Isahluko 21

Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu. Isikhathi lapho uNkulunkulu emboza ubuso bakhe yiso kanye lapho abantu kuwo wonke umhlaba bevivinywa khona. Bonke abantu babubula ngobuhlungu, bonke baphila ngaphansi kokusongelwa yinhlekelele, futhi akekho noyedwa wabo oke waphunyula ekujezisweni uNkulunkulu. Empeleni, inhloso eyinhloko kaNkulunkulu ekubeni yinyama ukwahlulela umuntu kanye nokumlahla ngecala enyameni yakhe. Engqondweni kaNkulunkulu, kade kwanqunywa ukuthi obani, ngokuhambisana nokuziphatha kwabo, abazosindiswa noma abazobhujiswa, futhi lokhu kuzokwembuleka kancane kancane phakathi nesigaba sokugcina. Njengoba izinsuku nezinyanga zidlula, abantu bayashintsha futhi isimo sabo sangempela siyembuleka. Ukuthi kunenkukhu noma idada eqandeni kubonakala lapho livuleka. Isikhathi lapho iqanda livuleka yiso kanye isikhathi lapho izinhlekelele emhlabeni zizofinyelela esiphethweni. Kulokhu kungabonakala ukuthi, ukuze kwaziwe ukuthi “inkukhu” noma “idada” elingaphakathi, “iqanda” kufanele livuleke. Lolu uhlelo olusenhliziyweni kaNkulunkulu, futhi kufanele lufezeke.

“Maye ngabantu abadabukisayo! Kungani abantu bengithanda, kodwa abakwazi ukulandela izinhloso zoMoya Wami?” Ngenxa yalesi simo somuntu, kufanele abhekane nokusingathwa ukuze anelise intando kaNkulunkulu. Futhi ngenxa yokunengwa kukaNkulunkulu yisintu, umemezele izikhathi eziningi: “O mambuka aso sonke isintu! Kufanele abhujiswe phansi kwezinyawo Zami, kufanele anyamalale ngokusola Kwami kanti futhi kufanele ngosuku lapho umsebenzi Wami omkhulu uphela khona, akhishwe phakathi kwabantu, ukuze bonke abantu babazi ububi bawo.” UNkulunkulu ukhuluma kuso sonke isintu esenyameni, futhi uphinde akhulume noSathane esendaweni yomoya, okuwukuthi, ngaphezu kwendawo yonke. Lena yintando kaNkulunkulu, futhi yilokho okuzofezwa uhlelo lukaNkulunkulu lweminyaka eyi-6,000.

Eqinisweni, uNkulunkulu ujwayelekile ngokukhethekile, futhi kunezinto ezithile ezingafezwa kuphela uma ezenza mathupha futhi ezibona ngamehlo Akhe. Akunjengoba abantu becabanga, uNkulunkulu akalali laphaya ngesikhathi konke kwenzeka ngendlela Yena afisa ngayo; lona umphumela wokuphazamisa kukaSathane abantu, owenza abantu bangaqondi ngesimo sangempela sikaNkulunkulu. Ngalokho, phakathi nenkathi yokugcina, uNkulunkulu ube yinyama ukuze ambule ngokusobala ubunjalo Bakhe kumuntu, ngaphandle kokufihla lutho. Ezinye izincazelo ziyihaba elisobala, njengokuthi lapho kuthiwa uNkulunkulu angashabalalisa umhlaba ngezwi elilodwa noma ngomcabango omncane kakhulu. Ngokwalokho, abantu abaningi basho izinto ezinjengokuthi, Kungani uNkulunkulu engumninimandla onke, kodwa engeke agwinye uSathane ngomthamo owodwa? Lawa mazwi awanamqondo futhi abonisa ukuthi abantu abakamazi uNkulunkulu. Ukuze uNkulunkulu aqede izitha Zakhe kudingeka inqubo, nakuba kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unqoba njalo: UNkulunkulu ekugcineni uzozinqoba izitha Zakhe. Njengalapho izwe elinamandla lehlula elibuthaka, kufanele lithole ukunqoba ngokwalo, kwenzeke kancane kancane, ngezinye izikhathi ngokusebenzisa amandla, ngezinye izikhathi ngokusebenzisa amasu. Kuba nenqubo, kodwa ngeke kwathiwa, ngoba izwe elinamandla linohlobo olusha lwezikhali zenuzi kanti izwe elibuthaka alinazo, izwe elibuthaka lizomane liphonse ithawula ngaphandle kokulwa. Lokho kuyimpikiswano engenamqondo. Kulungile ukuphetha ngokuthi izwe elinamandla liyaqiniseka ngokuthi lizophumelela kanti izwe elibuthaka liyaqiniseka ngokuthi lizohlulwa, kodwa izwe elinamandla kungathiwa linempi enkulu kuphela lapho likwazi ukuhlasela lingene ezweni elibuthaka. Ngalokho, uNkulunkulu yilokhu esho njalo ukuthi umuntu akamazi. Ngakho, lokhu okushiwo ngenhla ingabe kungolunye uhlangothi lokuthi kungani umuntu engamazi uNkulunkulu? Ingabe lena yimicabango yomuntu? Kungani uNkulunkulu ecela umuntu ukuba azi kuphela ubunjalo Bakhe, kanye nokuba kwakhe yinyama? Ngalokho, abantu abaningi badumise izulu ngokuzinikela, nokho “Izulu alikaze nje nakanci lithintwe izenzo zomuntu, futhi uma ngabe ukuphatha Kwami abantu bekusekwe ezenzweni zakhe zonke, bonke abantu bebezophila ngaphakathi kokusola Kwami.”

UNkulunkulu ubona ngale kwengqikithi yomuntu. Emazwini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ubonakala “ehlushwe” kakhulu umuntu kangangokuba akasenalo nothando lokuqhubeka nokunaka umuntu, ngisho nethemba elincane kuye; umuntu, kubonakala sengathi, akafanelwe yinsindiso. “Ngibone abantu abaningi bekhala izinyembezi zehla ezihlathini zabo, futhi ngibone abantu abaningi benikela izinhliziyo zabo ukuze bathole ingcebo Yami. Ngaphandle kwalobo ‘bungcwele’ angikaze nginikele konke okwami ngokukhululekileyo kumuntu ngenxa yokufikelwa ukufisa ngokushesha ngoba umuntu akaze azimisele ngentokozo ukuzinikela phambi Kwami.” Lapho uNkulunkulu embula imvelo yomuntu, umuntu uba namahloni ngaye, kodwa lokhu kumane nje kuwulwazi olukha phezulu, futhi akakwazi ukwazi ngempela imvelo yakhe emazwini kaNkulunkulu; ngalokho, abantu abaningi abayiqondi intando kaNkulunkulu, ngeke bathole indlela yempilo yabo emazwini kaNkulunkulu, futhi lapho beba yiziwula ngokwengeziwe, kuyilapho uNkulunkulu ebahleka kakhulu ngokwengeziwe. Ngalokho, bangena ngokungazi endimeni yobubi obukhulu—futhi ngenxa yalokho, bazazi bona njengoba begwazwa “inkemba ethambile.” Amazwi kaNkulunkulu abonakala ehalalisela izenzo zomuntu, futhi ekhuthaza izenzo zomuntu—kodwa abantu njalo banomuzwa wokuthi uNkulunkulu uyabahleka. Ngakho, lapho befunda amazwi kaNkulunkulu, imisipha esebusweni babo idikiza njalo, njengokungathi bayadlikiza. Lokhu ukungcola konembeza babo, futhi kungenxa yalokhu bedikiza bengathandi. Ubuhlungu babo yilobo obubenza bafune ukuhleka kodwa bangakwazi—bafune ukukhala kodwa bangakwazi, ngokuba ubuwula babantu buvulelwe ngesilawuli-kude “se-VCR,” kodwa abakwazi ukuyicima, futhi okuwukuphela abangakwenza ukubekezela. Nakuba “ukugxila emazwini kaNkulunkulu” kushunyayelwa ngakho phakathi nayo yonke imihlangano yabasebenzisanayo, ubani ongayazi imvelo yamaqanda kadrako omkhulu obomvu? Ebusweni, balalela njengamawundlu, kodwa lapho befulathela banesihluku njengezimpisi, okubonakala emazwini kaNkulunkulu athi “abantu abaningi bangithanda ngobuqotho uma nje ngibanikeza amazwi Ami, kodwa abawazisi amazwi Ami emiphefumulweni yabo, kunalokho bawasebenzisa nje sengathi yimpahla yomphakathi bawajikijele lapho evele khona noma yinini uma sebethanda.” Kungani uNkulunkulu emdalule njalo umuntu? Lokhu kubonisa ukuthi imvelo endala yomuntu ayikaze iguquke ngisho nakancane. NjengeNtaba iTai, ivelele ezinhliziyweni zabantu abayizigidi zamakhulu, kodwa usuku luzofika lapho uYu Gong eyisusa leyo ntaba, futhi lolu uhlelo lukaNkulunkulu. Emazwini Akhe, akukho lapho uNkulunkulu engenzi khona izindinganiso zomuntu, exwayisa umuntu, noma edalula imvelo ebonakaliswa ekuphileni kwakhe: “Uma umuntu eqhelile Kimi, futhi engilinga, ngiyazifihla kuye emafwini. Ngenxa yalokho, akakwazi nokuthola umkhonjwana nje Wami, aphile nje ngesandla somubi, enze konke lokho akucelayo.” Eqinisweni, abantu abavamile ukuba nethuba lokuphila ebukhoneni bukaNkulunkulu, ngenxa yokuthi banesifiso esincane kakhulu sokufuna; ngokwalokho, nakuba abantu abaningi bethanda uNkulunkulu, baphila ngaphansi kwesandla somubi, futhi konke abakwenzayo kuqondiswa omubi. Ukube abantu bebephila ngempela ekukhanyeni kukaNkulunkulu, befuna uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi nsuku zonke, besingeke sibe khona isidingo sokuba uNkulunkulu akhulume ngale ndlela, akunjalo? Lapho abantu bebeka imibhalo eceleni, ngokushesha babeka uNkulunkulu eceleni kanye nencwadi, ngakho bazinakela izinto zabo siqu, ngemva kwalokho uNkulunkulu anyamalale ezinhliziyweni zabo. Kodwa lapho bephinda bethatha incwadi, babona masinyane ukuthi babeke uNkulunkulu ngemva kwemiqondo yabo. Injalo ke impilo yomuntu “ongenayo inkumbulo.” Lapho uNkulunkulu ekhuluma ngokwengeziwe, amazwi Akhe aphakama kakhulu. Lapho efinyelela eqophelweni eliphezulu, wonke umsebenzi uyaphethwa, futhi ngenxa yalokho, uNkulunkulu uyawamisa amazwi Akhe. Isimiso uNkulunkulu asebenza ngaso ukuba aphethe umsebenzi Wakhe lapho ufinyelela eqophelweni lawo eliphezulu; akaqhubeki esebenza lapho ufinyelela eqophelweni lawo eliphezulu, kodwa uyama masinyane. Akawenzi umsebenzi ongenasidingo.

Okwedlule: Isahluko 20

Okulandelayo: Isahluko 22 no-23

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp