Isahluko 22 no-23

Namuhla, bonke bafuna ukuqonda intando kaNkulunkulu kanye nokwazi isimo sikaNkulunkulu, kodwa akakho owazi isizathu sokuthi kungani bengakwazi ukulandela izifiso zabo, abazi ukuthi kungani izinhliziyo zabo njalo zibakhaphela, nokuthi kungani bengakwazi ukufeza lokho abakufunayo. Ngenxa yalokho, babhekana nokuphelelwa yithemba okudabukisayo, kodwa futhi banokwesaba. Bengakwazi ukuveza le mizwa engqubuzanayo, okuwukuphela kwento abangayenza ukubhekisa phansi amakhanda abo ngenxa yosizi futhi baqhubeke bezibuza: Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu akakangikhanyiseli? Ingabe kuwukuthi ngokungabonakali uNkulunkulu ungishiyile? Mhlawumbe wonke omunye umuntu ukahle, futhi uNkulunkulu ubakhanyisele bonke ngaphandle kwami. Kungani njalo ngizizwa ngiphatheke kabi lapho ngifunda amazwi kaNkulunkulu, kungani ngingaqondi lutho nhlobo? Nakuba imiqondo yabantu icabanga lezi zinto, akekho olokotha aziveze; baqhubeka nokukuthwala ngaphakathi. Eqinisweni, akekho ngaphandle kukaNkulunkulu okwazi ukuqonda amazwi Akhe noma aqonde intando yangempela Yakhe. Kodwa uNkulunkulu ucela njalo abantu ukuba baqonde intando Yakhe—ingabe lokhu akufani nokuzama ukuqhuba idada ukuba liyongena esidlekeni? Ingabe uNkulunkulu akawazi amaphutha omuntu? Lokhu ukuhlangana kwezindlela zomsebenzi kaNkulunkulu, kuyilokho abantu abangakuqondi, ngakho uNkulunkulu uthi, “Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe.” Ngokwamazwi kaNkulunkulu nalokho akucela kumuntu, akekho ozophila, ngoba akukho lutho enyameni yomuntu okwamukela amazwi kaNkulunkulu, ngakho uma abantu bekwazi ukulalela amazwi kaNkulunkulu, ukwazisa nokulangazelela amazwi kaNkulunkulu, kanye nokusebenzisa amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu akhuluma ngezimo zomuntu ngokwezimo zazo, ngakho enze ukuba bazazi, khona-ke lena yindinganiso ephakeme kakhulu. Lapho umbuso ekugcineni utholakala, umuntu, ophila enyameni, uzobe elokhu engakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, futhi usazodinga ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu. Kumane nje kuwukuthi kubantu ngeke kusabakhona ukungenelela kukaSathane, futhi bayoba nokuphila okuvamile komuntu, okungumgomo kaNkulunkulu ekunqobeni uSathane, futhi ikakhulu kungokokubuyisela isimo sasekuqaleni somuntu, owayedalwe uNkulunkulu. Emqondweni kaNkulunkulu, ukuthi “inyama” kubhekise kokulandelayo: ukungakwazi ukwazi isimo sikaNkulunkulu, ukungakwazi ukubona izimo zasendaweni yomoya, futhi, ngaphezu kwalokho, ukukwazi ukonakaliswa uSathane kodwa uphinde uqondiswe uMoya kaNkulunkulu. Lona umongo wenyama eyadalwa uNkulunkulu. Ngokusobala, kuwukuthi futhi kugwenywe isiphithithiphi esibangelwa ukungabi nakuhleleka ekuphileni kwesintu. Lapho uNkulunkulu ekhuluma ngokwengeziwe, namazwi Akhe aqonda ngokwengeziwe, abantu bawaqonde ngokwengeziwe amazwi Akhe. Abantu ngokuzenzakalelayo bayaguquka, futhi ngokuzenzakalelayo baphile ekukhanyeni, futhi ngalokho “Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayakhula, futhi babushiyile ubumnyama.” Lesi yisithombe esihle sombuso, futhi kunjengoba kwakuvame ukushiwo ngaphambilini: “ukuphila ekukhanyeni, ukusuka ekufeni.” Lapho iSinimi itholakakala emhlabeni—lapho umbuso utholakala—ngeke kusaba khona impi emhlabeni, ngeke iphinde ibe khona indlala, izifo eziwumshayabhuqe, kanye nokuzamazama komhlaba, abantu bazoyeka ukwakha izikhali, konke kuzophila ngokuthula nangozinzo, futhi kuzokuba nokuphilisana kahle phakathi kwabantu naphakathi kwamazwe. Kodwa okukhona manje akunakuqhathaniswa nalokhu. Konke okuphansi kwezulu kusesiphithiphithini, ukuketulwa kwemibuso kuqala ukwenzeka kancane kancane ezweni ngalinye. Njengoba uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe abantu bayaguquka kancane kancane, futhi, ngaphakathi, onke amazwe kancane kancane ehlukana phakathi. Isisekelo esizinzile seBhabhiloni siqala ukuzamazama, njengenqaba eyakhiwe esihlabathini, futhi, njengoba intando kaNkulunkulu igudluka, kuzokwenzeka izinguquko ezinkulu emhlabeni kungabonakali, futhi zonke izinhlobo zezimpawu zizobonakala noma nini, ukubonisa abantu ukuthi usuku lokugcina lomhlaba selufikile! Lolu uhlelo lukaNkulunkulu, lezi yizinyathelo asebenza ngazo, futhi izwe ngalinye ngokuqinisekile lizohleshulwa libe yizicucu, iSodoma elidala lizoshabalaliswa okwesibili, futhi ngalokho uNkulunkulu uthi “Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho!” Akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo okwazi ukukuqonda ngokugcwele lokhu; kukhona, vele, umkhawulo ekwazini kwabantu. Ngokwesibonelo, izinduna zomnyango wezindaba zangaphakathi kungenzeka zazi ukuthi izimo ezikhona manje azizinzile futhi kunesiphithiphithi, kodwa azikwazi ukubhekana nazo. Zingamane kuphela zilandele umsinga, zinethemba ezinhliziyweni zazo lokuthi ngolunye usuku kuzolunga, zilangazelele ukufika kwalolo suku lapho ilanga lizophinde liphume khona empumalanga likhanyise ezweni bese kuguquka lesi simo sezinto esibi. Kuncane abakwaziyo, nokho, ngokuthi lapho ilanga liyophuma khona okwesibili, ukuphuma kwalo akuqondile ukubuyisela uhlelo oludala—kuwukuvuka kabusha, uguquko oluphelele. Lunjalo-ke uhlelo lukaNkulunkulu lwendawo yonke. Uzoletha umhlaba omusha, kodwa okukhulu kunakho konke, uzoqala ngokuvuselela umuntu. Namuhla, okumqoka ukuletha abantu emazwini kaNkulunkulu, hhayi nje ukubayeka bajabulele izibusiso zesikhundla. Ngaphezu kwalokho, njengoba uNkulunkulu esho, “Embusweni, ngiyiNkosi—kodwa kunokuba bangiphathise okweNkosi yabo, abantu bangiphathisa okoMsindisi owehle evela ezulwini. Ngakho, ulangazelela ukuba ngimuphe izipho, kodwa akalandeleli ukungazi.” Zinjalo-ke izimo zangempela zabo bonke abantu. Namuhla, into ebalulekile ukuqeda nya ukuhaha okunganeliseki komuntu, ngaleyo ndlela kuvumele abantu ukuba bazi uNkulunkulu ngaphandle kokucela okuthile; akumangalisi, ukuthi, uNkulunkulu uthi, “Abaningi bakhalile phambi Kwami njengesinxibi; abaningi bangivulele ‘amasaka’ bangincenga ukuba ngibaphe ukudla ukuze baphile.” La mazwi ahlukahlukene abonisa ukuhaha kwabantu, futhi abonisa ukuthi abantu abamthandi uNkulunkulu kodwa bafuna izinto ngenkani kuNkulunkulu, noma bazama ukuthola izinto abazilangazelelayo. Abantu banesimo sempisi elambile, bonke banobuqili nokuhaha, ngakho uNkulunkulu wenza ngokuphindaphindiwe izimfuneko kubo, ebacindezela ekubeni bayeke ukuhaha ezinhliziyweni zabo futhi bathande uNkulunkulu ngobuqotho. Eqinisweni, kuze kube namuhla, abantu abanikeli zonke izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, bagxamalazile, ngezinye izikhathi bancika kubo siqu, ngezinye izikhathi bancika kuNkulunkulu ngaphandle kokwethembela ngokuphelele kuNkulunkulu. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu ufika ezingeni elithile, bonke abantu bazophila phakathi kothando lweqiniso nokholo, futhi intando kaNkulunkulu izofezeka; ngalokho, izimfuneko zikaNkulunkulu aziphakeme kakhulu.

Izingelosi zilokhu zihamba phakathi kwamadodana kanye nabantu bakaNkulunkulu, zehla zenyuka phakathi kwezulu nomhlaba futhi zehlele emhlabeni wabantu ngemva kokubuyela endaweni yomoya usuku ngalunye. Lona umsebenzi wazo, futhi usuku ngalunye amadodana kanye nabantu bakaNkulunkulu bayeluswa, futhi ukuphila kwabo kuguquka kancane kancane. Ngosuku lapho uNkulunkulu eguqula isimo Sakhe, umsebenzi wezingelosi emhlabeni uzophela ngokusemthethweni futhi zizobuyela endaweni yasezulwini. Namuhla, onke amadodana kanye nabantu bakaNkulunkulu basesimweni esifanayo. Njengoba imizuzwana ihamba, bonke abantu bayaguquka, futhi amadodana kanye nabantu bakaNkulunkulu bavuthwa ngokwengeziwe kancane kancane. Uma kuqhathaniswa, onke amambuka nawo ayaguquka ngaphambi kukadrako omkhulu obomvu: Abantu abasathembekile kudrako omkhulu obomvu, futhi amadimoni awasalandeli amalungiselelo awo. Kunalokho, bonke “benza njengoba bethanda, bekhetha indlela ebafanela kahle.” Ngakho lapho uNkulunkulu ethi, “Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angashabalali? Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angawi?” amazulu acindezela phansi ngokuphazima kweso…. Kusengathi kunomuzwa wokwethuka obikezela ukuphela kwesintu. Izimpawu ezahlukahlukene ezethusayo ezibikezelwe lapha zuyikho kanye okwenzekayo ezweni likadrako omkhulu obomvu, futhi akekho kulabo abasemhlabeni oyokwazi ukuphunyuka. Kunjalo-ke okubikezelwe emazwini kaNkulunkulu. Ezibikezelweni zanamuhla zabantu, banomuzwa wokuthi isikhathi sifushane, futhi kubonakala benomuzwa wokuthi inhlekelele izobehlela maduze—kodwa abanayo indlela yokuphunyula, futhi bonke abanalo ithemba. UNkulunkulu uthi, “Njengoba ngihlobisa ‘igumbi langaphakathi’ lombuso Wami usuku nosuku, akekho oke waziphonsa ‘egumbini Lami lokusebenza’ ukuphazamisa umsebenzi Wami.” Empeleni, umqondo wamazwi kaNkulunkulu awukho nje kuphela ekwenzeni abantu ukuthi bazi uNkulunkulu emazwini Akhe. Ngaphezu kwakho konke, abonisa ukuthi usuku ngalunye uNkulunkulu uhlela zonke izinhlobo zezimo kuyo yonke indawo ukuze zisekele ingxenye elandelayo yomsebenzi Wakhe. Isizathu esenza athi “Akekho oke waziphonsa ‘egumbini Lami lokusebenza’ ukuphazamisa umsebenzi Wami” ngukuthi uNkulunkulu usebenza ngobunkulunkulu, nakuba abantu bengafuna, abakwazi ukuhlanganyela emsebenzini Wakhe. Ngithanda ukubuza: Ingabe ungazihlela zonke izimo endaweni yonke? Ingabe ungabenza abantu emhlabeni badele okhokho babo? Ingabe ungabenza abantu kuyo yonke indawo ukuba bathobele intando kaNkulunkulu? Ingabe ungamenza uSathane angalawuleki? Ingabe ungabenza abantu bezwe sengathi izwe liyincithakalo futhi alinalutho? Abantu abakwazi ukwenza lezi zinto. Esikhathini esedlule, lapho “amasu” kaSathane engakabekwa obala ngokuphelele, uSathane njalo ubephazamisa esigabeni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu; kulesi sigaba, uSathane usephelelwe amaqhinga, ngakho uNkulunkulu uvumela uSathane ukuba abonise isimo sakhe sangempela ukuze bonke abantu bamazi. Leli yiqiniso lamazwi athi “Akekho oke waphazamisa umsebenzi Wami.”

Nsuku zonke, abantu bamabandla bafunda amazwi kaNkulunkulu, nsuku zonke babekwa etafuleni lokuhlinzwa. Ngokwesibonelo, amazwi abhuqayo anjengokuthi “nokulahlekelwa izikhundla zabo,” “ukuxoshwa,” “uvalo selwehlile sebezibambile,” “Ekuyekeni,” abanawo “umuzwa” kanye namanye abashiya benamahloni; kube sengathi ayikho ingxenye yomzimba wabo wonke—kusukela ekhanda kuye ozwaneni, kusukela ngaphakathi kuye ngaphandle—eyamukelwa uNkulunkulu. Kungani amazwi kaNkulunkulu edalula obala kangaka izimpilo zabantu? Ingabe uNkulunkulu wenza ngamabomu izinto zibe nzima kubantu? Kuba sengathi ubuso babo bonke abantu bugcwele udaka olungagezeki. Amakhanda abo abheke phansi, nsuku zonke balanda ngezono zabo njengokungathi bangabakhohlisi. Abantu sebonakaliswa uSathane kwaze kwafika ezingeni lapho bengasaziqapheli ngokugcwele izimo zangempela zabo. Kodwa kuNkulunkulu, ubuthi bukaSathane bukuyo yonke ingxenye yemizimba yabo, ngisho nasemnkantsheni wabo; ngakwalokho, lapho zijula ngokwengeziwe izambulo zikaNkulunkulu, abantu baba nokwesaba okwengeziwe. Ngakho, bonke abantu bangamazi uSathane futhi babone uSathane kumuntu, ngokuba bebengakwazi ukubona uSathane ngamehlo abo enyama. Njengoba bonke bengene kokungokoqobo, uNkulunkulu udalula imvelo yomuntu—okuwukuthi, udalula umfanekiso kaSathane—ngalokho avumele umuntu ukuba abone uSathane wangempela, ophathekayo, okumsiza kangcono ukuba akwazi ukwazi uNkulunkulu ongokoqobo. UNkulunkulu uvumela umuntu ukuba amazi enyameni, futhi unika uSathane isimo, ngalokho avumele umuntu ukuba azi uSathane ongokoqobo, ophathekayo enyameni yabo bonke abantu. Izimo ezahlukahlukene okukhulunywa ngazo zonke zingukubonakaliswa kwezenzo zikaSathane. Ngakho, kuyafaneleka ukusho ukuthi bonke labo abasenyameni bawukubonakaliswa komfanekiso kaSathane. Ngokuba uNkulunkulu akanakuqhathaniseka nezitha Zakhe, ngenxa yokuthi kunobutha obukhulu phakathi kwabo, futhi bangamandla amabili angafani, amadimoni ngamademoni, uNkulunkulu unguNkulunkulu, abanakuqhathaniseka njengomlilo kanye namanzi, futhi behlukene njengezulu nomhlaba. Lapho uNkulunkulu edala umuntu, olunye uhlobo lwabantu lwaba yimimoya yezingelosi; olunye uhlobo alubanga nawo umoya, ngakho lwangenwa yimimoya yamadimoni, futhi lubizwa ngokuthi amadimoni. Ekugcineni, izingelosi yizingelosi, amadimoni ngamadimoni—futhi uNkulunkulu nguNkulunkulu. Yilokhu okushiwo ukubekwa kokunye nokunye ngokohlobo lwakho, ngakho lapho izingelosi zibusa emhlabeni futhi zijabulela izibusiso, uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yokuhlala, bese abanye—izitha zikaNkulunkulu—ziphendulwe umlotha. Eqinisweni, ngaphandle bonke abantu bathanda uNkulunkulu—kodwa umsuka walokhu usesimweni sabo; kungenzeka kanjani ukuthi labo abanesimo sezingelosi baphunyuke esandleni sikaNkulunkulu bese bewela emgodini ongenamkhawulo? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi labo abanesimo samadimoni bake bamthande ngempela uNkulunkulu? Ngokuyisisekelo, laba bantu abamthandi ngempela uNkulunkulu, ngakho kungenzeka kanjani ukuthi bake babe nethuba lokungena embusweni? Konke kwahlelwa uNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba, njengoba nje uNkulunkulu ethi, “Ngiyaqhubeka phakathi komoya nemvula, futhi ngichithe iminyaka ngeminyaka phakathi kwabantu, lokho kulandelwa usuku lwanamuhla. Ingabe lezi akuzona izinyathelo zohlelo Lwami lokuphatha? Ubani oke wengeza ohlelweni Lwami? Ubani ongasuka ezinyathelweni zohlelo Lwami?” Ekubeni yinyama, uNkulunkulu kufanele ezwe ukuphila komuntu, ingabe lolu akulona yini uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu ongokoqobo? UNkulunkulu akafihli lutho umuntu ngenxa yobuthakathaka bomuntu; kunalokho, ubeka obala iqiniso kumuntu, njengoba nje uNkulunkulu ethi, “ngichithe iminyaka ngeminyaka phakathi kwabantu.” Kungenxa yokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu obe yinyama okwenze ukuthi achithe iminyaka ngeminyaka emhlabeni; ngakho, kungemva kuphela kokwedlula kuzo zonke lezi zigaba lapho kungathiwa ube yinyama, lapho kuphela engakwazi ukusebenza enobunkulunkulu obungaphakathi enyameni. Khona-ke, kungemva kuphela kokuba embule zonke izimfihlakalo lapho ezoguqula khona isimo Sakhe. Lena ngenye incazelo “yokungabi ngaphezu kwemvelo,” futhi oqondiswa ngokuqondile uNkulunkulu.

Abantu kufanele baphumelele ekuvivinyweni ngawo onke amazwi kaNkulunkulu, ngaphandle kokuyekethisa—lona umsebenzi kaNkulunkulu!

Okwedlule: Isahluko 21

Okulandelayo: Isahluko 24 no-25

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp