Isenezelo: Isahluko 1

Engicela ukuba nikwenze akuyona nje into engephatheke nengacacile engenalutho engikhuluma ngayo, akuyona futhi into engecatshangwe wubuchopho bomuntu noma into engenakufezwa yinyama yomuntu. Ngubani onamandla okwethembeka okugcwele ngaphakathi endlini Yami? Futhi ngubani okwazi ukunikela ngakho konke okwakhe ngaphakathi embusweni Wami? Uma bekungeve kungokwambuleka kwentando Yami, beningazijuba nina ukuba nenelise inhliziyo Yami? Akukho noyedwa oke waqonda inhliziyo Yami, futhi akukho noyedwa oke waqonda intando Yami. Ngubani oke wabona ubuso Bami wezwa izwi Lami. UPetru wake wakwenza? Noma uPawulu? Noma uJohane? Noma uJakobe? Ngubani owake wembeswa yimi, noma wenganywa yimi, noma wasetshenziswa yimi? Nakuba okokuqala ngiba senyameni kwakungokunobunkulunkulu, inyama engangizigqokise yona ayikwazanga ukuhlushwa komuntu, ngoba angibanga senyameni emfanekisweni, ngakho ngeke kushiwo ukuthi inyama yenza ngokugcwele intando Yami. Kulapho kuphela ubunkulunkulu Bami bukwazi khona ukwenza njengoba bengingenza buphinde bukhulume njengoba bengiyokhuluma kumuntu wobuntu obejwayelekile, ngaphandle kokuthikamezeka noma kokuvimbeka, lapho kungashiwo ukuthi intando Yami iyenziwa enyameni. Ngenxa yokuthi isintu esijwayelekile siyakwazi ukuvikela ubunkulunkulu, ngalokho kufezeka inhloso Yami yokuba mnene nokuba sekusithekeni. Ngenkathi yesigaba somsebenzi wenyama, nakuba ubunkulunkulu benza izinto ngokuqondile, izenzo ezinjalo kazilula kubantu ukuba bazibone, okungenxa yempilo kanye nezenzo zobuntu obujwayelekile. Ukuba senyameni lokhu akukwazi ukuzila ukudla izinsuku ezingama-40 njengokuba senyameni kokuqala, kodwa Yena usebenza akhulume ngokujwayelekile, futhi nakuba ambula izimfihlakalo, ungojwayelekile futhi; izwi laKhe kalifani, ngokokucabanga kwabantu, nokuduma kwezulu, ubuso Bakhe abubenyezeli ngokukhanya, kanti amazulu kawazamazami uma enyathela. Uma bekunjalo, kulokhu bekungasoze kwaba khona ukuhlakanipha Kwami, futhi bekungeyukwazi ukuhlaza nokunqoba uSathane.

Uma ngiveza obala ubunkulunkulu Bami ngaphansi kwehawu lesintu esejwayelekile, ngiyadunyiswa ngokupheleleyo, umsebenzi Wami omkhulu uyafezeka, kanti akukho lutho oluveza ubunzima. Lokhu kungoba inhloso yokuba Kwami senyameni ikakhulukazi kungukuvumela bonke labo abakholwa Kimi ukuba babone imisebenzi yobunkulunkulu Bami enyameni, baphinde babone uNkulunkulu ongokoqobo uqobo, ngalokho, kuxoshwe indawo kaNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki ezinhliziyweni zabantu. Ngoba ngiyadla, ngiyazigqokisa, ngilale, ngihlale, ngiphinde ngiziphathe njengomuntu ojwayelekile, ngoba ngikhuluma futhi ngihleke njengomuntu ojwayelekile, futhi nginezidingo zomuntu ojwayelekile, ngiphinde ngibe nengqikithi egcwele ubunkulunkulu, ngibizwa ngokuthi “nguNkulunkulu ongokoqobo.” Lokhu akuyona into engenakuphatheka, futhi kuqondakala kalula; kukho kubonakala ukuthi iyiphi ingxenye okukuyo umongo womsebenzi Wami, nokuthi ngigxile kusiphi isigaba somsebenzi. Ukwambula ubunkulunkulu Bami ngokuba ngumuntu ojwayelekile kuyinhloso nqangi yokuba Kwami senyameni. Akulukhuni ukubona ukuthi umongo womsebenzi Wami usengxenyeni yesibili yenkathi yokwahlulela.

Kimi, akukaze kube khona impilo yokuba ngumuntu noma inhlese yobuntu. Impilo yomuntu ayikaze ibe nendawo Kimi, futhi ayikaze icindezele ukwambulwa kobunkulunkulu Bami. Ngalokho, ukukhula kokwethulwa kwezwi Lami ezulwini kanye nentando kaMoya Wami, kungukukhula kokwazi Kwakhe ukuhlaza uSathane, ngakho kuba lula ukwenza intando Yami ebuntwini obujwayelekile. Lokho kukodwa sekumehlulile uSathane, futhi uSathane vele usehlazeke kakhulu. Nakuba ngingosithekileyo, lokhu akuwavimbi amazwi nezenzo zobunkulunkulu Bami—okwanele ukukhombisa ukuthi nginqobile, futhi ngikhazimulisiwe ngokupheleleyo. Ngokuthi umsebenzi Wami ngisenyameni awunakuvimbeleka, nangenxa yokuthi uNkulunkulu ongokoqobo manje usenendawo ezinhliziyweni zabantu futhi usehlisele izimpande ezinhliziyweni zabo, kufakazeleke ngokugcwele ukuthi uSathane usehluliwe Yimi. Futhi ngokuthi uSathane akanawo amandla okwenza okungaphezulu kubantu, futhi kulukhuni ukufaka ubuSathane enyameni yomuntu, intando Yami iqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka. Okuqukethwe ngumsebenzi Wami, ikakhulukazi, ukwenza abantu babone izenzo Zami ezimangazayo futhi babone ubuso Bami beqiniso: Angiyena lowo okungafinyeleleki kuye, angiphakameli esibhakabhakeni, angiyena ongenasimo nongenakubumbeka. Angiyena ongabonakaliyo njengomoya, nonjengefu elintantayo, ophephuka kalula; esikhundleni salokho, nakuba ngiphila phakathi kwabantu, ngihlangabezana nobumnandi, nobumuncu, nokubaba, kanye nonya phakathi kwabantu, inyama Yami yehluke ngokugqamileyo kuleyo yomuntu. Abantu abaningi banobunzima ekubambisaneni Nami, nokho abaningi bashisekela ukubambisana Nami. Kungathi kunezimfihlakalo ezinkulu, ezijulile futhi kuNkulunkulu osenyameni. Ngenxa yokwambuleka ngokuqondile kobunkulunkulu, nangenxa yokuvikeleka kobunjalo besintu, abantu bavula igebe elinenhlonipho Kimi, bekholwa ngukuthi nginguNkulunkulu onomusa nothando, kodwa bebe besaba ubukhosi nolaka Lwami. Ngalokho, ezinhliziyweni zabo, bafisa ukukhuluma ngokweqiniso Nami, nokho abakwazi ukwenza njengoba befisa—kokufiswa yizinhliziyo zabo, amandla abo mancane. Zinjalo izimo zabo bonke kulokhu—ngokukhula kokuba nje kwabantu, buyakhula nobufakazi bokwambuleka kwezingxenye ezehlukene zesimo Sami, ngalokho kufezeka inhloso yabantu yokumazi uNkulunkulu. Nokho lokhu akukhona okubaluleke kakhulu; okuhamba phambili ngukwenza abantu bazi izenzo Zami ezimangalisayo kwengikwenza ngisenyameni, ukubenza bazi ubunjalo bukaNkulunkulu: Angiyena, njengoba abantu becabanga, ongejwayelekile nongaphezu kwemvelo; kunalokho, nginguNkulunkulu ongokoqobo ojwayelekile kuzo zonke izinto. Indawo “Yami” emicabangweni yabantu isusiwe, baze bangazi eqinisweni. Yingaleso sikhathi kuphela lapho ngithatha khona indawo Yami yempela emiqondweni yabantu.

Ngaphambi kwabo bonke abantu, angikaze kuphela ngingenzi lutho olwedlula imvelo oluthandwa ngabantu, kodwa ngejwayelekile futhi ngiqondakala ngokwedlulele; ngamabomu kangibavumeli abantu babone noma yini enophawu ngisho oluncane lukaNkulunkulu enyameni yami. Kodwa ngenxa yamazwi Ami, abantu banqotshiwe ngokupheleleyo, futhi bazinikela ebufakazini Bami. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bazi khona, ngaphandle kokwesaba, ubuMina enyameni phezu kwesesekelo sokukholwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela. Ngale ndlela ulwazi lwabantu Ngami luba ngoluyilo kakhudlwana, lucace kakhudlwana, futhi alulekelelwa nakancane ngokuziphatha kahle kwabo; konke kungumphumela wobunkulunkulu Bami busebenza ngokuqondileyo, bethulela abantu ulwazi olukhulu ngobunkulunkulu Bami, ngoba ngubunkulunkulu kuphela obungubuso bempela bukaNkulunkulu kanye nesici semvelo kaNkulunkulu—abantu kumele bakubone lokhu. Engikufunayo ngamazwi, izenzo, kanye nokwenza okunobunkulunkulu—angiwanaki amazwi kanye nezenzo esintwini. Inhloso Yami ukuphila nokwenza kubo ubunkulunkulu—angifisi ukuthatha impande nehlumela esintwini, angifisi ukuhlala esintwini. Uyakuqonda engikushoyo? Noma ngiyisivakashi esintwini, angikufuni lokhu; ngenza izinto ngobunkulunkulu obugcwele, futhi kungale ndlela kuphela ukuthi abantu bangaqonda kangcono ubuso Bami beqiniso.

Okwedlule: Isahluko 9

Okulandelayo: Isahluko 10

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp