Kungani izwe limnyama futhi lilibi kangaka? Ngokuba kwesintu sezingeni eliphezulu lokukhohlakala, ingabe kufanele libhujiswe?

October 31, 2017

1) Kungani izwe limnyama futhi lilibi kangaka?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Umhlaba wonke usebubini” (1 Johane 5:19).

“Futhi ukukhanya kukhanya ebumnyameni; kanti ubumnyama abukuqondanga” (NgokukaJohane 1:5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

U-Adamu no-Eva uNkulunkulu abadala ekuqaleni babengabantu abangcwele, okusho ukuthi, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele, bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama futhi bemhlonipha uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla isihlungu senyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zonakaliswa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nokuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela. Ngemva kokonakaliswa nguSathane, umuntu waphenduka isilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo?

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu, manje ukuze abuyise ayekuhlosile ngendalo Yakhe kumele umuntu ambuyisele esimweni ayeyiso ekuqaleni bese exosha umuntu onesimo esikhohlakele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe—ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. … Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zifihleke kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe njengophawu lokubonga kuSathane futhi kuba okokusimamisa uSathane. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2) Ngokuba kwesintu sezingeni eliphezulu lokukhohlakala, ingabe kufanele libhujiswe?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni. UNkulunkulu wayesethi kuNowa, Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba” (UGenesise 6:12-13).

“Futhi njengasemihleni kaNowa, kuyoba njalo futhi nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa ngamakhosikazi, beganiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwase kufika uzamcolo, futhi wababhubhisa bonke. Kwaba njalo futhi nasemihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kwehla ezulwini, futhi kwababhubhisa bonke. Kuyoba njalo nangosuku iNdodana yomuntu eyokwambulwa ngalo” (Luka 17:26-30).

“Lapho ababi behluma njengotshani, nalapho bonke abenzi bokungalungi bechuma; kungukuthi bayobhujiswa kuze kube phakade” (AmaHubo 92:7).

“Futhi kuyokwenzeka, ukuthi emhlabeni wonke, kusho uJehova, izingxenye ezimbili zalo ziyonqunywa zife; kodwa ingxenye yesithathu iyosala. Futhi ngiyofaka ingxenye yesithathu emlilweni, bese ngibacwengisisa njengokucwengisiswa kwesiliva, bese ngibavivinya njengokuvivinywa kwegolide: bayobiza igama Lami, futhi ngiyobezwa: Ngiyothi, Ngabantu Bami: bese bethi, UJehova unguNkulunkulu Wami” (uZakariya 13:8—9).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yonke into uNkulunkulu ayenza isuke ihlelwe ngokusezingeni eliphezulu. Lapho ebona isimo noma okuthile kwenzeka, kuzoba nesilinganiso esithile emehlweni akhe, futhi lesi silinganiso siyonquma ukuthi uyaqala yini ukusungula isu lokusingatha leyo nto noma ukuthi uzobhekana kanjani naleso simo naleyo nto. Akayena umuntu ongenandaba noma ongenamizwa ngayo yonke into. Empeleni ungokuphambene kakhulu nalokho. Kunevesi lapho uNkulunkulu athi khona kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba.” Ezwini likaNkulunkulu kulokhu, ingabe wathi uzobhubhisa abantu kuphela? Cha! UNkulunkulu wathi uzobhubhisa zonke izinto eziphilayo zenyama. Kungani uNkulunkulu afuna ukubhubhisa? Kunesinye isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha: Emehlweni kaNkulunkulu, ukubekezelela Kwakhe inkohlakalo yomuntu, ukungcola, ubudlova, nokungalaleli kwayo yonke inyama kunemingcele. Ikuphi imingcele Yakhe? UNkulunkulu wathi: “UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” Asho ukuthini la mazwi athi “ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni”? Asho ukuthi noma yini ephilayo, kuhlanganisa nalabo abalandela uNkulunkulu, labo ababiza igama likaNkulunkulu, labo abake banikela iminikelo eshiswayo kuNkulunkulu, labo abamqaphelayo ngezwi futhi baze bamdumise uNkulunkulu—uma ukuziphatha kwabo kwase kugcwele inkohlakalo kwabonwa uNkulunkulu, kwakuzodingeka ukuthi ababhubhise. Leyo imingcele kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wababekezelela ngezinga elingakanani abantu nayo yonke inyama eyonakele? Ngezinga lokuthi bonke abantu, kungaba abalandeli bakaNkulunkulu noma abangakholwa, babengahambi endleleni efanele. Ngezinga lokuthi kwakungasekhona nje ukuthi umuntu unesimilo esikhohlakele futhi esigcwele ububi, kodwa wayengasekho okholelwa ekutheni uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa-ke eyokuthi kube khona ngisho oyedwa okholelwa ukuthi umhlaba ubuswa uNkulunkulu futhi uNkulunkulu angabaqondisa endleleni efanele abantu. Ngezinga umuntu angakuthandi ngalo ukuba khona kukaNkulunkulu futhi akamvumelanga uNkulunkulu ukuba abe khona. Uma inkohlakalo yomuntu isifinyelele kuleli zinga, kwakumphelela ukubekezela uNkulunkulu. Yini eyayingena esikhundleni sakho? Ukuza kwentukuthelo nesijeziso sikaNkulunkulu. Ingabe leso akusona isambulo sesimo sikaNkulunkulu? Kule nkathi, ingabe usekhona umuntu olungile emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe usekhona umuntu ophelele emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe kule nkathi, ukuziphatha kwayo yonke inyama emhlabeni kukhohlakele emehlweni kaNkulunkulu? Kulolu suku nenkathi, ngaphandle kwalabo uNkulunkulu afuna ukubaphelelisa, labo abangalandela uNkulunkulu futhi bamukele insindiso Yakhe, akukhona yini ukuthi yonke inyama ikubekela inselele ukubekezela kukaNkulunkulu? Akulona yini iqiniso ukuthi yonke into eyenzeka eceleni kwenu, eniyibona ngamehlo enu futhi eniyizwa ngezindlebe zenu, nezinto enizibona imihla namalanga kuleli zwe, akugcwele yini ubudlova? Emehlweni kaNkulunkulu, akufanele yini izwe elinjalo, inkathi enjena, kuqedwe ngayo? Nakuba imvelaphi yenkathi esikuyo yehluke kakhulu kwekaNowa, imizwa nenzondo uNkulunkulu anayo ngokukhohlakala komuntu kusafana ncamashi nokwangaleso sikhathi. UNkulunkulu ukwazi ukubekezela ngenxa yomsebenzi Wakhe, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezimo, leli zwe kufanele ngabe kudala labhujiswa emehlweni kaNkulunkulu. Isimo sesihluke kakhulu kulokhu esasiyikho endulo ngesikhathi izwe libhujiswa ngozamcolo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Bheka emuva esikhathini somkhumbi kaNowa: isintu sasonakele kakhulu, sasidukile esibusisweni sikaNkulunkulu, sasingasanakekelwe nguNkulunkulu, futhi sasesilahlekelwe izithembiso zikaNkulunkulu. Babephila ebumnyameni, ngaphandle kokukhanya kukaNkulunkulu. Ngakho baba nezinkanuko ngokwemvelo, bazilahlela ekonakaleni okusabekayo. Abantu abanjalo babengeke basakwazi ukwemukela isithembiso sikaNkulunkulu: babengafanele ukubona ubuso bukaNkulunkulu, noma ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ngoba babemshiyile uNkulunkulu, babelahle kude konke ayekade ebaphe khona, futhi basebezikhohliwe izimfundiso zikaNkulunkulu. Inhliziyo yabo yedukela kude kakhulu noNkulunkulu, futhi njengoba kwenzeka lokho, bonakala ngaphezulu kwakho konke ukucabanga nobuntu, futhi baphenduka baba babi kakhulu. Ngakho baya besondela ekufeni, bawela olakeni nokujezisa kukaNkulunkulu. UNowa kuphela owayekhonza uNkulunkulu futhi ebalekela ububi, ngakho wayekwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ezwa nemiyalelo kaNkulunkulu. Wawakha umkhumbi ngokusho kwemiyalelo yezwi likaNkulunkulu, futhi waqoqa zonke izinhlobo ngezinhlobo zezidalwa. Ngale ndlela, kwathi uma yonke into seyilungiselelwe, uNkulunkulu wadedela imbubhiso Yakhe phezu komhlaba. UNowa kuphela kanye namalunga ayisikhombisa omndeni wakhe abasinda kuleyo mbubhiso, ngoba uNowa wayekhonza uJehova futhi ebalekela ububi.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho isintu sigcwele inkohlakalo nokungamlaleli ngezinga elithile uNkulunkulu, uNkulunkulu kwadingeka ukuthi asibhubhise lesi sintu ngenxa yesimo Sakhe, isiqu Sakhe, kanye nemiyalo Yakhe. Kodwa ngenxa yesiqu sikaNkulunkulu, wazwelana nabantu, futhi waze wafuna nokusebenzisa izindlela ezehlukahlukene ukuze ahlenge isintu ukuze sizokwazi ukuqhubeka siphila. Kunalokho, umuntu wamelana noNkulunkulu, waqhubeka engamlaleli uNkulunkulu, futhi wenqaba ukwamukela insindiso kaNkulunkulu, okuwukuthi, wenqaba ukwamukela izinhloso ezinhle. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu ubabiza kanjani, ubakhumbuza kanjani, ubanika ini, ubasiza kanjani, noma ubabekezelela kangakanani, abantu abakaze baqonde noma bamazise futhi bebelokhu benganaki. Ebuhlungwini Bakhe, uNkulunkulu akazange akhohlwe ukubekezelela umuntu ngezinga angakwazi ngalo, alinde umuntu ukuba aphenduke. Uma esefinyelele umkhawulo Wakhe, wenza lokho okufanele akwenze ngaphandle kokunqikaza. Ngamanye amazwi, kwakunenkathi nenqubo ethile ekhethekile ngesikhathi uNkulunkulu ahlela ngaso ukubhubhisa isintu ekuqaleni Kwakhe kwangempela umsebenzi wokubhubhisa abantu. Le nqubo yaba khona ukuze kunikwe umuntu ithuba lokuphenduka, futhi kwakuyithuba lokugcina uNkulunkulu alinika umuntu. Ngakho yini eyenziwa uNkulunkulu ngale nkathi ngaphambi kokubhubhisa isintu? UNkulunkulu wenza umsebenzi obalulekile wokukhumbuza nokunxusa. Akunandaba ukuthi bungakanani ubuhlungu nosizi uNkulunkulu akuzwa enhliziyweni Yakhe, waqhubeka enakekela, ekhathalela futhi ebonisa isintu umusa omningi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukubekezelela kukaNkulunkulu inkohlakalo yomuntu, inzondo, nobudlova kunemingcele. Lapho efinyelela leyo mingcele, ngeke esabekezela futhi uyoqala ukuhlela umsebenzi Wakhe wokuqondisa necebo elisha, uyoqala ukwenza okufanele akwenze, embule izenzo Zakhe nolunye uhlangothi lwesimo Sakhe. Lesi sinyathelo Sakhe, asikona ukubonisa ukuthi akumele acasulwe umuntu noma ukuthi unegunya elikhulu nentukuthelo, futhi akusona esokubonisa ukuthi angasibhubhisa isintu. Kungenxa yokuthi isimo Sakhe nesiqu Sakhe esingcwele ngeke kusakwazi ukubekezelela lolu hlobo lwesintu ukuba luphile phambi Kwakhe, luphile ekubuseni Wakhe. Lokho kungukuthi, lapho sonke isintu simelene Naye, lapho kungenamuntu angamsindisa emhlabeni wonke, ngeke esakwazi ukubekezelela abantu abanjalo, futhi ngaphandle kokuphazama, uyoqala ukusebenzisa icebo Lakhe—abhubhise lolu hlobo lwesintu. Isenzo esinjalo sikaNkulunkulu sinqunywa isimo Sakhe. Lona umphumela odingekayo, futhi umphumela zonke ezidalwa ezibuswa uNkulunkulu okufanele zihlangabezane nawo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Impatho kaNkulunkulu yesintu esinobuwula nokungabi nalwazi sisonke, isekelwe isihe nokubekezelela. Ulaka Lwakhe, ngakolunye uhlangothi, lufihlekile esikhathini nasezintweni eziningi; alwaziwa umuntu. Ngenxa yalokho, kunzima kumuntu ukubona uNkulunkulu ekhombisa ulaka Lwakhe, futhi kunzima ukuqonda ulaka Lwakhe. Kunje nje, umuntu uluthatha kalula ulaka lukaNkulunkulu. Uma umuntu esebhekana nomsebenzi nesinyathelo sokugcina sikaNkulunkulu sokubekezelela nokuxolela umuntu—okungukuthi, lapho uNkulunkulu enza isenzo sokugcina sesihe nesexwayiso Sakhe sokugcina sifika kubona—uma besasebenzisa izindlela ezifanayo ukumelana noNkulunkulu futhi bengenzi mizamo yokuphenduka, baguqule izindlela zabo noma bemukele umusa Wakhe, uNkulunkulu ngeke esabapha ukubekezelelana nesineke Sakhe. Kunalokho, kungaleso sikhathi lapho uNkulunkulu eyohoxisa umusa Wakhe. Ngemva kwalokhu, uyothumela kuphela ulaka Lwakhe. Angakhombisa ulaka Lwakhe ngendlela ezehlukene, njengoba engasebenzisa izindlela ezihlukene ukujezisa nokubhubhisa abantu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Ukhona yini oseke wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphikelelephi? Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga—uma umuntu engase aphikelele nokuba nenkani—ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kulesi sintu esimlahle ngaphandle kokujeqeza emuva? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Udinga ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, uyodedela luphi uhlobo lwentukuthelo? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp