Isahluko 97

Ngiyokwenza wonke umuntu ngamunye abone izenzo Zami ezimangalisayo futhi ezwe amazwi Ami ahlakaniphile. Kufanele kube yiwo wonke umuntu futhi kufanele kube mayelana nalo lonke udaba. Lokhu kuyisinqumo Sami sokuphatha futhi kuwulaka Lwami. Ngiyobandakanya wonke umuntu nalo lonke udaba ukuze bonke abantu emaphethelweni omhlaba onke babone ngamehlo abo, uma kungenjalo ngeke neze ngime. Ulaka Lwami luthululwe lonke futhi kwangagodlwa noluncane. Luqondiswe kumuntu wonke owamukela leli gama (maduze luzophendulelwa kuzo zonke izizwe zomhlaba). Futhi luyini ulaka Lwami? Lunzima kangakanani? Uhlobo olunjani lomuntu okwehlela kuye ulaka Lwami? Abantu abaningi bacabanga ukuthi ulaka luyizinga elinzima kakhulu lentukuthelo, kodwa lokhu akuluchazi ngokugcwele. Ulaka Lwami nezinqumo Zami zokuphatha yizingxenye ezimbili ezingahlukaniseki; lapho ngenza izinqumo Zami zokuphatha, ulaka luyalandela eduze. Ngakho luyini ngempela ulaka? Ulaka luyiqophelo lokwahlulela engikukwehlisela kubantu futhi luyisimiso esingemuva kokwenziwa kwanoma yisiphi sezinqumo Zami zokuphatha. Lowo owaphula esisodwa sezinqumo Zami, ulaka Lwami luyoba ngolwezinga elihambisanayo, kuya ngokuthi yisiphi isinqumo esaphuliwe. Ulaka Lwami luhambisana nezinqumo Zami zokuphatha, futhi kanye nezinqumo Zami zokuphatha kuza ulaka. Izinqumo Zami zokuphatha nolaka kuyinto ephelele engahlukaniseki. Kuwukwahlulela okuqine kakhulu futhi akekho ongakwephula. Bonke abantu kufanele bakuthobele, uma kungenjalo bayokuthola kunzima ukugwema ukushaywa bawiswe yisandla Sami. Abantu bebengazazi nhlobo kuzo zonke izinkathi (nakuba abanye abantu bezwa ubuhlungu obadalwa yizinhlekelele ezinkulu, babelokhu bengazazi; kodwa ikakhulu ziqale ukumiswa manje), kodwa namuhla ngizambula kini zonke, ukuze nigweme ukuzaphula.

Bonke abantu kufanele bezwe iphimbo Lami futhi bakholwe amazwi Ami, kungenjalo ngeke ngenze mnyakazo namsebenzi. Izwi Lami ngalinye nesenzo kuyizibonelo okufanele nizilandele; kuyizibonelo zenu futhi kuyisibonelo okufanele nisilandele. Isizathu sokuba yinyama Kwami ngukuthi nibone engiyikho nenginakho ebuntwini Bami. Esikhathini esizayo, ngiyonenza nibone engiyikho nenginakho ebunkulunkulwini Bami. Izinto kufanele ziqhubeke isinyathelo emva kwesinye ngale ndlela. Kungenjalo, abantu ngeke bakwazi nhlobo ukukholwa, futhi ngeke babe nolwazi Ngami. Esikhundleni salokho kuphela ngeke bakhanyelwe futhi bacacelwe ngemibono futhi ngeke bakwazi ukuba nokuqonda okucacile Ngami. Amazwi Ami akhombisile ukuthi isiqu Sami sibonakale ngokuphelele kinina, ukuthi nje abantu bayiziwula futhi abazi, ngakho-ke bezwa amazwi Ami kodwa balokhu bengangazi. Abantu basangedelela njengoba ngisesimweni somuntu samanje, ngakho-ke ngisebenzisa ulaka Lwami nezinqumo Zami zokuphatha ukujezisa le nkathi endala embi futhi enokonakala kanye nokuhlaza uSathane nodeveli ngokugcwele. Lena yiyona ndlela okuwukuphela kwayo, iyisiphetho sesintu, futhi yisiphetho esilindele isintu. Umphumela uyisiphetho esilindelekile okungekho ongasiguqula noma azikhiphe kuso ngokukhuluma kwakhe. Yimi kuphela onezwi lokugcina; lokhu kuwukuphatha Kwami futhi kuwuhlelo Lwami. Abantu kufanele bonke bakholwe futhi baneliseke enhliziyweni nangezwi. Labo abathola inhlanhla kulokhu kuphila nakanjani bayohlupheka kuze kube phakade, kanti labo abahluphekayo kulokhu kuphila nakanjani bayobusiswa kuze kube phakade—lokhu ngikumise ngaphambili futhi akekho ongakuguqula. Akekho ongaguqula inhliziyo Yami futhi akekho ongenezela ngisho izwi elilodwa emazwini Ami, ingasaphathwa eyokuvunyelwa ukususa noma yiliphi izwi kalula nje; nakanjani ngiyosola zonke izoni.

Izimfihlakalo Zami zambulwa kini nsuku zonke—niyaziqonda ngempela? Niqinisekile ngempela ngazo? Niyakwazi ukubona lapho uSathane enikhohlisa? Lokhu kunqunywa ngokuhambisana neziqu zenu zokungokomoya empilweni. Ngenxa yokuthi ngithi zonke izinto zimiswa Yimi ngaphambili, kungani-ke ngiba sesimweni somuntu mathupha ukuze ngiphelelise amadodana Ami angamazibulo? Ngaphezu kwalokho, kungani ngenze umsebenzi omningi kangaka abantu abacabanga ukuthi awunamsebenzi? Ingabe Yimi engididekile? Khumbulani lokhu! Konke engikwenzayo kwenziwa hhayi ukuze ngizuze amadodana Ami angamazibulo kuphela kodwa ngokubalulekile okwengeziwe kwenziwa ukuze kuhlaze uSathane. Nakuba engedelela, kodwa nginamandla okwenza inzalo yakhe imhlubuke, futhi iphenduke idumise Mina. Ngaphezu kwalokho, konke engikwenzayo ngikwenzela ukuthi isinyathelo esilandelayo somsebenzi sihambe kahle, futhi ukuze umhlaba wonke uhalalise futhi udumise Mina futhi zonke izinto eziphefumulayo ziyogoba amadolo Kimi futhi zingidumise; lokhu ngempela kuyoba wusuku lwenkazimulo. Ngiphethe zonke lezi zinto ezandleni Zami futhi lapho imidumo eyisikhombisa iduma zonke izinto ziyofezwa ngokugcwele, zingaguquki nhlobo, ziqinile zonke. Kusuka kulelo qophelo kuya phambili kuyongenwa empilweni entsha yezulu nomhlaba, kungenwa ezimweni ezintsha ngokuphelele, futhi impilo yombuso iyoqala. Kodwa kunjani ngaphakathi embusweni? Abantu abakwazi nhlobo ukukubona ngokucacile (ngoba akekho oseke wezwa ukunambitheka kwempilo yombuso ngaphambili, ngakho ilokhu icatshangwa emiqondweni yabantu kuphela futhi yazindlwa ezinhliziyweni zabo). Ekusukeni empilweni yebandla kuyiwa empilweni yombuso, okungukusuka esimweni samanje kuyiwa esimweni esizayo, izinto eziningi abantu abangakaze bazicabange ziyokwenzeka ngalesi sikhathi. Impilo yebandla iyisandulelo sokungena empilweni yombuso, ngakho ngaphambi kokuba khona kwempilo yombuso akukho engingeke ngingakwenzi ekukhuliseni impilo yebandla. Iyini impilo yebandla? Iyibona bonke, kuhlanganisa amadodana Ami angamazibulo, bedla, bephuza, futhi bethokozela amazwi Ami futhi bazi Mina, ngalokho bethola ukushiswa nokucwengwa Yimi, ukuze baqonde izinqumo Zami zokuphatha, ukwahlulela nolaka Lwami, ukuze bakwazi ukugwema ukwenza icala empilweni yombuso. Futhi iyini impilo yombuso? Impilo yombuso yilapho amadodana Ami angamazibulo ebusa njengamakhosi kanye Nami, ebusa phezu kwabo bonke abantu nazo zonke izizwe (ngamadodana Ami angamazibulo Nami kuphela esikwazi ukuthokozela impilo yombuso). Nakuba amadodana Ami nabantu Bami abavela kubo bonke abantu nakuzo zonke izizwe bengena embusweni, abakwazi ukuthokozela impilo yombuso. Impilo yombuso ingathokozelwa kuphela yilabo abangena endaweni yokomoya. Ngakho ngamadodana Ami angamazibulo kuphela kanye Nami esikwazi ukuphila emzimbeni, kanti amadodana Ami nabantu Bami basala behleli enyameni. (Nokho lokhu akuyona inyama ekhohlakaliswe nguSathane. Yilokhu ukubaluleka kwamadodana Ami ebusa kanye Nami njengamakhosi.) Imimoya, imiphefumulo nemizimba yabo bonke abanye abantu iyothathwa iphonswe eHayidesi. Lokhu kusho ukuthi laba bantu bayobhubha ngokugcwele futhi bayophela (nokho kufanele badlule kuzo zonke izibopho nonya lukaSathane, njengobunzima nezinhlekelele). Lapho sekwenziwe lokhu, ukuphila kwasembusweni kuyongena emzileni ngokusemthethweni, futhi ngiyoqala ukwambula ngokusemthethweni izenzo Zami (zambulwe ngokusobala futhi zingafihlwa). Kusuka lapho kuya phambili, nakanjani ngeke kusaba khona ukububula futhi ngeke kusaba nezinyembezi. (Ngoba ngeke kusaba khona lutho olungalimaza abantu, noma olungabenza bakhale noma ibadalele ukuhlupheka, futhi lokhu kunjalo nakumadodaba Ami nakubantu Bami; kodwa kukhona iphuzu elilodwa okufanele ligcizelelwe, elingukuthi amadodana Ami nabantu Bami bayoba yinyama kuze kube phakade.) Konke kuyothokoza futhi kube umbono wenjabulo. Ngeke kube yinto ephathekayo, kuyoba yinto engakwazi ukubonakala ngamehlo enyama. Labo abangamadodana Ami nabo bayokwazi ukukuthokozela; lokhu kuyisenzo Sami esimangalisayo namandla Ami.

Nginifisela ukuba nikwazi ukufuna intando Yami futhi niyicabangele inhliziyo Yami ngazo zonke izikhathi. Injabulo eyedlulayo ingabhidliza yonke impilo yakho, kanti ukuhlupheka okwedlulayo kungangenisa izibusiso zaphakade. Ningabi lusizi; le yindlela okufanele ihanjwe. Bengihlala ngithi ngaphambili: “Kulabo abazikhandla ngobuqotho Ngami, ngokuqinisekile ngiyonibusisa kakhulu.” Ziyini izibusiso? Aziyizo kuphela ezitholakala namuhla, kodwa ngaphezulu ziyilezo ezizothokozelwa esikhathini esizayo—yilezi kuphela izibusiso zangempela. Lapho nibuyela eNtabeni iSiyoni, niyokhombisa ukubonga okungapheli ngokuhlupheka kwenu kwamanje, ngoba lokhu kuyisibusiso Sami. Ukuphila manje enyameni kungukuba seNtabeni iSiyoni (okusho ukuthi uphila ngaphakathi Kimi), kanti ukuphila emzimbeni kusasa kuyoba wusuku lwenkazimulo, futhi lokhu kunjalo ngokwengeziwe eNtabeni iSiyoni. Emva kokuzwa la mazwi engiwashoyo, khona-ke niyakuqonda lokho okuqondiwe ngeNtaba iSiyoni. Intaba iSiyoni iyigama elisho okufanayo nelithi umbuso, futhi liyigama lokungokomoya. ENtabeni iSiyoni namuhla, niyinyama eyamukela induduzo futhi ethola umusa Wami; eNtabeni iSiyoni yesikhathi esizayo, niyoba semzimbeni nithokozela isibusiso sokubusa njengamakhosi. Lokhu akufanele neze kushaywe indiva. Futhi akufanele neze kuvunyelwe izikhathi lapho izibusiso ezingazuzwa zedlule; namuhla kunamuhla, empeleni, futhi kwehluke kakhulu osukwini lwakusasa. Lapho ufinyelela ekuthokozeleni izibusiso, uyocabanga ukuthi umusa wanamuhla awufanele ukuthi kukhulunywe ngawo. Yilokhu engikubeka kuwe, futhi kuyiseluleko Sami sokugcina.

Okwedlule: Isahluko 96

Okulandelayo: Isahluko 98

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp