Isahluko 24 no-25

Ngaphandle kokufunda ngokucophelela, akunakwenzeka ukuthola okuthile emazwini alezi zinsuku ezimbili; eqinisweni, bekufanele ngabe akhulunywe usuku olulodwa, kodwa uNkulunkulu uwahlukanisele izinsuku ezimbili. Okusho ukuthi, amazwi alezi zinsuku ezimbili enza into eyodwa ephelele, kodwa ukwenzela ukuthi kube lula kubantu ukuba bawamukele, uNkulunkulu uwahlukanisele izinsuku ezimbili ukunika abantu ithuba lokuphefumula. Kunjalo ukucabangela kukaNkulunkulu umuntu. Kuwo wonke umsebenzi kaNkulunkulu, bonke abantu benza okuqondene nabo futhi nomsebenzi wabo endaweni yabo. Akubona nje abantu abanomoya wengelosi ababa nokubambisana; labo abanomoya wedimoni nabo “bayabambisana,” njengoba kwenza yonke imimoya kaSathane. Emazwini kaNkulunkulu kubonakala intando kaNkulunkulu kanye nezindinganiso Zakhe kumuntu. Amazwi athi “Ukusola kwami kuza phezu kwabo bonke abantu, kodwa kubuye kuhlale kukude nabo bonke abantu. Yonke impilo yomuntu ngamunye igcwele uthando nenzondo ebhekiswe Kimi” abonisa ukuthi uNkulunkulu usebenzisa ukusola ukuze esabise bonke abantu, abenze bathole ulwazi Ngaye. Ngenxa yokonakala kukaSathane kanye nobuthaka bezingelosi, uNkulunkulu usebenzisa kuphela amazwi, hhayi imiyalo yokuphatha, ukuze asole abantu. Kusukela esikhathini sokudalwa kuze kube namuhla, lesi bekuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu mayelana nezingelosi kanye nabo bonke abantu. Ngenxa yokuthi izingelosi ngezikaNkulunkulu, ngolunye usuku ngokuqinisekile ziyoba abantu basembusweni kaNkulunkulu, ziyonakekelwa futhi zivikelwe uNkulunkulu. Bonke abanye, kuleso sikhathi, bayobekwa ngokohlobo lwabo, yonke imimoya emibi ehlukahlukene kaSathane iyosolwa, futhi bonke abangenayo imimoya bazobuswa amadodana nangabantu bakaNkulunkulu. Lunjalo uhlelo lukaNkulunkulu. Ngalokho, uNkulunkulu wake wathi “Ingabe ngempela ukufika kosuku Lwami yisikhathi sokufa komuntu? Ngingamshabalalisa ngempela umuntu ngesikhathi lapho umbuso Wami umiswa khona?” Nakuba le kuyimibuzo emibili elula, ingamalungiselelo kaNkulunkulu ngesiphetho sesintu sonke. Lapho uNkulunkulu efika kuyoba yisikhathi lapho “abantu bonke emhlabeni babethelwe esiphambanweni babhekiswe phansi.” Lena yinhloso kaNkulunkulu ebonakala kubantu bonke, esebenzisa ukusola ukubenza ukuba bazi ubukhona bukaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi isikhathi lapho uNkulunkulu ehlela khona phezu komhlaba siyinkathi yokugcina, kanye nesikhathi esinzima emazweni omhlaba, ngakho uNkulunkulu uthi “Uma ngiza emhlabeni, wembozwe ubumnyama kanti umuntu ‘uhuqa ubuthongo.’” Ngalokho, bambalwa kakhulu namuhla abantu abakwazi ukwazi uNkulunkulu esenyameni, cishe abekho. Ngoba manje yinkathi yokugcina, akekho noyedwa oseke wamazi ngempela uNkulunkulu ongokoqobo, futhi abantu banolwazi olukha phezulu kuphela ngoNkulunkulu. Futhi kungenxa yalokhu abantu bephila phakathi kokucwengwa okubuhlungu. Lapho abantu beyeka ukucwengwa kuba futhi yilapho beqala khona ukusolwa, kuyisikhathi lapho uNkulunkulu evela khona kubo bonke abantu ukuze uma kungenzeka bazibonele Yena ngokwabo. Ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, abantu bawela enhlekeleleni, futhi abakwazi ukuzikhipha kuyo—okuwukujezisa kukaNkulunkulu udrako omkhulu obomvu, kanye nesinqumo sokuphatha Kwakhe. Lapho ukufudumala kwentwasahlobo kufika nezimbali ziqhakaza, lapho konke okungaphansi kwamazulu kwembozwe wuhlaza futhi zonke izinto emhlabeni zimi ngononina, bonke abantu kanye nezinto zizongena kancane kancane ekusolweni uNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi wonke umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni uzophela. UNkulunkulu ngeke esasebenza noma aphile emhlabeni, ngokuba umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu uzobe usufeziwe. Ingabe abantu abanakukwazi ukubeka eceleni inyama yabo ngalesi sikhathi esifushane? Yiziphi izinto ezingehlukanisa uthando oluphakathi komuntu noNkulunkulu? Ubani ongakwazi ukwehlukanisa uthando oluphakathi komuntu noNkulunkulu? Ingabe abazali, abayeni, odadewenu, omkenu, noma ukucwengwa kabuhlungu? Ingabe imizwa kanembeza ingesula isithombe sikaNkulunkulu ngaphakathi komuntu? Ingabe ukwazisa kwabantu kanye nezenzo zabo kwabanye bazenzela bona? Ingabe zingalungiswa umuntu? Ngobani abangakwazi ukuzivikela? Ingabe abantu bayakwazi ukuzondla? Obani abanamandla ekuphileni? Ubani ongakwazi ukuthi ashiye Mina bese eziphilela yena ngokwakhe? Kungani uNkulunkulu ecela ngokuphindaphindiwe bonke abantu ukuba benze umsebenzi wokuzihlola? Kungani uNkulunkulu ethi, “Ubunzima bakhe obuhlelwe yisandla sakhe?”

Okwamanje, kunobumnyama bobusuku kuyo yonke indawo, futhi abantu bandikindiki futhi badidekile, kodwa isikhathi njalo siyahamba, imizuzu nemizuzwana ayimi, nokuphenduka komhlaba, ilanga, nenyanga kuyashesha. Emizweni yabo, abantu, bakholelwa ekutheni usuku alusekude, sengathi usuku lwabo lokugcina luphambi kwamehlo abo. Abantu abadeli ukulungiselela yonke into yesikhathi sokufa kwabo, ukuze ifeze injongo ekufeni kwabo; uma kungenjalo, ukuphila kwabo bekuzoba yize, futhi ingabe lokho akuyona into ebuhlungu? Lapho uNkulunkulu ebhubhisa umhlaba, uqala ngoguquko ezimweni zangaphakathi zamazwe, lapho kwenzeka khona ukuketulwa kwemibuso; ngalokho, uNkulunkulu usebenzisa abantu kuyo yonke indawo. Izwe okulele ezisonge kulo udrako omkhulu obomvu liyindawo yokubonisa. Ngenxa yokuthi, ngaphakathi, lehlukene phakathi, izindaba zalo zangaphakathi ziphonswe esiphithiphithini, wonke umuntu wenza umsebenzi wokuzivikela, elungiselela ukubalekela enyangeni—kodwa bangaphunyuka kanjani ekubusweni yisandla sikaNkulunkulu? Njengoba uNkulunkulu eshilo ukuthi abantu “bazophuza endebeni yabo ebabayo.” Isikhathi sezingxabano zasekhaya yiso kanye isikhathi lapho uNkulunkulu eshiya khona umhlaba; uNkulunkulu ngeke aqhubeke nokuhlala ezweni likadrako omkhulu obomvu, futhi ngokushesha uzoyeka umsebenzi Wakhe emhlabeni. Kungathiwa isikhathi siyandiza, futhi akusekho lutho olusele. Ngokwephimbo lamazwi kaNkulunkulu kuyabonakala ukuthi uNkulunkulu usevele ukhulumile ngesiphetho sabo bonke endaweni yonke, futhi akasenalutho olunye angalusho oluyinsalela. Yilokhu uNkulunkulu akwembulayo kumuntu. Kungenxa yenhloso kaNkulunkulu yokudala umuntu eyenza athi “Emehlweni Ami, umuntu ungumbusi wazo zonke izinto. Angimnikanga igunya elincane, ngimvumela ukuba aphathe zonke izinto emhlabeni—utshani phezu kwezintaba, izilwane emahlathini kanye nezinhlanzi emanzini.” Lapho uNkulunkulu edala umuntu, wanqumela ngaphambili umuntu ukuthi uzoba ngaphezulu kwazo zonke izinto—kodwa umuntu wonakaliswa uSathane, ngakho abakabanga esaphila ngendlela ayefuna ngayo. Lokhu sekuholele ezweni lanamuhla, lapho abantu bengehlukile ezilwaneni, futhi izintaba sezihlangane nemifula, okuphumele ekubeni “Impilo yakhe yonke ibe eyokuhlupheka, nokugijima, nenjabulo efakwe ezeni.” Ngenxa yokuthi akunanjongo ukuphila komuntu, kanti lokhu kwakungeyona inhloso kaNkulunkulu ekudaleni umuntu, umhlaba wonke usesiphithiphithini. Lapho uNkulunkulu ebeka indawo yonke ekuhlelekeni, bonke abantu bazoqala ngokusemthethweni ukuzwa ukuphila komuntu, futhi kusukela ngaleso sikhathi yilapho izimpilo zabo zizoqala khona ukuba nenjongo. Abantu bazoqala ukusebenzisa igunya abalinikwa uNkulunkulu, bazobonakala ngokusemthethweni ngaphambi kwazo zonke izinto njengabangaphezu kwazo, futhi bazomukela ukuqondiswa uNkulunkulu emhlabeni, futhi ngeke besaphinde bengamlaleli uNkulunkulu kodwa bazomlalela. Abantu banamuhla, nokho, bakude kakhulu nalokho. Konke abamane bakwenze ukuba “bagcwalise amakhukhu abo” ngoNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu ubuza uchungechunge lwemibuzo enjengokuthi “Ingabe umsebenzi engiwenza kumuntu awunanzuzo kuye?” Ukube uNkulunkulu akayibuzi le mibuzo, akukho obekuzokwenzeka; kodwa lapho ebuza lezi zinto, abanye abantu abakwazi ukuma baqine, ngokuba banesazelo konembeza babo, futhi abakabi abakaNkulunkulu ngokuphelele, kodwa basengababo uqobo. Konke okwakho konke akunalutho; ngalokho, laba bantu kanye “nabantu bayo yonke inkolo, isigaba somphakathi, isizwe, nehlelo bonke bayabazi ubuze bomhlaba, bayangifuna bonke futhi balindele nokubuya Kwami.” Bonke abantu balangazelela ukubuya kukaNkulunkulu ukuze azoqeda inkathi endala engenalutho, kodwa futhi besaba ukuwela enhlekeleleni. Masinyane yonke inkolo izosala iyichithakalo, futhi ishiywe yibo bonke; abanakho okungokoqobo, futhi bazobona ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akuqondakali futhi kuyinto nje esengqondweni. Abantu bazo zonke izigaba zomphakathi futhi bazohlakazeka, futhi zonke izizwe kanye nemibuso kuzoqala ukwehlelwa yisiphithiphithi. Kafushane, ukungaguquguquki kwazo zonke izinto kuzohlakazwa, konke kuyoluhlakelwa yindawo yakho ejwayelekile, ngakho, nabantu bazoveza isimo sabo sangempela. Ngakho uNkulunkulu uthi, “Ziningi izikhathi engike ngakhala ngazo kumuntu, kodwa ukhona oke waba nozwelo? Ukhona oke waphila ebuntwini? Umuntu angaphila enyameni, kodwa akanabo ubuntu. Ingabe wazalelwa ezilwaneni?” Uguquko futhi lwenzeka naphakathi kwabantu, futhi ngenxa yalolu guquko umuntu ngamunye ubekwa ngokohlobo lwakhe. Lona umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, kanye nomphumela ozofezwa umsebenzi wezinsuku zokugcina. Lapho uNkulunkulu ekhuluma ngokucace ngokwengeziwe ngesimo somuntu, lokho kuwubufakazi bokuthi ukuphela komsebenzi Wakhe sekusondele, nokuthi uNkulunkulu ufihleke kakhulu kubantu, okubenza bazizwe bekhungathekile. Lapho kukuncane kubantu ukunaka intando kaNkulunkulu, kuba kuncane nokunaka umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina; lokhu kubavimba ekubeni baphazamise, futhi ngalokho uNkulunkulu enze umsebenzi ahlose ukuwenza lapho kungekho muntu onakile. Lesi yisimiso somsebenzi kaNkulunkulu kuwo wonke umlando. Lapho ecabangela kancane ubuthakathaka babantu, ngalokho kuboniswa ukuthi ubunkulunkulu bukaNkulunkulu buba sobala kakhulu, futhi ngalokho, usuku lukaNkulunkulu luyasondela.

Okwedlule: Isahluko 22 no-23

Okulandelayo: Isahluko 26

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp