Isahluko 19

Kubonakala sengathi, emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kakhulu. UNkulunkulu, nokho, uyayiphihliza imicabango yabantu futhi ayiqede yonke, ayigqibe “emathuneni” lapho iphenduka khona umlotha. Isimo somqondo sikaNkulunkulu mayelana nemibono yabantu siyafana nesimo somqondo mayelana nabafileyo, ebachaza ngokuthanda Kwakhe. Kubonakala sengathi “imibono” ayinazimpendulo; ngakho-ke, uNkulunkulu ubelokhu enza lo msebenzi ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kube manje, futhi akaze ayeke. Ngenxa yenyama, abantu bakhohlakaliswa nguSathane, futhi ngenxa yezenzo zikaSathane emhlabeni, abantu bakha lonke uhlobo lombono endleleni yokuhlangana kwabo nezinto empilweni. Lokhu kuthiwa “ukwakheka ngokwemvelo.” Lesi yisigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, ngakho indlela yokwenza umsebenzi Wakhe isifinyelele ovuthwandabeni, futhi uqinisa ukuqeqesha kwakhe abantu ukuze bapheleliswe emsebenzini Wakhe wokugcina, bese ekugcineni befeza intando kaNkulunkulu. Ngaphambili, kwakukhona kuphela ukukhanyisela nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele phakathi kwabantu, kodwa kwakungekho mazwi ayekhulunywa nguNkulunkulu mathupha. Lapho uNkulunkulu esekhuluma ngephimbo Lakhe, wonke umuntu wethuka, futhi amazwi anamuhla amangalisa kakhulu. Umqondo wamazwi Akhe ulukhuni kakhudlwana ukuqondakala, futhi abantu babonakala bedidekile ngoba ingxenye eyisigamu yamazwi Akhe itholakala phakathi kwezimpawu zokucaphuna. “Lapho ngikhuluma, abantu bayalilalelisisa iphimbo Lami; lapho ngithula, nokho, bayayiqala futhi ‘imisebenzi yabo.’” Leso siqephu siqukethe igama eliphakathi kwezimpawu zokucaphuna. Ukuhlekisa kakhudlwana kwamazwi kaNkulunkulu, njengoba kwenzeka lapha, kwenza ukuthi abantu badonseleke kakhudlwana ekuwafundeni. Abantu bayakwazi ukwamukela ukuba kubhekanwe nabo uma bekhululekile. Okuphambili nokho, lokhu okokwenza abantu abaningi bangadikibali noma baphoxeke lapho bengawaqondanga amazwi kaNkulunkulu. Lokhu kuyisu empini uNkulunkulu ayilwa noSathane. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengalangazelela khona amazwi kaNkulunkulu baphinde bawanake ngisho sebedidekile. Kodwa bukhona futhi ubuhle obukhulu emazwini Akhe angazungeziwe yizimpawu zokucaphuna, ngakho aqapheleka kaludlana, enze abantu bawathande ngokwengeziwe amazwi kaNkulunkulu, futhi bezwe ubumnandi bamazwi Akhe ezinhliziyweni zabo. Njengoba amazwi kaNkulunkulu eza ngezimo ezinhlobonhlobo futhi enothile, aphinde ahlukahlukane, nangenxa yokuthi akukho kuphindaphindwa kwamabizo phakathi kwamazwi amaningi kaNkulunkulu, emqondweni wawo wesithathu, abantu bakholwa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akaze angaba mdala. Ngokwesibonelo: “Angifuni ukuba abantu babe ‘abathengi’ nje; ngifuna futhi babe ‘abakhiqizi’ abehlula uSathane.” Igama elithi “umthengi” nelithi “abakhiqizi” kulowo musho, anemiqondo efanayo neyamanye amagama akhulunywe ezikhathini ezedlule, kodwa uNkulunkulu akalukhuni; kunalokho, wenza ukuthi abantu bazi ngobusha Bakhe, ngaleyo ndlela balwazise uthando lukaNkulunkulu. Amancoko enkulumeni kaNkulunkulu aqukethe ukwahlulela Kwakhe nezinto azifuna kubantu. Njengoba onke amazwi kaNkulunkulu enezinhloso, onke anemiqondo, ukuncokola Kwakhe akuqondile kuphela ukwenza lula isimo noma ukwenza abantu bagegetheke behleka, noma ukuphumuza izinyama zabo. Esikhundleni salokho, amancoko kaNkulunkulu enzelwe ukukhulula abantu ekuboshweni iminyaka eyizinkulungwane ezinhlanu, ukuthi bangaphindi baboshwe futhi, ukuze bakwazi ukuwemukela kangcono amazwi kaNkulunkulu. Indlela yokusebenza kaNkulunkulu ngeyokusebenzisa ukhezo lukashukela olusiza ukuthi umuthi wehle; akaphoqi umuthi obabayo ukuthi wehle emiphinjeni yabantu. Kukhona ukubaba phakathi kobumnandi, kanye nobumnandi phakathi kokubaba.

“Uma ukulokoza kokukhanya okulufifi kuqala kuvela eMpumalanga, bonke abantu emhlabeni banaka kakhudlwana. Lapho bengasalele, abantu bayaphuma babheke umthombo walokhu kukhanya kwasempumalanga. Kodwa ngenxa yobufishane bamandla abo, akekho oseke wakwazi ukubona indawo okusuka kuyo ukukhanya.” Lokhu kwenzeka yonke indawo emhlabeni, hhayi kuphela emadodaneni kaNkulunkulu nakubantu Bakhe. Bonke abantu benkolo nabantu abangakholwa baba nakho lokhu kuphendula. Ngomzuzu okucisha ngawo ukukhanya kukaNkulunkulu, izinhliziyo zabo ziya ngokuya ziguquka zonke, bese beqala, ngokungaqondi, bethola ukuthi ukuphila kwabo akunanhloso, ukuthi impilo yomuntu ayinamsebenzi. Abantu abafuni ikusasa, abacabangeli ingomuso; kunalokho, babambelela emqondweni wokuthi kufanele badle futhi baphuze kakhulu “besebasha,” nokuthi konke kuyobe kuyinto ebifanele lapho kufika usuku lokugcina. Abantu abalangazeleli ukubusa umhlaba. Amandla okuthanda kwesintu umhlaba antshotshwa ngokuphelele “ngudeveli”, kodwa akekho owazi umsuka wakho. Konke abangakwenza ukugijima baye emuva naphambili bexoxelana, ngoba usuku lukaNkulunkulu alukafiki. Ngelinye ilanga, wonke umuntu uyozibona izimpendulo zazo zonke izimfihlakalo ezingaqondakali. Yilokhu ngempela okwakuqondwe nguNkulunkulu lapho ethi, “abantu bavuka ekulaleni nasephusheni, bese bebona lapho ukuthi usuku Lwami seluye ngokuya lwaze lwafika phezu kwabo” Lapho leso sikhathi sifika, bonke abantu abangabakaNkulunkulu bayoba njengamahlamvu aluhlaza “elinde ukungidlalela indawo yawo ngesikhathi ngisesemhlabeni.” Abaningi phakathi kwabantu bakaNkulunkulu eShayina basabuye baphindele emuva emva kokukhipha kukaNkulunkulu iphimbo Lakhe, ngakho uNkulunkulu uthi, “… kodwa, bengenawo amandla okuguqula osekwenzekile, akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokulinda ukuthi ngikhiphe isigwebo.” Basayoba khona phakathi kwabo abayosuswa—akubona bonke abayosala bengaguquliwe. Kunalokho, abantu bangafika ezingeni elibekiwe kuphela emva kokuvivinywa, bese benikezwa “izitifiketi zezinga”; ngaphandle kwalokho, bayoba yizibi endundumeni kadoti. UNkulunkulu ulokhu ekhomba isimo sangempela sabantu, ngakho abantu bayaqhubeka bezwe ukufihlakala kukaNkulunkulu. “Ukuba ubengeyena uNkulunkulu, ubeyosazi kanjani kakhulu kangaka isimo sethu sangempela?” Noma kunjalo, ngenxa yobuthakathaka bomuntu, “ezinhliziyweni zabantu, angikho phezulu futhi angikho phansi. Ngokwabantu, akwenzi mehluko ukuthi ngikhona noma angikho.” Ngabe lokhu akusona kanye isimo sabo bonke abantu esifanelene kakhulu nempilo yangempela? Ngokwabantu, uNkulunkulu ukhona uma bemfuna futhi akekho uma bengamfuni. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ukhona ezinhliziyweni zabantu lapho bedinga usizo lwakhe, kodwa uma bengasamdingi akabe esaba khona. Yilokhu okusezinhliziyweni zabantu. Empeleni, wonke umuntu emhlabeni ucabanga ngale ndlela, okufaka phakathi bonke “abangakholwa”, futhi “isithombe” sabo ngoNkulunkulu naso asicacile futhi asibonakali.

“Ngakho, izintaba ziba yimingcele phakathi kwezizwe phezu komhlaba, izilwandle ziba yizithiyo zokuhlukanisa abantu bezindawo ezehlukene, nomoya uba yilowo oshaya usuke kumuntu uye komunye ezindaweni ezingaphezu komhlaba.” Lo ngumsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngenkathi edala umhlaba. Ukusho lokhu lapha kuyabaxaka abantu: Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu ufuna ukudala omunye umhlaba? Kulungile yini ukusho lokhu: Njalo uma uNkulunkulu ekhuluma, amazwi Akhe aqukethe ukudala, ukuphatha nokubhubhisa umhlaba; ukuthi nje ngezinye izikhathi acacile, futhi ngezinye izikhathi awacaci. Konke ukuphatha kukaNkulunkulu kubonakala emazwini Akhe; inkinga nje ukuthi abantu abakwazi ukuwehlukanisa. Izibusiso uNkulunkulu azinika abantu zenza ukukholwa kwabo kukhule ngokuphindaphindwe izikhathi eziyikhulu. Uma ubuka ungaphandle, kubonakala sengathi uNkulunkulu wenza isithembiso kubantu, kodwa empeleni kuyisilinganiso sezinto ezifunwa nguNkulunkulu kubantu bombuso Wakhe. Labo abafanele ukusetshenziswa bayosala, kanti labo abangafanele bayogwinywa enhlekeleleni eyehla ezulwini. “Izulu, lindindizela esibhakabhakeni, liyoshaya abantu libalahle phansi; izintaba ezinde, njengoba zidilika, ziyobagqiba; izilwane zasendle ezilambile ziyobadephula; nezilwandle, zigubha amagagasi, ziyobemboza amakhanda. Njengoba isintu siba nezimpi nabafowabo, bonke abantu bazofuna ukubhubha kwabo ezinhlekeleleni ezivuka phakathi kwabo.” Yilena “impatho ekhethekile” eyonikezwa labo abangafiki endinganisweni, futhi abangeke balethelwe insindiso kamuva embusweni kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu elokhu esho izinto ezinjengokuthi, “Ngokuqinisekileyo, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzokhululeka ekuboshweni ngamandla obumnyama. Nakanjani, ngeke, phakathi kobumnyama, ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo,” kuyakhula kubantu ukwazi okwabo ukuhlonipheka; kanjalo baba nokholo olwengeziwe ekufuneni impilo entsha. UNkulunkulu uhlinzeka abantu njengokumcela kwabo. Uma uNkulunkulu esebaveze kwafika eqophelweni elithile, uguqula indlela Yakhe yokukhuluma, asebenzise iphimbo lokubusisa ukuze athole imiphumela emihle kakhulu. Ukufuna izidingo kumuntu ngale ndlela kunikeza imiphumela engokoqobo ngokwengeziwe. Ngenxa yokuthi abantu bazimisele ukukhuluma ngomsebenzi nozakwabo—bonke bangompetha emsebenzini—lokhu yilokho uNkulunkulu aqonde kukho uma esho lokhu. Ngakho yini “iSinimi’’? Lapha uNkulunkulu akabhekise kuwona umbuso wasemhlabeni okhohlakaliswe nguSathane, kodwa empeleni uqondise embuthanweni wazo zonke izingelosi ezaphuma kuNkulunkulu. Amagama athi “uzoqina ungantengantengi” aqonde ukuthi izingelosi ziyodabula kuyo yonke impi kaSathane ngalokho zimise iSinimi kuwo wonke umhlaba. Ngale ndlela umqondo oyiwo weSinimi ngumbuthano wazo zonke izingelosi emhlabeni, futhi lapha kushiwo lezo ezisemhlabeni. Ngakho, umbuso oyoba khona kamuva emhlabeni uyobizwa “ngeSinimi”, hhayi “umbuso.” Awukho umqondo wangempela “wombuso” emhlabeni; empeleni yiSinimi. Ngalokhu, kusekuwuxhumaniseni nencazelo yeSinimi kuphela lapho umuntu engazi khona umqondo wangempela wamagama athi “Ngokuqinisekile uyosabalalisa inkazimulo Yami kuwo wonke umhlaba.” Lokhu kukhombisa ukuhlelwa ngezigaba kwabo bonke abantu emhlabeni esikhathini esizayo. Abantu beseSinimi bonke bayoba ngamakhosi abusa bonke abantu emhlabeni emva kokwedlula ekusolweni. Yonke into emhlabeni iyosebenza ngokwejwayelekile ngenxa yokuphathwa kwabantu baseSinimi. Lokhu akuyilutho olunye ngaphandle komdwebo wesimo omahlikihlikana. Bonke abantu bayohlala ngaphakathi embusweni kaNkulunkulu, okusho ukuthi bayosala eSinimi. Abantu emhlabeni bayokwazi ukukhuluma nezingelosi. Kanjalo, izulu nomhlaba kuyoxhumana; noma, ngamanye amazwi, bonke abantu emhlabeni bayothobela futhi bathande uNkulunkulu njengoba izingelosi ezulwini zenza. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu uyobonakala ngokusobala kubo bonke abantu emhlabeni, abavumele ukuthi babone ubuso bakhe ngamehlo abo enyama, futhi uyozembula kubo noma nini.

Okwedlule: Isahluko 18

Okulandelayo: Isahluko 20

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp