Isahluko 17

Eqinisweni, onke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu ayizinto abantu abangazazi; onke awulimi abantu abangakaze baluzwe, ngakho kungabekwa kanje: amazwi kaNkulunkulu kwawona ayimfihlakalo. Abantu abaningi bakholwa ngokuyiphutha ukuthi izinto kuphela abantu abangeke bazithole ngokomqondo, izindaba zasezulwini uNkulunkulu avumela abantu ukuthi bazi ngazo manje, noma iqiniso ngalokho uNkulunkulu akwenzayo endaweni yomoya kuyizimfihlakalo. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu abawaphathi wonke amazwi kaNkulunkulu ngokulinganayo, futhi abawazisi, kodwa bagxila kulokhu abakholwa ukuthi “yizimfihlakalo.” Lokhu kufakazela ukuthi abantu abazi ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayini noma ukuthi izimfihlakalo ziyini—bafunda kuphela amazwi kaNkulunkulu ngaphakathi kwemicabango yabo. Iqiniso lithi akukho noyedwa owathanda ngempela amazwi kaNkulunkulu—isizathu sokuthi kungani kuthiwa “abantu bangompetha ekungikhohliseni” ilapha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uthi abantu abafanelekile noma ukuthi bayinto exoveke kakhulu. Yilesi isimo sangempela sesintu. Abantu uqobo abacacelwa kahle ukuthi uNkulunkulu empeleni uhlezi endaweni engakanani ezinhliziyweni zabo—kwazi uNkulunkulu kuphela ngokugcwele. Ngakho okwamanje abantu bafana nezingane ezincelayo—abazi nhlobo ukuthi baluphuzelani ubisi nokuthi baphilelani. Ngunina kuphela owazi izidingo zabo, ongeke abadedele babulawe yindlala, futhi ongeke abadedele ukuthi bazibulale ngokudla kakhulu. UNkulunkulu wazi izidingo zabantu kunabo bonke, ngakho, ngezikhathi ezithile uthando lwakhe luphila emazwini Akhe, ngezinye izikhathi ukwahlulela Kwakhe kwembulwa kubo, kwezinye izikhathi amazwi Akhe alimaza izinhliziyo eziphakathi kakhulu kubantu, kwesinye isikhathi amazwi Akhe aqatha ngempela. Lokhu kuvumela abantu akuba bezwe umusa Wakhe nokufinyeleleka kwakhe, nokuthi akasona “isithombe esikhulu” esisemicabangweni yabantu, oyilowo ongathinteki, futhi akayona “iNdodana yeZulu” esemiqondweni yabantu, lowo ongabukeki ngqo ebusweni, futhi ngokuqondile akawuye “umbulali” abantu abamcabangayo obulala abangenacala. Isimo esiphelele sikaNkulunkulu sembulwa emsebenzini wakhe, isimo sikaNkulunkulu esenyameni namuhla sisavezwa emsebenzini Wakhe, ngakho inkonzo uNkulunkulu ayenzayo yinkonzo yamazwi, hhayi eyalokh0 akwenzayo noma ukuthi ubonakala enjani ngaphandle. Ekugcineni bonke abantu bayothola ukukhanyiselwa emazwini kaNkulunkulu futhi benziwe baphelele ngenxa yawo. Ekuhambeni kwabo empilweni, ngenxa yokuqondiswa ngamazwi kaNkulunkulu bayothola indlela yokuphila, futhi emazwini aphuma emlonyeni kaNkulunkulu abantu bayosazi sonke isimo Sakhe. Ngenxa yamazwi wonke umsebenzi kaNkulunkulu uyogcwaliseka, abantu bayophila, futhi zonke izitha ziyonqotshwa. Lo yiwona msebenzi wokuqala futhi akekho ongawuziba. Singake sibuke emazwini Akhe: “Izwi Lami lizwakala njengokuduma kwezulu, likhanyisa wonke amagumbi omane nomhlaba wonke, futhi phakathi kokuduma kwezulu nonyazi, isintu sishayeka phansi. Akekho umuntu oke wema phakathi kokuduma kwezulu nombani: Abantu abaningi bayesaba baqhaqhazele ekuzeni kokukhanya Kwami bangazi ukuthi benzeni.” Lapho uNkulunkulu evula umlomo Wakhe amazwi avele aphume. Wenza konke ngamazwi, futhi zonke izinto ziguqulwa ngamazwi Akhe, bonke abantu bavuselelwa ngamazwi Akhe. Kuqondweni “ngezulu nombani”? futhi “ukukhanya” kuqondeni? Akukho ngisho okukodwa okungaphunyuka emazwini kaNkulunkulu. Usebenzisa amazwi Akhe ukubeka obala imiqondo yabantu nokwethula ububi babo; usebenzisa amazwi ukubhekana nemvelo endala yabantu nokwenza bonke abantu Bakhe baphelele. Ingabe akusikho lokhu ukubaluleka kwamazwi kaNkulunkulu? Emhlabeni wonke, ukuba kwakungekho ukwesekela nokuqinisa kwamazwi kaNkulunkulu, sonke isintu ngabe sesabhujiswa kudala saphela nya. Lokhu kungumgomo walokho okwenziwa nguNkulunkulu, futhi kuyindlela yokusebenza yohlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ukubaluleka kwamazwi Akhe kubonakala ngokusobala kulokhu. Amazwi kaNkulunkulu ahlaba aqonde ngqo ezinzulwini zemiphefumulo yesintu. Lapho nje bebona amazwi Akhe bayamangala bashaywe uvalo babaleke ngokushesha. Bafuna ukubalekela ukuba ngokoqobo kwamazwi Akhe, okungenxa yalokho laba “ababaleki” bebonakala yonke indawo. Emva nje kokukhulunywa kwala mazwi kaNkulunkulu abantu bayabaleka. Lokhu kuyingxenye eyodwa yomfanekiso wobubi besintu uNkulunkulu awethulayo. Khona manje, bonke abantu baya ngokuya bevuka ebuthongweni babo. Kusengathi bonke abantu bebekade bengenwe ukulahlekelwa yingqondo, manje sebeyawabona amazwi kaNkulunkulu futhi banomphumela olokhu ukhona emva kwesifo, abasakwazi ukubuyela esimweni sabo esidala. Lesi yisimo sangempela sabo bonke abantu, futhi siwukuvezwa okuyiqiniso kwalo musho: “abantu abaningi, ngokuvuswa yilokhu kukhanya okugqamile ngokushesha bayavuka ngokushesha ekudidekeni kwabo. Kodwa akekho noyedwa oseke wabona ukuthi selufikile usuku lokuthi ukukhanya Kwami kwehlele emhlabeni.” Yikho uNkulunkulu athi: “Iningi labantu limangazwa ukuvela kokukhanya okusheshayo.” Ukukubeka ngale ndlela kufanele kakhulu. Incazelo kaNkulunkulu yesintu ayishiyi ngisho isikhala esingangechopho lenalithi—ngempela lokhu usekwenze ngokunembayo ngaphandle kwephutha, okungakho bonke abantu bekholwa ngokugcwele futhi ngaphandle kokwazi, uthando lwabo lukaNkulunkulu seluqalile ukukhula lusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Kungale ndlela kuphela lapho indawo kaNkulunkulu ezinhiziyweni zabo iba ngeqonde kangcono, futhi ngenye yezindlela zokusebenza kukaNkulunkulu.

“Abantu abaningi baxakekile; balimele emehlweni baphonswa odakeni ngenxa yokukhanya.” Ngenxa yokuthi baphikisa intando kaNkulunkulu (okungukuthi, bamelana noNkulunkulu), lolo hlobo lomuntu lubhekana nokusolwa ngenxa yenkani yabo lapho amazwi kaNkulunkulu efika; yikho kuthiwa balimele emehlweni ngenxa yokukhanya. Lolu hlobo lomuntu seluvele lunikelwe kuSathane, ngakho lapho selungena emsebenzini omusha alunakukhanyiseleka noma ukukhanya. Bonke labo abangenawo umsebenzi kaMoya oNgcwele bangenwe nguSathane, futhi ezinzulwini zezinhliziyo zabo ayikho indawo kaNkulunkulu, yikho kuthiwa “baphonswe phansi odakeni.” Bonke abakulesi simo basesimweni sokungahleleki. Abakwazi ukungena emzileni ofanele, abakwazi ukubuyisa isimo sokwejwayelekile, abakucabangayo emiqondweni yabo kubheke eceleni. Bonke abantu emhlabeni seboniwe kakhulu nguSathane. Abanampilo futhi bagcwele iphunga lezidumbu. Bonke abantu emhlabeni baphila phakathi kobhubhane lwamagciwane futhi akekho ongasinda kulo. Abazimisele ukuphila emhlabeni, kodwa bahlale bezwa ukuthi kukhona into enkulu ezokwenzeka ukwenza abantu bazibonele yona bona, ngakho bonke abantu bayaziphoqa ukuqhubeka baphile. Abantu sebenesikhathi eside bengenamandla ezinhliziyweni zabo, basebenzisa amathemba abo nje angabonakali njengensika yomoya, ngakho babamba amakhanda abo nje, benza njengomuntu, beqhuba impilo yabo emhlabeni. Kusengathi bonke abantu bangamadodana kadeveli osesimweni somuntu. Kungakho uNkulunkulu athi: “Umhlaba wembozwe yisiphithiphithi, okwenza kungabukeki ngendlela yokuthi uma kubhekisiswa eduze, kukuthela ngosizi olungaphezu kwamandla.” Ngenxa yokuvela kwalesi simo uNkulunkulu waqala “ukuhlwanyela imbewu yoMoya ngezandla Zami” kuwo wonke umhlaba, futhi waqala ukwenza umsebenzi wakhe wensindiso kuwo wonke umhlaba. Kungenxa yokuqhutshekiswa kwalo msebenzi lapho uNkulunkulu aqala khona ukwehlisa zonke izinhlobo zezinhlekelele, ngale ndlela esindisa abantu abenezinhliziyo ezilukhuni. Ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu, insindiso isenzeka ngezimo zezinhlekelele ezehlukahlukene, futhi akekho obhujiswayo ongaphunyuka kuzo. Kusekugcineni kuphela lapho isimo “esinokuthula njengezulu lesithathu: Lapha izinto eziphilayo, ezinkulu nezincane, zihlalisana ngokuthula, zingangeni nakanye ‘ezingxabanweni zomlomo nezolimi’” siyokwazi khona ukuvela emhlabeni. Enye ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu ukunqoba sonke isintu bese ezuza abantu abakhethiwe ngomsebenzi wakhe. Enye ingxenye ukunqoba wonke amadodana okuvukela ngezinhlekelele ezehlukene. Lokhu kuyingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu obanzi. Kungale ndlela kuphela lapho umbuso wasemhlabeni ofunwa nguNkulunkulu ungafezeka ngokuphelele, futhi lokhu kuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu onjengegolide elihle.

UNkulunkulu uhlale efuna ukuthi abantu baqonde okwenzeka ezulwini. Bangakwenza ngempela lokho? Iqiniso lithi, ngokubuka isimo sangempela samanje sabantu, seboniwe nguSathane iminyaka engaphezu kwezi-5 900, abanakuqhathaniseka noPetru ngakho ngeke nje baze bakwazi ukukwenza. Lena ngenye yezindlela zomsebenzi kaNkulunkulu. Wayengeke enze abantu balinde nje bangenzi lutho, kodwa wayezofuna ukuba abantu bakhuthale bafune. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu eyoba nethuba lokusebenza kubantu. Lokhu kungachazwa kakhudlwana, uma kungenjalo abantu bayogcina benokuqonda okukha phezulu nje. Emva kokuthi uNkulunkulu edale isintu wase esinika imimoya, wasiyala ukuthi uma singabizi uNkulunkulu, ngeke sikwazi ukuxhumana noMoya Wakhe kanjalo “ithelevishini eyizindishi” yasezulwini ngeke itholakale emhlabeni. Uma uNkulunkulu engasekho emimoyeni yabantu kukhona isihlalo esingenamuntu esihlezi sivulekele ezinye izinto, yilapho uSathane ethatha khona ithuba lokungena. Lapho abantu bexhumana noNkulunkulu ngezinhliziyo zabo, uSathane usheshe ashaywe wuvalo aphuthume aphume. Ekukhaleni kwesintu uNkulunkulu usinika lokho esikudingayo, kodwa akaqali “ahlale” phakathi kwaso kuqala. Ulokhu esinikeza usizo njalo ngenxa yokukhala kwaso, nabantu bathola ukuqina kulawo mandla angaphakathi ukuze uSathane angalingi eze lapha “ukuzodlala” ngokuthanda kwakhe. Ngale ndlela, uma abantu behlala bexhumene noMoya kaNkulunkulu, uSathane ngeke alinge ukuza azokona. Ngaphandle kokuhliphiza kukaSathane zonke izimpilo zabantu ziba ngezejwayelekile futhi uNkulunkulu unethuba lokusebenza phakathi kwabo ngaphandle kweziphazamiso. Ngale ndlela, uNkulunkulu afuna ukukwenza kungafezeka ngabantu. Kulokhu, kungaziwa ukuthi kungani uNkulunkulu elokhu efuna ukuthi abantu bandise ukholo lwabo, futhi uphinde wathi: “Ngifuna okufanelekile ngokuhambisana nesimo somuntu emhlabeni. Angikaze ngibeke muntu ebunzimeni, futhi angikaze ngicele muntu ukuba ‘akhame igazi lakhe’ ukuze ngizithokozise.” Abantu abaningi bamangazwa izimfuneko zikaNkulunkulu, bathi, ngenxa yokuthi abantu abanawo lawo mandla engqondo futhi seboniwe nguSathane ngokungehlehliseke, kungani uNkulunkulu elokhu efuna izimfuneko zakhe kubo? Ingabe akababeki esimweni esibi? Uma ubona ubuso obuqinile babantu, futhi ubona ukubukeka kwabo kuxakile kanje, ngeke uzibambe kodwa ungahleka. Ububi babantu obehlukene buyahlekisa—kwezinye izikhathi bafana nengane ethanda ukudlala, kwezinye izikhathi banjengentombazanyana edlala ukuba “umama.” Kwesinye isikhathi banjengenja edla igundane. Umuntu akazi ukuthi ahleke noma akahle ngenxa yalezi zimo zabo ezimbi, futhi imvama lapho abantu bengayiqondi ngokwengeziwe intando kaNkulunkulu, kuya ngokwengeziwe ukufaneleka kwabo ukungena enkingeni. Kungakho kubonakala emazwini kaNkulunkulu, “Ngabe nginguNkulunkulu oletha ukuthula kuphela endalweni?” ukuthi bayizilima kangakanani abantu, futhi kukhombisa ukuthi akekho umuntu ongaqonda intando kaNkulunkulu. Ngisho esekhuluma eyisho ukuthi iyiphi intando Yakhe, abakwazi ukuyicabanga. Benza kuphela umsebenzi kaNkulunkulu ngokwentando yabo, ngakho-ke bayoyiqonda kanjani intando Yakhe ngaleyo ndlela? “Ngihamba emhlabeni, ngisabalalisa amakha Ami yonke indawo, futhi kuyo yonke indawo ngishiya isimo Sami. Yonke indawo izwakala umsindo wezwi Lami. Abantu yonke indawo basala befisa ubuhle bayizolo, ngoba sonke isintu sikhumbula osekwadlula …” Kuyoba nje uma sekwakhiwa umbuso. Empeleni, ezindaweni eziningi uNkulunkulu usebikezele ubuhle bokufika kombuso, futhi uma sezihlanganiswe zonke, kuvela isithombe esiphelele sombuso. Kodwa abantu abakunaki lokhu—bayabuka nje njengomfanekiso odwetshiweyo.

Ngenxa yezinkulungwane eziningi zeminyaka yokoniwa nguSathane, abantu balokhu bahlala ebumnyameni, ngakho abakhathazwa wubumnyama futhi abakulangazeleli ukukhanya. Yilokhu osekuholele kulokhu lapho ukukhanya sekufikile namuhla: “bonke baphikisana nokuza Kwami, bonke bayakuxosha ukukhanya ukuthi kungezi, sengathi bengiyisitha somuntu ezulwini. Umuntu ungibingelela ngokukhanya kokuzivikela emehlweni akhe.” Nakuba abantu abaningi bethanda uNkulunkulu ngezinhliziyo ezimhlophe, akakaneliswa futhi usasilahla isintu. Kuyabaxaka lokhu abantu. Ngenxa yokuthi abantu bahlala ebumnyameni, inkonzo yabo kuNkulunkulu isenziwa ngendlela efanayo neyasesimweni sokungabi khona kokukhanya. Okusho ukuthi, abantu bonke bakhonza uNkulunkulu besebenzisa imicabango yabo, futhi lapho uNkulunkulu efika, abantu bonke bangaphakathi kwalolu hlobo lwesimo futhi abakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngokwamukela ukukhanya okusha, kodwa basebenzisa konke ukwazi nokubona kwabo ukumkhonza. UNkulunkulu akatholi kujabula “ekuzinikeleni” kwabantu, ngakho ukukhanya akukwazi ukunconywa yisintu esisebumnyameni. Kungakho uNkulunkulu akhuluma la mazwi angenhla; lokhu—akuphikisani neze neqiniso, futhi akuyena uNkulunkulu ophatha kabi isintu, noma nguye osonayo. Kusuka ekudalweni komhlaba kuze kube namuhla, akukho noyedwa umuntu oseke wezwa imfudumalo kaNkulunkulu—bebelokhu bemqaphile uNkulunkulu, besaba kakhulu ukuthi uNkulunkulu uzobashaya, ukuthi uNkulunkulu uzobabhubhisa. Ngakho kule minyaka eyizi-6,000 uNkulunkulu ubehlala esebenzisa imfudumalo ukuthola ubuqotho babantu, futhi ubelokhu ebaqondisa ngesineke indlela yonke. Lokhu kungenxa yokuthi abantu babuthakathaka kakhulu, futhi abakwazi ukuyazi ngokuphelele intando kaNkulunkulu, futhi abakwazi ukumthanda ngayo yonke inhliziyo, ngoba abakwazi okunye ngaphandle kokuba ngaphansi kokusetshenziswa nguSathane. Kodwa noma kunjalo, uNkulunkulu usabekezela, futhi lapho ebekezelela lokhu kuze kufike osukwini oluthile, okungukuthi, lapho enza lo mhlaba ube musha, ngeke esabheka abantu njengonina. Esikhundleni salokho uyonikeza abantu isijeziso esibafanele, okungakho emva kwalokho kuyoba khona: “Izidumbu zintante ebusweni bolwandle” ngenkathi “ezindaweni ezingenamanzi, abanye abantu basathokozile, phakathi kohleko namaculo, izethembiso engiziqinisekisele bona.” Lokhu ngukuqhathanisa phakathi kwezindawo okuya kuzo labo abajeziswayo nalabo abaklonyeliswayo. Umshwana othi “ebusweni bolwandle” uqondise emgodini ongenamkhawulo wokusolwa kwesintu akhuluma ngawo uNkulunkulu. Kuyindawo okuya kuyo uSathane, futhi “kuyindawo yokuphumula” uNkulunkulu ayilungiselele labo abamphikisayo. UNkulunkulu ulokhu afuna uthando lweqiniso esintwini, kodwa abantu abakwazi lokhu futhi abakuzwa, abantu basazenzela umsebenzi wabo. Kungakho, kuwo wonke amazwi Akhe, uNkulunkulu elokhu efuna izinto kubantu futhi ekhomba ukwehluleka kwabantu futhi ebakhombisa indlela yokwenza ukuze baphile ngala mazwi. UNkulunkulu ubuye wakhanyisa ngendlela abuka ngayo abantu: “Nokho angikaze ngithathe neyodwa impilo yomuntu ngidlale ngayo sengathi yithoyizi. Ngibuka ubunzina umuntu adlule kubo futhi ngiyaliqonda inani alikhokhile. Njengoba emile phambi Kwami, angifisi ukumzuma umuntu, ukuze ngimsole, futhi angifisi ukubeka phezu kwakhe izinto ezingathandeki. Kunalokho, sonke lesi sikhathi, bengihlinzeka umuntu futhi ngimupha.” Lapho abantu befunda la mazwi aphuma kuNkulunkulu, bezwa imfudumalo yakhe ngokushesha: Impela, esikhathini esedlule ngikhokhe intengo enzima ngoNkulunkulu kodwa futhi ngimthathe kalula, ngezinye izikhathi ngakhononda kuye. UNkulunkulu ungiqondisile ngamazwi Akhe futhi uyinaka kakhulu impilo yami, kodwa ngezinye izikhathi ngidlala ngakho sengathi kuyithoyizi. Akudingekile impela. UNkulunkulu ungithanda kangaka, manje yini ngingazami kakhulu ngokwanele? Uma becabanga ngalokhu, abantu ngempela bafisa ukuzishaya ngempama ebusweni, noma, kwabathile, amakhala abo aze adikize bakhale kakhulu. UNkulunkulu uyaziqonda izinhliziyo zabantu bese ekhuluma ngokufanele, futhi la mazwi ambalwa angaqinile futhi angathambile agqugquzela uthando lwabantu kuNkulunkulu. Ekugcineni, uNkulunkulu wabikezela inguquko emsebenzini Wakhe ngesikhathi sokwakheka kombuso emhlabeni: ngenkathi uNkulunkulu esemhlabeni, abantu bayokwazi ukukhululeka ezinhlekeleleni nasezingozini futhi bayokwazi ukuthokomala emseni, kodwa lapho eseqala ukwahlulela kosuku olukhulu, kuyoba yilapho evela khona phakathi kwabo bonke abantu, futhi wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usuqedwe ngokugcwele. Ngaleso sikhathi, ngenxa yokuthi usuku selufikile, kuyoba nje njengoba kushiwo eBhayibhelini: “Lowo ongalungile, akaqhubeke nokungalungi: nalowo ongcwele, akaqhubeke abe ngcwele.” Abangalungile bayofika ekusolweni, nabangcwele bayobuyela phambi kwesihlalo sobukhosi. Akukho noyedwa oyokwazi ukuthola ukubekezelelwa Nguye, ngisho namadodana nabantu bombuso. Konke kuyobe kungukulunga kukaNkulunkulu, futhi kuyoba ngukwembulwa kwesimo Sakhe. Ngeke akhombise uzwelo lwesibili ngobuthakathaka bomuntu.

Okwedlule: Isahluko 16

Okulandelayo: Isahluko 18

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp