Kungani isintu kufanele sikholwe kuNkulunkulu?

October 31, 2017

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngize emhlabeni ngiwukukhanya, ukuze lowo okholwa Yimi angahlali ebumnyameni” (NgokukaJohane 12:46).

UJesu wayesethi kubo, Mina ngiyisinkwa sokuphila: oza kimi akasoze alamba, nokholwa yimi akasoze oma” (NgokukaJohane 6:35).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yonke indalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nezilwane, izitshalo, abantu, izintaba, imifula, kanye namachibi—konke kufanele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Konke okusesibhakabhakeni nasemhlabathini kumele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Akukho okunye okungakwenza, kumele konke kuzithobe ekuhleleni Kwakhe. Lokhu kwanqunywa uNkulunkulu, futhi kuligunya likaNkulunkulu. UNkulunkulu uyala konke, futhi ulawula konke, isigaba ngasinye ngokohlobo lwaso, ukubeke ngokwezindawo zakho, ngokwentando kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi kukhulu kangakanani, akukho okungedlula uNkulunkulu, futhi konke kukhonza isintu esidalwe uNkulunkulu, futhi akunalutho olungalokotha lungamlaleli uNkulunkulu noma lufune izinto kuNkulunkulu. Ngakho umuntu, njengesidalwa sikaNkulunkulu, kumele enze umsebenzi womuntu. Kungakhathaleki ukuthi uyinkosi noma umnakekeli wazo zonke izinto, akunandaba ukuthi isikhundla somuntu siphakeme kangakanani kuzo zonke izinto, usewumuntu omncane ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, akekho ngaphezulu komuntu ongabalulekile, isidalwa sikaNkulunkulu, akasobe aba ngaphezu kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ebubanzini bomhlaba nomkhathi, izidalwa ezingenakubalwa ziyaphila futhi zizalane, zilandela umthetho wokuphila ozungezayo, futhi zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu sesiyibuzile le mibuzo izinkulungwane zeminyaka, siphindelela. Ngeshwa, lapho isintu sishisekela kakhulu ngale mibuzo, yilapho kukhula kakhulu ukomela kwaso isayensi. Isayensi inika ukwaneliseka okufishane kanye nenjabulo yesikhashana, kodwa ayenele neze ukukhulula isintu esizungwini, umzwangedwa kanye nengebhe ecishe ingafihleki nokungabi namandla okusekujuleni komphefumulo waso. Isintu simane sisebenzise ulwazi lwesayensi olubonakala ngamehlo enyama nalokho ingqondo yaso engakuqonda ukuze kwenze inhliziyo yaso ibe ndikindiki ingabe isezwa. Kepha lolu lwazi oluyisayensi alwenele ukuvimba isintu ukuthi sihlole izimfihlakalo. Isintu asazi nhlobo ukuthi ngubani oyiNkosi yomhlaba nazo zonke izinto, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula.Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka. Akunandaba ukuthi uyakwazi ukubona isenzo sikaNkulunkulu, akusho lutho noma uyakholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi isimiselo sakho singaphansi kokumisa kukaNkulunkulu, futhi akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebusa phezu kwezinto zonke. Ubukhona negunya Lakhe akumisiwe phezu kokuthi kuyabonwa noma kuyaqondwa ngumuntu. Nguye kuphela owazi isikhathi esiphambilini, isikhathi samanje nekusasa lomuntu, futhi Nguye kuphela ongalawula isimiselo sesintu. Akunandaba noma uyakwazi ukwemukela leli qiniso, kungekudala umuntu uzozifakazela lezi zinto ngamehlo akhe, futhi yileli qiniso uNkulunkulu azoliveza licace.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.

Bheka emuva esikhathini somkhumbi kaNowa: isintu sasonakele kakhulu, sasidukile esibusisweni sikaNkulunkulu, sasingasanakekelwe nguNkulunkulu, futhi sasesilahlekelwe izithembiso zikaNkulunkulu. Babephila ebumnyameni, ngaphandle kokukhanya kukaNkulunkulu. Ngakho baba nezinkanuko ngokwemvelo, bazilahlela ekonakaleni okusabekayo. Abantu abanjalo babengeke basakwazi ukwemukela isithembiso sikaNkulunkulu: babengafanele ukubona ubuso bukaNkulunkulu, noma ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ngoba babemshiyile uNkulunkulu, babelahle kude konke ayekade ebaphe khona, futhi basebezikhohliwe izimfundiso zikaNkulunkulu. Inhliziyo yabo yedukela kude kakhulu noNkulunkulu, futhi njengoba kwenzeka lokho, bonakala ngaphezulu kwakho konke ukucabanga nobuntu, futhi baphenduka baba babi kakhulu. Ngakho baya besondela ekufeni, bawela olakeni nokujezisa kukaNkulunkulu. UNowa kuphela owayekhonza uNkulunkulu futhi ebalekela ububi, ngakho wayekwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ezwa nemiyalelo kaNkulunkulu. Wawakha umkhumbi ngokusho kwemiyalelo yezwi likaNkulunkulu, futhi waqoqa zonke izinhlobo ngezinhlobo zezidalwa. Ngale ndlela, kwathi uma yonke into seyilungiselelwe, uNkulunkulu wadedela imbubhiso Yakhe phezu komhlaba. UNowa kuphela kanye namalunga ayisikhombisa omndeni wakhe abasinda kuleyo mbubhiso, ngoba uNowa wayekhonza uJehova futhi ebalekela ububi.

Bese ubheka inkathi yamanje: Abantu abalungile njengoNowa abakhonza uNkulunkulu babalekele ububi, abasekho ngisho ukuba khona. Kepha uNkulunkulu usenomusa esintwini futhi uyasisula icala isintu kule nkathi yokugcina. UNkulunkulu ufuna labo abalangazelela ukuthi aqhamuke. Ufuna labo abakwazi ukuzwa amazwi Akhe, labo abangakhohlwanga yilokho abaphathise khona futhi abanikela inhliziyo nomzimba wabo Kuye. Ufuna labo abalalela okwezingane phambi Kwakhe, futhi abangamelani Naye. Uma ungavinjwa ngamandla athile ekukhonzeni kwakho ngobuqotho uNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenzela umusa, futhi athele izibusiso Zakhe kuwe. Uma usesikhundleni esiphakeme, waziwa ngokuhlonishwa, unolwazi oluchichimayo, unempahla eningi, futhi wesekwe abantu abaningi, kepha zonke lezi zinto zingakuvimbi ukuthi uze phambi kukaNkulunkulu ukwemukela ubizo Lwakhe, nalokho akuphathisa khona, ukwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, konke oyokwenza kuyoba okubaluleke kakhulu emhlabeni futhi uyobe ungolunge kunabo bonke esintwini. Uma wala ubizo lukaNkulunkulu ngenxa yesikhundla kanye nemigomo yakho, konke ozokwenza kuyobe kuqalekisiwe futhi kuyokwenyanywa nguNkulunkulu. Mhlawumbe ungumongameli, noma usosayensi, umfundisi, noma ilunga kodwa noma ngabe siphakeme kangakanani isikhundla sakho, uma wethembele olwazini lwakho, nekhono kulokho okwenzayo, uyoba yisahluleki njalo, futhi uyohlala ungenazo izibusiso zikaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akamukeli lutho olwenzayo, futhi akavumi ukuthi umsebenzi wakho ungolungileyo noma emukele ukuthi usebenzela ukusizakala kwesintu. Uzothi konke okwenzayo, ukusebenzisa ulwazi namandla esintu ukuphuca umuntu ukuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nokuphika izibusiso zikaNkulunkulu. Uzothi uholela isintu ebumnyameni, ekufeni, futhi ekuqaleni kokuphila okungenamkhawulo lapho umuntu eselahlekelwe uNkulunkulu nesibusiso Sakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Ukhona yini oseke wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphikelelephi? Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga—uma umuntu engase aphikelele nokuba nenkani—ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kulesi sintu esimlahle ngaphandle kokujeqeza emuva? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Udinga ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, uyodedela luphi uhlobo lwentukuthelo? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Okwalandela, umuntu waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu…. Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isintu, sesedukile ekuhlinzekeni ngempilo kukaMninimandla Onke, asiyazi inhloso yokuphila, kodwa khona lapho sesaba ukufa. Asinakho ukusizakala noma ukwesekeleka, kodwa sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, futhi siyazinikela ekuphileni impilo eyisinengiso kulo mhlaba, singamasaka enyama angenalwazi ngemiphefumulo yawo. Niphila ngale ndlela, ngaphandle kwethemba, njengoba kwenza abanye, ngaphandle kwenhloso. Yilowo Ongcwele Yedwa osendabeni yasendulo ozosindisa abantu okuthi lapho bebubula phakathi kwenhlupheko yabo, balangazelele ngokuphelelwa yithemba ukufika Kwakhe. Le nkolelo ngeke yenzeke okwamanje kubantu abangazi. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokhu kakhulu. UMninimandla Onke unomusa kulabo abahlupheke ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, Ukhathele yilabo bantu abangenaso isazelo, ngoba kudingeke ukuba ayilindele isikhathi eside ngokwedlule impendulo evela esintwini. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ukuze ungasomi, ungalambi. Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulindele esezinhlungwini, elindele ukuphendulwa ngaphandle kokuthola impendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlawumbe lokhu kubheka akubekelwe sikhathi, futhi mhlawumbe lokhu kubheka sekufike ekugcineni. Kodwa kumele wazi kahle ukuthi inhliziyo nomoya wakho kuphi njengamanje.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukububula KukaMninimandla Onke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp