliziyo Yami ngamazwi Ami futhi nikhombise ukucabangela umthwalo Wami, futhi ngalokho nifinyelele ekwazini ukuba Kwami namandla onke futhi nibone isiqu Sami. Ngoba amazwi Ami angamazwi okuhlakanipha futhi akekho okwazi ukuqonda izimiso noma imithetho engemuva kwamazwi Ami. Abantu bacabanga ukuthi ngenza inkohliso nobuqili futhi abangazi ngokwamazwi Ami, kodwa ngokuphambene bayangihlambalaza. Bayizimpumputhe futhi abazi lutho kakhulu! Futhi abanakho nhlobo ukwahlukanisa. Wonke umusho engiwuphimisayo uphethe igunya nokwahlulela futhi akekho ongakuguqula. Lapho amazwi Ami ephuma, izinto ziyofezwa ngokuhambisana namazwi Ami, futhi lokhu kuyisimo Sami. Amazwi Ami ayigunya futhi noma ngubani owaguqulayo udelela ukusola Kwami futhi kufanele ngimshaye ngimwise. Ezimweni ezibucayi bazilethela incithakalo phezu kwezimpilo zabo futhi baya eHayidesi, noma baye emgodini ongenamkhawulo. Lokhu kuyindlela okuwukuphela kwayo engibhekana ngayo nesintu futhi umuntu akanandlela yokuyiguqula—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Khumbulani lokhu! Akekho ovunyelwe ukudelela isinqumo Sami; lokhu kufanele kwenziwe ngokwentando Yami! Esikhathini esedlule, nganginithambisele kakhulu futhi nahlangana namazwi Ami kuphela. Amazwi engawakhuluma ngokushaya ngiwise abantu awakenzeki. Kodwa kusuka namuhla, zonke izinhlekelele (lezi ezihlobene nezinqumo Zami zokuphatha) ziyokwehla ngokulandelana ukuze zijezise bonke labo abangahambisani nentando Yami. Kufanele kufike amaqiniso, kungenjalo abantu ngeke bakwazi ukubona ulaka Lwami kodwa bayokonakala ngokuphindaphindiwe. Lesi yisinyathelo sohlelo Lwami futhi siyindlela engenza ngayo isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Ngisho lokhu kini ngaphambi kwesikhathi ukuze nikwazi ukugwema ukwenza icala bese nehlelwa ukubhubha okuphakade. Okusho ukuthi, kusuka namuhla ngizokwenza bonke abantu ngaphandle kwamadodana Ami angamazibulo bathathe izindawo zabo ezifanele ngokwentando Yami, futhi ngiyobasola ngabanye ngabanye. Ngeke ngidedele ngisho noyedwa kubo. Lokothani nje nonakale futhi! Lokothani nje nihlubuke futhi! Ngishilo ngaphambili ukuthi ngilungile kukho konke ngaphandle kwechashazi lesihawu, futhi lokhu kusebenza ukukhombisa ukuthi isimo sami akufanele sidelelwe. Lesi yisiqu Sami. Akekho ongakuguqula lokhu. Bonke abantu bezwa amazwi Ami futhi bonke abantu babona ubuso Bami obukhazimulayo. Bonke abantu kufanele bangilalele ngokuphelele nokungephikiswe—lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Bonke abantu emhlabeni wonke nasemaphethelweni omhlaba kufanele bangidumise futhi bangikhazimulise, ngoba nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe okungekho lutho olufana Naye, ngoba ngiyisiqu sikaNkulunkulu. Akekho ongaguqula amazwi Ami nengikushoyo, ukukhuluma nokuziphatha Kwami, njengoba lezi kuyizindaba Zami ngedwa, futhi ziyilokho engibe nakho kusuka phakade futhi okuyoba khona kuze kube phakade.

Abantu bagodle inhloso yokungivivinya, futhi bafuna ukuthola abangakusebenzisela ukumelana Nami emazwini Ami, ukuze bangithunaze. Ngizothunazwa yinina? Ngizokwahlulelwa kalula? Ingabe kuyindaba Yami ukuthi kuxoxwe Ngami kalula? Ngempela ningabantu abangakwazi okunilungele! Aningazi neze! Iyini intaba iSiyoni? Iyini indawo Yami yokuhlala? Liyini izwe elihle laseKhanani? Siyini isizinda sendalo? Kungani ezinsukwini ezimbalwa ezedlule bengilokhu ngisho la mazwi? Intaba iSiyoni, indawo yami yokuhlala, izwe elihle laseKhanani, isizinda sendalo konke kushiwo kubhekiswe esiqwini Sami (kubhekiswe emzimbeni). Bonke abantu bacabanga ukuthi yizindawo ezikhona ngempela. Isiqu Sami siyiNtaba iSiyoni futhi siyindawo Yami yokuhlala. Noma ngubani ongena endaweni yomoya uyokhwela intaba iSiyoni futhi uyongena endaweni Yami yokuhlala. Ngadala zonke izinto ngaphakathi kwesiqu Sami, okungukuthi zonke izinto zadalwa ngaphakathi emzimbeni, ngakho uyisizinda. Kungani ngithi niyobuyela emzimbeni kanye Nami? Ulapho umqondo wokuqala. Njengegama “uNkulunkulu”, la mabizo awanamqondo wona nangokwawo, kodwa kunalokho angamagama ahlukene engiwanika izindawo ezehlukene. Ngakho ninganaki kakhulu izincazelo zawo ezisobala, kodwa gxilani kuphela ekuzweni amazwi Ami. Kufanele niwabone ngale ndlela futhi khona-ke niyokwazi ukuqonda intando Yami. Kungani nginikhumbuza ngokuphindaphindiwe ukuthi kukhona ukuhlakanipha emazwini Ami? Bangaki kini abazamile ukuqonda umqondo ongemuva kwalokhu? Nonke nihlaziya ngobumpumputhe futhi anicabangi!

Anikaqondi namanje iningi lezinto engizishilo esikhathini esedlule. Nisele esimweni sokungabaza futhi anikwazi ukwanelisa inhliziyo Yami. Noma ngasiphi isikhathi ningaqiniseka ngawo wonke umusho engiwuphimisayo, lokho kuyoba ngumzuzu lapho impilo yenu ivuthwa khona. Kimi, usuku olulodwa lunjengeminyaka eyinkulungwane futhi iminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa; nicabanga kanjani ngesikhathi engikhuluma ngaso? Nisichaza kanjani? Nisihumusha ngokungeyikho! Futhi ngaphezu kwalokho abantu abaningi basahluphana Nami ngalokhu, befisa ukuthola okuthile abangakusebenzisa ukungiphikisa—anikwazi okunilungele! Qaphela, ngoba uma kungenjalo ngizokushaya ngikuwise! Lapho usuku lufika lapho konke kucaciswa niyoqonda ngokuphelele. Angikanitsheli manje (manje yisikhathi sokudalula abantu futhi wonke umuntu kufanele acophelele futhi aqaphele ukwazi ukwanelisa intando Yami). Ngizodalula bonke abantu ngamazwi Ami futhi izimo zabo zokuqala ziyokwambulwa ukuze kukhonjiswe ukuthi ziyiqiniso noma cha. Uma umuntu eyisifebe noma ujezebeli, kufanele ngimdalule. Ngishilo ngaphambili ukuthi ngenza izinto ngaphandle kokuphakamisa umunwe nokuthi ngisebenzisa amazwi Ami kuphela ukudalula abantu. Angesabi ukuzifihla komuntu; lapho amazwi Ami ekhulunywa, udinga ukwambula isimo sakho sokuqala, futhi kungakhathaleki ukuthi uzifihla kangakanani nakanjani ngiyobona ngale kwalokho. Lokhu kuyisimiso sezenzo Zami—ukusebenzisa kuphela amazwi nokungakhiphi neze amandla. Abantu bazikhathaza ngokuthi amazwi Ami ayagcwaliseka noma cha, bakhathazeka ngenxa Yami futhi bayangihluphekela, kodwa le mizamo empeleni ayidingekile futhi iyintengo elingadingi kukhokhwa. Nikhathazeka Ngami kodwa impilo yenu ivuthiwe na? Nithini ngesiphetho senu? Zibuzeni kaningi futhi ningabi budedengu. Abantu kufanele bonke bacabange ngomsebenzi Wami futhi—ngezenzo namazwi Ami—babone isiqu Sami, babe nolwazi olukhulu ngokwengeziwe Ngami, bazi ukuba Kwami namandla onke, bazi ukuhlakanipha Kwami futhi bazi izindlela namasu engadala ngawo zonke izinto, ngalokho ninginike indumiso engapheli. Ngiyokwenza bonke abantu babone ukuthi izandla zezinqumo Zami zokuphatha zihleli kubani, ngubani engisebenza kuye, yini engifuna ukuyenza futhi yini engifuna ukuyiphetha. Lokhu kuyinto wonke umuntu okufanele ayifeze, ngoba lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha. Ngiyokufeza engikushoyo. Akekho okufanele ahlaziye amazwi Ami kalula, bonke kufanele babone izimiso ngemuva kwezenzo Zami ngamazwi Ami, futhi nasemazwini Ami ukuthi ulaka Lwami luyini, isiqalekiso Sami siyini nokuthi kuyini ukwahlulela Kwami. Lezi zinto zonke zisemazwini Ami futhi ziyizinto okufanele zibonwe nguye wonke umuntu kuwo wonke amazwi Ami.

Okwedlule: Isahluko 99

Okulandelayo: Isahluko 101

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp