Isahluko 46

Kuwo wonke la mazwi, awekho angakhohlakali ngaphezu kwawanamuhla. Amazwi kaNkulunkulu ekuqaleni ambula isimo somuntu noma izimfihlakalo zasezulwini, nokho leli zwi alifani nelesikhathi esedlule. Alibhuqi noma lihlekise, kodwa lingokuthile 0kungalindelekile ngokuphelele: UNkulunkulu wahlala phansi futhi wakhuluma nabantu ngokuzithoba. Iyini inhloso yakhe? Ubonani uma uNkulunkulu ethi, “Namuhla, ngiqalile umsebenzi omusha ngaphezu kwemikhathi. Nginikile abantu emhlabeni isiqalo esisha, ngase ngibacela bonke ukuthi baphume endlini Yami. Nokuthi ngoba abantu bayathanda ukuzitika, ngiyabayala ukuba bazinake bona, bangavami ukuthikameza umsebenzi Wami.”? Futhi kuyini lokhu “kuqala kabusha” akhuluma ngakho uNkulunkulu? UNkulunkulu uke wabayala abantu ukuba basuke, kodwa inhloso kaNkulunkulu ngaleso sikhathi kwakungukuvivinya ukukholwa kwabo. Ngakho namuhla, uma ekhuluma ngephimbo elahlukile—ngabe uqotho noma akaqotho? Phambilini, abantu abazange bazazi izilingo uNkulunkulu akhulume ngazo. Kube ngesinyathelo kuphela sesigaba somsebenzi wabenzi bomsebenzi abantu abazibone ngamehlo abo, futhi bazizwela mathupha, izilingo zikaNkulunkulu. Ngakho, kusukela ngaleso sikhathi, ngenxa yesibonelo sikaPetru sokulingwa okwaba ngamakhulu, abantu njalo benza iphutha lokukholwa ngukuthi “kwakungukulingwa nguNkulunkulu.” Ukudlula lapho, amaqiniso ayephuma emazwini kaNkulunkulu izikhathi ezimbalwa. Ngokunjalo, abantu bacwila bajula ngokwengeziwe enkolweni enobumpumputhe ngezivivinyo zikaNkulunkulu, ngalokho futhi kuwo wonke amazwi akhulunywa nguNkulunkulu abakholwanga nakanye ukuthi lokhu ngumsebenzi wamaqiniso ofezwa nguNkulunkulu; esikhundleni salokho, bakholwa ukuthi uNkulunkulu, engenakho okunye ayezokwenza, wayesebenzisa amazwi ngokuqondile ukuvivinya abantu. Kwaba phakathi nalezi zilingo, okwakungenathemba kepha kubukeka kuletha ithemba, lapho abantu balandela khona, ngakho emva kokuba uNkulunkulu ethe “bonke abasalayo bazohlushwa ekugcineni ngokuba namashwa nokuba nenhlanhla encane,” abantu babelokhu benake ukuba balandele, ngalokho futhi abangaba nayo inhloso yokushiya. Abantu balandela phakathi kwalokho kudukiswa, akukho noyedwa futhi owaba nesibindi sokuqiniseka ukuthi lalingekho lithemba—okuyingxenye yobufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu. Umbono kaNkulunkulu ukhombisa ukuthi ungenelela kuyo yonke into ukuze isebenzele Yena. Ukudukiswa kwabantu kugqugquzela ukuthi bangamshiyi uNkulunkulu, noma ngabe bakuyiphi indawo noma isikhathi, ngakho esikhathini salesi sigaba uNkulunkulu usebenzisa izisusa ezingaphelele zabantu ukwenza babe nobufakazi ngaye, okubaluleke ngokujulile lapho uNkulunkulu ethi khona, “ngizuzile ingxenye yabantu.” USathane usebenzisa izisusa zomuntu ukuba aphazamise, kanti uNkulunkulu usebenzisa izisusa zomuntu ukumenza amsebenzele—okuwumqondo wangempela wamazwi kaNkulunkulu athi “Bacabanga ukuthi bangaphendla indlela engenayo, kodwa uma sebenginika incwadi yokungena engekho emthethweni, ngibajikijela emgodini womlilo ngaso leso sikhathi—futhi, ngokubona ‘emizamo yabo enesineke’ emalangabini, baphela ithemba.” UNkulunkulu unyakazisa zonke izinto ukubenza basebenze, ngakho futhi akagwemi imibono ehlukahlukene yomuntu, kodwa ngesibindi utshela abantu ukuthi basuke; lokhu kuyimfihlakalo kanye nokuhlakanipha komsebenzi kaNkulunkulu okuhlanganisa amazwi athembekile kanye nendlela kube kunye, kushiya abantu benesiyezi futhi bedidekile. Kulokhu kuyabonakala ukuthi uNkulunkulu ucela ngempela ukuthi abantu basuke ekhaya lakhe, ukuthi lokhu akulona nje uhlobo oluthile lwesilingo, futhi uNkulunkulu usebenzisa leli thuba ukuba athi, “Nokho ngiyabatshela futhi abantu ukuthi uma behluleka ukuthola izibusiso, akekho ongakhononda Ngami.” Akekho onokuqonda ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso noma ayiphutha, nokho uNkulunkulu usebenzisa leli thuba ukuqinisa abantu, ukususa kubo isifiso sabo sokusuka. Ngalokho, uma ngelinye ilanga sebeqalekiswa, bazobe bexwayisiwe ngaphambilini ngamazwi kaNkulunkulu, njengoba abantu besho bethi “amazwi okungemnandi ukuwezwa yiwo amahle.” Namuhla, uthando lwabantu ngoNkulunkulu luqotho, futhi ngamazwi abangeke bakwazi ukuwasho ukuthi ayiqiniso noma ayiphutha, banqotshiwe base bemthanda uNkulunkulu, okuyikho okwenza uNkulunkulu athi “Ngiwufezile umsebenzi Wami omkhulu.” Ngenkathi uNkulunkulu ethi “Ngethemba ukuthi bazozitholela indlela yabo yokuzisindisa, futhi anginamandla kulokhu,” lokhu kungokoqobo kwezwi likaNkulunku kuwo wonke la mazwi—nokho abantu abacabangi kanjalo; esikhundleni salokho, njalo bebelandela ngaphandle kokuwanaka nakancane amazwi kaNkulunkulu. Ngalokho, ngenkathi uNkulunkulu ethi “esikhathini esizayo, ngeke kusaba namazwi phakathi kwethu, ngeke kusaba khona esizokhuluma ngakho, ngeke sisaphazamisana, omunye nomunye uzozihambela indlela yakhe,” la mazwi angokoqobo, awanakungcola nokuncane. Noma yini ecatshangwa ngabantu, lokho kungukungabi namqondo kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ubuvezile ubufakazi phambi kukaSathane, futhi uNkulunkulu washo wathi uzobenza abantu bonke ukuba bangamshiyi noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo—ngakho lesi sigaba somsebenzi siphethiwe, futhi uNkulunkulu akanaki ukuthi abantu bayakhononda. Nokho uNkulunkulu ukucacisile lokhu kusukela ekuqaleni, ngakho abantu basele bengenamandla, bephoqeleka ukuba bazithobe. Impi phakathi kukaNkulunkulu noSathane imayelana nomuntu ngokuphelele. Abantu abanakuzilawula bona ngokwabo, bangonodoli ngempela, ngenkathi uNkulunkulu noSathane kuyibo abaphethe izintambo ekufihlakaleni. Ngenkathi uNkulunkulu esebenzisa abantu ukuveza ubufakazi ngaye, wenza konke angase akucabange, wenza konke okungenzeka, ukwenza ukuthi abantu bamsebenzele, okwenza abantu basetshenziswe nguSathane, futhi, phezu kwalokho, baqondiswe nguNkulunkulu. Futhi ngesikhathi sebuphelile ubufakazi uNkulunkulu afisa ukuba bunikezwe, ubadudulela ohlangothini olulodwa abantu abashiye behlupheka, ngenkathi uNkulunkulu enza sengathi akanalutho angalwenza ngabo. Uma esefuna ukusebenzisa abantu futhi, uyabacosha futhi abasebenzise—futhi abantu abakunakile nakancane lokhu. Bafana nenkabi noma nehhashi elisetshenziswa ngumninilo ngokuthanda kwakhe, akukho nelilodwa kuwo elikwazi ukuzilawula lona ngokwalo. Lokhu kungezwakala kudabukisa kancane, kodwa kungakhathaleki ukuthi abantu banakho ukuzilawula noma cha, ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu kuyilungelo elikhulu, akuyona into okumele umuntu aphatheke kabi ngayo. Kungathi uNkulunkulu kufanele aziphathe ngale ndlela. Ngabe ukukwazi ukwenelisa uSomandla nezidingo zakhe akuyona into umuntu okumele aziqhenye ngayo? Uthini ngokucabanga kwakho? Ingabe uke wasenza isinqumo sokuba wenze umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuthi usafisa ukubambelela elungelweni lokuthungatha inkululeko yakho?

Nakuba kunjalo, konke okwenziwa nguNkulunkulu kuhle, futhi kufanele ukulingiswa, kanti umuntu noNkulunkulu, vele, abafani. Kulesi sesekelo, kumele uthande uNkulunkulu ngenhliziyo yomuntu noma ngabe uNkulunkulu ulubhekile noma cha uthando lwakho. Amazwi kaNkulunkulu ayakhombisa ukuthi kukhona futhi ukudabuka okukhulu enhliziyweni kaNkulunkulu. Kungenxa yamazwi kaNkulunkulu kuphela ukuthi abantu bacwengisisiswe. Nokho lo msebenzi, vele, wenzekile izolo—ngakho yini ngempela uNkulunkulu azoyenza ngokulandelayo? Kuze kube namuhla, lokhu kulokhu kuyimfihlakalo, ngakho futhi abantu abakwazi ukukuqonda noma ukukuchaza, kuphela bakwazi ukucula nje bahambisane nomculo kaNkulunkulu. Noma kunjalo, konke okushiwo nguNkulunkulu kungokoqobo, konke kuyafezeka—lokhu akungatshazwa!

Okwedlule: Isahluko 44 no-45

Okulandelayo: Isingeniso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp