Isahluko 98

Zonke izinto zizonehlela nonke, futhi zizonivumela ukuthi nazi okwengeziwe Ngami nokuthi niqiniseke ngokwengeziwe Ngami. Zizonivumela ukuba nazi Mina, uNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe, ukwazi Mina uSomandla, ukwazi Mina uNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe. Kamuva, ngiyophuma enyameni, ngibuyele eSiyoni, ngibuyele ezweni elihle laseKhanani, eliyindawo Yami yokuhlala, eliyindawo engiya kuyo, futhi liyisizinda engadalela kuso zonke izinto. Manje akekho kinina oqonda incazelo yamazwi engiwashoyo, akukho noyedwa umuntu ongaqonda umqondo wala mazwi. Kuyoba kuphela lapho konke kwambulwa kini lapho niyoqonda khona ukuthi kungani ngisho la mazwi. Angiyena owasezweni futhi angiyena owezulu nomhlaba ngoba nginguNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe. Ngiphethe lonke izulu nomhlaba esandleni Sami, Mina Ngokwami ngikuphethe, futhi abantu abangakwenza ukuthobela igunya Lami kuphela, bakhulume igama Lami elingcwele, bangihalalisele futhi bangidumise. Konke kuyoya ngokuya kwambulwa kini. Nakuba kungekho okufihliwe, anikakwazi ukuqonda indlela Yami yokukhuluma, nokuzwakala kwamazwi Ami. Anikaqondi ukuthi uhlelo Lwami lokuphatha lumayelana nani. Ngakho, ngizonitshela kamuva ngazo zonke izinto eningaziqondi kulokho engikushilo ngoba, Ngokwami, konke kulula futhi kucacile kanti, ngokwenu, kulukhuni ngokwedlulele, anikuqondi nje nhlobo. Ngakho-ke, ngizoguqula indlela Yami yokukhuluma, ngeke ngixhumanise izinto ndawonye lapho ngikhuluma kodwa ngizocacisa iphuzu ngalinye.

Kumayelana nani ngempela ukuvuka kwabafileyo? Ingabe kungukufa enyameni bese ubuyela emzimbeni emva kokufa? Ingabe lokhu ukuvuka kwavafileyo? Ingabe kulula kanjalo? NginguNkulunkulu onamandla onke, wazini ngalokhu? Ukuqonda kanjani lokhu? Ingabe ukuvuka ekufeni ngenkathi yokuba Kwami sesimweni somuntu kokuqala ngempela kungathathwa ngomqondo osobala? Ingabe inqubo ngempela yaba njengoba ichazwa embhalweni? Ngishilo ukuthi uma ngingakhulumi ngokusobala, uma ngingaxoxi ngokucacile, akekho oyokwazi ukuqonda incazelo yamazwi Ami. Akukho noyedwa umuntu ezinkathini zonke ongazange acabange ukuthi ukuvuka ekufeni kwakunjalo. Kusuka ekudalweni komhlaba akekho oke waqonda incazelo yangempela yalokhu. Ingabe ngempela ngabethelwa esiphambanweni? Futhi, emva kokufa, ngaphuma ethuneni? Kwaba nje ngempela? Ingabe lokhu kuyiqiniso ngempela? Akekho kuzo zonke izinkathi ofake amandla kulokhu, akekho ofinyelele ekungazini kulokhu futhi akukho noyedwa umuntu ongakholwa, wonke umuntu ucabanga ukuthi lokhu kuyiqiniso. Abazi ukuthi lonke izwi ngalinye Lami linomqondo ocashile. Khona-ke, kuyini ukuvuka ekufeni? (esikhathini esizayo esiseduze, niyokuzwa lokhu, ngakho ngizonitshela ngakho kungakafiki.) Konke okudaliwe kufuna ukuphila kunokufa. Ngokubuka Kwami, ukufa kwenyama akukhona ukufa kwangempela. Lapho uMoya Wami ubuyiswa kumuntu, lowo muntu uyafa. Ngakho-ke, ngibiza wonke lawo madimoni akhohlakaliswe nguSathane (labo abangenalo ukholo, bonke abangakholwa) ngabafile. Kusuka ekudalweni komhlaba, ngenezele uMoya Wami kubo bonke engibakhethile. Nokho, emva kwesigaba esalandela ukudalwa, abantu bangenwa nguSathane isikhathi esithile. Ngakho ngahamba futhi abantu baqala ukuhlupheka (ukuhlupheka engakubekezelela lapho ngiba sesimweni somuntu futhi ngibethelwa esiphambanweni, njengoba kushiwo). Nokho, ngesikhathi esanqunywa Yimi ngaphambili (isikhathi lapho ukushiya Kwami abantu saphela khona), ngabuyisa abantu engangibanqumele ngaphambili futhi ngaphinde ngabeka uMoya Wami kinina ukuze niphinde niphile. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukuvuka kwabafileyo”. Manje, labo abaphila ngempela eMoyeni Wami bonke sebeyayedlula imvelo, futhi bonke baphila emzimbeni. Nokho, kungekude, nizolahla ukucabanga kwenu, nilahle imibono yenu, futhi nilahle konke ukuthandeleka kwezwe kwasemhlabeni. Kodwa, akuyikho, njengoba abantu becabanga, ukuvuka kwabafileyo emva kokuhlupheka. Ukuthi niyaphila manje kungumbandela wokuphila emzimbeni, kuyindlela edingekile yokungena endaweni yomoya. Ukwedlula ebuntwini obujwayelekile engikhuluma ngakho kusho ukungabi namndeni, ukungabi nankosikazi, ukungabi nabantwana nezidingo zomuntu. Kungukubhekana kuphela nokuphila ngomfanekiso Wami, ukubhekana kuphela nokungena phakathi Kimi nokungacabangi ngezinye izinto ezingaphandle Kwami. Konke lapho uhamba khona kuyikhaya lakho, lokhu kungukwedlula ubuntu obejwayelekile. Niwaqonde ngokungeyikho ngokuphelele lawo mazwi Ami, ukuqonda kwenu akujulile neze. Ngiyobonakala kanjani ngempela kuzo zonke izizwe nakubo bonke abantu? Enyameni namuhla? Cha! Lapho kufika isikhathi, ngiyobonakala emzimbeni Wami kuzo zonke izizwe zezulu nomhlaba. Isikhathi lapho abamanye amazwe bedinga ukuba nibeluse asikafiki. Ngaleso sikhathi niyodinga ukuphuma enyameni bese ningena emzimbeni ukuze nibeluse. Lokhu kuyiqiniso kodwa akuyikho “ukuvuka kwabafileyo” abantu abakucabangayo. Ngesikhathi esiqokiwe, niyophuma enyameni ningazi bese ningena emhlabeni womoya futhi nibuse zonke izizwe kanye Nami. Akukabi yisikhathi manje. Lapho ngidinga ukuthi nibe senyameni niyoba senyameni (ngokwezimfuneko zomsebenzi Wami, kufanele nibe nokucabanga manje, kufanele niqhubeke niphile enyameni, ngakho kufanele niqhubeke nenze izinto enidinga ukuzenza enyameni ngokwezinyathelo Zami; ningalindi ningenzi lutho ngoba lokhu kuzolibazisa izinto). Lapho ngidinga ukuthi nenze emzimbeni njengabelusi bebandla, niyophuma enyameni, nilahle ukucabanga kwenu, futhi nethembele Kimi ngokuphelele ukuze niphile. Thembani amandla Ami, thembani ukuhlakanipha Kwami. Konke kuzokwenziwa Yimi Ngokwami. Nidinga kuphela ukulindela ukuthokoza. Zonke izibusiso ziyofika kinina, futhi niyoba nokuhlinzekwa okungenamkhawulo nokungapheli. Lapho lolo suku lufika, niyoqonda isimiso sendlela engikwenza ngayo lokhu, niyokwazi izenzo Zami ezimangalisayo futhi niqonde ukuthi ngiwabuyisela kanjani eSiyoni amadodana Ami angamazibulo. Lokhu ngempela akuyona inkimbinkimbi njengoba nicabanga kodwa futhi akulula njengoba nicabanga.

Ngiyazi ukuthi lapho ngisho lokhu nivele ningakwazi ukuyiqonda nakancane ngokwengeziwe inhloso Yami engemva kokusho lokhu futhi nidideka ngokwengeziwe. Nizokudida nalokhu engikusho ngaphambili bese ningaqondi lutho, kuyobonakala sengathi akukho ndlela yokuphuma. Nokho, ningakhathazeki, ngizonitshela konke. Konke engikushoyo kunomqondo. Ngishilo ukuthi ngingenza izinto ezikhona zibuyele ezeni futhi ngingadala izinto eziningi kokungekho. Ekucabangeni komuntu, ukuze angene emzimbeni esuka enyameni, kufanele umuntu avuke kwabafileyo. Esikhathini esedlule, ngangisebenzisa le ndlela futhi ngaveza isimangaliso Sami esikhulu kakhulu, kodwa namuhla akufani nesikhathi esedlule. Ngizonisusa ngokuqondile enyameni nginiyise emzimbeni. Ingabe lokhu akulona uphawu olukhulu ngokwengeziwenesimangaliso? Ingabe lokhu akusona isibonakaliso esikhulukazi sokuba Kwami namandla onke? Nginohlelo Lwami, nginezinhloso Zami. Ngubani ongekho ezandleni Zami? Ngiyasebenza futhi ngiyazi. Izindlela Zami zokusebenza namuhla, empeleni, zehlukile kwezesikhathi esedlule. Ngilungisa izindlela Zami zokusebenza ngokuhambisana noshintsho ezinkathini. Lapho ngibethelwa esiphambanweni, leyo kwakuyiNkathi Yomusa, kodwa manje sekuyinkathi yokugcina. Isivinini somsebenzi wami siyakhula, akusona isivinini esifana nesesikhathi esedlule, asisincane njengesesikhathi esedlule kodwa, kunalokho, sishesha kakhulu kunesesikhathini esedlule. Akukho nhlobo indlela yokukuchaza, akukho sidingo sezinqubo eziyizinkimbinkimbi eziningi kangaka. Ngikhululekile ukwenza noma yini; akulona yini iqiniso ukuthi kuthatha amazwi ambalwa kuphela ethonya elivela Kimi ukunquma ukuthi intando Yami iyophethwa kanjani nokuthi ngiyoniphelelisa kanjani? Konke engikushoyo nakanjani kuyokwenziwa. Esikhathini esedlule, ngangihlala ngithi ngiyohlupheka, futhi angizange ngivumele abantu ukuba basho ukuhlupheka engangikubekezelele ngaphambili; ukusho lokhu kwakuwukungihlambalaza. Lokhu kungenxa yokuthi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi Kimi akukho bunzima; lapho ukhuluma ngalokhu kuhlupheka wenza abantu bakhale. Ngishilo ukuthi esikhathini esizayo ngeke kube nokububula futhi ngeke kube khona izinyembezi. Kufanele kuchazwe kule ngxenye, futhi-ke umqondo wamazwi Ami ungaqondakala. Incazelo yokuthi “abantu abakwazi nhlobo ukukubekezelela lokhu kuhlupheka” ukuthi ngingasuka kuyo yonke imiqondo nokucabanga kwabantu, ngisuke emizweni yenyama, ngisuke kukho konke okwezwe futhi ngiphume enyameni, futhi ngikwazi ukuma lapho bonke bengiphika. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi nginguNkulunkulu oyedwa uqobo Lwakhe. Ngithe, “Wonke amadodana angamazibulo kufanele angene endaweni yomoya esuka enyameni; lena yindlela okufanele bayithathe ukuze babuse Nami njengamakhosi.” Incazelo yalo musho ithi lapho uhlangana nento okuthe, esikhathini esedlule, wayicabanga, uyophuma enyameni ngokusemthethweni bese ungena emzimbeni ukuze uqale ngokusemthethweni ukwahlulela lawo makhosana namakhosi. Bayokwahlulelwa ngokusekelwe ezintweni ezenzeka ngalesi sikhathi. Nokho, akuyona inkimbinkimbi njengoba nicabanga, kuyokwenzeka ngokuphazima kweso. Ngeke kudingeke ukuthi nivuke kwabafileyo futhi ngeke nidinge nokuthi nihlupheke (ngoba ukuhlupheka nobunzima benu emhlabeni sekuphelile futhi sengishilo ukuthi ngeke ngisabhekana namadodana Ami angamazibulo emva kwalokho). Amadodana angamazibulo ayothokozela izibusiso zawo, njengoba kukhulunyiwe ngakho, eqinisweni elithi niyongena endaweni yomoya ningazi. Kungani ngithi lokhu kuyisihe nomusa Wami? Ukuba umuntu angangena kuphela endaweni yomoya emva kokuvuka kwabafile, lokhu bekuyoba kude nokuba nesihe nomusa. Ngakho lokhu kuwukuvezwa kwesihe nomusa wami okusobala futhi, ngaphezu kwalokho, kwambula ukumisa ngaphambili nokukhetha Kwami abantu. Kwanele ukukhombisa ukuthi siqine kangakanani isinqumo Sami sokuphatha. Ngiyoba nomusa kunoma ngubani engithanda ukuba nomusa kuyena futhi ngibe nesihe kunoma ngubani engithanda ukuba nesihe kuyena. Akekho ongaphikisa noma alwe. Ngiyonquma konke lokhu.

Abantu abakwazi ukukuqonda lokho futhi bazifakela ingcindezi baze bangakwazi ukuphefumula futhi nalapho basazibopha. Ukucabanga kwabantu kunomkhawulo ngempela, ngakho kufanele balahle indlela yokucabanga nemiqondo yobuntu. Ngenxa yalokho, kufanele ngiphume enyameni bese ngingena endaweni yomoya ukuze ngilawule konke, ukuze ngiphathe konke. Lena iyona kuphela indlela yokubusa bonke abantu nazo zonke izizwe nokugcwalisa intando Yami. Akukude. Anikwethembi ukuba Kwami namandla onke, animazi umuntu enginguye. Nicabanga ukuthi ngingumuntu kuphela, anibuboni nhlobo ubunkulunkulu Bami. Izinto ziyophelela noma nini lapho ngifuna ukuba ziphelele. Konke okufunekayo yizwi eliphuma emlonyeni Wami. Ninake kuphela ingxenye yobuntu Bami kulokho engisanda kukusho nawo wonke umnyakazo Wami, kodwa anizange ninake ingxenye yobunkulunkulu Bami. Lokho kusho ukuthi nicabanga ukuthi Nami nginokucabanga nemiqondo. Kodwa ngishilo ukuthi imicabango, imiqondo nengqondo Yami, yonke iminyakazo Yami, konke engikwenzayo nakho konke engikushoyo kungukuvezwa okuphelele kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Nikukhohliwe konke lokhu? Nonke ningabantu abadidekile! Aniwuqondi umqondo wamazwi Ami. Nginivumele ukuba nibone ingxenye yobuntu Bami obejwayelekile kulokho engikushilo (nginivumele ukuba nibone ubuntu Bami obejwayelekile empilweni Yami yansuku zonke, empilweni yangempela, ngoba anikayiqondi ingxenye yobuntu Bami obejwayelekile kulokho engikushilo kulesi sikhathi), kodwa anibuqondi ubuntu Bami obejwayelekile, futhi nizama nje ukubamba into engasetshenziswa ukuphikisa Mina futhi anilawuleki phambi Kwami. Niyizimpumputhe! Anazi lutho! Aningazi! Ngikhulumele ize isikhathi eside kangaka, aningazi nhlobo, anibuboni nhlobo ubuntu Bami obejwayelekile njengengxenye kaNkulunkulu uqobo Lwakhe ophelele! Kungenzeka kanjani ukuthi ngingathukutheli? Ngingenza kanjani ukuthi ngiphinde ngibe nesihawu futhi? Ngingaphendula lezi zingane zokungalaleli ngolaka Lwami kuphela. Nigabadela kakhulu, aningazi kakhulu! Nicabanga ukuthi umuntu enginguye wenze okungalungile! Bengingakwenza okungalungile? Bengingakhetha noma kanjani nje ukuthatha noma yiphi inyama? Ubuntu Bami nobunkulunkulu Bami kuyizingxenye ezimbili ezingahlukaniseki ezakha uNkulunkulu uqobo Lwakhe ophelele. Manje kufanele nicacelwe ngokuphelele ngalokhu! Sengisho konke okufanele ngikusho. Ngeke ngichaze okunye!

Okwedlule: Isahluko 97

Okulandelayo: Isahluko 99

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp