Isahluko 8

Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso likaMoya, iphimbo Lakhe liqondiswa kuso sonke isintu. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso lomuntu, iphimbo Lakhe liqondiswa kubo bonke abalandela ubuholi boMoya Wakhe. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngeso lomuntu wesithathu (lokhu abantu abathi yisibukeli), ukhombisa ngqo izwi Lakhe kubantu ukuze abantu bambone njengomhlaziyi, futhi kubonakala sengathi emlonyeni Wakhe kuphuma izinto eziningi umuntu angazazi, umuntu angeke aziqonde. Akunjalo? Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngeso likaMoya limangaza sonke isintu. “Uthando umuntu angithanda ngalo luyashoda futhi ukukholelwa Kimi kwakhe kuncane ngendlela edabukisayo. Ukuba umthelela wamazwi Ami bewungaqondisiwe ekuntengantengeni komuntu, ubezoziqhenya abe nehaba, futhi ankante futhi aziqambele izinganekwane zakhe ezizwakala ziphakeme, sengathi ukhaliphile futhi wazi konke okuphathelene nomhlaba.” La mazwi awembuli kuphela ubunjalo bomuntu kanye nendawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu, kodwa futhi abeka obala yonke impilo yesintu. Lowo nalowo muntu ukholwa ukuthi uyisimagaliso futhi empeleni abazi nokuthi kukhona igama elithi “Nkulunkulu” bese “beziqambele izinganekwane ezizwakala ziphakeme”. Kodwa lokhu “kuziqambela izinganekwane ezizwakala ziphakeme” akukhona “ukukhuluma” ngomqondo othi abantu bezwe. Esikhundleni salokho, kusho ukuthi abantu seboniwe nguSathane ngendlela yokuthi konke abakwenzayo kwedelela futhi kuphikisa uNkulunkulu, nokuthi ingqikithi yalokho okwenziwa ngumuntu ivela kuSathane futhi iyaphikisana noNkulunkulu, kuyisenzo sokuzimela, kuphinde kuphambane nentando kaNkulunkulu. Yikho uNkulunkulu ethi abantu bonke baziqambele izinganekwane ezizwakala ziphakeme. Yini uNkulunkulu ethi ingqikithi yamazwi Akhe ibhekiswe ekuntengantengeni komuntu? Ngoba, ngokuhambisana nenhloso kaNkulunkulu, uma engazembulanga izinto ezifihlwe emhlabeni ongaphakathi kwenhliziyo yomuntu, akekho umuntu ongathoba, ngakho-ke ngeke baziqonde kwabona, futhi ngeke bamhloniphe uNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi uma izinhloso zomuntu zingabekwanga obala, umuntu angaba nesibindi sokwenza noma yini, ngisho ukuqondisa izinhlamba ezulwini noma kuNkulunkulu. Yilobu-ke ubuthakathaka bomuntu, ngakho uNkulunkulu usho lokhu: “Izinyathelo Zami zihamba kuzo zonke izinkalo zomhlaba ngoba zifuna labo abafuna inhliziyo Yami uqobo futhi abafanelwe ukusetshenziswa Yimi.” Le nkulumo, ixhumene nalokhu okubuye kushiwo ngesibingelelo esinkenenezayo sombuso, kukhombisa ukuthi uMoya kaNkulunkulu umatasatasa nomsebenzi omusha emhlabeni; ukuthi nje abantu abakwazi ukuwubona ngamehlo enyama. Njengoba kuthiwa uMoya usemhlabeni wenza umsebenzi omusha, wonke umhlaba nawo uyaguquka kakhulu: Amadodana kaNkulunkulu nabantu bakaNkulunkulu abagcini nje ngokuqala ukwemukela ukufakaza ngokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho, yonke inkolo, lonke ihlelo, wonke umkhakha wempilo, yonke indawo, ngamazinga ehlukene, iyakwemukela nayo. Kuyisigameko esikhulu emhlabeni, emkhakheni womoya. Kuwuzamazamisa emongweni wawo wonke umhlaba wenkolo, okuyingxenye yokuzamazama komhlaba okwakhulunywa ngakho esikhathini esedlule. Okulandelayo, izingelosi ziqala umsebenzi wazo osemthethweni nabantu bakwa-Israyeli babuyela ezweni eliyikhaya labo, bengaseyukuphinda balahleke, nabo bonke labo ababandakanyiwe baqale bakwemukele ukweluswa. Ngakolunye uhlangothi, abaseGibhithe baqala ukuqhela esibayeni sensindiso Yami, okusho ukuthi, ukuze bamukele ukulungiswa Yimi (kodwa akukaqali ngokusemthethweni lokhu). Ngakho kukulesi sikhathi salezi zinguquko ezihambisanayo emhlabeni lapho isibingelelo sombuso sinkeneneza khona ngokusemthethweni. Yilokhu abantu abakubiza ngokuthi, “yinkathi lapho uMoya oziqu ziyisikhombisa uqala ukusebenza.” Njalo uma uNkulunkulu enza umsebenzi wokuqala kabusha, kulezi zigaba (noma kulezi zikhathi zoguquko), akekho okwazi ukuzwa umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngakho-ke amazwi kaNkulunkulu athi: “uma umuntu ephelelwa ithemba” ayiqiniso. Futhi, kuleso naleso sigaba sokuguquka lapho umuntu ephelelwa yithemba, noma ezwa ukuthi lo mkhakha awulungile, uNkulunkulu uqala kabusha athathe isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wakhe. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube manje, ukwenza kukaNkulunkulu umsebenzi wokuqala kabusha nokuguquguqula izindlela asebenza ngazo kuyefana ngale ndlela. Noma ngabe iningi labantu, ngokushiyana kwamazinga, likwazi ukubamba izingxenye ezithile, kodwa ekugcineni likhukhulwa yizimpophoma zamanzi ngoba isiqu sabo esingokomoya sincane kakhulu; abakwazi ukuqonda izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke bazosuswa. Kodwa, lokhu kubuye kube yindlela kaNkulunkulu yokuhlanza abantu, futhi kungukwahlulela kukaNkulunkulu ezinkolelweni ezindala zesintu. Ububanzi besisekelo abantu abanaso, buholela ebuningini bemicabango yenkolo ngoNkulunkulu, okulukhuni ukwehlukana nayo; babambelela ezintweni ezindala bese kuba lukhuni ukwamukela izinto ezintsha. Kolunye uhlangothi, uma umuntu emile, kufanele abe nesisekelo, kodwa abantu abaningi banenkinga yokubeka imicabango yabo eceleni. Lokhu kuyiqiniso kakhulu ngemicabango emayelana noNkulunkulu osenyameni wanamuhla, okusobala nokulula ukukubona.

Ezwini lanamuhla, uNkulunkulu ukhulume kakhulu ngemibono, futhi akukho sidino sokuchaza. UNkulunkulu ukhuluma ikakhulu ngokuthi ukwakha ibandla kusibeka kanjani isisekelo sokwakha umbuso. Ukuqonda ngqo, ngesikhathi kwakhiwa ibandla, inhlosonqangi kwakuwukwenza abantu bakholwe ngenhliziyo nangezwi, phezu kokuba bengambonanga uNkulunkulu osenyameni ngamehlo abo. Noma ngabe babenokukholwa ezinhliziyweni, babengamazi uNkulunkulu osenyameni ngoba kuleso sikhathi wayengehlukaniseki nomuntu. ENkathini yoMbuso, bonke kufanele bakhombise ukukholwa ezinhliziyweni zabo, enkulumweni yabo, nasemehlweni abo. Kulokhu, kusobala ukuthi ukuze bonke bakhombise ukukholwa ezinhliziyweni zabo, enkulumweni yabo, nasemehlweni abo, kufanele bavunyelwe ukwazi uNkulunkulu ephila enyameni ngamehlo abo enyama. Lokhu ngeke kufezeke esimweni lapho abantu bephoqeleka ukwenza into ngoba kungekho okunye abangakwenza noma abantu benokukholwa nje okungasho lutho. Esikhundleni salokho abantu bayokholwa enhliziyweni nangezwi ngokuqonda. Ngakho-ke, kulesi sigaba sokwakha akukho ukushaya nokubulala. Esikhundleni salokho, sivumela abantu ukuba bathole ukukhanyiselwa ngezwi likaNkulunkulu, kuthi ngalokhu bakwazi ukulandela bacwaninge ukuze kuzenzekalele ukumazi uNkulunkulu osenyameni. NgokukaNkulunkulu, lesi sigaba somsebenzi silula kakhudlwana, senza imvelo iqhubeke ngokwejwayelekile futhi asiphambani nesintu. Ekugcineni, siyomvumela umuntu ukuthi akwazi ukumazi uNkulunkulu ngokwemvelo, ngakho-ke ningakhathazeki noma nitatazele. Lapho uNkulunkulu ethi, “impi yesimo sakomoya icaciswa ngokuqondile kubo bonke abantu Bami,” Wayesho ukuthi uma abantu sebengena emzileni sebeqala ukwazi uNkulunkulu, akufaki kuphela lowo nalowo muntu elingwa ngaphakathi nguSathane, kodwa nokuthi bangalingwa nguSathane ebandleni uqobo. Nokho, lena yindlela okufanele wonke umuntu ayithathe, ngakho akukho muntu okufanele ethuke. Ukulingwa nguSathane kungaqhamuka ngezimo ezehlukene. Omunye angakuziba noma akuyeke okushiwo nguNkulunkulu, noma asho izinto ezimbi ukuqeda ukukhuthala kwabanye abantu, nokho, akavamile ukufaka abanye abantu; lezi zinto zilukhuni ukuqondakala kubantu. Isizathu esimqoka salokhu yilesi: Kungenzeka ukuthi usakukhuthalele ukuya emihlanganweni, kodwa akacacelwa mayelana nemibono. Uma ibandla lingambhekile, lonke ibandla lingaguqulwa wububi bakhe bese liba ntukuntuku ekuxhumaneni noNkulunkulu, ngaleyo ndlela lingasalinaki izwi likaNkulunkulu Kanti lokhu kungaba ukuwela ngqo esilingweni sikaSathane. Akudingeki ukuthi aze amvukele ngqo uNkulunkulu, kodwa ngenxa yokuthi akakwazi ukuliqonda kahle izwi likaNkulunkulu futhi akamazi uNkulunkulu, angase akhononde noma avumele ukuthi ukungeneliswa kwakhele enhliziyweni yakhe. Angase athi uNkulunkulu umlahlile ngakho akakwazi ukuthola ukwazi nokukhanyelwa. Angafisa ukushiya, abe nomuzwa othule wokwesaba aze athi umsebenzi kaNkulunkulu awusuki kuNkulunkulu kodwa ngumsebenzi womoya ababi.

Yini eyenza uNkulunkulu athinte igama likaPetru kaningi kangaka? Futhi yini athi ngisho uJobe wayengasondeli nakancane ekulinganeni noPetru? Ukusho kanje akugcini ngokwenza abantu banake izenzo zikaPetru kuphela, kodwa kubuye kubenze basuse zonke izibonelo abanazo ezinhliziyweni zabo, ngisho isibonelo sikaJobe—owayenokholo olukhulu—kufanele sisuswe. Kungalokhu kuphela lapho kungaba khona umphumela ongcono lapho abantu bekwazi ukuchitha konke ukuze balingise uPetru, ngalokho bese bethatha isinyathelo sokusondela ekwazini uNkulunkulu. UNkulunkulu wethula abantu endleleni yokuphila eyathathwa nguPetru ukuze azi uNkulunkulu, inhloso yakho okwakuwukunikeza abantu into abangathathela kuyona. UNkulunkulu ube eseqhubeka ebikezela enye yezindlela uSathane azolinga ngayo abantu lapho ethi, “Kodwa uma ubanda futhi ungawagqizi qakala amazwi Ami, kusho ukuthi uphikisana Nami. Lokhu kuyiqiniso” Ngala mazwi, uNkulunkulu ubikezela amasu okuhlakanipha uSathane ayozama ukuwasebenzisa futhi uqwashisa abantu uthi lokhu abakuthathe njengesexwayiso. Noma ngabe akuyena wonke umuntu ongeke alithokozele izwi likaNkulunkulu, nokho bakhona abantu abayobanjwa yilesi silingo, ngakho ekugcineni uNkulunkulu ugcizelela athi, “Uma ungawazi amazwi Ami, ungawemukeli, futhi ungawenzi, nakanjani uzosolwa Yimi! Akubuzwa ukuthi uzoba umgilwa kaSathane!” Lesi yisiyalo sikaNkulunkulu esintwini, kodwa ekugcineni, njengoba uNkulunkulu abikezela, ingxenye yabantu iyoba ngabagilwa bakaSathane.

Okwedlule: Mayelana Nokuphila KukaPetru

Okulandelayo: Isahluko 9

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp