Isahluko 9

Emicabangweni yabantu, uNkulunkulu unguNkulunkulu, umuntu ungumuntu. UNkulunkulu akakhulumi ulimi lwabantu, nomuntu akakhulumi ulimi lukaNkulunkulu, futhi kuNkulunkulu izinto ezilindelwe ngumuntu Kuye zilula kakhulu, kanti okufunwa nguNkulunkulu akunakwenzeka futhi akucabangeki kumuntu. Iqiniso, kodwa, lehlukile kulokhu: uNkulunkulu ufuna kuphela u- “0.1 phesenti” kumuntu. Lokhu akwethusi nje kuphela kubantu, kodwa kubenza bazizwe bedideke kakhulu, kube sengathi bantanta olwandle. Kungenxa yokukhanyiselwa nguNkulunkulu kuphela, nangomusa kaNkulunkulu, nokuba abantu bayakwazi ukuba nolwazi oluncane ngentando kaNkulunkulu. Kodwa ngomhla ka-1 kuNdasa bonke abantu baphinde basala bedidekile futhi bezinwaya amakhanda. UNkulunkulu wacela ukuthi abantu Bakhe babe yiqhwa elicwebezelayo, hhayi amafu aphephukayo. Manje leli “qhwa” lishoni? Nala mafu aphephukayo achazani? Okwamanje uNkulunkulu akasho lutho ngamabomu ngomqondo ojulile wala mazwi. Lokhu kufaka abantu ekudidekeni, bese kanjalo kwandisa ukholo lwabo njengoba bethungatha—ngoba lokhu ngokufunwa ngqo kubantu bakaNkulunkulu, hhayi okunye, ngakho-ke wonke umuntu uzithola ethatha isikhathi esiningi ecabanga ngala magama angaqondakali. Umphumela walokhu ngukuthi kuqhuma imiqondo eminingi emakhanda abo, amakhekhebana eqhwa antantayo ayedlula phambi kwamehlo abo, namafu antanta esibhakabhakeni ayaqhamuka ngokuphazima kweso ezingqondweni zabo. Yini uNkulunkulu ecela ukuthi abantu Bakhe babe njengeqhwa, bangabi njengamafu antantayo? Uthini umqondo wangempela lapha? Aqondephi la mazwi ngempela? “Iqhwa” aligcini ngokwenza izwe libonakale lilihle, kodwa lihle futhi emhlabathini wokulima—lihle ekubulaleni amagciwane. Emva kokukhithika okukhulu, onke amagciwane ambozwa yiqhwa elicwebezelayo, yonke indawo bese igcwala impilo. Kanjalo, abantu bakaNkulunkulu abangagcini nje ngokwazi uNkulunkulu esenyameni, kodwa abazithobise eqinisweni lokuba senyameni kukaNkulunkulu, bese, ngale ndlela, bephila impilo ejwayelekile yobuntu. Yile ndlela iqhwa elenza ngayo indawo ibonakale iyinhle; ekugcineni ukuvuthwa kwabantu bakaNkulunkulu kuyoletha isiphetho kudrako omkhulu obomvu, kuqale umbuso kaNkulunkulu emhlabeni, wandise futhi udumise igama likaNkulunkulu eliyingcwele, ukuze wonke umbuso emhlabeni ugcwaliswe ngukulunga kukaNkulunkulu, ukhanyiswe ukukhanya kukaNkulunkulu, nokukhazimuliswa yinkazimulo kaNkulunkulu, kuyo yonke indawo kubonakale ukuthula nokweneliswa, intokozo nokwenela, nobuhle obuhlala bubusha. Izinhlupho ezikhona manje—izimo ezonakele zobusathane, njengokungalungi, ubugwegwe nenkohliso, izinkanuko ezimbi njalonjalo—seziqediwe, kuthi ngale ndlela, kokubili izulu nomhlaba kwenziwe kube kusha. Yilena incazelo eyiyo yomusho othi “emva kweqhwa eliningi.” Labo abanjengamafu aphephukayo banjengohlobo lwabantu abalandela umhlambi uNkulunkulu akhulume ngawo; uma kunokulingwa nguSathane noma ukuvivinywa nguNkulunkulu, bayaphephuka basuke, bangabe besabakhona. Nengqikithi yabo ngeke isale, isinyamalele kudala. Uma abantu bengamafu aphephukayo, abagcini nje ngokungakwazi ukuphila ngokombono kaNkulunkulu, kodwa futhi bayalihlaza igama likaNkulunkulu, ngoba laba bantu basengozini yokuhlwithwa noma nini noma kuphi, bawukudla okudliwa nguSathane, kuthi uSathane angababopha, bese bephika uNkulunkulu, bakhonze uSathane. Lokhu kuletha ihlazo egameni likaNkulunkulu, okuyinto uNkulunkulu ayizonda kunakho konke, futhi bayizitha zikaNkulunkulu. Ngakho-ke abanasiqu sabantu abejwayelekile futhi abanakubaluleka okungokoqobo. Yilokhu okwenza uNkulunkulu ebeka lezi zimfuno kubantu Bakhe. Kodwa emva kokuqonda okuthile ngala mazwi, abantu abazi ukuthi yini-ke osekufanele bayenze, ngoba isihloko samazwi kaNkulunkulu sesiphendukele kuye uNkulunkulu uqobo, okubabeka esimweni esilukhuni: “Ngenxa yokuthi ngavela emhlabeni ongcwele, angifani nembali yezibu, enegama kuphela kodwa engenalutho kuyo ngenxa yokuthi yavela lapho okunodaka khona hhayi emhlabeni ongcwele.” Yini eyenza ukuthi uNkulunkulu, emva kokukhuluma ngakufunayo kubantu Bakhe, bese echaza ngokuzalwa kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe? Kungenzeka ukuthu kukhona ukuxhumana kulezi zinto zombili. Impela, kukhona ukuxhumana kwemvelo phakathi kwazo—uma bekungenjalo, uNkulunkulu ubengeke akhulume kanje kubantu. Phakathi kwamaqabunga aluhlaza, imbali yezibu iyayenda iye ngapha nangapha eheleheleni lomoya. Inhle emehlweni futhi iyathandeka. Abantu abadeli ukuyibuka, balangazelela ukubhukuda emanzini ukuze baphathe isiqu sayo bayibukele eduze. Kodwa uNkulunkulu uthi izibu livela odakeni, linegama kuphela, alinamsebenzi walutho. Kubonakala ukuthi uNkulunkulu akazigqizi qakala lezi zimbali, futhi emazwini Akhe kusobala ukuthi unokungazithandi okuthile. Eminyakeni ngeminyaka, baningi asebezincomile bazidumisa lezi zimbali ngoba zikwazi ukuvela zihlanzekile ekungcoleni, kuze kube sengathi azinakuqhathaniswa nalutho, zimangalisa ngokungechazwe. Kodwa emehlweni kaNkulunkulu, amazibu awanamsebenzi walutho—okuyiwona mehluko phakathi kukaNkulunkulu nabantu. Ngalokho kubonakala ukuthi umehluko phakathi kukaNkulunkulu nabantu mkhulu njengebanga phakathi kophahla lwezulu nesisekelo somhlaba. Ngoba le mbali ivela obhukwini, ukudla ekudingayo konke kuqhamuka khona. Ngukuthi nje le mbali iyakwazi ukuziguqula bese ikwazi ukunikeza amehlo ukudla kwawo. Abantu abaningi babona kuphela ingaphandle lembali, kodwa abekho ababona ukuthi impilo ngaphakathi kwale mbali ingcolile futhi imbi. Yikho uNkulunkulu ethi inegama kuphela kodwa ayinalutho—okuyiqiniso elimsulwa. Manje, abanjalo ngempela abantu bakaNkulunkulu namuhla? Bahlonipha bakholwe kuNkulunkulu ngengaphandle labo kuphela. Phambi kukaNkulunkulu bayazithandekisa baziveze ngendlela yokwenza uNkulunkulu aneliseke ngabo; ngaphakathi, kodwa, bagcwele isimo sokonakala kobusathane, izisu zabo zigcwele ukungcola. Yikho uNkulunkulu ebuza imibuzo kumuntu, ebuza ukuthi ukwethembeka komuntu Kuye akuthunaziwe ukungcola na, noma kuhlanzekile futhi kugcwele yini enhliziyweni. Ngenkathi abantu beyizikhonzi, abaningi babedumisa uNkulunkulu ngemilomo kodwa bemthuka ezinhliziyweni. Emilonyeni yabo, babemhlonipha uNkulunkulu, kodwa ezinhliziyweni babengamhloniphi uNkulunkulu. Imilomo yabo yayikhipha amazwi amabi futhi ezinhliziyweni zabo babefihle ukuphikisa uNkulunkulu. Kwakukhona nalabo izenzo zabo ezazixhunyaniswe kahle: babekhipha inhlamba ngemilomo yabo bekhombisa nangezandla, bengenabuqotho neze, beveza isimo esisobala sobuso bangempela bukadrako omkhulu obomvu. Bakufanele ngempela ukubizwa ngenzalo kadrako omkhulu obomvu. Kodwa namuhla, bami endaweni yezikhonzi ezethembekile bese benza njengabethembekile kuNkulunkulu—abanamahloni! Akumangalisi; baphuma odakeni, ngakho akukho abangakwenza ngaphandle kokukhombisa ubunjalo babo bangempela. Ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi umsulwa, unguqobo olukhona, inyama Yakhe ivela kuMoya. Lokhu kunjalo impela, akungabazeki. Ukungagcini ngokufakaza ngoNkulunkulu uqobo, kodwa ukwazi ukwenza intando kaNkulunkulu ngokuphelele: lolu wuhlangothi olulodwa lwengqikithi kaNkulunkulu. Ukuthi inyama ivela eMoyeni onesiqu kusho ukuthi inyama uMoya ozembesa ngayo yehlukile impela enyameni yomuntu, nokuthi lo mehluko usemoyeni wabo. Okuqondwe ngoMoya onomfanekiso kusho ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi, ngenxa yokwembozwa ubuntu obujwayelekile, ubuNkulunkulu bukwazi ukusebenza ngokujwayelekile ngaphakathi, okungaqhelile ezingeni lezimangaliso futhi kunganqindiwe ngubuntu. “Umfanekiso kaMoya” sisho ubunkulunkulu obuphelele, obungakhutshazwa wubuntu. Kanjalo-ke, isimo sikaNkulunkulu sangempela nomfanekiso Wakhe woqobo kungaphilwa kuphela enyameni, okungejwayelekile nokungaqinile nje kuphela, kodwa okunobukhosi nolaka. Inyama yokuqala yayethula kuphela uNkulunkulu wemicabango yabantu, okusho ukuthi, wayekwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso nokukhuluma iziphrofetho kuphela. Ngale ndlela akazange abuphile ubunjalo bukaNkulunkulu, ngakho wayengewona umzimba omele uMoya onesiqu; wayewukubonakala ngqo kobuNkulunkulu. Ngoba-ke wayengaphezulu kobuntu obejwayelekile, akabizwanga ngoNkulunkulu wangempela ophelele uqobo, kodwa wayenakho okuncane ukuba nguNkulunkulu wasezulwini abantu ababezakhele ezingqondweni, wayenguNkulunkulu wemicabango yabantu. Yilona umehluko omkhulu phakathi kwalaba oNkulunkulu ababili abasenyameni.

Esendaweni ephezulu kakhulu emhlabeni, uNkulunkulu ubuka konke ukwenza komuntu, konke okushiwo nokwenziwa ngabantu. Ubuka ngokucace bha ngisho umcabango osekujuleni komuntu, akukho akweqayo—ngakho amazwi kaNkulunkulu asika angene ngqo ezinhliziyweni zabantu, aqonde ngqo kuyo yonke imicabango yabo, namagama Akhe aqotho futhi awanaphutha. “Yize abantu ‘bewazi’ uMoya waMi, kodwa bayawona uMoya waMi. Amazwi aMi aveza ububi bobuso babo bonke abantu, abeke obala imicabango ejulile yabo bonke abantu. bese kwenza ukuthi bonke emhlabeni bawele phansi ekuhloleni Kwami” Kuyabonakala kula mazwi ukuthi nakuba okufunwa nguNkulunkulu kumuntu kuphezulu, abantu abakakwazi ukumelana nokuhlola kukaMoya kaNkulunkulu. “Kodwa yize umuntu ewa, inhliziyo yakhe ayicabangi ukungihlubuka. Ezidalweni zikaNkulunkulu, ubani ongangithandi ngenxa yemisebenzi yaMi?” Lokhu kukhombisa ngokuthe xaxa ukuhlakanipha okuphelele nokuba namandla onke kukaNkulunkulu, bese kwembula konke lokhu abantu bakaNkulunkulu ababekucabanga ngenkathi besendaweni yezikhonzi: Yize, kulandela “ukuhweba” okwagcina ngokwehluleka, “amakhulu ezinkulungwane” noma “izigidi” ezazisemakhanda abo zaphelela emoyeni, ngenxa yezinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha, nangenxa yobukhosi nolaka lukaNkulunkulu, noma bagebisa amakhanda ngosizi, baqhubeka nokumkhonza uNkulunkulu phakathi kwakho konke ukudikibala, konke ukwenza kwabo kwakudala kwaba ukukhuluma okungasho lutho, kwakhohlakala; esikhundleni salokho benza izinto ngokuthanda kwabo ezenza bona nabanye abantu bakujabulele ukuzichithisa isizungu, ukuchitha isikhathi…. Yilokhu okwakwenzeka ngempela phakathi kwabantu. Ngale ndlela uNkulunkulu uphumela obala kubantu uthi: “Ubani onganginxaneli ngenxa yamazwi aMi? Ubani ongabi nayo imizwa yokuzinikela ngenxa yothando lwaMi?” Ukukhuluma iqiniso, bonke abantu bayathanda ukwamukela amazwi kaNkulunkulu, futhi akukho noyedwa angathandi ukufunda amazwi kaNkulunkulu—ukuthi nje abakwazi ukuwenza amazwi kaNkulunkulu ngoba baphazanyiswa yimvelo yabo. Emva kokufunda izwi likaNkulunkulu, abantu abaningi abakwazi ukubekezelela ukwehlukana namazwi kaNkulunkulu, nothando lukaNkulunkulu luyagcwala phakathi kubo. Ngale ndlela uNkulunkulu uphinde amqalekise uSathane, amembule ubuso bakhe obubi. “Esikhathini lapho uSathane enza isiphithiphithi engabambeki,” yisikhathi futhi lapho uNkulunkulu eqala khona ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe omkhulu emhlabeni. Okulandelayo, uqala umsebenzi wokubhubhisa umhlaba. Okusho ukuthi, ukudlondlobala kukaSathane kusho ukusondela kosuku lukaNkulunkulu, ngakho ukwanda kokukhuluma kukaNkulunkulu ngokudlebeleka kukaSathane, kukhombisa ukuthi usuku lokubhujiswa komhlaba nguNkulunkulu luyasondela. Yilokhu okumenyezelwa nguNkulunkulu kuSathane.

Yini eyenza uNkulunkulu aphindaphinde ethi “… bese, uma ngingaboni, bazibandakanye ezintweni ezingcolile ‘ezincomekayo’. Ucabanga ukuthi inyama, engizigqokise yona, ayazi lutho ngalokhu enikwenzayo, ngendlela eniziphatha ngayo, namazwi enu?” Akawashongo la mazwi kanye noma kabili—wayekwenzelani lokhu? Uma abantu sebeduduziwe nguNkulunkulu, sebazi ngosizi uNkulunkulu analo ngabantu, kulula kubona ukukhohlwa yinkathi edlule njengoba bezabalaza beya phambili. Kodwa uNkulunkulu akanalo noluncane uzwelo kumuntu: uyaqhubeka elandela imicabango yabantu. Ngale ndlela ucela abantu kaningi ukuba bazazi, bayeke ukonakala kwabo, bangangeni ezivumelwaneni “ezincomekayo” ezingcolile, nokungaphindi bakhohlise uNkulunkulu enyameni. Noma izimvelo zabantu zingaguquki, ikhona inzuzo yokubakhumbuza izikhathi ezimbalwa. Emva kwalokhu, uNkulunkulu ukhuluma ngasohlangothini lomuntu ukwembula izimfihlakalo ezikumuntu: “Iminyaka eminingi ngibekezelela umoya nemvula, ngalokho Nami ngikuzwile ukubaba okwenzeka emhlabeni wabantu, kodwa uma ngibhekisisa kahle, akukho ukuhlupheka okungenza umuntu wenyama alahlekelwe yithemba kiMi, kanjalo abukho ubumnandi obungenza umuntu wenyama abande, adangale, noma anganginaki. Ngabe uthando Lwami kumuntu lukuleyo ndawo phakathi kobuhlungu nobumnandi kuphela?” “Konke okungaphansi kwelanga kuyize,” la mazwi impela anomqondo ongaphakathi. Ngale ndlela uNkulunkulu uthi ayikho into engenza umuntu alahlekelwe yithemba Kuye noma abande uma kuya Kuye. Uma abantu bengamthandi uNkulunkulu, kulungile ukuthi bamane babe abafile; uma bengamthandi uNkulunkulu, ukuzabalaza kwabo kuyize, nenjabulo abayithokozelayo ayinalutho, futhi yengezwa ezonweni zabo. Ngoba akukho noyedwa othanda uNkulunkulu ngokweqiniso, yikho ethi, “Ngabe uthando Lwami kumuntu lukuleyo ndawo phakathi kobuhlungu nobumnandi kuphela?” Emhlabeni wabantu angaphila kanjani umuntu ngaphandle kobuhlungu noma ubumnandi? Kaninginingi, uNkulunkulu uthi, “Akukho namunye umuntu oseke wabona ubuso baMi ngempela, walizwa ngempela izwi laMi, ngoba umuntu akangazi ngokweqiniso.” UNkulunkulu uthi umuntu akamazi ngokwempela, kodwa yini acele ukuthi umuntu amazi? Akuyikho ukuziphikisa lokhu? Wonke amazwi kaNkulunkulu anenhloso ethile. Ngoba abantu sebendikindiki, uNkulunkulu usebenzisa umgomo ka-100% womsebenzi Wakhe kumuntu ukuze ekugcineni athole u-0.1 phesenti enhliziyweni yomuntu. Inje-ke indlela uNkulunkulu asebenza ngayo, futhi kufanele uNkulunkulu enze kanje ukuze afinyelele ezinhlosweni Zakhe. Lokhu nakho kuwukuhlakanipha kwempela kwamazwi kaNkulunkulu. Seniyakuqonda lokhu?

UNkulunkulu uthi “Uma ngembula izimfihlakalo zaMi ngqo ngiveze intando yaMi enyameni, aninginaki; niyalilalela izwi laMi, kodwa aniliqondi ukuthi lisho ukuthini. Ngizwa ukudabuka. Yize ngisenyameni, angikwazi ukwenza umsebenzi wenkonzo yenyama”. Ohlangothini olulodwa, la mazwi enza abantu, ngenxa yokuba ndikindiki kwabo, bazisukele basebenzisane noNkulunkulu; kolunye uhlangothi, uNkulunkulu wembulwa ubuso bangempela bobuNkulunkulu Bakhe enyameni. Ngoba isiqu sabantu sincane kakhulu, ukwembulwa kobuNkulunkulu ngesikhathi uNkulunkulu asenyameni ngaso kuhambisana namandla abantu okwamukela. Kulesi sigaba somsebenzi, abantu abaningi basala bengakwazi ukwemukela ngokuphelele, okukhombisa ngokwanele ubuthakathaka babo bokwazi ukwamukela. Ngale ndlela, ubuNkulunkulu abuwenzi ngokuphelele umsebenzi ngenkathi usebenza; yingxenye encanyanyana le. Kukhombisa ukuthi emsebenzini wenkathi ezayo, ubuNkulunkulu buyovezwa kancane kancane ngokwesimo sokululama komuntu. UbuNkulunkulu, nokho, abukhuli kancane kancane, kodwa buyilokhu uNkulunkulu osenyameni empeleni anakho, abufani nesimo somuntu.

Kwakunenhloso nomqondo ekudaleni kukaNkulunkulu umuntu, yikho uNkulunkulu athi, “Uma abantu bebengabhujiswa ulaka lwaMi, kungabaluleka ngani ukudala kwaMi amazulu nomhlaba?” Emva kokonakala komuntu, uNkulunkulu wahlela ukuzuza ingxenye yabantu azobathokozela; akukho ukuthi bonke abantu bayobhujiswa, noma ukuthi bayoqedwa ngenxa yokwephula kancanyana nje izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuyiyo intando kaNkulunkulu le. Njengoba uNkulunkulu asho, lokho kuyobe akunanjongo. Kungenxa yalokhu “kungabi nanjongo” okwenze ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubekwe obala. Akukho kubaluleka okuthe xaxa ekukhulumeni kukaNkuklunkulu nokusebenza ngezindlela eziningi ukuze alungise, ahlulele futhi ashaye bonke abantu, agcine esekhetha labo abamthanda ngokweqiniso? Futhi iyona ngqo le ndlela okwembulwa ngayo izenzo zikaNkulunkulu, kwenze ukuthi ukudalwa komuntu kube nenjongo. Ngale ndlela, iningi lamazwi kaNkulunkulu ayaphephuka edlule; lokhu kwenzelwa ukuthi kufezwe inhloso, futhi yilokhu kuphela okuyiqiniso lamanye amazwi Akhe.

Okwedlule: Isahluko 8

Okulandelayo: Isenezelo: Isahluko 1

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp