Isahluko 18

Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo Sakhe. Isimo sikaNkulunkulu ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, okwanele ukukhombisa ukuthi kungakanani ukuceba okukhona Kuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Nakuba amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuwaqonda ngokugcwele. Buka la mazwi ngokuyisibonelo: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, umuntu ubuyelwe ubungcwele oke waba nabo. O, mhlaba wakudala okhohlakele! Ekugcineni usuwele emanzini angcolile futhi, lapho uzika ngaphansi kwamanzi, wancibilika waba udaka!” Onke amazwi kaNkulunkulu aqukethe ubuYena, futhi noma bonke abantu bewazi la mazwi, akekho oke wazi umqondo wawo. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke labo abamelana Naye bayizitha Zakhe, okungukuthi, labo abangabemimoya emibi bayizilwane. Kulokhu, umuntu uyasibona isimo sangempela sebandla. Bonke abantu bakhanyiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi kulokhu kukhanya, bayazihlola ngaphandle kokushunyayezwa noma ukusolwa noma ukulahlwa ngokuqondile ngabanye, ngaphandle kokuba ngaphansi kwezinye izindlela zabantu zokwenza izinto, nangaphandle kokukhonjiswa izinto ngabanye abantu. Ngokubuka “ngesibona-khulu”, babona ngokucacile ukuthi kungakanani ukugula okungaphakathi kubo. Emazwini kaNkulunkulu, lonke uhlobo lomoya lwehlukaniswa luphinde lwembulwe esimweni salo sasekuqaleni. Imimoya yezingelosi iya ngokuya ikhanyiswa futhi kukhanyiselwa, okuholela emazwini kaNkulunkulu athi “Umuntu ubuyelwe ubungcwele ake waba nabo,” La mazwi asekelwe emphumeleni wokugcina otholwe nguNkulunkulu. Okwamanje, ngokufanele, lo mphumela awukwazi ukufezeka ngokuphelele—lokhu kungukunambitha nje izinto ezizayo, okubonakala ngakho intando kaNkulunkulu. La mazwi enele ukukhombisa ukuthi baningi kakhulu abantu abayokuwa emazwini kaNkulunkulu futhi bayonqotshwa endleleni yokungcweliswa kancane kancane kwabo bonke abantu. Ukuthi “wancibilika waba udaka” akuphikisani nokubhubhisa kukaNkulunkulu umhlaba ngomlilo, futhi “umbani” uqondise olakeni lukaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ededela ulaka lwakhe olukhulu, umhlaba wonke uyokwehlelwa yizo zonke izinhlobo zezinhlekele njengomphumela wolaka Lwakhe, njengokuqhuma kwentabamlilo. Uma umi phezulu esibhakabhakeni kuyabonakala ukuthi, emhlabeni, zonke izinhlobo zezinhlekelele ziyasondela kuso sonke isintu, zisondela usuku ngosuku. Uma ubuka phansi uphezulu, umhlaba uveza izinhlobonhlobo zezimo ezifana nalezo ezandulela intabamlilo. Umlilo ongamanzi uyagobhoza ungavinjwa lutho, udaka lwentabamlilo lugeleza ngenkululeko, izintaba ziyagudluka, nokukhanya okubandayo kucwebezela phezu kwakho konke. Umhlaba wonke sewuzike emlilweni. Lesi yisigcawu esikhombisa uNkulunkulu ededela ulaka Lwakhe, futhi yisikhathi sokwahlulela kwakhe. Bonke labo abangabenyama negazi ngeke basinde. Ngalokho, izimpi phakathi kwamazwe nezingxabano phakathi kwabantu ngeke zidingeke ukuze zibulale wonke umhlaba; kunalokho umhlaba “uyothokoza ngokusobala” esandleni sokusola kukaNkulunkulu. Akekho oyokwazi ukuphunyuka; umuntu ngamunye ngamunye uyodlula kulobu bunzima. Emva kwalokho, wonke umhlaba uyophinde ukhazimule ngokukhanya okungcwele nesintu sonke siyobuye siqale impilo entsha. Futhi uNkulunkulu uyophumula phezu komhlaba, ebusisa sonke isintu nsuku zonke. Izulu ngeke libe yihlane elingabekezeleki, kodwa liyobuyelwa yimpilo ebese lingenayo kulokhu kwadalwa umhlaba, nokufilka “kosuku lwesithupha” kuyoba lapho uNkulunkulu eqala impilo entsha. UNkulunkulu nesintu bonke bayongena ekuphumuleni, nomhlaba ngeke usadungeka noma ungcole, kodwa uyokwenziwa ube musha. Kungakho uNkulunkulu athi: “Umhlaba awusamile uthule du, izulu aliseyilo ihlane futhi alisadabukisi.” Embusweni wezulu akukaze kube khona ukungalungi noma imizwa yabantu, noma siphi isimo sokukhohlakala kwabantu, ngoba ukuphazamisa kukaSathane akukho lapho. Bonke “abantu” bayakwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, nempilo ezulwini iyimpilo egcwele injabulo. Bonke labo abasezulwini banokuhlakanipha nesithunzi sikaNkulunkulu. Ngenxa yomehluko phakathi kwezulu nomhlaba, labo abahlala ezulwini ababizwa ngokuthi “abantu,” kodwa uNkulunkulu ubabiza ngokuthi “yimimoya”. La magama amabili anomehluko obalulekile—laba asebebizwa ngokuthi “abantu” bakhohlakaliswe nguSathane bonke, kanti “imimoya” ayinjalo. Ekugcineni, uNkulunkulu uyoguqula abantu bomhlaba ukuze babe nezici zemimoya yezulu, futhi ngeke besedlula ekuphazanyisweni nguSathane. Lokhu kungumqondo wangempela wamazwi athi “Ubungcwele Bami sebenabele emhlabeni wonke.” “Umhlaba, ngokwesimo sendabuko yawo, ungowasezulwini, futhi izulu lihlangene nomhlaba. Umuntu uyintambo ehlanganisa izulu nomhlaba, futhi ngenxa yokungcweliswa kwakhe, ngenxa yokwenziwa kabusha kwakhe, izulu alisacashile emhlabeni, nomhlaba awusathule ngezulu.” Lokhu kushiwo kubhekiswe kubantu abanemimoya yezingelosi, futhi kuleli qophelo “izingelosi” ziyophinda zikwazi ukuphila ndawonye ngokuthula futhi zibuyelwe yisimo sazo sasekuqaleni, zingabe zisahlukaniswa yinyama phakathi kwezindawo eziyizulu nomhlaba. “Izingelosi” ezisemhlabeni ziyokwazi ukuxoxa nezingelosi ezisezulwini, abantu abasemhlabeni bayozazi izimfihlakalo zezulu, nezingelosi ezulwini ziyozazi izimfihlo zomhlaba wabantu. Izulu nomhlaba kuyohlangana, kungabikhona ibanga phakathi kwakho. Yilobu ubuhle bokufezeka kombuso. Yilokhu uNkulunkulu ayokuphelelisa, futhi kuyinto elangazelelwa yobo bonke abantu nayo yonke imimoya. Kodwa abenkolo abazi lutho ngalokhu. Balindele nje ukuthi uJesu uMsindisi afike ephezu kwefu ukuba athathe imiphefumulo yabo, ashiye “udoti” usakazeke yonke indawo emhlabeni (“udoti” uqondise ezidunjini). Ingabe lo akuwona umcabango okubo bonke abantu? Kungakho uNkulunkulu athi: “O, umhlaba wenkolo! Kungani ungebhujiswe yigunya lami emhlabeni?” Ngenxa yokupheleliswa kwabantu bakaNkulunkulu emhlabeni inkolo iyoketulwa. Lo ngumqondo wangempela “wegunya” uNkulunkulu akhuluma ngalo. UNkulunkulu wathi: “Ngabe bakhona, ezinsukwini zami, abahlaza igama Lami? Bonke abantu babhekise amehlo abo anenhlonipho Kimi, futhi ezinhliziyweni zabo bakhala ngokuyimfihlo Kimi” Yilokhu akusho ngomphumela wokubhidlizwa komhlaba wenkolo. Uyozinikela wonke phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ngenxa yamazwi Akhe, futhi ngeke usalindela ifu elimhlophe ukuthi lehle noma ugqolozele isibhakabhaka, kodwa kunalokho uyonqotshwa phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu sobukhosi. Okuholela emazwini athi, “ezinhliziyweni zabo, bakhala ngokuyimfihlo Kimi”—lokhu kuyoba ngumphumela wenkolo, eyonqotshwa nguNkulunkulu yonke. Yilokhu amandla onke kaNkulunkulu abhekise kukho—ukuwisa bonke abantu benkolo, isintu esihlubuka kunabo bonke, ukuze bangaphindi futhi babambelele emicabangweni yabo ukuze bazi uNkulunkulu.

Noma amazwi kaNkulunkulu esebikezele kaningi ngobuhle bombuso, esekhulume ngezingxenye zawo ezehlukene aze awuchaza ewuvelela ezinhlangothini ezehlukene, awakakwazi ukuveza ngokugcwele zonke izimo zeNkathi Yombuso ngoba amandla abantu okwamukela mancane kakhulu. Onke amagama amazwi Akhe asekhulunyiwe, kodwa abantu abakawabuki phakathi ngesibuko, ngama-X-ray, uma singasho, osekuholele ekuthini abantu baqhubeke nokungacacelwa nokungaqondi, baze badideke. Lobu ubuthakathaka obukhulu benyama. Noma ezinhliziyweni zabo abantu befuna ukuthanda uNkulunkulu, basamphikisa ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, ngakho uNkulunkulu usezithinte izikhathi ziningi izinhliziyo zabo ezindikindiki ezinobuwula ukuze zivuselelwe. Konke okuvezwa nguNkulunkulu ububi bukaSathane, ngakho-ke ukuba nolaka ngokwengeziwe kwamazwi Akhe kuletha amahloni engeziwe kuSathane, futhi ukukhululeka ekuboshweni kwezinhliziyo zabantu kuluvusa ngokwengeziwe uthando kubantu. Yilena indlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Ngenxa yokuthi uSathane usebekwe obala, usebonakele, akasalingi ahlale ezinhliziyweni zabantu, kanjalo nezingelosi azisaphazamiseki. Ngale ndlela, bathanda uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo nomqondo wabo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho kubonakala khona ngokucacile ukuthi, ebunjalweni bazo, izingelosi ngezikaNkulunkulu futhi zithanda uNkulunkulu. Intando kaNkulunkulu ingafezeka ngale ndlela kuphela. “Phakathi ezinhliziyweni zabo, sekunendawo Yami. Ngeke ngisahlangana nenzondo noma ukungafunwa phakathi kwabantu, ngoba umsebenzi wami omkhulu usufeziwe, futhi awusaphazamiseki.” Lokhu kungumqondo wokuchazwe ngenhla. Ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, abantu abakwazi ukuthola isikhathi sokuthanda uNkulunkulu futhi bahlale bexakwe yizinto zomhlaba futhi bekhohliswa nguSathane ukuze benze izinto ngokudideka. Kungakho uNkulunkulu ethe isintu “sesedlule ebunzimeni obuningi empilweni, ukungabibikho kobulungiswa okuningi emhlabeni, ukwehla nokwenyuka okusemhlabeni, kodwa manje sebehlala ekukhanyeni Kwami. Ubani ongakhali ngenxa yokungabibikho kobulungiswa kwayizolo?” Emva kokuba abantu sebezwe la mazwi bezwa sengathi uNkulunkulu ungumlingani wabo osizini, uyabakhalisa, nokuthi ngaleso sikhathi, ukuzwa kanye nabo ukukhononda kwabo. Ngokuphazima kweso bezwa ubuhlungu bomhlaba wabantu bese becabanga: “Lokho kuyiqiniso kakhulu—angikaze ngithokozele lutho emhlabeni. Selokhu ngaphuma esizalweni sikamama kuze kube manje, sengizwe impilo yomuntu futhi angikaze ngizuze lutho, kodwa sengihlupheke kakhulu. Ayinalutho ngempela! Futhi manje ngikhohlakaliswe nguSathane kakhulu! O! Ukube akungenxa yokusindisa kukaNkulunkulu, uma kufika isikhathi sokufa kwami, bekungeke kube ngiphile yonke impilo yami ezeni? Ingabe ikhona ihloso empilweni yomuntu? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu wathi yonke into engaphansi kwelanga ayinalutho. Ukuba uNkulunkulu ubengangikhanyiselanga namuhla bengiyolokhu ngesebumnyameni. Kuyadabukisa!” Kuleli qophelo, kuvuka ukungeneliswa enhliziyweni yakhe bese ethi: “Uma ngingeke ngizuze isethembiso sikaNkulunkulu ngingaqhubeka kanjani nokuzwa impilo?” Wonke umuntu ofunda la mazwi uyokhala izinyembezi ngesikhathi ethandaza. Kunjalo ukusebenza komqondo womuntu. Ngeke kwenzeke ukuthi umuntu afunde lokhu angathinteki, ngaphandle kokuthi enesifo sengqondo. UNkulunkulu uveza izimo zazo zonke izinhlobo zabantu nsuku zonke. Kwezinye izikhathi ukhipha izikhalo egameni labo. Kwezinye izikhathi, welekelela abantu ukuthi banqobe futhi bedlule ngempumelelo esimweni esithile. Kwezinye izikhathi, ubakhombisa “izinguquko” zabantu. Ngaphandle kwalokho, abantu ngeke bazi ukuthi sebekhule kangakanani ekuphileni. Kwezinye izikhathi, uNkulunkulu ukhomba lokho abantu abedlule kukho empilweni yangempela, futhi kwezinye izikhathi, ukhomba ukusilela nobuthakathaka babo. Kwezinye, izikhathi ubabekela izimfuno zakhe ezintsha, futhi kwezinye izikhathi ukhomba izinga labo lokumqonda. Kodwa, uNkulunkulu uphinde wathi: “Ngizwe amazwi akhulunywa ngabantu abaningi esuka ezinhliziyweni, izindaba ezivela kubantu abaningi ezimayelana nezinto ezibuhlungu abedlule kuzo ekuhluphekeni; ngibone abaningi kakhulu, ezimweni ezilukhuni, bethembeka Kimi ngokungehluleki, futhi ngabuka abaningi behamba endleleni enamatshe, befuna ukuthola indlela yokuphuma.” Lokhu wukuchazwa kwabalingiswa abahle. Kuleso naleso siqephu “somdlalo womlando womuntu” bekungekho abalingiswa abahle kuphela, kodwa nababi bebekhona. Ngakho, uNkulunkulu uyaqhubeka embule ububi balaba balingiswa ababi. Ngale ndlela, kusekwehlukeni kwabo “emambukeni” kuphela lapho kwembulwa khona ukwethembeka okungaxegi nesibindi esingenalo uvalo “sabantu abaqotho.” Ezimpilweni zabo bonke abantu kukhona izici ezimbi, kuphinde, ngokungaguquki, kube khona izici ezinhle. UNkulunkulu usebenzisa kokubili ukuze embule iqiniso ngabo bonke abantu, ukuze amambuka agebise amakhanda avume izono zawo, nokuba, ngokukhuthazwa, abantu abaqotho baqhubeke nokwethembeka. Umqondo ocashile wamazwi kaNkulunkulu ujule kakhulu. Ngezinye izikhathi, abantu bawafunda qede bahleke baze bagobe, kuthi kwezinye izikhathi, bagebise amakhanda bathule. Kwezinye izikhathi bakhumbula okwedlule, kwezinye izikhathi bakhale kabuhlungu bavume izono zabo, kwezinye izikhathi bayaphuthaza, kwezinye izikhathi bayathungatha. Kukho konke, kukhona izinguquko ekunyakazeni kwabo ngenxa yezimo ezehlukene uNkulunkulu akhuluma kuzo. Lapho umuntu efunda amazwi kaNkulunkulu, kwezinye izikhathi izibukeli zike zikholwe ngokuyiphutha ukuthi lowo muntu ugula ngengqondo. Cabanga la mazwi: “Ngakho-ke, izingxabano zezimpikiswano azisekho emhlabeni, futhi, kulandela ukukhulunywa kwamazwi Ami, izinhlobonhlobo ‘zezikhali’ zenkathi yamanje zihoxisiwe.” Igama elithi “izikhali” lodwa lingasusa ihlaya losuku lonke, futhi noma nini lapho umuntu ekhumbula igama elithi “izikhali” uyohleka kakhulu eyedwa. Akunjalo? Kungenzeka kanjani ukuthi ungakuhleki lokhu?

Lapho uhleka, ungakhohlwa ukuqonda lokho uNkulunkulu akufuna esintwini, futhi ungakhohlwa ukubona isimo sangempela sebandla: “Sonke isintu sesibuyele esimweni esijwayelekile sase siqala impilo entsha. Ekuphileni endaweni entsha, abantu abaningi babuka okubazungezile, bezwa sengathi bangene emhlabeni omusha ngokugcwele, futhi ngenxa yalokhu abakwazi ukujwayela indawo yabo yamanje ngokushesha noma bangene endleleni efanele ngokushesha.” Lesi yisimo sangempela samanje sebandla. Ningakhathazeki ngokwedlulele ngokufuna ukuthi bonke abantu bangene ngokushesha emzileni ofanele. Uma nje umsebenzi kaMoya oNgcwele usuqhubekele eqophelweni elithile, abantu bayongena kuwo ngaphandle kokwazi. Uma niqonda ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu niyokwazi ukuthi uMoya Wakhe usesebenze waze wafinyelela kuliphi iqophelo. Intando kaNkulunkulu iwukuthi: “Nginikeza kuphela, kuya ngokungalungi komuntu, ibinza elifanele “lokufundisa”, okuhle ekwenzeni bonke abantu bangene endleleni efanele.” Lena yindlela kaNkulunkulu yokukhuluma nokusebenza, futhi yindlela eqondile yokwenza kwesintu. Emva kwalokhu, wakhombisa abantu ezinye izimo sesintu: “Uma abantu bengafuni ukuthokozela ukuthula okuKimi, konke engingakwenza ukuba ngahambisane nezifiso zabo ngibathumele emgodini ongenamkhawulo.” UNkulunkulu wakhuluma kabanzi washiya abantu bengenalo nelincane ithuba lokukhononda. Yilokhu kanye okungumehluko phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. UNkulunkulu uhlala ekhuluma nomuntu ngokuvulelekile nangokukhululeka. Kukho konke akushoyo uNkulunkulu, umuntu ubona inhliziyo Yakhe eqotho, okwenza abantu baqhathanise izinhliziyo zabo neYakhe futhi bakwazi ukuvula izinhliziyo zabo Kuye abone ukuthi zingena kumuphi umbala wothingo lwenkosazana. UNkulunkulu akaze ancome ukholo noma uthando lwanoma yimuphi umuntu, kodwa ubehlale efuna izinto kumuntu futhi eveza ububi bomuntu. Lokhu kukhombisa ukuthi sincane kangakanani “isiqu” sabantu nokuthi “isakhiwo” sabo sintula kangakanani. Badinga “ukuziqinisa” okuthe xaxa ukuze balungise lokho kusilela kwabo, okungakho uNkulunkulu elokhu “ededela ulaka Lwakhe” kubantu. Ngelinye ilanga, lapho uNkulunkulu eselembule lonke iqiniso ngesintu, abantu bayokwazi ukupheleliswa, noNkulunkulu uyokhululeka. Abantu ngeke baphinde bamkhohlise uNkulunkulu futhi Naye ngeke “esabafundisa.” Ukusuka lapho kuya phambili abantu bayokwazi “ukuziphilela,” kodwa asikafiki leso sikhathi. Kusekuningi okukubantu okungathiwa “yimpahla mbumbulu” ngakho kudingeka izikhawu eziningi zokuhlolwa, “amasango okuhlola” amaningi lapho kungakhokhwa khona “intela” yabo ngokufanele. Uma kusekhona izimpahla mbumbulu, ziyobanjwa ukuze zingadayiswa, bese kuthi leyo ngqumbi yezimpahla ezishushumbisiwe ishiswe. Akuyona indlela enhle yokwenza izinto leyo?

Okwedlule: Isahluko 17

Okulandelayo: Isahluko 19

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp