Isahluko 42

Angazi ukuthi lukhona yini uguquko abantu abalubonile ezwini lanamuhla. Abanye abantu kungenzeka ukuthi babonile kancane, kodwa abanaso isibindi sokusho ngokuqinisileyo. Mhlawumbe abanye abakwazanga ukuqonda lutho. Kungani kunalo mahluko phakathi kosuku lwenyanga lweshumi nambili kanye nolweshumi nanhlanu? Uke wacabanga yini wajula ngalokhu? Uthini umbono wakho? Kukhona okuthile okuqondile kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu? Yimuphi umsebenzi ophambili owenziwe phakathi kosuku lwesibili kuMbasa kanye nolweshumi nanhlanu kuNhlaba? Kungani namuhla, abantu bengazi lutho, bedideke sengathi bashaywe ekhanda ngenduku? Namuhla, kungani kungenazingosi ezinesihloko esithi “Amahlazo Abantu Bombuso”? Osukwini lwesibili kanye nolwesine kuMbasa, uNkulunkulu akazange asikhombe isimo somuntu; kanjalo, ezinsukwini ezimbalwa emva kolwanamuhla akazange asikhombe isimo sabantu—kungani kunje? Kunemfihlakalo nakanjani kulokhu—kungani kube nokuguquka okungalinganiswa ngamaqophelo ayi-180? Masikhulume kafushane ngokuthi kungani uNkulunkulu akhuluma kanje. Masibheke amazwi okuqala kaNkulunkulu, lapho engachithanga sikhathi khona ekuthini athi “Masinya lapho kuqala umsebenzi omusha.” Umusho ukuvezela okokuqala ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usungene esiqalweni esisha, ukuthi usephindile futhi waqala umsebenzi omusha. Lokho kukhombisa ukuthi ukusola kuyasondela; kungashiwo ukuthi sekungenwe eqophelweni eliphezulu lokusolwa, ngalokho-ke kufanele nisisebenzise kahle isikhathi senu ukuze nizwe ngokufanele umsebenzi wenkathi yokusola, ukuze ningasali emuva futhi ningalahlwa. Lona yiwo wonke umsebenzi womuntu, futhi umuntu udinga ukuthi azame ngawo wonke amandla ukubambisana. Lapho ukusola sekususwe ngokuphelele, uNkulunkulu uqala ingxenye elandelayo yomsebenzi Wakhe, ngokuba uNkulunkulu uthi, “… ngiqhubekile nokufeza umsebenzi Wami kubantu…. Kulesi sikhathi, inhliziyo Yami igcwele ukujabula, ngokuba ngizuze ingxenye yabantu, futhi ngalokho ‘ibhizinisi’ alisawile, alisewona amazwi angenalutho.” Ezikhathini ezedlule, abantu babonile ukucindezela kwamazwi kaNkulunkulu—akukho phutha kulokhu—kanti namuhla uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe ngejubane elikhulu. Kumuntu, lokhu akukhombisi ukuvumelana ngokugcwele nezidingo zikaNkulunkulu—kodwa kuNkulunkulu, umsebenzi Wakhe ufeziwe. Ngokuthi imicabango yabantu iyinkimbinkimbi kakhulu, indlela ababona ngayo izinto ivame ukuba yinxakanxaka. Ngokuthi abantu bafuna izinto ngokwedlulele kubantu, kodwa uNkulunkulu akafuni izinto ezinkulu ngaleyo ndlela kumuntu, kuyakhombisa ukuthi umahluko mkhulu kangakanani phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. Ukuqonda kwabantu kuba sobala kukho konke uNkulunkulu akwenzayo. Akukhona ukuthi uNkulunkulu ufuna izinto ezinkulu kubantu bese abantu bangakwazi ukufeza lezo zinto, kepha abantu bafuna izinto ngenkani kuNkulunkulu bese uNkulunkulu engakwazi ukuzifeza. Ngokuthi, emva kokwelashwa, kuba nemiphumela engemihle esintwini, esikhohlakaliswe uSathane iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa, abantu bafune “okukhulu” kuNkulunkulu, futhi abanaluzwelo nakancane, benakho ukwesaba okujulile ukuthi uNkulunkulu akajabulile. Ngalokho, ukwehluleka kwabantu ezintweni eziningi kuyindlela abazifaka ngayo ekuzisoleni; bethwala imiphumela yezenzo zabo—lokhu kuwukuhlupheka okukhulu. Ebunzimeni obubekezelelwa ngabantu, ngaphezu kwamaphesenti angama-99 kwabo kweyiwa nguNkulunkulu. Ukukubeka nje ngokucacile, akekho noyedwa ngempela ohluphekele uNkulunkulu. Bonke babhekana nemiphumela yezenzo zabo—futhi lesi sinyathelo sokusolwa, empeleni, kasinamehluko, siyinkomishi ebabayo evutshelwe ngumuntu, ephakanyiswa nguye futhi ayiphuze yena uqobo. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu akakayembuli inhloso yangempela yokusola Kwakhe, nakuba ikhona ingxenye yabantu eqalekisiwe, lokhu akumele ukusola. Kunengxenye yabantu ebusisiwe, kodwa akusho lokhu ukuthi bazobusiswa esikhathini esizayo. Kubantu, kubukeka sengathi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongaligcini izwi Lakhe. Ningakhathazeki. Lokhu kungaba ngaphezudlwana nje, kodwa ningabi nombono ophambene; engikukhulumayo kuyathintana nokuhlupheka komuntu, nokho ngiyacabanga ukuthi kumele nakhe ubuhlobo benu noNkulunkulu. Kumele nimuphe “izipho” eziningi ezizomjabulisa noma kanjani. Ngethemba ukuthi uNkulunkulu uyabathanda labo abamupha “izipho.” Uthini wena, la mazwi ngabe aqinisile yini?

Njengamanje, zingaki izinto zekusasa lenu enizibeke eceleni? Umsebenzi kaNkulunkulu uzophela masinyane—ngakho kumele ukuba nibeke eceleni okungenani konke okuyizinto zenu, akunjalo? Ningazihlola nina ngokwenu: Nithanda njalo ukuma niphakame, niziphakamisa futhi nizigabisa—kuyini lokhu? Namuhla, angikazi ukuthi ziyini izimo zabantu. Uma abantu kungukuthi baphila ngempela begubuzelwe ulwandle lwezinhlupheko, lapho bephila phakathi kokucwengisiswa ngobunzima, noma kokunye ngaphansi kokusongelwa ngamacebo okuhlushwa okwahlukahlukene, noma ukuphila ngesikhathi sokungemukelwa yibo bonke abantu futhi bebuka phezulu esibhakabhakeni bebubula ngokujulile, ekucabangeni kwabo ngalezo zikhathi bangahle, mhlawumbe, bazibeke eceleni izimo zabo. Lokhu kungoba abantu bathungatha iShangri-La kukho lokho kungabi nathemba, futhi akukho noyedwa osezimweni zokunethezeka oke washiya ukuphokophelela iphupho elihle. Lokhu kungase kungabi ngokoqobo, kodwa ngifisa ukuthi lokhu akukho ezinhliziyweni zabantu. Ingabe nisafisa ukuhlwithwa nisaphila? Nisafisa ukuguqulwa enyameni nisaphila? Angazi ukuthi nibona ngokufanayo yini, kodwa ngiyaye ngicabange ukuthi lokhu akukhona okungokoqobo—imicabango enjalo ibukeka ingeyona engokoqobo. Abantu basho izinto ezifana nokuthi: Beka eceleni izimo zakho zakusasa, yiba ngokoqobo kakhudlwana. Ucela ukuba abantu balahle imicabango yokuba ngababusisekileyo—kodwa uthini ngawe? Uyayiphikisa yini imibono yabantu ngokuba ngababusisekileyo ube wena ufuna izibusiso ngokwakho? Awubavumeli abanye ukuthi bamukele izibusiso kodwa wena ngokwakho ucabanga ngazo ngokufihlekileyo—kukwenza ube yini lokho? Umkhohlisi! Uma wenza kanjalo, ngabe unembeza wakho akahlali enekwe icala? Enhliziyweni yakho, awuzizwa unesikweletu? Awuyena umkhohlisi? Ugubha amazwi ezinhliziyweni zabanye, kodwa awusho lutho ngalawo akweyakho—waze-ke waba wudoti ongenamsebenzi! Ngiyamangala ukuthi nicabangani ezinhliziyweni zenu uma nikhuluma—aninakugxekwa yini nguMoya oNgcwele? Ngabe lokhu akuthunazi isithunzi senu? Anazi ngempela ukuthi yini enhle kinina! Kuyabonakala ukuthi nonke nifana noMnu Nanguo—ningabakhohlisi. Akumangazi ukuthi uNkulunkulu wafaka igama “ukuzinikela” lapho ethi “bazimisele bonke ‘ukuzinikela ngokuzimisela’” ekucaphuneni kwakhe. UNkulunkulu umazi umuntu njengengemuva lesandla Sakhe, noma angaba nobuciko obunjani ekubeni ngumkhohlisi—noma anganganikeli ngalutho, ubuso bakhe abuphenduki bube bomvu, inhliziyo yakhe ingasuki ngejubane—amehlo kaNkulunkulu ayakhazimula, ngakho umuntu ube nenkinga njalo yokubalekela ukubonwa nguNkulunkulu. Kungathi uNkulunkulu ubona nge-x-ray ngakho ukwazi ukubona izitho zangaphakathi zomuntu, kungathi ukwazi ukubona uhlobo lwegazi abantu abanalo ngaphandle kokulihlola. Kunjalo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, akukwazi ukulingiswa ngumuntu. Njengoba uNkulunkulu ethi, “Kungani ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, kodwa akukho bufakazi bawo kubantu? Ngabe angizange ngifake amandla enele?” Ukubambisana komuntu noNkulunkulu kuntuleka kakhulu, kungashiwo futhi ukuthi kuningi kakhulu okungumbono ophambene kumuntu, akuvamile futhi ukuthi abantu babe nombono omuhle, kungezikhathi ezingeningi kuphela lapho benomncane khona, kodwa kungcoliseke ngokwedlulele. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu bamthanda kanjani uNkulunkulu; kungathi kuneqhezwana lokwekhulu kwezigidi kothando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, kukho lokho amaphesenti angama-50 asenokungcola, okuyisizathu uNkulunkulu ethi akatholi bufakazi kumuntu. Kungenxa yokungalaleli ngempela komuntu ukuthi iphimbo likaNkulunkulu emazwini Akhe lingabi nanhliziyo kangaka futhi lingabi nazinzwa. Nakuba uNkulunkulu engakhulumi ngezikhathi ezedlule nomuntu, abantu bafuna njalo ukukhumbula, ukuze bazibonakalise phambi kukaNkulunkulu, futhi bafuna njalo ukukhuluma ngezikhathi ezedlule—kodwa uNkulunkulu akakaze aphathe umuntu ngokosuku lwakhe lwayizolo kube njenganamuhla; esikhundleni salokho, uya kubantu banamuhla esebenzisa inamuhla. Lokhu yindlela uNkulunkulu aziphatha ngayo, futhi kulokhu, uNkulunkulu uwashilo la mazwi ngokucacile, ukuvimbela abantu ukuthi kusasa bathi uNkulunkulu akabacabangeli, ngokuba uNkulunkulu akazenzi izinto ezingenanembeza, kodwa utshela abantu ngamaqiniso angempela, bangaze abantu bangami baqine—ngokuba umuntu, vele, ubuthakathaka. Emva kokuzwa la mazwi, nithini: Nizimisele ukulalela nizithobe, bese ningabe nisacabanga ngalokhu?

Okungenhla kucezile esihlokweni, akunandaba ukuthi kuyakhulunywa ngakho noma cha. Ngethemba ukuthi aniphatheki kabi, ngoba uNkulunkulu uzele ukuzokwenza umsebenzi wamazwi, futhi uyathanda ukukhuluma ngazo zonke izinto ezingaphansi komthunzi welanga. Kodwa ngethemba ukuthi nisazowafunda, bese niyeka ukungawanaki la mazwi, kulungile? Nizokwenza lokho? Kushiwo ukuthi emazwini anamuhla uNkulunkulu wambulile ulwazi olusha: Kuseduze ukuthi iguquke indlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Kanjalo, bekuyoba ngcono ukuba sinake indaba esematheni. Kungashiwo ukuthi wonke amazwi anamuhla angukuphrofetha izindaba zakusasa, angukulungiselela kukaNkulunkulu isigaba esilandelayo somsebenzi Wakhe. UNkulunkulu usewuqedile ngempela umsebenzi waKhe kubantu bebandla, emva kwalokho uzokwehlisa ulaka luvele phambi kwabo bonke abantu. Njengoba uNkulunkulu ethi, “Ngizokwenza abantu emhlabeni ukuba bamukele ukwenza Kwami, futhi phambi ‘kwesihlalo sokwahlulela,’ izenzo Zami zizakufakaziswa, ukuze zamukeleke kubantu emhlabeni jikelele, abazobe bamukele.” Kukhona okubonile kula mazwi? Kuwo kunengxenye elandelayo yomsebenzi Wakhe ngokufingqiwe. Okokuqala, uNkulunkulu uzokwenza zonke izinja ezingabaqaphi ezinamandla ombusazwe ukuthi zikholwe ngobuqotho bese zihlehla ziphuma eshashalazini lomlando ngokwazo, zingaphindi zilwele izikhundla noma amasu kanye nokubopha uzungu. Lo msebenzi kumele ufezwe ngokuba uNkulunkulu aphakamise izinhlekelele ezinhlobonhlobo emhlabeni. Kodwa uNkulunkulu ngeke avele; ngoba, ngalesi sikhathi, isizwe sikadrako omkhulu obomvu sisazobe siyizwe lobubi, uNkulunkulu ngeke avele, kodwa uzovela ngokusola. Leso yisimo sabalungileyo bakaNkulunkulu, akekho noyedwa ongaphunyula kuso. Ngalesi sikhathi, bonke abahlezi esizweni sikadrako omkhulu obomvu bazohlushwa ngenhlekelele, ngokwemvelo ezofaka phakathi umbuso wasemhlabeni (ibandla). Lesi yiso isikhathi sempela lapho amaqiniso ezovela khona, futhi ngalokho azozwiwa yibo bonke abantu, akekho ozophunyula. Lokhu kunqunyelwe kusengaphambili nguNkulunkulu. Kungenxa yalesi sinyathelo ukuba uNkulunkulu athi, “Manje sekuyisikhathi sokwenza izinhlelo ezinkulu.” Ngoba, esikhathini esizayo, akunakuba khona libandla emhlabeni, nangenxa yenhlekelele, abantu bayokwazi kuphela ukucabanga ngalokho okuphambi kwabo, futhi bakushaye indiva konke okunye, kulukhuni futhi ukuba bajabulele ubukhona bukaNkulunkulu bephakathi enhlekeleleni, ngakho, abantu bacelwa ukuba bathande uNkulunkulu ngenhliziyo yabo yonke esikhathini lesi esihle, ukuze bangalahlekelwa yithuba. Ngokudlula kwaleli qiniso, uNkulunkulu umahlulile udrako omkhulu obomvu, ngalokho futhi umsebenzi wobufakazi babantu ngoNkulunkulu ufike esiphelweni; emva kwalokho uNkulunkulu uzoqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi, ebeka okungasadingeki ezweni likadrako omkhulu obomvu, bese kuthi ekugcineni abethele abantu emhlabeni wonke ebabhekise phansi esiphambanweni, emva kwalokho uzoshabalalisa sonke isintu—lezi yizinyathelo zesikhathi esizayo somsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, nimelwe ukuphokophelela ukwenza ngakho konke ukuze nithande uNkulunkulu kulesi simo esinokuthula. Esikhathini esizayo anisayikuba nawo amathuba okuthanda uNkulunkulu, ngokuba abantu banethuba kuphela lokuthanda uNkulunkulu osenyameni; ngenkathi sebephila komunye umhlaba, akukho noyedwa ozokhuluma ngokuthanda uNkulunkulu. Akusiwo yini umthwalo womuntu owadalwa lona? Ngalokho kumele umthande kanjani uNkulunkulu ezinsukwini zokuphila kwakho? Uke wakucabanga lokhu? Ulinde ukuthi uze ufe kube yikhona uthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukukhuluma okungenalutho? Namuhla, kungani ungaphokopheleli ukuthanda uNkulunkulu? Kungenzeka ukuthanda uNkulunkulu umatasa kube luthando lweqiniso ngoNkulunkulu? Isizathu esenza kuthiwe lesi sinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu sizoshesha sifike ekupheleni kungoba uNkulunkulu usenabo ubufakazi phambi kukaSathane; ngalokho, asikho isidingo sokuthi umuntu kube khona akwenzayo, umuntu ucelwa kuphela ukuthi aphokophelele ukuthanda uNkulunkulu eminyakeni yakhe esaphila—yikho okumqoka lokhu. Ngokuba izidingo zikaNkulunkulu azizinkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngoba kunexhala elivuthayo enhliziyweni Yakhe, wambulile isifinyezo sesinyathelo esilandelayo somsebenzi waKhe ngaphambi kokuthi kuphethwe lesi isinyathelo, okukhombisa ngokusobala ukuthi isikhathi singakanani; uma uNkulunkulu ubengenalo ixhala enhliziyweni Yakhe, ingabe ubeyokhuluma ngala mazwi isikhathi sisekhona? Kungoba isikhathi sifushane ukuthi uNkulunkulu asebenze ngale ndlela. Likhona ithemba lokuthi ningamthanda uNkulunkulu ngezinhliziyo zenu zonke, ngemiqondo yenu yonke, kanye nangamandla enu wonke, kube sengathi nivikela impilo yenu. Ngabe akuyona yini impilo enenjongo ephelele lena? Kukuphi kwenye indawo lapho ungathola khona impilo enenjongo? Awenzi bona yini ubumpumputhe obukhulu? Uzimisele yini ukuthanda uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu ukufanele yini ukuthandwa ngumuntu? Ngakho yini okufanele uyenze? Thanda uNkulunkulu ngesibindi, ngaphandle kwemibandela—bese ubheka ukuthi uNkulunkulu uzokwenzani kuwe. Bheka ukuthi uzokubulala yini. Kafushane, umsebenzi wokuthanda uNkulunkulu ubaluleke kakhulu kunokukopisha nokubhala izinto zikaNkulunkulu. Kumele unikeze indawo yokuqala lokho okubaluleke kakhulu, ukuze impilo yakho ibaluleke ngokwengeziwe futhi igcwale injabulo, bese ulinda “isigwebo” sikaNkulunkulu ngawe. Ngiyazibuza ukuthi okuhlelayo kuyakufaka yini phakathi ukuthanda uNkulunkulu—ngingajabula uma izinhlelo zabantu bonke zingaba yilezo ezipheleliswe nguNkulunkulu, bese ziba ezangempela.

Okwedlule: Isahluko 41

Okulandelayo: Isahluko 44 no-45

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp