Abantu bavame ukuthi, “Ubuhle bunomvuzo wakho, ububi ukujeziswa kwakho,” khona-ke kungani uNkulunkulu engasusi bonke abantu ababi manje?

October 31, 2017

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Yonke into inesikhathi sayo, nomzuzu kuyo yonke indaba phansi kwezulu” (Umshumayeli 3:1).

“Futhi njengasemihleni kaNowa, kuyoba njalo futhi nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa ngamakhosikazi, beganiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwase kufika uzamcolo, futhi wababhubhisa bonke. Kwaba njalo futhi nasemihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kwehla ezulwini, futhi kwababhubhisa bonke. Kuyoba njalo nangosuku iNdodana yomuntu eyokwambulwa ngalo” (Luka 17:26–30).

“Ngoba iNdodana yomuntu iyokuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi Zayo; bese iklomelisa wonke umuntu ngokwemisebenzi yakhe” (NgokukaMathewu 16:27).

“Futhi, bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami unami, ukunika wonke umuntu njengokomsebenzi wakhe” (IsAmbulo 22:12).

“Ngokuba, bheka, usuku luyeza, oluyovutha njengeziko; futhi bonke abaziqhenyayo, yebo, nabo bonke abenza kabi, bayoba yizinhlanga: futhi usuku oluyofika luyobashisa, kusho uJehova wemikhosi, luze lungabashiyeli zimpande namagatsha. … Futhi niyonyathela ababi; ngoba bayoba umlotha ngaphansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engiyokwenza ngalo lokhu” (UMalaki 4:1–3).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yonke into uNkulunkulu ayenza isuke ihlelwe ngokusezingeni eliphezulu. Lapho ebona isimo noma okuthile kwenzeka, kuzoba nesilinganiso esithile emehlweni akhe, futhi lesi silinganiso siyonquma ukuthi uyaqala yini ukusungula isu lokusingatha leyo nto noma ukuthi uzobhekana kanjani naleso simo naleyo nto. Akayena umuntu ongenandaba noma ongenamizwa ngayo yonke into. Empeleni ungokuphambene kakhulu nalokho. Kunevesi lapho uNkulunkulu athi khona kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba.” Ezwini likaNkulunkulu kulokhu, ingabe wathi uzobhubhisa abantu kuphela? Cha! UNkulunkulu wathi uzobhubhisa zonke izinto eziphilayo zenyama. Kungani uNkulunkulu afuna ukubhubhisa? Kunesinye isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha: Emehlweni kaNkulunkulu, ukubekezelela Kwakhe inkohlakalo yomuntu, ukungcola, ubudlova, nokungalaleli kwayo yonke inyama kunemingcele. Ikuphi imingcele Yakhe? UNkulunkulu wathi: “UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” Asho ukuthini la mazwi athi “ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni”? Asho ukuthi noma yini ephilayo, kuhlanganisa nalabo abalandela uNkulunkulu, labo ababiza igama likaNkulunkulu, labo abake banikela iminikelo eshiswayo kuNkulunkulu, labo abamqaphelayo ngezwi futhi baze bamdumise uNkulunkulu—uma ukuziphatha kwabo kwase kugcwele inkohlakalo kwabonwa uNkulunkulu, kwakuzodingeka ukuthi ababhubhise. Leyo imingcele kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wababekezelela ngezinga elingakanani abantu nayo yonke inyama eyonakele? Ngezinga lokuthi bonke abantu, kungaba abalandeli bakaNkulunkulu noma abangakholwa, babengahambi endleleni efanele. Ngezinga lokuthi kwakungasekhona nje ukuthi umuntu unesimilo esikhohlakele futhi esigcwele ububi, kodwa wayengasekho okholelwa ekutheni uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa-ke eyokuthi kube khona ngisho oyedwa okholelwa ukuthi umhlaba ubuswa uNkulunkulu futhi uNkulunkulu angabaqondisa endleleni efanele abantu. Ngezinga umuntu angakuthandi ngalo ukuba khona kukaNkulunkulu futhi akamvumelanga uNkulunkulu ukuba abe khona. Uma inkohlakalo yomuntu isifinyelele kuleli zinga, kwakumphelela ukubekezela uNkulunkulu. Yini eyayingena esikhundleni sakho? Ukuza kwentukuthelo nesijeziso sikaNkulunkulu. Ingabe leso akusona isambulo sesimo sikaNkulunkulu? Kule nkathi, ingabe usekhona umuntu olungile emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe usekhona umuntu ophelele emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe kule nkathi, ukuziphatha kwayo yonke inyama emhlabeni kukhohlakele emehlweni kaNkulunkulu? Kulolu suku nenkathi, ngaphandle kwalabo uNkulunkulu afuna ukubaphelelisa, labo abangalandela uNkulunkulu futhi bamukele insindiso Yakhe, akukhona yini ukuthi yonke inyama ikubekela inselele ukubekezela kukaNkulunkulu? Akulona yini iqiniso ukuthi yonke into eyenzeka eceleni kwenu, eniyibona ngamehlo enu futhi eniyizwa ngezindlebe zenu, nezinto enizibona imihla namalanga kuleli zwe, akugcwele yini ubudlova? Emehlweni kaNkulunkulu, akufanele yini izwe elinjalo, inkathi enjena, kuqedwe ngayo? Nakuba imvelaphi yenkathi esikuyo yehluke kakhulu kwekaNowa, imizwa nenzondo uNkulunkulu anayo ngokukhohlakala komuntu kusafana ncamashi nokwangaleso sikhathi. UNkulunkulu ukwazi ukubekezela ngenxa yomsebenzi Wakhe, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezimo, leli zwe kufanele ngabe kudala labhujiswa emehlweni kaNkulunkulu. Isimo sesihluke kakhulu kulokhu esasiyikho endulo ngesikhathi izwe libhujiswa ngozamcolo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla, noma bengenzani, futhi kuncike ekutheni bangaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu futhi abangahlangene nhlobo nomsebenzi kaNkulunkulu, abantu abanjalo ngeke babhekane nembuyiselo ehambisanayo, ngoba usuku lolaka alukafiki. Kuningi abantu abakholwa ukuthu uNkulunkulu ukube usebhekene nakho, futhi bacabanga ukuthi abenzi bobubi kumele babhekane nempindiselo ebafanele ngokushesha. Kodwa njengoba umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ungakafiki ekugcineni, futhi nosuku lolaka alukafiki, abangalungile bayaqhubeka nokwenza ukwenza kokungalungi. … Manje akusona isikhathi sokujeziswa komuntu, kodwa isikhathi sokwenziwa komsebenzi wokunqoba, ngaphandle uma kukhona labo abakhubaza ukuphatha kukaNkulunkulu, lapho beyojeziswa ngokobubi bezenzo zabo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kubantu ukuba bakwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu futhi konke kwenzelwa ukusindiswa kwabantu. Ngesikhathi sensindiso yabantu, uNkulunkulu akajezisi ububi noma anike umvuzo okuhle, noma embule iziphetho zabantu ngokwehluka kwabo. Kunalokho, ngemva kwesigaba sokugcina sokuphela komsebenzi Wakhe lapho umsebenzi wokujezisa ububi nokunika umvuzo okuhle, futhi kulapho embula iziphetho zabantu ngokwehlukana kwabo. Labo abajezisiwe bayoba yilabo impela abangeke basindiswe, kuthi labo abasindisiwe kuyoba yilabo abayozuza insindiso kaNkulunkulu, bonke labo abangasindiswa bayosindiswa ngokuphelele, akekho nomunye oyolahlwa, ngoba inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. Bonke labo, ngesikhathi sensindiso kaNkulunkulu yabantu, abakwazi ukufeza ukuguqula isimo sabo, bonke labo abangakwazanga ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, bazoba yizinto zesijeziso.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma beke bahlukaniswa ngenxa yokulungile nokubi, abantu abajeziswa noma bathole umvuzo ngokushesha; kunalokho, uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi Wakhe wokujezisa ububi nokuklomelisa ukulunga ngemva kokwenza umsebenzi Wakhe wokunqoba ezinsukwini zokugcina. Empeleni, ubelokhu esebenzisa okulungile nokubi ukuze ahlukanise isintu, kusukela ngesikhathi enza ngaso umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu. Uyomane abusise olungile futhi ajezise omubi lapho eqeda umsebenzi Wakhe, esikhundleni sokuhlukanisa ababi nabalungile lapho eseqeda umsebenzi Wakhe ekugcineni, uyobe eselandela ngokushesha nesu lokujezisa ababi anike abalungile umvuzo. Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila khona ekuphumuleni ngokuthula.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp