Isahluko 20

UNkulunkulu wadala sonke isintu, futhi usesihole sonke isintu kwaze kwaba namuhla. Kanjalo, uNkulunkulu wazi konke okwenzeka phakathi kwabantu: wazi ububi emhlabeni wabantu, uqonda ubumnandi emhlabeni wabantu, ngakho-ke usuku ngosuku uchaza izimo zempilo yaso sonke isintu, aphinde, phezu kwalokho, abhekane nobuthakathaka nokonakala kwaso sonke isintu. Akuyiso isifiso sikaNkulunkulu ukuthi sonke isintu siphonswe emgodini ongenamkhawulo, noma kusindiswe sonke isintu. Kuhlala kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu, kodwa akekho okwazi ukuqonda imithetho yakho konke akwenzayo. Lapho abantu beqala ukwazi ngobukhosi nolaka lukaNkulunkulu, uNkulunkulu uphuthuma aguqulele iphimbo lakhe emuseni nasothandweni, uphinde aphuthume aliguqule futhi iphimbo lakhe, enze amazwi Akhe abe lukhuni ukuwadla kube sengathi yinkukhu ephilayo. Kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu, asikaze siphindwe isiqalo, futhi akukaze kwenzeke ukuthi amazwi Akhe akhulunywe ngokomgomo wamazwi ayizolo; ngisho iphimbo alifani, futhi akukho kuxhumana kokuqukethwe—konke okwenza abantu bazizwe bedideke kakhulu. Lokhu kungukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nokwembulwa kwesimo Sakhe. Usebenzisa iphimbo nendlela yenkulumo Yakhe ukuhlakaza imicabango yabantu, ukuze adide uSathane, ephuca uSathane ithuba lokufaka ubuthi emisebenzini Yakhe. Ukumangalisa kwezenzo zikaNkulunkulu kwenza ukuthi imiqondo yabantu ishiywe ngamazwi kaNkulunkulu izungeza. Bacishe bangakwazi nokuthola iminyango yangaphambili ezindlini zabo, noma bangazi nokuthi kufanele badle noma baphumule nini, ngale ndlela baphumelela ngempela “ukuyeka ukulala nokudla ukuze basebenzele uNkulunkulu.” Kodwa ngisho kuleli qophelo, uNkulunkulu ulokhu engenelisekile ngezimo zamanje, futhi uhlale ethukuthelele umuntu, emphoqa ukuthi alethe kuye inhliziyo yakhe yeqiniso. Uma kungenjalo, ozweleni oluncanyana lukaNkulunkulu, abantu, ngokuphazima kweso, “bangalalela” bese bekhululeka. Yilobu ubuphansi bomuntu; akanakugqugquzelwa, kodwa kufanele ashaywe noma ahudulwe ukuze anyakaze. “Kubo bonke laba engibabhekile, akekho oke wangifuna ngenhloso nangokuqondile. Bonke beza phambi Kwami ngokugqugquzelwa abanye, belandela iningi, futhi bengazimisele ukubhekana nobunzima noma ukuchitha isikhathi bethuthukisa izimpilo zabo.” Zinjalo-ke izimo zabo bonke abasemhlabeni. Kanjalo, ngaphandle komsebenzi wabo bonke abaphostoli noma abaholi, bonke abantu bebeyobe sebachitheka kudala, ngakho, eminyakeni eminingi, akukaze kube nokuntuleka kwabaphostoli nabaphrofethi.

Kula mazwi, uNkulunkulu unaka ngokukhethekile ukuqoqa ngamafushane izimo zempilo yaso sonke isintu. Amazwi anjengokuthi “Impilo yomuntu ayinakho nhlobo ukufudumala, futhi ayinabo nobuncane ubuntu noma ukukhanya—kodwa ubelokhu ezitotosa, ephila impilo engenamsebenzi, elokhu eyaluza nje ngaphandle kokuzuza utho. Ngokuphazima kweso, usuku lokufa kuyasondela, umuntu afe ukufa okunomunyu” onke ayilolu hlobo. Kungani uNkulunkulu eseqondise ukuphila kwesintu kwaze kwaba namuhla, kodwa uphinde aveze ubuze bempilo emhlabeni womuntu? Futhi kungani echaza yonke impilo yabantu bonke “njengokufika ngokuphuthuma nokuhamba ngokuphuthuma”? Lokhu, kungashiwo, konke kuwuhlelo lukaNkulunkulu, konke kugcotshwe nguNkulunkulu, kanjalo, ngakolunye uhlangothi kukhombisa ukuthi uNkulunkulu ukwenyanya kanjani konke ngaphandle kwempilo yobunkulunkulu. Nakuba uNkulunkulu adala sonke isintu, akakaze ngempela akujabulele ukuphila kwaso sonke isintu, ngakho-ke uvele avumele isintu ukuthi siphile ngaphansi kokonakala kukaSathane. Emva kokuthi isintu sesedlule kulo mgudu, uyobhubhisa noma asindise isintu, ngalokhu umuntu uyozuza impilo emhlabeni enokuthile. Konke lokhu kuyingxenye yohlelo lukaNkulunkulu. Ngakho, kuhlale kunesifiso emqondweni womuntu, osekuholele ekuthini kungabikho muntu othokozela ukufa okumsulwa—kodwa abazuza lesi sifiso yilabo kuphela abangabantu bezinsuku zokugcina. Namuhla, abantu basaphila phakathi kweze elingaqedeki futhi basalinde leso sifiso esingabonakali: “Uma ngemboza ubuso Bami ngezandla Zami, bese ngicindezela abantu ngaphansi komhlaba, baphelelwa umoya ngokuphazima kweso, behluleke ukuphila. Bonke bakhala babize Mina, besaba ukuthi ngizobabhubhisa, ngoba bafisa ukubona usuku engizokhazimuliswa ngalo.” Zinjalo-ke izimo zawo wonke umuntu namuhla. Bonke baphila “emkhathini ongenalutho” ongenawo “umoya-mpilo”, okukwenza kube lukhuni kubo ukuphefumula. UNkulunkulu usebenzisa isifiso esisengqondweni yomuntu ukwesekela ukusinda kwaso sonke isintu; uma kungenjalo, bonke “bangashiya amakhaya bayoba yizindela”, umphumela wakho okungaba ngukuthi isintu singaphela, sifike ekugcineni. Kanjalo-ke, kungenxa yesethembiso uNkulunkulu asinikeza umuntu esenza umuntu aphile kuze kube namuhla. Leli yiqiniso, kodwa umumtu akaze awuthole umthetho, ngalokho akazi ukuthi kungani “esaba kakhulu ukuthi ukufa kuzofika kuye okwesibili.” Ekubeni ngumuntu, akekho onomdlandla wokuqhubeka njalo ephila, kodwa akekho futhi oseke wanomdlandla wokufa, ngakho uNkulunkulu uthi abantu “bafa ukufa okunomunyu.” Sinjalo-ke isimo sangempeka phakathi kwabantu. Mhlawumbe, ekubukeni kwabo, abanye abantu sebeke babhekana nezinkinga baze bacabanga ngokufa, kodwa le micabango ayikaze ithele zithelo; mhlawumbe, abanye bacabange ngokufa ngenxa yezinxushunxushu zemindeni, kodwa bacabangela ababathandayo, bahlala bengakwazi ukufeza isifiso sabo; bese kuthi, mhlawumbe futhi, abanye bacabangile ngokufa ngenxa yokushayeka emshadweni, kodwa abazimisele ukuqhubeka nakho. Kanjalo, abantu bafa nezikhalo zabo noma nokuzisola okungapheli ezinhliziyweni zabo. Zinjalo-ke izimo ezahlukene zabo bonke abantu. Uma ubuka phandle emhlabeni obanzi womuntu, abantu bayafika bahambe njengomfula ongenasiphetho, futhi noma bezwa ukuthi kungaba nokujabula kangcono ekufeni kunasekuphileni, nokho basakhuluma nje, akekho oseke wenza isibonelo, ngokufa aphinde abuye, atshele abaphilayo ukuthi bayithokozele kanjani injabulo yokufa. Abantu bayizihlupheki ezidelelekile: abanamahloni noma ukuzihlonipha, futhi abakugcini abakukhulumayo. Ohlelweni lwakhe, uNkulunkulu wabekela iqembu labantu abakhethiwe isiphetho esithile eliyofezelwa isethembiso Sakhe, futhi kungakho uNkulunkulu ethi, “baningi abaphile enyameni, kanti baningi abafile baphinde bazalwa emhlabeni. Kodwa akekho kubo obe nethuba lokuthokozela izibusiso zombuso namuhla.” Bonke abathokozela izibusiso zombuso namuhla bahlelelwe isiphetho nguNkulunkulu kusuka edala umhlaba. UNkulunkulu wahlela ukuthi le mimoya iphile enyameni ngezinsuku zokugcina, futhi ekugcineni, uNkulunkulu uyothola leli qembu labantu, bese elihlelela ukuthi libe seSinimi. Ngenxa yokuthi, empeleni, imimoya yalaba bantu iyizingelosi, uNkulunkulu uthi “Ingabe akukho manenjana Ami emoyeni womuntu?” Eqinisweni lapho abantu bephila enyameni, bahlala bengazazi izindaba zasendaweni yomoya. Kula mazwi alula—“[umuntu] ungiphonsa iso elibukhali”—ukusebenza komqondo kaNkulunkulu kuyabonakala. Kula mazwi alula, ukusebenza komqondo kaNkulunkulu okuyinkimbinkimbi kuyavela. Kusuka esikhathini sokudala kuze kube namuhla, enhliziyweni kaNkulunkulu lokhu kwaba nosizi oluphelezelwa wulaka nokwahlulela, ngoba abantu emhlabeni abakwazi ukunaka isifiso sikaNkulunkulu, njengoba uNkulunkulu ethi, “Umuntu ufana nesilwane sentaba.” Kodwa uNkulunkulu ubuye athi, “Usuku luzofika lapho umuntu ezobhukuda eduze Kwami phakathi kolwandle olunamandla, ukuze azothokozela yonke ingcebo esemhlabeni ashiye emuva ingozi yokugwinywa ulwandle.” Lokhu kungukufezwa kwentando kaNkulunkulu, futhi kungachazwa njengendlela engeke igwemeke, futhi iluphawu lokufezwa komsebenzi kaNkulunkulu.

Lapho umbuso wehlela emhlabeni ngokuphelele, bonke abantu bayobuyelwa ubunjalo babo basekuqaleni. Yikho uNkulunkulu ethi, “ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami sobukhosi, ngihlala phakathi kwezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo amasha nokusina okusha. Ubuntekenteke bazo abusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhononda ngobunzima Kimi.” Lokhu kukhombisa ukuthi usuku uNkulunkulu ayothola ngalo inkazimulo ephelele kuyoba wusuku umuntu ayothola ngalo ukuphumula; abantu abasaphithizeli ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, izwe liyema ukuqhubekela phambili, nabantu bahlala ngokuphumula—ngoba inqwaba yezinkanyezi esibhakabhakeni zenziwa zibe zintsha, nelanga, inyanga, izinkanyezi, njalonjalo, nazo zonke izintaba nemifula ezulwini nasemhlabeni kuyaguqulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu useguqukile, kanjalo futhi, konke kuyoguquka. Lokhu kuyinhloso nqangi yohlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, lolu oluyofezeka ekugcineni. Inhloso kaNkulunkulu yokukhuluma wonke la mazwi ukuthi ikakhulu abantu bamazi. Abantu abazazi izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu. Konke okwenziwa nguNkulunkulu kuhlelwa nguye uNkulunkulu mathupha, futhi uNkulunkulu akazimisele ukuvumela noma ngubani ukuthi agxambukele; esikhundleni salokho, uvumela abantu ukuba babone ukuthi konke kuhlelwe nguye futhi akunakufezwa ngumuntu. Noma umuntu angakubona, noma ekuthola kunzima ukukucabanga, konke kuphethwe nguNkulunkulu yedwa, futhi uNkulunkulu akafuni ukuthi kungcoliswe nawumcabango omncane womuntu. UNkulunkulu nakanjani ngeke axolele muntu ofaka isandla, noma ngabe kuncane kangakanani; uNkulunkulu unguNkulunkulu onomona ngomuntu, futhi kubonakala sengathi uMoya kaNkulunkulu uzwela kakhulu ngalokhu. Kanjalo, noma ngubani onenhloso encanyana yokugxambukela uyogutshuzelwa ngamalangabi abulalayo kaNkulunkulu, amphendule umlotha emlilweni. UNkulunkulu akabavumeli abantu ukuthi babukise ngezipho zabo noma kanjani, ngoba bonke abaphiweyo abanampilo; lokhu okuthiwa yizipho kusebenzela uNkulunkulu kuphela, futhi kusuka kuSathane, ngakho kwenyanywa ngokukhethekile nguNkulunkulu ongenzi nokuncane ukuthambisa kulokhu. Kodwa kuvame ukuba ngabantu abangenampilo okuhlale kulindeleke ukuthi babambe iqhaza emsebenzini kaNkulunkulu, futhi, okunye, ukubamba kwabo iqhaza kuhlala kungabonakali, ngoba kufihlwe yiziphiwo zabo. Kuyo yonke iminyaka eyedlule, labo abaphiweyo abaze ngama baqine, ngoba abanampilo, ngakho abanawo amandla okwenqaba. Kanjalo uNkulunkulu uthi, “Uma ngingakhulumi ngicacise, umuntu ngeke abuyelwe umqondo wakhe, futhi, ngengozi, uzowela ekusoleni Kwami—ngoba umuntu akangazi Mina ngisenyameni Yami.” Bonke labo abanenyama negazi baqondiswa nguNkulunkulu, kodwa futhi baphila ekuboshweni nguSathane, ngakho abantu abakaze babe nobudlelwane obejwayelekile nabanye, noma ngabe kungenxa yenkanuko, noma ukukhonzana, noma yizinhlelo zesimo esibazungezile. Lobu budlelwane obungejwayelekile yilokhu uNkulunkulu akwenyanya phezu kwakho konke, kanjalo-ke kungenxa yalobu budlelwane ukuthi amazwi anjengalawa “Engikufunayo yizidalwa eziphilayo ezigcwele impilo, hhayi izidumbu ezingene shi ekufeni. Njengoba ngeyeme etafuleni lombuso, ngizoyaleza bonke abantu emhlabeni ukuthi bemukele ukuhlola Kwami” aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu engaphezulu komhlaba wonke, usuku nosuku ubheka zonke izenzo zalabo abanenyama negazi, futhi akaze eqe noyedwa kubona. Lezi yizenzo zikaNkulunkulu. Ngakho, ngincenga bonke abantu ukuthi bahlole imicabango yabo, imiqondo nezenzo. Angiceli ukuthi nibe wuphawu lwehlazo kuNkulunkulu, kodwa nibe ukuvezwa kwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuthi kuzo zonke izenzo zenu, amazwi, nezimpilo, ningabi ngabaqondwe ngamahlaya kaSathane. Lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu kubo bonke abantu.

Okwedlule: Isahluko 19

Okulandelayo: Isahluko 21

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp